Ukuthola Ingcebo Yangempela EHong Kong
Ukuthola Ingcebo Yangempela EHong Kong
IHONG KONG iyindawo lapho kungenziwa khona imali eningi ngesikhathi esifushane—uma zonke izinto zikuhambela kahle. Eminyakeni engu-40 noma ngaphezulu edlule, ikoloni laseBrithani liye ladlondlobala lisuka ekubeni ngelingematasa kangako liya ekubeni insika yezentengiselwano ebaluleke kakhulu hhayi e-Asia eseNingizimu-mpumalanga kuphela kodwa nakwezamabhizinisi emhlabeni wonke.
Intela ephansi iheha abantu abafaka izimali ngenjongo yokuzizalisa abavela kwamanye amazwe futhi ishukumise izisebenzi ezikhuthele ezitholakala phakathi kwezakhamuzi zaseHong Kong eziyizigidi eziyisithupha. Okuhle futhi ngayo ukuba kwayo phakathi kweChina eseningizimu kanye nesifunda sase-Asian Pacific nangalé kwayo. Njengoba inezinto zokuhamba zesimanje nezimiso zokuxhumana kanye nenxanxathela yezitolo ezithuthukiswe kahle ezidayisa ngezilinganiso ezinkulu nezincane, iHong Kong ihlonyiselwe ukuba isabele ngokushesha ezidingweni zabahwebi bomhlaba wonke.
Impumelelo engokomnotho iye yanikeza iHong Kong amazinga okuphila aphakeme kunawo wonke emhlabeni. Nokho, ingabe konke lokuchuma okungokwezinto ezibonakalayo kuye kwaletha ukwaneliseka nenjabulo ehlala njalo ezakhamuzini zaseHong Kong? Cha, kodwa abanye baye bafuna futhi bathola ingcebo yohlobo olungcono kakhulu.
Bathola Ingcebo Engokomoya
Phakathi kwalabo abaye bathola ingcebo engokomoya engenakuqhathaniswa kuno-Alfred owazalelwa eHong Kong. Wayenomsebenzi ophumelelayo ewumqondisi wenhlangano yebhizinisi lomhlaba wonke elinendlunkulu yalo eBrithani. Njengabanye abaningi eHong Kong, umgomo wakhe ekuphileni wawuwukuthola imali eningi, ukuba nendlu yakhe siqu, ukudla kahle, nokuphila ukuphila okuhle. Ngesikhundla sakhe nemali ayeyihola, wayebonakala sengathi ukutholile konke lokho. Kodwa ingabe wayejabulile? “Ngafunda kokuhlangenwe nakho ukuthi imali ngempela inokulinganiselwa kwayo,” kusho u-Alfred ngokudabuka. Wayelokhu ekhathazeka ngokuthi kazi imali ayeyilondolozile yayiyomgcina isikhathi esingakanani uma elahlekelwa umsebenzi wakhe. Lapho enikela isikhathi esengeziwe emsebenzini wakhe, kwaqala izinkinga zomkhaya. Umkakhe, u-Emily, wacindezeleka lapho indodana yabo ifa ngokuzumayo. Wathi, “ngangifuna ukwazi ukuthi ikuphi ukuze ngiyenzele okuthile kokuyisiza.” Njengoba ayengenakwenza lutho, wacindezeleka kakhulu.
UJustina washonelwa uyise lapho esemncane. Kodwa ngokuzikhandla wathola iziqu eYunivesithi ehlonishwayo yaseHong Kong. Lokhu kwamholela ekubeni athole umsebenzi kuhulumeni. Ngolimi lwesiCanton lokhu kubizwa ngokuthi i-gum fan woon, indishi yelayisi legolide—ukulondeka komsebenzi neholo elihle. Nokho, uJustina wayengajabulile futhi enganelisekile. Wayelokhu ezibuza ukuthi iyini injongo yokuphila nokuthi ikusasa liphetheni. Umyeni wakhe, uFrancis, naye futhi wayenomuzwa wokuthi ukuphila kwakungenanjongo. Wazizwa njengengxenye encane engabalulekile emshinini omkhulu, engelutho, ehlala ematasa ngomshikashika ongapheli.
