Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhululwa Ekwambulweni KukaJesu Kristu

Ukukhululwa Ekwambulweni KukaJesu Kristu

Ukukhululwa Ekwambulweni KukaJesu Kristu

“Thokozani, ukuze kuthi nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe nithokoze, nethabe nokwethaba.”—1 PETRU 4:13.

1. UJehova uye wazicebisa kanjani izinceku zakhe?

UJEHOVA uye wacebisa oFakazi bakhe ngezipho eziningi. NjengoMfundisi wethu Ophakeme, uye wasikhanyisela ngolwazi olugcwele ngokuqondene nentando yakhe nenjongo. Ngomoya wakhe ongcwele, uye wahlakulela kithi ikhono lokukhipha ukukhanya ngesibindi. Umphostoli uPawulu ophefumlelwe uyasitshela kweyoku-1 Korinte 1:6, 7: “Ubufakazi ngoKristu baqiniswa kini, ukuze ningasilalelwa nasinye isipho somusa, nisahlalele ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu.”

2. Yiliphi ithemba elijabulisayo “ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu” okusiphathele lona?

2 “Ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu”—kusho ukuthini lokho? Kubhekisela esikhathini lapho uJesu embulwa njengeNkosi ekhazimulayo, ethatha isinyathelo sokuvuza abalandeli bakhe abathembekile nesokuphindisela kwabangamesabi uNkulunkulu. Njengoba eyoku-1 Petru 4:13 ibonisa, kuyoba yisikhathi sokuba amaKristu agcotshwe ngomoya agcina ubuqotho nabangane bawo abathembekile besixuku esikhulu ‘bathokoze, bethabe nokwethaba,’ ngoba kubonisa ukuphela kwesimiso sezinto sikaSathane.

3. Singama kanjani siqinile, njengoba kuye kwenza abafowethu baseThesalonika?

3 Njengoba lesosikhathi sisondela, uSathane ngentukuthelo yakhe usicindezela ngokwengeziwe. Njengebhubesi elibhodlayo, uzama ukusigwinya. Kumelwe sime siqinile! (1 Petru 5:8-10) Abafowethu baseThesalonika lasendulo, lapho besebasha eqinisweni, babhekana nosizi olufana nalolo ababhekana nalo abaningi boFakazi BakaJehova namuhla. Ngakho, amazwi omphostoli uPawulu kubo abaluleke kakhulu nakithi. Wabhala: “Kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo, aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe, elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.” (2 Thesalonika 1:6-8) Yebo, ukukhululwa kuyofika!

4. Kungani abefundisi befanelwe isahlulelo esiyokhishwa ekwambulweni kukaJesu?

4 Esikhathini sikaPawulu usizi oluningi lwalubangelwa abaholi benkolo bamaJuda. Ngokufanayo nanamuhla, ukuphikiswa koFakazi BakaJehova abathanda ukuthula ngokuvamile kuye kwashoshozelwa yilabo abathi bamelela uNkulunkulu, ikakhulukazi abefundisi beLobukholwa. Laba benza sengathi bayamazi uNkulunkulu, kodwa bayamenqaba “uJehova oyedwa” weBhayibheli, bemukela uZiqu-zintathu oyimfihlo esikhundleni sakhe. (Marku 12:29, NW) Abazilaleli izindaba ezinhle eziphathelene neNkosi yethu uJesu, bebheka ekubuseni komuntu ukuze bathole ukukhululeka futhi benqaba izindaba ezinhle zoMbuso kaKristu ozayo wokulunga. Bonke labaphikisi benkolo kumelwe babhubhe ngesikhathi ‘sokwambulwa kweNkosi yethu uJesu evela ezulwini’!

‘Ukuza’ KukaJesu Kristu

5. Ukwambulwa kukaJesu kuvezwe kanjani ngokucacile kuMathewu 24:29, 30?

5 Lokho kwambulwa kuvezwa ngokucacile uJesu kuMathewu 24:29, 30. Lapho echaza izici ezihlukahlukene zesibonakaliso sokuba-khona kwakhe nesokuphela kwesimiso sezinto, uthi: “Ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.” Ngalesosikhathi “kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu.” Izizwe zomhlaba ‘ziyokhala, zibone iNdodana yomuntu [iNkosi kaNkulunkulu yobuMesiya] iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.’ Lokhu ‘kuza,’ er·khoʹme·non ngesiGreki, kubhekisela ekubonakaleni kukaJesu njengoMlweli kaJehova.

6, 7. Kukanjani ‘amehlo onke eyakumbona,’ futhi obani abahlanganisiwe kulokhu?

