Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Wenza Okusemandleni Akho?

Ingabe Wenza Okusemandleni Akho?

Ingabe Wenza Okusemandleni Akho?

“NGIZOKWENZA okusemandleni ami.” Kukangaki lamagama elandelwa igama elithi “kodwa” kanye nohlu olude lwezaba zokungazikhandli komuntu! Kuthiwani ngokuzinikezela kwethu kuJehova? Ingabe siyasigcwalisa isithembiso sethu sokumenzela konke okusemandleni ethu?

Ukuzinikezela kusho ‘ukuzinikela komuntu ngokuphelele enkonzweni noma ekukhulekeleni kwaphezulu noma ekwenzeni izinto ezingcwele kuphela.’ UJesu wenza okuningi kokubonisa ukuthi ukuzinikezela kuJehova kuhilelani ngokuthi: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.” (Mathewu 16:24) Umuntu oye wazidela futhi wazinikezela kuNkulunkulu wenza ukwenza intando yaphezulu kube yinto ayiphishekelayo ebaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe.

Njengabantu abazinikezele, kufanele sizihlolisise ukuze sibone ukuthi siphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu yini. UPetru wabonisa ukuthi kungani kufanele sizihlole thina lapho ekhuthaza amaKristu agcotshiwe: “Khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka.” (2 Petru 1:10) Yebo, uma senza okusemandleni ethu, ngeke sigcine sesiyizehluleki ezingokomoya.

Okusemandleni Ethu Kungathuthukiswa

Ngomqondo obanzi, zonke izinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele zilindeleke ukuba zenze konke okusemandleni azo, noma okungcono kakhulu, ukuze zijabulise uJehova. Nokho, okusemandleni ethu ekwenzeni intando kaNkulunkulu kungathuthuka. Ngomfana oneminyaka emithathu ubudala, ukwenza umsebenzi omncane kungase kube okungcono kakhulu angase akwenze ukuze asize unina, kodwa njengoba ekhula, uyokwazi ukwenza okwengeziwe. Kungokufanayo nangokukhula kwethu okungokomoya—lokho okwakusemandleni ethu ngesikhathi esidlule kungase kungabi njalo manje. Sishukunyiselwa ukuba simenzele okwengeziwe uJehova.

Ukwazisa kwethu okukhulayo ngoJehova kusenza sizimisele ukwenza okwengeziwe. Ukwazisa ngalokho aye wasenzela khona kuqiniswa ngesifundo somuntu siqu seZwi lakhe, iBhayibheli. Ngokwesibonelo, lapho sihlola futhi sizindla ngokucophelela ngendlela uJehova athumela ngayo iNdodana yakhe ukuba inikele ngomphefumulo wayo ukuze ikhulule isintu esonweni, sishukunyiselwa ekubeni simkhonze uMqalisi welungiselelo lesihlengo. (Johane 3:16, 17; 1 Johane 4:9-11) Lapho ‘sizwa sibona ngokwengeziwe ukuthi uJehova muhle,’ izinhliziyo zethu zishukunyiselwa ekubeni zimkhonze ngokwengeziwe.—IHubo 34:8.

Isikhonzi sesikhathi esigcwele uJetter sakuqaphela lokhu. Ukuze simbe sijule ngokwengeziwe kulokho esasikutadisha, sabekela eceleni ikamelo elincane endlini yaso ukuze sifeze leyonjongo. Salihlela ngendlela yokuthi sikwazi ukugxilisa ukunaka ngesikhathi sicwaninga. Eshalofini lezincwadi sinama-Watch Tower Publications Index, kanye nemiqulu ye-Watchtower ne-Awake! ukuze sikuthole eduze. Sithi “Lapho ngicwaninga ukwaziswa okuthakazelisayo ngibheka phambili ekukuhlanganyeleni nabanye.”

Nokho, njengoba nje ukudla ukudla kwekhethelo kanye ngemva kwesikhathi esithile kungasiqedi isidingo somuntu sansuku zonke sokudla njalo, ukucwaninga ngokujulile eBhayibhelini kodwa okuqabukela kwenziwe akusiqedi isidingo sansuku zonke sokudla ukudla okungokomoya. URuth uyasiqaphela lesidingo, ngoba kusukela kudala, umkhaya wakubo wawufunda iBhayibheli ndawonye njalo ekuseni nakusihlwa ngemva kokudla. Manje, njengoba eneminyaka engu-81 ubudala, esecithe iminyaka engaphezu kwengu-60 esenkonzweni yesikhathi esigcwele, usalifunda njalo iBhayibheli ngemva kokuvuka ngo6:00 ekuseni. Ngokushesha nje lapho ethola omagazini INqabayokulinda nePhaphama!, uRuth wenza isikhathi sokubafunda. Ufunda isihloko izikhathi ezintathu noma ezine ngaphambi kokuba asifunde ebandleni. Uthi “ukufunda iZwi likaNkulunkulu yilokho okudingayo ukuze uhlale uqinile okholweni.” Kuye kwamsiza futhi ukuba aqhubeke enkonzweni yezithunywa zevangeli iminyaka eminingi.