Bese kuba khona uRicky, umphathi webhizinisi. Nakuba ayezuza imali eningi, waqala ukubona olunye uhlangothi lokuphila—umncintiswano ononya phakathi kwezisebenzi akanye nazo nezinkinga emshadweni wakhe. Imali yayingenakumsiza ukuba axazulule lezinkinga. Kumkakhe, uWendy, umsebenzi ohloniphekile, imali eningi, kanye nokuhlala emphakathini ongenazo izinkinga zezombangazwe kwakusho ukulondeka. Kodwa ukuphila kwakhe okwakubonakala kulondekile kwakuyohlala isikhathi eside kangakanani? Lokho kwamkhathaza ngoba ukuba ngokoqobo kokufa kwamshiya enomuzwa wokuthi ukuphila kwakhe kwakungenanjongo.
UDavid uneyakhe indaba angasitshela yona. Imfundo yakhe yaseyunivesithi yamlethela umsebenzi omuhle nokulondeka ngokwezomnotho, kodwa akakutholanga ukwaneliseka. Ngani? Wayecwile ekuziphendukeleni kwemvelo nakufilosofi, futhi wayekholelwa ukuthi akukho okunye ukuphila ngaphandle kwalokhu kwamanje. UDavid wayenomuzwa wokuthi akukho lutho angabheka phambili kukho, futhi yonke ingcebo yakhe yezinto ezibonakalayo ayizange imvimbele ukuba azizwe engavikelekile.
Nakuba labantu babenezizinda ezihlukahlukene, babenento eyodwa abafana ngayo. Bonke babefinyelele lokho ababecabanga ukuthi kuyobalethela ukuphila okujabulisayo nokuneliseka. Nokho, lapho befinyelela izinga ababecabanga ukuthi amaphupho abo ayeyofezeka kulo, ukuphila kwabo kwakungenanjongo.
Ukuba Ngabacebile KuNkulunkulu
Isimo sika-Alfred, uJustina, nabanye okusanda kukhulunywa ngabo sasifana ncimishí naleso sendoda ecebile emfanekisweni kaJesu. ‘Yazibekela ingcebo yaba enganothile kuNkulunkulu.’ (Luka 12:21) Nokho, ngokujabulisayo bathola okuthile okungcono—ukuphila okugcwele ingcebo yangempela. Labo abafisa injabulo nokwaneliseka kweqiniso kumelwe ‘bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha bathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.’ (1 Thimothewu 6:17) Yebo, ukwazi uNkulunkulu weqiniso, uJehova, nokumethemba kwenza umehluko ekuphileni kwalabantu ngabanye. Ake sibone indlela konke lokhu okwenzeka ngayo.
U-Alfred no-Emily bashaqeka lapho indodana yabo ifa ngokuzumayo, futhi zonke izinto zabo ezibonakalayo zazingenakubudambisa ubuhlungu babo. Baya esontweni kodwa babesazizwa bengaduduzekile futhi benganelisekile. Khona-ke omunye woFakazi BakaJehova wafika ekhaya labo wababuza: “Liyini ithemba lomuntu ngekusasa?” U-Alfred waphendula ngokwalokho ayekutshelwe esontweni ngezulu nesihogo. Nokho, eBhayibhelini waboniswa ukuthi abafileyo “abazi-lutho” nokuthi labo abasenkumbulweni kaNkulunkulu basethuneni lesintu elivamile balindele uvuko. (UmShumayeli 9:5, 10; Johane 5:28, 29) Lokhu kwazwakala kunengqondo ku-Alfred. Manje wayeseqaphela ukuthi indodana yakhe yayingahlupheki endaweni ethile kodwa yayilele ekufeni, inethemba lokuba mhlawumbe iphinde ihlanganiswe nomkhaya wakubo ngovuko. Yeka induduzo nempumuzo! Ngokuhamba kwesikhathi u-Alfred nomkakhe bamukela isifundo seBhayibheli sasekhaya futhi baqalisa indlela yokuthola ingcebo yangempela enikezwa iBhayibheli.
UJustina waphelelwa yithemba lapho ehluleka phakathi kwabantu asebenza nabo ukuthola umoya wokuzithandela wokusiza ekunakekeleni abantu. Njengoba ayewumKatolika ozinikele, wakhungatheka lapho ephawula ukuthi umpristi wayebhema futhi ehamba imidanso, njengabanye abantu. Khona-ke wabe esethintana noFakazi BakaJehova futhi waqala ukuthola izimpendulo ezanelisayo ezingokomBhalo emibuzweni eminingi. Umpristi wayekade emnikeze umbono wakhe siqu, futhi wayengakaze alivule iBhayibheli eminyakeni engu-16, ngisho nakuba ayeya njalo esontweni futhi ayelokhu ehileleke emisebenzini ethile yasesontweni iminyaka eyishumi.
