Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Biza Amadoda Amadala’

‘Biza Amadoda Amadala’

‘Biza Amadoda Amadala’

“Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize [amadoda amadala, NW] ebandla.”—JAKOBE 5:14.

1, 2. (a) Kukusiphi isimo esiyingozi izinceku zikaJehova manje ezizithola zikuso, futhi zingase zizizwe kanjani? (b) Yimiphi-ke imibuzo edinga izimpendulo?

“IZIKHATHI ezinzima” sezikhona. Abantu banobugovu, bathanda izinto ezibonakalayo, bayaqhosha, ngokuvamile bebangela isiyaluyalu ‘kulezinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5) NjengamaKristu aphila kulesimiso sezinto esibi samanje, sizithola sisongelwa yizingozi ezintathu ezinkulu: USathane uDeveli, izwe labantu abangamesabi uNkulunkulu, nokuthambekela kwethu siqu okunesono okuzuzwe njengefa.—Roma 5:12; 1 Petru 5:8; 1 Johane 5:19.

2 Njengoba sisongelwa yilezingozi, ngezinye izikhathi singase sizizwe siphela amandla. Khona-ke, singakutholaphi ukusekelwa okungasisiza ukuba sikhuthazele ngokwethembeka? Ubani esingaphendukela kuye ukuze sithole isiqondiso lapho kudingeka senze izinqumo ngokuqondene nemisebenzi yethu yobuKristu nokukhulekela kwethu?

Usizo Luseduze

3. Singasithola kubani isiqinisekiso esiduduzayo, futhi kanjani?

3 Ukwazi ukuthi uJehova unguMthombo wamandla ethu kusinikeza isiqinisekiso esiduduzayo. (2 Korinte 1:3, 4; Filipi 4:13) Umhubi uDavide, owathola usizo lwaphezulu, wathi: “Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza.” “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.” (IHubo 37:5; 55:22) Yeka indlela esingabonga ngayo ngokusekelwa okunjalo!

4. UPetru noPawulu bayinikeza kanjani induduzo?

4 Singathola induduzo futhi ekwazini ukuthi akuthina sodwa esibhekana novivinyo nezingozi. Umphostoli uPetru wanxusa amaKristu ayekanye nawo: “Melanani naye [uSathane uDeveli] niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezozinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni.” (1 Petru 5:9) Ngokuqinisekile, wonke amaKristu afisa ukuma eqinile okholweni. Yiqiniso, njengomphostoli uPawulu, ngokuvamile singase sizizwe ‘sicindezelwe nxazonke.’ Nokho, ‘wayenganyinyekile.’ Njengaye, singase sidideke “kodwa asidikibali.” Ngisho noma sishushiswa, “asidelwa.” Uma ‘siwiswa phansi, asibhujiswa.’ Ngenxa yalokho, “asidangali.” Silwela ‘ukungabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo.’ (2 Korinte 4:8, 9, 16, 18) Singakwenza kanjani lokhu?

5. Yiluphi usizo olukathathu uJehova alunikezayo?

5 UJehova, “ozwayo imikhuleko,” unikeza usizo olukathathu. (IHubo 65:2; 1 Johane 5:14) Okokuqala, unikeza isiqondiso ngeZwi lakhe eliphefumlelwe, iBhayibheli. (IHubo 119:105; 2 Thimothewu 3:16) Okwesibili, umoya wakhe ongcwele usinikeza amandla okwenza intando yakhe. (Qhathanisa nezEnzo 4:29-31.) Futhi okwesithathu, inhlangano kaJehova yasemhlabeni ihlale ikulungele ukusisiza. Yini okumelwe siyenze ukuze sithole usizo?