Ukwenza Okusemandleni Ethu Ekusizeni Abanye

Ngokufunda iZwi likaNkulunkulu njalo nangokujulile, intshiseko yethu yokukhonza uNkulunkulu iyakhula, futhi okuthile ngaphakathi kithina kusigqugquzela ukuba senze okwengeziwe. (Qhathanisa noJeremiya 20:9.) Intshiseko enjalo yashukumisela uHirohisa ukuba afeze inkonzo yakhe ngokugcwele. (2 Thimothewu 4:5, NW) Wayehlala ekhaya elinomzali oyedwa kanye nabafowabo nodadewabo abancane abane. Ngesikhathi esanda kweva eshumini elinambili, uHirohisa wasekela umkhaya wakubo ngokwezimali ngokuba avuke ekuseni ngehora lesithathu ukuze ahambise amaphephandaba. Wayefuna ukwenza okwengeziwe ekutsheleni abanye ngoJehova, ngakho-ke uHirohisa wafaka isicelo senkonzo yamaphayona, njengoba inkonzo yesikhathi esigcwele yoFakazi BakaJehova ibizwa kanjalo. Nakuba ayemncane kanjalo, wayekujabulela ukusiza abanye ukuba bahlanganyele naye ekwenzeni okusemandleni abo ekudumiseni uJehova.

Ukwenza okungcono kakhulu ekusizeni abanye kuhlanganisa nokuba ngabaphumelelayo enkonzweni yethu. UJesu wake wakhuthaza abafundi bakhe: “Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.” (Johane 13:17) UNaomi uyisibonelo esihle sokusebenzisa ukusikisela okunikezwa inhlangano kaJehova ukuze sithuthukise inkonzo yethu. Wayekuthola kunzima ukukhuluma nabantu angabazi endlini ngendlu futhi ngokuvamile wayengazi ukuthi uzothini njengoba ayemi eminyango. Abadala ebandleni bamnxusa ukuba asebenzise ukusikisela okutholakala encwadini ethi Ukubonisana NgemiBhalo, engxenyeni ethi “Izingeniso Zokusetshenziswa Enkonzweni Yasensimini.” * Wabamba ngekhanda izingeniso ezingaphansi kwesihloko esithi “Umkhaya/Izingane” futhi wazibukeza izikhathi eziningi. Ngenxa yalokho, wakwazi ukuqhuba ingxoxo nenkosikazi eyayineminyaka ephakathi kuka-30 no-39. Ngisho nangaphambi kokuba uNaomi aphindele, lowesifazane wafika eHholo LoMbuso. Kwahlelwa isifundo seBhayibheli. Lowesifazane nomyeni wakhe manje bangamaKristu abhapathiziwe, bajabulela ukuphila komkhaya okujabulisayo nabantwana babo.

Ukwenza Okusemandleni Ethu Ekuboniseni Isithakazelo Somuntu Siqu

Singakwazi futhi ukulingisa umphostoli uPawulu, owathi: “Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe-umhlanganyeli kulona.”—1 Korinte 9:22, 23.

UHatsumi ubonakalisa lesimo sengqondo. Njengoba uHatsumi ayesenkonzweni yasobala, owesifazane othile ngomusa wakhuluma naye nge-intercom wamtshela ukuthi wayematasa kakhulu ukuba bangaxoxa. Izwi lomninikhaya lalinomusa, ngakho uHatsumi waqhubeka emvakashela. Umninikhaya wayephendula nge-intercom kuphela, engakaze aphumele phandle ukuba ahlangane noHatsumi. Lokhu kwaqhubeka iminyaka emibili nengxenye.

Ngelinye ilanga uHatsumi washintsha isikhathi sokumvakashela, wafika ntambama. Akuphendulanga muntu. Nokho, njengoba ayehamba, izwi ayelijwayele ngemva kwakhe labuza, “Ungubani”? Lowesifazane wayesanda kungena endlini. Lapho ezwa igama likaHatsumi, waphendula ngokushesha, “Oh, uwena obulokhu ungivakashela. Ngiyabonga ngokungikhathalela kwakho njalo.” Ngenxa yokuthi lowesifazane wayesiyekile isifundo seBhayibheli noFakazi BakaJehova kwenye indawo, wayenamahloni kakhulu ukwamukela uHatsumi. Isifundo seBhayibheli saqaliswa kabusha, futhi umninikhaya uthuthuka kahle kakhulu. Ingabe sibakhathalela ngaleyondlela labo esihlangana nabo enkonzweni yendlu ngendlu?

Yenza Okusemandleni Akho

UJehova uyawazisa umzamo wethu wokumkhonza ngokwamandla ethu. Ufana nobaba ondodana yakhe iza kuye nezipho. Eminyakeni eminingi, izipho zingase zihlukahluke kuxhomeke ebudaleni nasemandleni endodana. Njengoba nje ubaba ejabulela ukuthola noma yiziphi izipho indodana yakhe emnikeza zona ngokusuka enhliziyweni, noJehova ngokuzimisela wamukela inkonzo yethu esiyenza ngenhliziyo yethu yonke ngokuvumelana nokukhula kwethu okungokomoya.

Yiqiniso, asikho isidingo sokuqhathanisa okusemandleni ethu nokwabanye. Njengoba uPawulu esho, siyojabula ngokungokwethu, “kungengokomunye.” (Galathiya 6:4) Kwangathi singaqhubeka silalela isixwayiso somphostoli uPetru: “Khuthalelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, ningenacala kuye.”—2 Petru 3:14.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 12 Inyatheliswe yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Isithombe ekhasini 29]

Ingabe wenza okusemandleni akho ekusebenziseni ukusikisela kokusetshenziswa enkonzweni yasensimini?