Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufuna Izibikezelo Ezithembekile

Ukufuna Izibikezelo Ezithembekile

Ukufuna Izibikezelo Ezithembekile

“LOWO ongase akwazi ukubona izinto ezinsukwini ezintathu kusengaphambili uyoceba iminyaka eyizinkulungwane.” Sisho kanjalo isaga sesiShayina.

Abantu bayafuna ukwazi ukuthi ikusasa liphetheni, futhi abaningi bangakhokha isamba esikhulu semali ngenjabulo ukuze bathole ukwaziswa okunjalo okunokwethenjelwa. Bafuna izibikezelo ezithembekile. Njengoba kubonakala ezibikezelweni zezulu nasezibikezelweni zezomnotho, sinesithakazelo ezenzakalweni ezizayo. Ngaphezu kwalokho, ulwazi oluthembekile ngekusasa luyosenza sikwazi ukuhlela nokulungiselela ukuphila kwethu.

Isifiso sokwazi lokho ikusasa elikuphethe sishukumisela abaningi ukuba baye kubabikezeli benhlanhla, abeluleki abangongqondongqondo, izazi zezinkanyezi, nasezangomeni. Izitolo zezincwadi nezomagazini zinentilibathwa yemibhalo yasendulo neyanamuhla yalabo abathi babikezela ikusasa. Kodwa lezinhlobo zezibikezelo aziqinisekile. Isazi sezokuphathwa kwezwe esingumRoma uCato kuthiwa sathi: ‘Kuyangimangalisa ukuthi umbhuli akahleki lapho ebona omunye umbhuli.’

Yiqiniso, ziningi izinhlobo zezibikezelo. Ngo-1972 iqembu lezifundiswa nosomabhizinisi lezizwe zonke elalaziwa ngokuthi i-Club of Rome lasakaza ucwaningo olwalubikezela ukuthi ngokushesha izwe laliyophelelwa imithombo yalo yengcebo engavuseleleki. Ngo-1981 laliyophelelwa igolide, ngo-1985 kube isigidi (mercury), ngo-1990 kube i-zinc, ngo-1992 kube uphalafini, njalonjalo. Manje siyabona ukuthi lezibikezelo azizange zigcwaliseke.

Izibikezelo eziningi ziye zasekelwa emibonweni engokwenkolo. Ngokwesibonelo: Umbhishobhi uWulfstan waseSaxony wayekholelwa ukuthi ukuhlaselwa kweDenmark iNgilandi ekuqaleni kwekhulu le-11 kwakuyisibonakaliso sokuthi ukuphela kwezwe kwakuseduze. Ngo-1525, uThomas Münzer wahola ekuvukeleni kwabalimi baseJalimane ngenxa yokuthi embonweni wabona izingelosi zilola amasikela ziwalolela lokho acabanga ukuthi kwakuyoba isivuno esikhulu. Ngokusobala, lezibikezelo zazinganembile.

Njengoba kungenzeka uyazi, iBhayibheli liqukethe izibikezelo. Ngaphezu kwalokho, abalobi beBhayibheli bathi baphefumlelwa uNkulunkulu. Umphostoli uPetru ongumKristu wathi: “Kasikho isiprofetho sombhalo esingachasiselwa ngumuntu ngokwakhe; ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu‚ kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.”—2 Petru 1:20, 21.

Phakathi kokunye, iBhayibheli labikezela izenzakalo ezihlukahlukene ezaziyobonakalisa isizukulwane esasiyobona ukuba-khona kukaJesu Kristu emandleni oMbuso ezulwini. Impi ngezinga elingakaze libonwe, indlala, ukuzamazama komhlaba, nokuwohloka kwamandla esintu okuziphatha kwakuyoba uphawu lwalokho iBhayibheli elikuchaza ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 24:3-14, 34) NgokweBhayibheli, ukususwa kwesimiso sezinto samanje kuyocabela injabulo yesintu indlela ezweni elisha lezibusiso ezingenasiphelo.—2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:1-4.

Uzibheka kanjani izibikezelo zeBhayibheli ezinjalo? Njengezinye izibikezelo eziningi, ingabe zimane nje ziyimicabango? Singakuhlola ukuthembeka kweziprofetho zeBhayibheli ezingakagcwaliseki ngokuhlola ukuthi izibikezelo zeBhayibheli eziphathelene nezenzakalo zesikhathi esidlule zazithembekile yini. Esihlokweni esilandelayo, sizocabangela ezinye zalezi.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

Courtesy National Weather Service