‘Izipho Ezingabantu’

6. Yiluphi usizo uJehova alulungiselela eThabehera, futhi kanjani?

6 Isenzakalo esenzeka osukwini lomprofethi uMose sisisiza ukuba siqonde ukukhathalela kukaJehova kothando ekunikezeni izinceku zaKhe usizo. Senzeka eThabehera, okuyigama elisho “ukuvutha; umlilo omkhulu; ukugqamuka.” Kulendawo ehlane laseSinayi, uNkulunkulu wabangela ukuba kuvuthe umlilo ngokumelene nama-Israyeli akhonondayo. “Ingxubevange” eyayihambisana nabantu bakwa-Israyeli lapho bephuma eGibithe yahlanganyela nabo ekuboniseni ukunganeliseki ngokudla okulungiselelwe phezulu. Ephawula intukuthelo kaNkulunkulu futhi ezizwa esindwa umthwalo wemfanelo wokunakekela abantu nezidingo zabo, uMose wakhala: “Anginakuthwala bonke lababantu ngedwa, ngokuba kuyangisinda. Uma ungiphatha kanje, ake ungibulale nokungibulala, uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami.” (Numeri 11:1-15) UJehova wasabela kanjani? Wamisa “amadoda angamashumi ayisikhombisa [amadoda amadala, NW] akwaIsrayeli” futhi wabeka umoya wakhe phezu kwawo ukuze ahlanganyele ngokufanelekile noMose emsebenzini wokuphatha. (Numeri 11:16, 17, 24, 25) Njengoba kwase kumiswe amadoda anjalo afanelekayo, ama-Israyeli ‘nengxubevange yabantu’ bathola usizo kalula kakhulu.—Eksodusi 12:38.

7, 8. (a) UJehova wazilungiselela kanjani ‘izipho ezingabantu’ kwa-Israyeli wasendulo? (b) UPawulu walisebenzisa kanjani iHubo 68:18 ekhulwini lokuqala?

7 Ngemva kokuba ama-Israyeli eseZweni Lesithembiso iminyaka eminingi, uJehova wenyukela eNtabeni iSiyoni ngokomfanekiso futhi wenza iJerusalema laba inhloko-dolobha yombuso ongokomfanekiso noDavide njengenkosi yawo. Edumisa uNkulunkulu, “uSomandla,” uDavide waphakamisa izwi lakhe ukuze ahlabelele: “Wena wenyukela phezulu, wathumba izithunjwa, wamukela izipho kubantu [‘wathatha izipho ezingabantu,’ NW].” (IHubo 68:14, 18) Ngempela, amadoda athunjwa phakathi nokunqotshwa kweZwe Lesithembiso atholakalela ukuba asize amaLevi emisebenzini yawo.—Ezra 8:20.

8 Ekhulwini lokuqala C.E., umphostoli uPawulu ongumKristu waletha ukunakekela ekugcwalisekeni okungokwesiprofetho kwamazwi omhubi. UPawulu wabhala: “Yilowo nalowo kithina uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKristu. Ngalokho uthi: Esenyukele phezulu wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho [‘wapha izipho ezingabantu,’ NW]. Kepha lokhu ukuthi wenyuka, kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na? Owehlayo nguyena owenyukela futhi ngaphezu kwamazulu onke, ukuze agcwalise konke.” (Efesu 4:7-10) Ubani lona “owehlayo”? Akekho omunye ngaphandle kommeleli kaJehova, uDavide Omkhulu neNkosi yobuMesiya, uJesu Kristu. Uyilowo uNkulunkulu amvusa futhi wamphakamisa “kakhulu.”—Filipi 2:5-11.

9. (a) Obani ababeyizipho ezingabantu ekhulwini lokuqala? (b) Obani abayizipho ezingabantu osukwini lwanamuhla?

9 Khona-ke, zingobani ‘lezizipho ezingabantu’ (noma, “ezakhiwa namadoda”)? UPawulu uchaza ukuthi uMmeleli kaNkulunkulu Oyinhloko “wanika abanye ukuba babe-ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi, ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu.” (Efesu 4:11, 12) Bonke abalandeli bakaKristu abakhonza njengabaphostoli, abaprofethi, abavangeli, abelusi, nabafundisi benza kanjalo ngaphansi kwesiqondiso esingokwasezulwini. (Luka 6:12-16; IzEnzo 8:12; 11:27, 28; 15:22; 1 Petru 5:1-3) Osukwini lwethu, amadoda amadala afanelekayo ngokomoya amiswe umoya ongcwele akhonza njengababonisi emabandleni angaba ngu-70 000 oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Ayizipho zethu ezingabantu. (IzEnzo 20:28) Njengoba ukwanda komsebenzi wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke kuqhubeka ngesivinini esikhulu, abazalwane abengeziwe bazenza ‘bafaneleke’ futhi bathwala imithwalo yemfanelo ehlangene ‘nesikhundla sombonisi.’ (1 Thimothewu 3:1, qhathanisa neNW) Lapho bemiswa, nabo baba izipho ezingabantu.

