Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli—Isiqondiso Esiwusizo Kumuntu Wanamuhla

IBhayibheli—Isiqondiso Esiwusizo Kumuntu Wanamuhla

IBhayibheli—Isiqondiso Esiwusizo Kumuntu Wanamuhla

“Yonke imibhalo iphefumlelwe uNkulunkulu futhi ingasetshenziswa ngokunenzuzo . . . ekuqondiseni ukuphila kwabantu.”—2 Thimothewu 3:16, “The Jerusalem Bible.”

LOMBHALO uchaza sona kanye isizathu esiyinhloko sokuthi kungani iBhayibheli liwusizo osukwini lwethu. Liphefumlelwe uNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu asidala, akekho owazi kangcono kunaye ngemizimba yethu, izingqondo, imizwa, kanye nezidingo zethu. Inkosi yakwa-Israyeli uDavide yake yathi ngoJehova uNkulunkulu: “Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho.” (IHubo 139:16) Uma uMdali wethu azi okuningi kangako ngathi, khona-ke ngokunengqondo iseluleko sakhe esiphathelene nendlela esingajabula futhi siphumelele ngayo ekuphileni ngokuqinisekile kumelwe ukuba kufanele ukuba sisihlole.

Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi izimiso zeBhayibheli ziwusizo futhi ziyasebenza osukwini lwethu. Futhi zinembile. Okulandelayo izibonelo ezine ezibonisa ukuba usizo kwansuku zonke kweBhayibheli.

Ubudlelwane Babantu Kanye Nokuziphatha Komuntu Siqu: IBhayibheli lithuthukisa indinganiso enhle yokuziphatha komuntu siqu engaholela ebudlelwaneni obunempilo, nobuphumelelayo nabanye. Ngokwesibonelo, isizwe sakwa-Israyeli sasiyaliwe: “Ungaphindisi, ungabi-namagqubu . . . kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Levitikusi 19:18) Nakuba singekho ngaphansi komthetho wama-Israyeli, ukulandela izimiso zawo ezingokweBhayibheli kungasisiza ukuba sibe nokuthula nomakhelwane bethu. Ngokwesibonelo, cabanga ukuthi ziningi kangakanani izinkinga ebezingaxazululwa ukuba wonke umuntu ubezama ukuhlakulela izimfanelo ezingokomoya ezitholakala kweyabaseGalathiya 5:22, 23: “Izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho-mthetho omelana nokunjalo.”—Qhathanisa neyabaseRoma 8:5, 6.

Ngeshwa, lapho ukucindezela kokuphila kudlanga, ngokuvamile kuphakama ukungezwani. Ezimweni ezinjalo, ukusebenzisa amazwi ayisixwayiso atholakala kuzAga 29:11 kungasivikela ezinkingeni eziningi. “Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso, kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.”—Qhathanisa nezAga 15:1; Mathewu 7:12; Kolose 3:12-14.

Yiseluleko esihle—kodwa ingabe siyasebenza ekuphileni okungokoqobo? Cabanga ngendaba yendoda ethile yaseFrance eyayinenkinga engathi sína ngolaka lwayo. Izikhathi eziningi yayigcina isisenkingeni, ngisho nasejele, ngenxa yokuhileleka ezingxabanweni. Ukuba kwayo umshayi-sibhakela owumpetha kwenza isimo saba sibi kakhulu. Ngesinye isikhathi kwaba khona ingxabano phakathi kwalendoda noyise. Ngokuphazima kweso, yayisimngqimuze yamlahla phansi uyise ngokugadla okukodwa. Kwaba khona igebe elidabukisayo ebuhlotsheni babo.

Ngokuhamba kwesikhathi, lendoda yahlangana noFakazi BakaJehova futhi yaqala ukufunda izimiso zeBhayibheli. Lokhu kwayishukumisela ukuba iyibheke ngokungathi sína indlela eyayiphatha ngayo abanye. Ngomzamo omkhulu ukuziphatha kwayo kwaqala ukushintsha, futhi yaqala ukuba nokuthula ngokwengeziwe. Khona-ke ngolunye usuku lendoda yaphindela kuyise iyokwakha ukuthula. Uyise wahlatshwa umxhwele izinguquko indodana yakhe eyayizenzile kangangokuthi ubuhlobo babo babuyela esimweni sabo.

Lesi esinye sezibonelo eziningi ezifakazela ukuba yiqiniso kwamazwi omphostoli uPawulu: “Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika-nhlangothi zombili . . . lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.”—Heberu 4:12.

Ukuphila Komkhaya: Ingabe umkhaya wakho uyajabula? Imikhaya eminingi ayijabuli. “Manje sekuqinisekile ukuthi ukuphila komkhaya njengeziko kuyasongelwa,” kuphawula i-Natal Witness, iphephandaba laseNingizimu Afrika, linezela ngokuthi “izingane zanamuhla zizalelwa ezinguqukweni ezingokwenhlalo.”