Njengoba oFakazi betadisha iBhayibheli noJustina nomyeni wakhe, uFrancis, wahlatshwa umxhwele ukuba kwabo nobunye ngezinkolelo nangezenzo emhlabeni wonke. UFrancis waqiniseka ngokuthi uNkulunkulu ungokoqobo. Ingani, uNkulunkulu ophilayo, noweqiniso kuphela ongaba nethonya elinjalo eqenjini labantu lezizwe zonke. Yeka indlela lombhangqwana oshadile ojabula ngayo ngokuthi uthole ingcebo yangempela!
URicky noWendy babazi ukuthi kwakudingeka benze okuthile lapho bebona ukuthi kancane kancane babengena ezinkingeni zomuntu siqu ezingathi sína. Njengoba bobabili babeye bathintana noFakazi BakaJehova esikhathini esidlule, ngokwehlukana bathatha isinyathelo sokubathola futhi. Ngomzamo oqotho, uRicky noWendy abatholanga amakhambi asebenzayo ezinkingeni zabo kuphela kodwa bathola nengcebo yeqiniso ebuhlotsheni bomuntu siqu ‘noNkulunkulu ojabulayo,’ uJehova.—1 Thimothewu 1:11, NW.
Ukuphila kukaDavid nakho kwashintsha lapho oFakazi BakaJehova befika kuyena. Njengoba ayehlosé ukudalula amaphutha abo, wavuma ukuthi babuye. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi amehlo akhe avuleka, ngoba waqala ukubona ukuthi iBhayibheli alinaphutha ngokwesayensi, ngokomlando, nangezinye izindlela. Konke lokhu kwasiza uDavid ukuba abheke iBhayibheli njengencwadi yeqiniso eyamnikeza injongo yangempela ekuphileni. Yeka ukuguquka okujabulisayo nokucebisayo ngaye!
Ukusiza Abanye Abaningi Ukuba Bathole Ingcebo Yangempela
Ezakhamuzini ezandayo zaseHong Kong, u-Alfred, u-Emily, uJustina, uFrancis, kanye nabanye okukhulunywe ngabo lapha bamane nje bangabambalwa balabo abaye bathola ingcebo yangempela yeqiniso leBhayibheli nokholo kuJehova uNkulunkulu. Ngo-1992 oFakazi BakaJehova abangu-2 600 basebenzisa ingqikithi yamahora angaba ngu-900 000 beya kubantu baseHong Kong futhi bebaqhubela izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingaphezu kuka-3 800. Nokho, ukuphila eHong Kong kuyashesha, futhi abantu bamatasa. Ngakho-ke ngaphezu kokuya endlini ngendlu, abamemezeli boMbuso banempumelelo enkulu ekufakazeni emgwaqweni.
Babuye futhi bathintane nabantu ezindaweni zabo zomsebenzi ngokuya ezisebenzini zasemahhovisi, abanikazi bezitolo, abalimi, kanye nabantu abavela ukuyodoba oLwandle oluseNingizimu China.Kungashiwo ngeqiniso ukuthi “ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana” eHong Kong. (Mathewu 9:37) Okwamanje, uFakazi oyedwa kumelwe ashumayele kubantu abangu-2 300. Beqaphela ukuphuthuma komsebenzi wokuvuna, cishe abamemezeli boMbuso abangu-600 kwabangu-2 600 lapho bangamaphayona, noma abashumayeli besikhathi esigcwele bezindaba ezinhle. OFakazi BakaJehova eHong Kong, njengabanye kwezinye izindawo, bayaqaphela ukuthi “isibusiso sikaJehova siyacebisa.” (IzAga 10:22) Ngakho, bayazikhandla ukuze basize abanye abengeziwe kulomphakathi ochumayo ukuba bathole ingcebo yangempela.
[Amabalazwe ekhasini 23]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
SOUTH CHINA SEA
CHINA
Hong Kong
Amakhilomitha
Amamayela
15
15