10. Incazelo ka-Isaya ‘yezikhulu’ ifanelana kanjani nendima yabadala abangamaKristu namuhla?

10 Labadala abangamaKristu, noma izipho ezingabantu, bayayifanelekela incazelo umprofethi u-Isaya ayinikeza lapho ebikezela indima ‘yezikhulu,’ abaphathi ngaphansi kokubusa koMbuso. Ngamunye kumelwe abe “yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.” (Isaya 32:1, 2) Lokhu kwembula indlela ukuphatha kothando kwalamadoda amisiwe okufanele kube okusekela ngayo. Ungazuza kanjani kukho ngezinga eligcwele?

Ukuthatha Isinyathelo Kuqala

11. Lapho siphansi ngokomoya, singaluthola kanjani usizo?

11 Eqhutshwa umzwelo wemvelo, umuntu ogwilizayo ukhalela ukuthola usizo. Akangabazi. Lapho ukuphila kusengozini, akekho umuntu odinga ukushukunyiswa ukuze acele usizo. INkosi uDavide ayizange yini ngokuphindaphindiwe icele usizo kuJehova? (IHubo 3:4; 4:1; 5:1-3; 17:1, 6; 34:6, 17-19; 39:12) Lapho sibuthaka ngokomoya, mhlawumbe siphelelwa yithemba, ngokufanayo siphendukela kuJehova ngomthandazo futhi simnxuse ukuba asiqondise ngomoya wakhe ongcwele. (IHubo 55:22; Filipi 4:6, 7) Sifuna induduzo evela emiBhalweni. (Roma 15:4) Sihlola izincwadi zobuKristu ze-Watch Tower Society ukuze sithole iseluleko esiwusizo. Ngokuvamile lokhu kusenza sikwazi ukuxazulula izinkinga zethu siqu. Nokho, uma sisindwa ubunzima singafuna neseluleko sabadala bebandla abamisiwe. Eqinisweni, kungaba nezikhathi lapho sikudinga ngempela ‘ukubiza amadoda amadala.’ Kungani sibiza abadala abangamaKristu? Bangabasiza kanjani labo abadinga usizo olungokomoya?

12-14. (a) Iyiphi inkambo okuhlakaniphile ukuyilandela lapho umuntu egula? (b) NgokukaJakobe 5:14, yini amaKristu ‘agulayo’ alulekwa ukuba ayenze? (c) UJakobe 5:14 ubhekisela kuluphi uhlobo lokugula, futhi kungani uphendula kanjalo?

12 Lapho sigula, siyaphumula ukuze sinikeze amandla omzimba okuzivuselela ithuba lokusebenza. Kodwa lapho ukugula kwethu kuphikelela, ngokuhlakanipha sifuna usizo lwezokwelapha olufanelekayo. Ingabe akumelwe senze okufanayo lapho siba buthakathaka ngokomoya?

13 Phawula lokho umfundi uJakobe aseluleka ngakho ngokuqondene nalokhu. Uthi: “Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize [amadoda amadala, NW] ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi.” (Jakobe 5:14) Yiluphi uhlobo lokugula uJakobe abhekisela kulo lapha? Abanye abahlaziyi beBhayibheli baphetha ngokuthi ukugula okungokomzimba, beveza isizathu sokuthi ukugcoba ngamafutha kwakuwumkhuba ovamile wokwelapha ngalesosikhathi. (Luka 10:34) Futhi bakholelwa ukuthi uJakobe wayecabanga ngokwelapha okuyisimangaliso ngesipho sokuphulukisa. Nokho, yini umongo oyibonisayo?