Nokho, iBhayibheli ligcwele iseluleko esiwusizo esiklanyelwe ukusiza imikhaya ukuba iphumelele ngisho nalapho kuphakama izinkinga. Ngokwesibonelo, ngokuphathelene nendima yamadoda, iBhayibheli lithi: “Amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo.” Lapho indoda ifeza lemfuneko, kuyinjabulo ngomkayo ukuba enze okufanayo ngokuba ‘ahloniphe indoda yakhe.’ (Efesu 5:25-29, 33) Ubudlelwane phakathi kwabazali nabantwana kukhulunywa ngabo kweyabase-Efesu 6:4: “Nani-boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” Lokhu nakho kudala isimo somkhaya esenza kube lula ngabantwana ukulandela umyalo weBhayibheli futhi balalele abazali babo.—Efesu 6:1.

Lokhu okwandulelayo kumane nje kuyisibonelo salokho iBhayibheli elikushoyo ngokuphila komkhaya. Ngokusabela esiqondisweni sikaNkulunkulu, abaningi baye bathola impumelelo futhi bajabulela ikhaya elijabulisayo. U-Edward, uyise wezingane ezimbili, uchaza izinzuzo azijabulela ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli. Uyakhumbula: “Umshado wami wawuwohloka. Ngangingenaso isikhathi sokuba nobuhlobo obuzuzisayo nezingane zami. Okuwukuphela kwento eyayisihlanganisa kwakuwukusebenzisa kwethu lokho iBhayibheli elikushoyo ngokuphila komkhaya.”—IzAga 13:24; 24:3; Kolose 3:18-21; 1 Petru 3:1-7.

Impilo Engokwengqondo, Engokomzimba, Nengokomzwelo: Ukucwaninga kuye kwabonisa ukuthi, ngokwezinga elithile, impilo yomuntu engokomzimba ihlangene nesimo sempilo yakhe engokwengqondo nengokomzwelo. I-World Book Encyclopedia ithi: “Izimpawu ezivamile zokucindezeleka, zihlanganisa ukushaya kakhulu kwenhliziyo, umfutho ophakeme wegazi, ukuqina kwemisipha, ukucindezeleka kwengqondo, kanye nokungakwazi ukugxilisa ingqondo kokuthile.” Nokho, abanye bakholelwa ukuthi ukulingisa izenzo zobudlova kuyindlela yokuqeda ukucindezeleka. Iphephandaba laseNingizimu Afrika, i-Star lithi: “Ukushaya isibhakela kungakwehlisa kakhulu ukucindezeleka.” Licaphuna amazwi esazi sezokuhlala uwumqemane uJannie Claasens: “Uma owesifazane eye waba nosuku olukhungathekisa kakhulu, angathola impumuzo ekucindezelekeni kwakhe ngokushaya i-punch bag.”

Nokho, bekungeke yini kube ngcono ukufunda ukusingatha imbangela eyinhloko yokukhungatheka? Iphephabhuku i-Stress—The Modern Scourge, kaDkt. Michael Slutzkin ithi “ukuqaphela ukucindezeleka . . . kubalulekile, ngenxa yokuthi izimbangela eziningi ziyelapheka.” Wanezela ngokuthi “ukulawula ukucindezeleka . . . kungase ngisho kuthuthukise nenqubo yokululama ngaphansi kwezimo ezinhlobonhlobo.”

IBhayibheli lichaza indlela ephumelela kakhulu okungasingathwa ngayo ukucindezeleka: “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu . . . ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Ukulawula ukucindezeleka ngalendlela kunezinzuzo eziningi—ngisho nezingokomzimba. Esinye isaga seBhayibheli sikubeka ngalendlela: “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama.” (IzAga 14:30) Esinye isaga sithi: “Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.”—IzAga 17:22.

Emzamweni wokubalekela ukucindezeleka, abaningi bathembela kugwayi, uphuzo oludakayo, nezidakamizwa. Kunobufakazi obuningi bomonakalo obangelwa imilutha enjalo. Nokho, iBhayibheli belilokhu likhuthaza ukuba sizigcine sihlanzekile “ekungcoleni konke kwenyama.” (2 Korinte 7:1; qhathanisa nezAga 23:29-35.) Ngokuqinisekile, ukugwema imikhuba enjalo elimazayo kuyisivikelo esiwusizo ezweni lanamuhla.

Umsebenzi, Imali, Nokwethembeka: Isihlala ndawonye sadla amajwabu. “Ngenxa yobusika ivila aliyikulima; ngalokho uyakuthekela ngesikhathi sokuvuna, kungekho-lutho,” kusho izAga 20:4. Ngakolunye uhlangothi, ukuzikhandla kunomvuzo. “Owebayo angabe eseba,” kusho eyabase-Efesu 4:28. Lombhalo wenezela ngokuthi kungcono kakhulu ukuba umuntu “akhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe-nokokwabela osweleyo.”—Qhathanisa nezAga 13:4.

