Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Siyalidinga IBhayibheli?

Ingabe Siyalidinga IBhayibheli?

Ingabe Siyalidinga IBhayibheli?

U-OXANA, owesifazane osemusha waseRussia, wajabula lapho ebona iBhayibheli lidayiswa umdayisi wezincwadi emgwaqweni eMoscow. Umngane wakhe, uJohn, owayevela ezweni lapho amaBhayibheli ayetholakala kalula khona, wahlatshwa umxhwele yintshiseko ka-Oxana. Uyavuma, “Mina—ngingumuntu ongakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu—ngangifuna ukumthengela lona.” Nakuba u-Oxana anqaba ekuqaleni, ekugcineni wasamukela isipho sikaJohn.

Abaningi, njengo-Oxana, banesifiso esinamandla sokuba neBhayibheli. Lokhu kuyiqiniso ngokukhethekile emazweni lapho belinqatshelwe khona iminyaka eminingi. Ngokwesibonelo, abanyathelisi balomagazini basebenza kanzima ukuze bahlangabezane nesidingo samaBhayibheli emazweni ayeyiSoviet, kanye nakwezinye izingxenye zomhlaba. Ngokokuqala ngqá, abantu abaningi kulezindawo banethuba lokuhlola ngokuqondile iBhayibheli—futhi iningi lidonswa isigijimi salo esinamandla.

Abantu Abaligxekayo Nabalingabazayo

Ngakolunye uhlangothi, ngokuphawulekayo enyakatho Yurophu, iBhayibheli alifundwa, kodwa lishiywa eshalofini lezincwadi ligcwale uthuli. Abanye bathi, “liwumlando ofile!” bese benezela ngokuthi, “Lalibhalelwe enye inkathi. Alihlanganise lutho nomuntu ophila manje.” Ngisho nabefundisi abavelele baye basho izinkulumo zasobala ezilulaza iBhayibheli. Kubikwa ukuthi umbhishobhi omkhulu waseSheshi uDesmond Tutu wathi ephephandabeni laseNingizimu Afrika, i-Star: “Kunezingxenye zeBhayibheli ezingenakho ukubaluleka okuhlala njalo.” Izinkulumo ezinjengalezi ziye zenza abaningi bazibuza ukuthi kufanele balithathe ngokungathi sína kangakanani iBhayibheli.

Isidingo Sesiqondiso

Abantu abagxekayo kanye namakholwa ngokufanayo kumelwe bavume ukuthi, kunanini ngaphambili, izwe lidinga amakhambi asebenzayo. U-Alvin Toffler encwadini yakhe i-Future Shock wabhala, “uma umuntu engasheshi ukufunda ukunqanda ijubane izinto ezishintsha ngalo ezindabeni zakhe zomuntu siqu kanye nezomphakathi wonkana, siphikelele . . . ekuwohlokeni okukhulu.” Lesosixwayiso sakhishwa eminyakeni engaphezu kwengu-20 edlule. Ukuwohloka uToffler ayekhuluma ngakho kubonakala sengathi kwenzeka khona manje.

Njengoba lelikhulu leminyaka lisondela ekupheleni kwalo, intuthuko yezobuchwepheshe kanye namafilosofi abantu kuye kwahluleka ukuveza isimo sezwe esisimeme. Amathemba amuva ohlelo lwezwe elisha aye athathelwa indawo ukuphelelwa ithemba, futhi amazinga okuphila abantu abaningi aye ancishiswa umzabalazo wansuku zonke wokuqhubeka bephila.

Izibalo zibonisa ukuthi umehluko ongokomnotho phakathi kwabantu abacebile nabampofu uye waba mkhulu kakhulu. Ukuhlola kwamuva kubonisa ukuthi amaphesenti angu-82,7 engcebo yomhlaba aphethwe abantu abangamaphesenti angu-20 kuphela alo lonke inani labantu abasemhlabeni. Ingabe-ke kuyamangalisa ukuthi impi, indlala, izifo, imibhikisho, kanye nezinxushunxushu kuyanda emazweni amaningi? Ukucindezela kokubhekana nezinga lokuphila eliwohlokayo kubangela ukucindezeleka okukhulu emizweleni yabantu. Ngenxa yalokho, ngisho nengxenye ebaluleke kakhulu yomphakathi, umkhaya, iyawohloka.

Nakuba abaningi, njengoToffler, besikisela ukuthi kuwumthwalo wemfanelo womuntu “ukufuna izindlela ezintsha ngokuphelele zokuthola ukusimama kanye nokulondeka,” ubufakazi buveza ukuthi abantu abakwazi ukunikeza amakhambi abo siqu.

Ikhambi Okuwukuphela Kwalo

IBhayibheli Elingcwele, ukubhalwa kwalo okwaqala eminyakeni engu-3 500 adlule, alizange lishintshe emakhulwini amaningi eminyaka edlule. Izimiso zalo aziguquguquki. Ngokwesibonelo, amazwi akuJeremiya 10:23 aye abonakaliswa eyiqiniso namuhla kunanini ngaphambili: “Indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” Uma abantu bengakwazi ukuqondisa inkambo yabo, ubani okwaziyo? IBhayibheli likhomba uMthombo wesiqondiso weqiniso okuwukuphela kwawo: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.”—Isaya 48:17.

Ngamakhasi eBhayibheli, uJehova uNkulunkulu usifundisa ukuba sizisize thina. Agcwele iseluleko esisikhombisa indlela okufanele sihambe ngayo. Iseluleko salo sisafaneleka nanamuhla njengoba sasinjalo ngosuku esabhalwa ngalo. Isihloko esilandelayo sizohlola ukuba usizo kweBhayibheli enkathini yethu yamanje. Ezindabeni ezihlukahlukene, kusukela empilweni kuya engcebweni, ukuphila komkhaya, kanye nokuziphatha komuntu siqu, uzokwazi ukubona ukuthi ngempela iBhayibheli liyidwala lokusimama ezihlabathini ezikhukhulekayo zezwe lanamuhla.

[Isithombe ekhasini 4]

IBhayibheli liyihange lokusimama ezweni lanamuhla elineziyaluyalu