14 ‘Ukwenama’ kuqhathaniswa ‘nokuhlupheka.’ Lokhu kusikisela ukuthi uJakobe wayekhuluma ngokugula okungokomoya. (Jakobe 5:13) Kwakumelwe kubizwe “amadoda amadala [abadala, King James Version] ebandla,” hhayi odokotela noma ngisho nalabo ababenesipho sokuphulukisa ngokuyisimangaliso. Futhi yini ayeyoyenza? UJakobe wathi: “Amkhulekele. . . . Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo.” (Jakobe 5:14, 15, NW; qhathanisa neHubo 119:9-16.) Okufakazela ngokuwujuqu ukuthi uJakobe ubhekisela ekuguleni okungokomoya yiqiniso lokuthi ukhuthaza ukuvunywa kwezono ngokuqondene nokuphulukiswa okuthenjwayo. Uyabhala: “Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe.” Uma isono esingathi sína siyimbangela yokugula okungokomoya, umuntu ogulayo kungalindeleka ukuba alulame kuphela uma esabela kahle eselulekweni esisekelwe eZwini likaNkulunkulu, ephenduka, futhi eyeka inkambo yakhe yesono.—Jakobe 5:16; IzEnzo 3:19.

15. Hlobo luni lwesinyathelo uJakobe 5:13, 14 asitusayo?

15 Kukhona okunye okufanele kuphawulwe kuleseluleko uJakobe asinikezayo. Lapho ehlupheka, umKristu kufanele ‘akhuleke.’ Uma enamile, “makahube.” Isimo ngasinye—kungakhathaliseki ukuthi umuntu uyahlupheka noma weneme—sidinga isinyathelo. Kolunye uhlangothi kudingeka umthandazo, ngakolunye amazwi enjabulo. Khona-ke, yini okufanele siyilindele lapho uJakobe ebuza: “Kukhona ogulayo phakathi kwenu na?” Nalapha utusa isinyathelo esiqondile, yebo, ukuthatha isinyathelo kuqala. “Makabize amadoda amadala ebandla.”—IHubo 50:15; Efesu 5:19; Kolose 3:16.

Indlela “Amadoda Amadala” Asiza Ngayo

16, 17. Amadoda amadala asisiza kanjani ukuba sisebenzise izimiso zeBhayibheli?

16 Ngezinye izikhathi kunzima ukuba sazi indlela esingasebenzisa ngayo izimiso zeBhayibheli ezimweni zethu zomuntu siqu. Kulokhu abadala abangamaKristu bangaba umthombo wosizo obalulekile. Ngokwesibonelo, bayamkhulekela ogulayo ngokomoya futhi ‘bamgcobe ngamafutha egameni leNkosi’ ngokusebenzisa ngokuhlakanipha isiqondiso esiduduzayo esivela eZwini likaNkulunkulu. Kanjalo abadala bangaba nengxenye enkulu ekululameni kwethu okungokomoya. (IHubo 141:5) Ngokuvamile, sidinga nje kuphela isiqinisekiso sokuthi sicabanga ngendlela efanele. Ukuxoxa nomdala ongumKristu onokuhlangenwe nakho kuyoqinisa ukuzimisela kwethu ukwenza okulungile.—IzAga 27:17.

17 Lapho bemenywe ukuba bavakashe, abadala abangamaKristu kudingeka ‘bakhulume ngendlela eduduzayo nemiphefumulo ecindezelekile.’ Futhi ‘bayosekela ababuthakathaka, futhi bababekezelele bonke.’ (1 Thesalonika 5:14, qhathanisa neNW.) Ubuhlobo obunjalo obuseduze, nobokuzwana phakathi ‘kwamadoda amadala’ ‘nababuthakathaka’ bandisa ithuba lokululama okuphelele empilweni engokomoya.

Umthwalo Wemfanelo Womuntu Siqu Nomthandazo

18, 19. Iyiphi indima abadala abangamaKristu abayifezayo ngokuqondene neyabaseGalathiya 6:2, 5?