Ingabe ubuwazi ukuthi izimiso zeBhayibheli zingasetshenziswa ngisho nasebuhlotsheni babantu ezindaweni zomsebenzi? Izisebenzi, ‘njengezinceku’ zezikhathi zeBhayibheli, zenza kahle ukuba ‘zilalele ezintweni zonke labo abangamakhosi [azo] ngokwenyama.’ Ngakolunye uhlangothi, obasi noma “amakhosi,” kufanele ‘benzele izinceku zabo okulungileyo nokufaneleyo.’—Kolose 3:22-24; 4:1; qhathanisa neyoku-1 Petru 2:18-20.

EBhayibhelini kushiwo okuningi ngokusebenzelana ngokwethembeka kwezebhizinisi. Nakuba kuntuleka ngokudabukisayo namuhla, ngokuvamile ukwethembeka kuyaqashelwa futhi kwaziswe njengesici esifiselekayo. Yilokho iBhayibheli elikugcizelelayo. UJesu wake wathi: “Othembekileyo kokuncinyane uthembekile nakokukhulu; ongalungile kokuncinyane kalungile nakokukhulu.”—Luka 16:10; qhathanisa nezAga 20:10; 22:22, 23; Luka 6:31.

Kwelinye izwe lase-Afrika, embonini yedayimane kwakunokweba okukhulu kanye nokonakala. Kwanqunywa ukuba kumiswe omunye umuntu ukuba aphathe. Izisebenzi zikahulumeni zacelwa ukuba zilethe amagama alabo ezazicabanga ukuthi babengafanelekela lesikhundla. Lapho umkhandlu kahulumeni uhlangana ukuze wenze isinqumo, amagama ahlungwa ngalinye ngalinye, ngokuyinhloko ngenxa yokonakala. Ekugcineni, bafika egameni lokugcina ohlwini—lelo umongameli alikhetha.

“Kodwa akalona ilungu leqembu lezombangazwe!” kuphikisa omunye ungqongqoshe.

Umongameli waphendula ngokuthi lesi kwakungesona isikhundla sezombangazwe.

Omunye wathi: “Ungomunye woFakazi BakaJehova.”

“Kungakho-ke ethola lomsebenzi,” kusho umongameli. Wayesenezela: “Siyazi ukuthi bathembekile, futhi yiloluhlobo lomuntu esiludingayo. Siyazi ukuthi singamethemba.”

Yebo, labo abasebenzisa izimiso zeBhayibheli ngokuvamile bathola ukuthi lokhu kungokwenzuzo yabo ngisho nakulelizwe lanamuhla.

Zibekele Ukuhlakanipha Okuwusizo

Siye sacabangela isibonelo esincane nje sokuthi kusho ukuthini ‘ukufuna ukumazi uNkulunkulu.’ (IzAga 2:1-9) Ingcebo yeseluleko esiwusizo, esifanelekayo itholakala eBhayibhelini. Izimiso ezihlobene nokuhlanzeka, ukukhuthala, ukukhulumisana, ubulili, isehlukaniso, ukukhokha izintela, ukubhekana nokungafani kobuntu nobumpofu zingezinye nje zezici zokuphila ezicatshangelwa yiBhayibheli. Izigidi ziyofakaza ukuthi izinga lokuphumelela kanye nokwehluleka ekuphileni kwazo liye laxhomeka ezingeni eziye zasebenzisa ngalo izimiso zeBhayibheli.

Nakuba ukuba usizo kwamanje kweBhayibheli kuyinto eqinisekile, iBhayibheli linikeza futhi ithemba lezinzuzo eziningi zesikhathi eside esizayo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithembisa ukuthi imbangela eyinhloko yobuhlungu nokuhlupheka ezweni lanamuhla ngokushesha iyolungiswa ngokungenela kwaphezulu.—Daniyeli 2:44; 2 Petru 3:11-13; IsAmbulo 21:1-5.

Ngakho-ke, sikukhuthaza ukuba ufunde okuningi ngangokusemandleni akho ngokuphathelene neBhayibheli. Uma ungenalo, qiniseka ukuthi uyalithola. Abanyathelisi balomagazini bayokujabulela ukukusiza. Njengoba nje abanye abaningi beye bazuza ngokusebenzisa ukusikisela okuwusizo okuvela eBhayibhelini, nawe futhi ungasizwa ukuba uqaphele ukuba nenzuzo kweZwi likaNkulunkulu, manje nasesikhathini esizayo.

[Isithombe ekhasini 7]

IBhayibheli liyisiqondiso esiwusizo sokwenza ukuphila komkhaya kujabulise