Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe abantu bayovuswa uma bengabamukeli ubuKristu beqiniso manje bese befa ngaphambi kokuqala kosizi olukhulu?

Kuhle ngathi sonke ukuba silwisane nanoma yikuphi ukuthambekela kokuzenza abahluleli, siqaphela ukuthi ekugcineni, ukwahlulela kukaJehova ngoJesu Kristu okubalulekile. (Johane 5:22; IzEnzo 10:42; 2 Thimothewu 4:1) Kodwa imiBhalo iyakunikeza ukwaziswa okuthile okuwusizo okuphendula lombuzo ongenhla.

Ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke kuyisici esibalulekile ‘sesibonakaliso sokuba-khona kukaJesu.’ Lesibonakaliso besibonakala kusukela ekuqaleni kwalelikhulu leminyaka. Umsebenzi wokushumayela uphumela ekwahlukanisweni kwabantu bazo zonke izizwe ukuze kugcwaliseke umfanekiso kaJesu ‘wezimvu nezimbuzi.’ Lapho kuphothulwa lomsebenzi wokushumayela nowokwahlukanisa, “usizi olukhulu” luyoletha lesimiso sezinto samanje esonakele ekupheleni.—Mathewu 24:3, 21, 22, NW; 25:31-46.

UJehova, kanye neNdodana yakhe, abayonquma ukuthi abantu abenqaba isigijimi soMbuso bese befa ngaphambi kokugqashuka kosizi olukhulu bafakwa ohlwini lwezimbuzi yini noma cha. UJesu wathi izimbuzi ‘ziyakuya ekujezisweni okuphakade.’ Ngakho-ke, singaphetha ngokuthi labo abahlulelwa uNkulunkulu ukuthi bayizimbuzi ngeke baluthole uvuko. Bathola isahlulelo esifana nesalabo “abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade” ngesikhathi sosizi olukhulu.—2 Thesalonika 1:9.

Kodwa kuthiwani ngalabo okungenzeka abazange balithole ithuba elanele lokuzwa isigijimi soMbuso ukuze bakwazi ukwenza ukukhetha kokuhlakanipha kokumelela iqiniso noma ukumelana nalo ngaphambi kokuba bafe phakathi ‘nalezinsuku zokugcina’?—2 Thimothewu 3:1.

Abaningi abafa ngesikhathi umsebenzi wokushumayela usaqhubeka ngaphambi kosizi olukhulu ngokusobala bayothola uvuko. Lokhu kuboniswa yilokho esikufunda kusAmbulo 6:7, 8 ngokuphathelene nokugibela kwabagibeli bamahhashi abangokomfanekiso. Abantu abaningi baye bafa beyizisulu zezimpi, indlala, kanye nemiqedazwe ebulalayo. Njengoba ‘kuyiHayidesi’ elibulala lezisulu ‘zokuFa,’ bayovuswa phakathi noKubusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, lapho iHayidesi likhipha bonke abafileyo abakulo. (IsAmbulo 20:13) Iningi lalabo abayovuselwa ekuphileni kungenzeka babeye basizwa kancane isigijimi soMbuso ngaphambi kokuba bafe.

Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi uJesu akashiyelanga kubantu ukuba banqume ukuthi obani abanjengezimvu nokuthi obani abanjengezimbuzi! Abantu abangaphelele ngeke bakwazi ukunquma ngokufanele ukuthi umuntu othile waba nethuba elingakanani lokuzwa nelokwamukela izindaba ezinhle. Ingabe singakwazi ukwazi ukuthi isimo senhliziyo yakhe sasinjani nokuthi wayekuthanda ngempela yini ukulunga? Ingabe singakwazi yini ukulinganisa ukuthi ukusabela kwakhe kwakuthonywe kangakanani umkhaya wakhe, isizinda sakhe esingokwenkolo, noma amanye amathonya? Ngokusobala ngeke. Nokho, singaqiniseka ngokuthi uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu bangakwazi ukunquma izindaba ezinjalo bese befinyelela ezahlulelweni eziphelele, ezinobulungisa, nezilungile.—Duteronomi 32:4; Isaya 11:1-5.

Ngakho-ke, asikho isizathu ngathi sokuba siqagele ukuthi obani phakathi kwalabo abaye bafa muva nje abangase bavuswe nabangase bangavuswa. Lokhu kungokuthile esingenalo igunya lokukwenza. (Qhathanisa noLuka 12:13, 14.) Kuwukuhlakanipha okukhulu ngathi ukuba silindele izinqumo zabaHluleli abalungile, uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Lokhu kuyosinikeza ukuthula kwengqondo okwengeziwe njengezinceku zikaJehova. Kuyosisiza futhi ukuba sinake kangcono lokho esiye sabelwa ukuba sikwenze—‘ukuhamba senze izizwe zonke abafundi, sibafundise ukugcina konke uJesu asiyale ngakho.’—Mathewu 28:19, 20.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]

Leicester sheep, Meyers