18 Abadala abangamaKristu kumelwe bathwale umthwalo wabo wemfanelo ngokuqondene nomhlambi kaNkulunkulu. Kumelwe babe abasekelayo. Ngokwesibonelo, uPawulu wathi: “Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina-bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe. Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.” Lomphostoli wabhala futhi: “Yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo.”—Galathiya 6:1, 2, 5.

19 Singathwalisana kanjani imithwalo esindayo kodwa ngesikhathi esifanayo sibe sithwele umthwalo wethu siqu? Umehluko encazelweni yamagama esiGreki ahunyushwe ngokuthi “imithwalo” nokuthi “umthwalo” unikeza impendulo. Uma umKristu engena ebunzimeni obungokomoya obuwumthwalo osinda kakhulu kuye, abadala nabanye akholwa nabo bayomsiza, kanjalo bemsiza ukuba athwale ‘imithwalo yakhe.’ Nokho, umuntu ngamunye kulindeleke ukuba athwale “umthwalo” wakhe wemfanelo kuNkulunkulu. * Abadala ngenjabulo bathwala “imithwalo” yabafowabo ngesikhuthazo, iseluleko esingokomBhalo, nangomthandazo. Nokho, abadala abasiphuci “umthwalo” wemfanelo wethu siqu ongokomoya.—Roma 15:1.

20. Kungani umthandazo kungamelwe udebeselwe?

20 Umthandazo ubalulekile futhi akufanele udebeselwe. Kodwa amaKristu amaningi agulayo ngokomoya akuthola kunzima ukuthandaza. Lapho abadala benza umthandazo wokholo ngenxa yomuntu ogulayo ngokomoya, iyini injongo? Ukuba “iNkosi imvuse,” njengokungathi imvusa ekuphelelweni yithemba, futhi imqinise ukuba aphishekele inkambo yeqiniso nokulunga. UmKristu ogulayo ngokomoya angase abe nesimo sengqondo esingaqondile kodwa kungase kungabi ngempela ukuthi wenze isono esithile esingathi sína, ngoba uJakobe uthi: “Noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.” Iseluleko sabadala esingokomBhalo esihambisana nomthandazo oqotho ngezinye izikhathi sishukumisela umuntu obuthakathaka ngokomoya ukuba avume izono ezingathi sína okungenzeka uye wazenza nokuba abonise umoya wokuphenduka. Lokhu, kamuva, kwenza ukuba uNkulunkulu amthethelele.—Jakobe 5:15, 16.

21. (a) Kungani amanye amaKristu engabaza ukubiza amadoda amadala?(b) Yini ezocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?

21 Njengoba bebhekene nenselele yokunakekela izindimbane zabasanda kuhlanganyela abeza ebandleni lobuKristu, amadoda amadala alawulwa unembeza anokuningi okufanele akwenze ekulungiseleleni isiqondiso esanele. Yiqiniso, lezizipho ezingabantu ziyilungiselelo elihle elivela kuJehova lokusisiza ukuba sikhuthazele kulezikhathi ezinzima. Nokho, amanye amaKristu ayazigodla ekuceleni usizo lwawo, ecabanga ukuthi labazalwane bamatasa kakhulu noma basindwa izinkinga. Isihloko esilandelayo sizosisiza ukuba siqonde ukuthi lamadoda ayakujabulela ukuba usizo, ngoba akhonza ngokuzithandela njengabelusi abangaphansi ebandleni lobuKristu.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 19 I-Linguistic Key to the Greek New Testament, kaFritz Rienecker, ichaza igama elithi phor·tiʹon ngokuthi “umthwalo umuntu okulindeleke ukuba awuthwale” futhi iyanezela: “Lalisetshenziswa njengegama lasempini elisho umthwalo womuntu noma impahla yesosha.”

Ubungaphendula Kanjani?

□ Lapho sidinga usizo, yiluphi usizo olukathathu uJehova alunikezayo?

□ Obani abayizipho ezingabantu osukwini lwanamuhla?

□ Kunini lapho kufanele sibize amadoda amadala?

□ Yiluphi usizo esingalulindela kubadala abangamaKristu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

Ingabe uyazijabulela izinzuzo ezingokomoya zomthandazo, isifundo seBhayibheli, nosizo oluvela kubadala abangamaKristu?