6 Lokhu ‘kuza’ kuchazwa nangumphostoli uJohane kusAmbulo 1:7, lapho ethi khona: “Bhekani, uyeza namafu.” Oh, lezozitha ngeke empeleni zimbone uJesu ngamehlo angokoqobo, ngoba ‘amafu’ abonisa ukuthi uza ngokungabonakali ezokhipha isahlulelo. Uma abantu abavamile bebeyobona inkazimulo yakhe yasezulwini ngeso labo elingokoqobo, bebeyophumputheka, njengoSawulu, endleleni eya eDamaseku, washaywa ngobumpumputhe lapho uJesu okhazinyulisiwe ebonakala kuye ngokukhanya okukhulu okubanekayo.—IzEnzo 9:3-8; 22:6-11.

7 Ukulandisa kwesAmbulo kuthi “namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye.” Lokhu kusho ukuthi abaphikisi emhlabeni bayoqaphela ekubhujisweni ukuthi uJesu wehlela kubo nokuthi uze ngamandla nangenkazimulo enkulu njengoMbhubhisi kaJehova. Kungani lezizitha zichazwa ‘njengalabo abamgwazayo’? Kungenxa yokuthi isimo sabo sengqondo senzondo ngasezincekwini zikaJehova namuhla sifana nesabashushisi bakaJesu. Ngempela, ‘bayolila kalusizi ngaye.’

8. Yisiphi isixwayiso bobabili uJesu noPawulu abasimemezelayo ngokuphathelene nokubhujiswa okuzumayo?

8 Luyofika kanjani lolosuku lwempindiselo kaJehova? Esiprofethweni esikuLuka isahluko 21, uJesu uchaza izenzakalo eziyinhlekelele eziye zaba isibonakaliso sokuba-khona kwakhe kusukela ngo-1914. Khona-ke, emavesini 34 no-35, uJesu uyaxwayisa: “Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhukuphila, lunizume lolosuku ningazelele, ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke.” Yebo, lolosuku lwempindiselo kaJehova lufika ngokuzumayo, ngokuphazima kweso! Umphostoli uPawulu uyakuqinisekisa lokhu kweyoku-1 Thesalonika 5:2, 3, ethi: “Usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku. Nxa bethi: Ngukuthula nokuhlala kahle‚ khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo‚ abasoze baphunyuka.” Ngisho kwamanje izizwe zikhuluma ngokuthula nokulondeka futhi zihlongoza ukunika inhlangano yeZizwe Ezihlangene amandla okuba iqaphe izindawo ezinezinxushunxushu ngokusebenzisa amasosha.

9. Ukukhanya ‘kukhanyisela obani,’ futhi ngani?

9 Emavesini 4 no-5, lomphostoli uyaqhubeka esitshela: “Kepha nina-bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolosuku lunifice njengesela, ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama.” Siyajabula ngokuba abantwana bokukhanya—abaphathi bokukhanya kwabanye abalangazelela ukuthula kweqiniso nokulondeka ezweni elisha likaNkulunkulu. KumaHubo 97:10, 11, siyafunda: “Nina enithanda uJehova zondani okubi; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi. Ukukhanya kuhlwanyelelwe [‘kukhanyisele,’ NW] olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.”

Ukulandelana Kwezenzakalo

10. Yisiphi isaziso esikhishwe kusengaphambili okufanele sisilalele ngokuphathelene nosuku lukaNkulunkulu lokwahlulela? (IsAmbulo 16:15)

10 Ziyolandelana kanjani izenzakalo lapho kuqala usizi olukhulu? Ake sivule isAmbulo isahluko 16. Phawula, njengoba kuchazwe emavesini 13 kuya ku-16, ukuthi omoya abangcolile, abangamademoni babuthela izizwe zawo wonke umhlaba eHarmagedoni, impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke. Nalapha, kugcizelelwa ukuza kosuku lokwahlulela njengesela, futhi sixwayiswa ukuba sihlale siphapheme—ukuba siqhubeke sembethe izingubo ezingokomoya ezisiphawulela ukusinda. Sesifikile isikhathi sokwahlulela abantu basemhlabeni, izizwe, kanye—nomuntu othile. Ubani lowo?

11. Owesifazane wesAmbulo 17:5 uye wazibonakalisa kanjani?

11 Ngowesifazane ongokomfanekiso oye wazama ngempela ukuzenza “umuntu obalulekile.” KusAmbulo 17:5 uchazwa ‘njengemfihlakalo: IBabiloni Elikhulu, unina wezifebe nowamanyala omhlaba.’ Kodwa akaseyona imfihlakalo koFakazi BakaJehova. Uye wazibonakalisa ngokucacile ewumbuso wezwe wenkolo yamanga, ongxenye yawo enkulu yakhiwa amahlelo eLobukholwa. Okunengekayo emehlweni kaJehova ukuzibandakanya kwakhe ezindabeni zezombangazwe, ‘ukudakwa kwakhe igazi labangcwele’ ngokushushisa amaKristu eqiniso, nokuba kwakhe necala ngegazi ‘labo bonke ababulewe emhlabeni,’ kuhlanganise nabangaphezu kwezigidi eziyikhulu ababulawa ezimpini zalelikhulu lama-20 lilodwa.—IsAmbulo 17:2, 6; 18:24.

