Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe usuke wazindla ngomagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Uma kunjalo, cishe uyokuthola kuthakazelisa ukukhumbula okulandelayo:

Siyini ‘isibonakaliso sobuhle’ uJehova asenzela abalandeli bezinyathelo zikaJesu? (IHubo 86:17, qhathanisa neNW.)

‘Kwakuwukuthokoza kukaMoya oNgcwele’ okwaqinisa amaKristu okuqala ukuba akhuthazelele izinhlobo ezihlukahlukene zoshushiso ayebhekana nalo. (1 Thesalonika 1:6) Kungokufanayo namuhla, futhi uJehova, uMuphi ‘wezipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo,’ uyakujabulela ‘ukupha abacela kuye uMoya oNgcwele.’ (Jakobe 1:17; Luka 11:13) Ngakho ukuthokoza komoya ongcwele okwenzela abalandeli bakaJesu ‘isibonakaliso sobuhle.’—12/15, amakhasi 18-19.

Kungani kubalulekile ngathi ukwamukela umbono kaNkulunkulu ngokuqamba amanga?

IHubo 5:6 lithi uNkulunkulu “uyabhubhisa abakhuluma amanga.” IsAmbulo 21:8 siqhubeka sithi bonke abaqamba amanga bamiselwe ‘ukufa kwesibili.’ Ngakho, ukwamukela umbono kaNkulunkulu ngokuqamba amanga kusinikeza isizathu esiqinile sokukhuluma iqiniso futhi kanjalo samukele isipho sakhe sokuphila.—12/15, ikhasi 23.

Yini eyayihlanganisa indlela yamaSamariya yokukhulekela? (Johane 4:20)

AmaSamariya, ekukhulekeleni kwawo okuyingxube, amukela kuphela izincwadi ezinhlanu zokuqala zikaMose, okuthiwa yi-Pentateuch, njengeziwumBhalo. Cishe ngekhulu lesine B.C.E., amisa ithempeli phezu kweNtaba iGerizimu, encintisana nethempeli likaNkulunkulu eJerusalema. Nakuba ithempeli lamaSamariya labhujiswa, kuze kube namuhla, amaSamariya agubha iPhasika laminyaka yonke eGerizimu.—1/1, ikhasi 25.

Ingabe amaKristu kudingeka agqugquzele ukuthathwa kwezinyathelo zokuvimbela ukungcola noma zokuhlanza?

Lapho esemhlabeni, uJesu akazange azame ukuxazulula zonke izinkinga zezenhlalo zosuku lwakhe. Lapho uJehova ngoMbuso wakhe wobuMesiya ephoqelela izimiso zakhe zokulunga ngezinga lembulunga yonke, izinkinga zendawo ezungezile ziyoxazululeka phakade. Ngakho, oFakazi BakaJehova banombono olinganiselayo. Uthando ngomakhelwane lubashukumisela ukuba babonise inhlonipho ngempahla yabanye, kodwa ngokufanelekile benza ukushunyayelwa kwesigijimi soMbuso kaNkulunkulu kuze kuqala. (Mathewu 6:33)—1/1, ikhasi 31.

Kungaziphi izindlela uJesu akhonza njengomphathi wokukhanya? (Johane 8:12)

UJesu wazinikela ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Luka 4:43; Johane 18:37) Futhi wadalula amanga angokwenkolo kanjalo wanikeza inkululeko engokomoya kulabo ababesebugqilini obungokwenkolo. (Mathewu 15:3-9) Ngendlela evelele, wabonisa ukuthi ungukukhanya kwezwe ngokubeka phansi ukuphila kwakhe kobuntu okuphelele njengesihlengo. (Mathewu 20:28; Johane 3:16)—1/15, amakhasi 10-11.

Yiziphi ezinye izizathu ezisenza sikwelete uJehova uNkulunkulu ukuzithoba?

UJehova unguMbusi weNdawo Yonke, futhi ngenxa yalesizathu simkweleta ukuzithoba kwethu. Futhi, njengoba uJehova engumninimandla onke, akekho ongamelana naye ngokuphumelelayo, ngakho ngeke sikushaye indiva ukuzithoba kwethu kuye. Zonke izidalwa ezihlakaniphile zadalwa ngenjongo yokukhonza uMenzi wazo, futhi lokhu kubeka bonke ngaphansi kwesibopho sokuzithoba kuNkulunkulu kuzo zonke izici.—2/1, amakhasi 10-11.

Yini eyasiza uJosefa ukuba enqabe ukwenza ubufebe nomkaPotifari?

UJosefa wayenamandla amakhulu ashukumisa ingqondo yakhe. Wayekhathalela ubuhlobo bakhe noJehova futhi azi ukuthi ukwenza ubufebe kwakuyoba ukona hhayi nje endodeni yakhe kuphela, kodwa okubaluleke ngokwengeziwe, kwakuyoba ukona kuNkulunkulu.—2/15, ikhasi 21.

Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi: ‘Mina ngiyiqiniso’? (Johane 14:6)

UJesu akazange nje akhulume futhi afundise iqiniso; waphila ngalo futhi walibonakalisa. Ngakho, ubuKristu abuwona nje umqondo othile; buyindlela yokuphila.—3/1, ikhasi 15.

Yisiphi isifundo esiduduzayo esiqukethwe kumaHubo 51?

Lelihubo lisisiza ukuba siqaphele ukuthi uma siwela esonweni kodwa siphenduke ngeqiniso, uBaba wethu wasezulwini onothando uyokuzwa ukukhalela kwethu umusa futhi asikhulule ekuphelelweni yithemba. Nokho, kufanele ngokuyinhloko sikhathazeke nganoma yisiphi isihlamba okungenzeka siye salethwa egameni likaJehova.—3/15, ikhasi 18.

Yini ephawulwa ubhapathizo lwamanzi?

Ubhapathizo luwuphawu lwangaphandle lokuzinikezela komuntu kuJehova uNkulunkulu. Ukucwiliswa emanzini kubonisa ukuthi labo ababhapathizwayo bayafa enkambweni yokuphila eyayigxile kubona ngokwabo. Ukukhushulwa emanzini kuwuphawu lokuthi manje baphilela ukwenza intando kaNkulunkulu, beyibeka kuqala ekuphileni kwabo. (Mathewu 16:24)—4/1, amakhasi 5-6.