12. Kungani amahlelo eLobukholwa eselahliwe kakade?

12 Okubi nakakhulu, amahlelo eLobukholwa aye aletha isihlamba egameni likaNkulunkulu lowo azisholo ngobuzenzisi ukuthi ayammelela. Aye afundisa amafilosofi aseBabiloni nawamaGreki esikhundleni seZwi likaNkulunkulu elihlanzekile futhi aye aba nengxenye ekuwohlokeni kokuziphatha kwazo zonke izizwe ngokuvumela izindlela zokuphila eziyekelelayo ezidelela izimiso zeBhayibheli. Osomabhizinisi abahahayo abanobuqili kuwo sebelahliwe kakade amazwi kaJakobe 5:1, 5: “Minani nina-bacebileyo; khalani, nilile ngezinhlupheko eziyakunehlela. Nibusile emhlabeni, natamasa; ninonisile izinhliziyo zenu ngosuku lokuhlaba.”

Ukubhujiswa KweBabiloni Elikhulu!

13. Kufika kanjani ukugadla kokuqala kosizi olukhulu, futhi yikuphi ukuphuthuma okugcizelelwa kusAmbulo 18:4, 5?

13 Ukugadla kokuqala kosizi olukhulu kufika nokukhishwa kwesahlulelo sikaJehova phezu kweBabiloni Elikhulu. IsAmbulo 17:15-18 siwuchaza ngokucacile “umqondo” kaNkulunkulu—wokusebenzisa “izimpondo eziyishumi,” imibuso enamandla evela phakathi ‘kwesilo’ esiyi-UN esihlanganisa izizwe zonke, ekulibhubhiseni. “Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, sibe-yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede; ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze umqondo wakhe.” Kungakho izwi lasezulwini limemezela isixwayiso esiphuthumayo kusAmbulo 18:4, 5: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo, ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.” Lesimemezelo siyaqhubeka simenyezelwa: Hlukanani ngokuphelele nenkolo yamanga, ngaphambi kokuba kwephuze kakhulu!

14. Obani abayolilela ukubhujiswa kweBabiloni Elikhulu, futhi ngani?

14 Izwe liyokubheka kanjani ukubhujiswa kweBabiloni Elikhulu? Zikude, izazi zezombangazwe ezonakele—“amakhosi omhlaba”—ziyalililela ngoba emakhulwini amaningi eminyaka zazithola injabulo kanye nalo ebufebeni babo obungokomoya. Abanye abalikhalelayo nabalililelayo abantu bezentengiselwano abahahayo, “abathengisi bomhlaba . . . . abacetshisiwe yilo.” Nalaba futhi bamela kude nalo, bethi: “Maye, maye kuwe-muzi omkhulu owawembethe ilineni elicolekileyo, nokububende, nokubomvu, uvunulé ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele! Ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile.” Bonke ubucwazicwazi bezambatho zabefundisi nobuhle bezindlu ezinkulu zamasonto omhlaba kuyophela phakade! (IsAmbulo 18:9-17) Kodwa ingabe bonke abantu bayolililela iBabiloni Elikhulu?

15, 16. Yisiphi isizathu sokujabula abantu bakaNkulunkulu abayoba naso?

15 IsAmbulo 18:20, 21 siyaphendula: “Thokoza ngawo wena-mazulu, nani-bangcwele, nani-baphostoli, nani-baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.” Njengetshe elikhulu lokusila liphonswa olwandle, “ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu [liye la]phonswa phansi ngamandla, [futhi ngeke] lisafunyanwa.”

16 Yeka isizathu sokujabula! IsAmbulo 19:1-8 siyakufakazela lokhu. Izikhathi ezine kuzwakala ukumemeza okuthi, “Haleluya! [“Dumisani uJah, nina bantu,” NW]” kuvela ezulwini. LaboHaleluya abathathu bokuqala badumisa uJehova ngoba uye wakhipha isahlulelo esilungile esifebeni esinyanyekayo, iBabiloni Elikhulu. Umbuso wezwe wenkolo yamanga awusekho! Esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu kuzwakala izwi, lithi: “Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina-zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabakhulu.” Yeka ilungelo esiyoba nalo lokuhlanganyela kuleyongoma!

Umshado WeWundlu

17. Lapho siqhathanisa isAmbulo 11:17 no-19:6, kungamuphi umongo ezimweni ezimbili uJehova eqala ukubusa njengeNkosi?

17 UHaleluya wesine wethula esinye isihloko: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa.” Kodwa ingabe ingoma efanayo ayizange ihlatshelelwe kusAmbulo 11:17? Lapho siyafunda: “Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, . . . ngokuba uthabathé amandla akho amakhulu, wabusa.” Yebo. Nokho, umongo wesAmbulo 11:17 ubhekisela ekuletheni kukaJehova uMbuso wobuMesiya ngo-1914 ‘ukuze ubuse izizwe zonke ngentonga yensimbi.’ (IsAmbulo 12:5) IsAmbulo 19:6 siphakathi komongo wokubhujiswa kweBabiloni Elikhulu. Njengoba inkolo enjengesifebe isisusiwe, ukuba kukaJehova uNkulunkulu kuyohlala kulwelwe phakade. Uyokhulekelwa njengoMbusi neNkosi Ephakeme kuze kube phakade!

18. Ukususwa kweBabiloni Elikhulu kuvulela indlela siphi isimemezelo esijabulisayo?

18 Ngakho, lesimemezelo sentokozo singenziwa: “Masithokoze, sethabe, futhi masimnike [uJah] inkazimulo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomkalo uzilungisele; wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo nelikhazimulayo nelihlanzekileyo; ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo ezilungileyo zabangcwele.” (IsAmbulo 19:7, 8) Ukuthi abagcotshiwe abasasele emhlabeni bayovuselwa nini ngempela ezulwini akushiwo. Kodwa lapha kulomongo siqinisekiswa ukuthi ukuhlanganyela kwabo emshadweni weWundlu, uKristu Jesu, kuyoba isikhathi esijabulisayo, futhi ikakhulukazi njengoba beyobe bezibonele ngawabo ukuthotshiswa kwesifebe esinyanyekayo, iBabiloni Elikhulu.

Izwe LikaSathane Liyabhujiswa

19. Yisiphi esinye isenzakalo esichazwa kusAmbulo 19:11-21?

19 Ihhashi elimhlophe okukhulunywe ngalo okokuqala kusAmbulo 6:2 liyabonakala futhi. KusAmbulo 19:11 siyafunda: “Ohlezi phezu [kwehhashi elimhlophe] obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo; uyahlulela, alwe ngokulunga.” Ngakho “iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi” ugibele ihhashi uyoshaya izizwe futhi anyathele “isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.” “Amakhosi omhlaba, nezimpi zawo” babuthanela ize bezokulwa impi yeHarmagedoni. UMgibeli wehhashi elimhlophe uqedela ukunqoba kwakhe. Akukho lutho olusalayo lwenhlangano kaSathane yasemhlabeni.—IsAmbulo 19:12-21.

20. Yini eyehlela uDeveli ngokwakhe?

20 Kodwa kuthiwani ngoDeveli ngokwakhe? KusAmbulo 20:1-6, uKristu Jesu uchazwa ‘njengengelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngasandla sayo.’ Ubamba udrako, iNyoka endala, enguDeveli noSathane, uyambopha, amphonse kwalasha, futhi amvalele aqinise ngophawu phezu kwakhe. Njengoba uSathane eyobe engasekho futhi engasakwazi ukudukisa izizwe, ukuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane okukhazimulayo kweWundlu nomlobokazi walo kuyaqalisa. Azisekho izinyembezi zosizi! Akusekho ukufa ngenxa ka-Adamu! Akusekho ukukhala, ukudabuka, nobuhlungu! “Okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:4.

21. Njengoba silindele ngokulangazela ukwambulwa kukaJesu Kristu, yini okufanele sizimisele ngayo?

21 Njengoba sisalindele ngokulangazela ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu, masibonise intshiseko ekutsheleni abanye ngezithembiso zothando zoMbuso kaNkulunkulu. Ukukhululwa kuseduze! Kwangathi singaqhubekela phambili, phambili njalo, njengabantwana abakhanyiselwe beNkosi enguMbusi uJehova!

Ekubukezeni

□ Yini ebonisa ukuthi ukwambulwa kukaJesu Kristu kuseduze kakhulu?

□ Luyofika kanjani usuku lukaJehova lwempindiselo?

□ Labo ‘abathanda uJehova’ kumelwe basibheke kanjani isimo sezwe lamanje?

□ Ziyolandelana kanjani izenzakalo lapho kuqala usizi olukhulu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 23]

UJesu ‘uza namafu,’ ngokungabonakali, ezokwahlulela

[Isithombe ekhasini 25]

Ngokushesha inkolo yamanga, isimiso esibi sikaSathane, noSathane ngokwakhe konke kuyobhujiswa