Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngiyabonga Ngokusekela KukaJehova Okuqinisekile

Ngiyabonga Ngokusekela KukaJehova Okuqinisekile

Ngiyabonga Ngokusekela KukaJehova Okuqinisekile

NJENGOBA ILANDISWA USHARON GASKINS

IPHARADESI emhlabeni! Ngazibona ngigingqika otshanini, ngijaha izimvemvane, ngidlala namawundlu amabhubesi. Kwakuzwakala kukuhle kakhulu! Kodwa kwakunokungabaza. Yeka indlela okwakuvame ngayo ukuba ithemba lami liphelele obala!

Kusukela kudala, isihlalo sabakhubazekile besilokhu siwumchilo wesidwaba kimi. Kusukela ngizalwa, ukukhubazeka kwengqondo kwangiphuca izinjabulo zobuntwana. Ezinye izingane zazijabulela ukudlala ngezicathulo ezinamasondo nangamabhayisekili, kodwa mina ngangihlala ngedwa, ngingakwazi ngisho nokuhamba. Ngakho lapho uMama engiyisa kubantu abaphilisayo, ngobuqotho sasithemba ukuthi kuzokwenzeka isimangaliso. Nokho, njalo sasihamba ngingazange ngiphulukiswe. Kwakudumaza kimi kodwa yeka indlela okwakumphula ngayo umoya umama!

Elangazelela ukuthola ithemba leqiniso, umama waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova ekuqaleni kuka-1964. Ngalesosikhathi ngangineminyaka eyisithupha nengxenye ubudala.

Kwakumangalisa ukufunda ukuthi kwake kwaba khona ipharadesi elihle kulomhlaba. Ngokudabukisayo, umuntu wokuqala, u-Adamu, wayelilahlile kodwa ngangifisa ukusondelana noNkulunkulu ngendlela yena ake asondelana ngayo naye. Kwakuyobanjani ukujabulela ubuhlobo noNkulunkulu? Noma ukuphila ngesikhathi iNdodana yakhe siqu isemhlabeni? Amaphupho ami futhi ayengiyisa ePharadesi lesikhathi esizayo. Ngisho nangalesosikhathi ngisemncane, kwakusobala kimi ukuthi sase silitholile iqiniso.

UMama waqala ukuyisa umkhaya eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Imihlangano yabo yebandla yayihluke kakhulu kulokho esasikubone emasontweni! Abantu nendawo kwangithinta ngokujulile.

Kwakunzima ngomama ukusiyisa eHholo LoMbuso. Ngaphandle kwami, kwakunezingane ezincane ezintathu, futhi sasingenayo imoto. Sasihamba ngetekisi uma ayengase akwazi ukuyikhokhela. Ngisayikhumbula indlela ayexakeke ngayo ngelinye iSonto. Kwakungekho tekisi. Khona-ke, ngokungazelele, kwaqhamuka indoda ihamba ngeloli yasigibelisa. Saphuza ukufika emhlanganweni, kodwa safika. Yeka indlela esabonga ngayo kuJehova!

Ngokushesha abafowethu nodadewethu abangokomoya abathandekayo ababenezimoto ngothando bashintshana ngokusihambisa. Isikhuthazo sikamama sokungalahlekelwa imihlangano ngaphandle uma sigula ngempela sagxilisa engqondweni yami encane ukubaluleka ‘kokuhlangana kwethu.’ (Heberu 10:24, 25) Eshukunyiswe yilokho ayekufundile, umama wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi wabhapathizwa ngo-1965.

Ngalesosikhathi ngase ngikhule ngokwanele ukuba ngazise imihlangano ngokugcwele. EBandleni laseCypress Hills eBrooklyn, eNew York, kwakunabamhlophe, abansundu, amaHispanic, nabanye bekhulekela ndawonye. Kwakubonakala kufanele ngempela ukuba abantu abesaba uNkulunkulu baphile ngobuzalwane beqiniso obunjalo.—IHubo 133:1.

Umama wangifundisa indlela yokulungiselela imihlangano. Lokhu kwakungeyona inkinga ngokwengqondo, kodwa kwakuyiyo ngokomzimba. Ukukhubazeka kwengqondo kwenza imisebenzi elula ibe inkanankana. Kwakunzima futhi namanje kusenzima ngami ukudweba umugqa oqondile wokuphawula izimpendulo ezincwadini zeBhayibheli. Nokho, ngokuziqeqesha, ukudweba kwami kwathuthuka.

Ingqondo yami yayichichima izinto engingase ngizisho. Kodwa lapho sekufanele ngizisho, ulimi lwaluvele lugoqane. Kwakudingeka ngikhuleke ukuze imisipha yami ingaqini. Kwakudingeka futhi ngigxilise ingqondo yami ekuphimiseleni igama ngalinye ngendlela ecace ngangokunokwenzeka. Ngangikhungatheka uma impendulo ngingayishongo ngendlela efanele noma lapho ngazi ukuthi abantu abazange bangiqonde. Nokho, lapho sebengijwayele, abazalwane nodade ebandleni bakwazi ukuqonda inkulumo yami. Nokho, ngisenazo izikhathi engenza kahle ngazo nezinzima.

Izinyanga Eziyisithupha Eziphazamisayo

Lapho ngineminyaka eyisishiyagalombili ubudala, ngaba nokuhlangenwe nakho okwathatha izinyanga eziyisithupha okuye kwangithinta kuze kube yilolusuku. Naphezu kwakho konke ukwelashwa okungokomzimba, ukwelashwa ngokufundiswa umsebenzi, nangokufundiswa ukukhuluma engase ngikunikeziwe kakade, odokotela bangithumela esibhedlela sokwelashwa eWest Haverstraw, eNew York. Mina nomama sasikhathazekile. Eminyakeni ethile ngaphambili, lapho odokotela benze iphutha lokuthi ngigula ngengqondo, umama wabatshela ukuthi wayengasoze angiyisa esibhedlela sabagula ngengqondo. Ngakho ngisho nokwehlukana nje isikhashana kwakunzima kuye. Nokho, wabona ukuthi ukuphila kwami impilo ephumelelayo ngingancikile kuyena nobaba kwakusho ukuthi kufanele ngikwazi ukuzibambela izinto mathupha.

Indawo yasesibhedlela yayiyinhle, kodwa ngazizwa ngilahliwe. Ukuklewula nokuthukuthela kwayenza yacaca imizwa yami ngalendawo. Kwakuthukela abazali bami bethathe uhambo lwamahora amathathu bezongivakashela, ikakhulukazi njengoba uMama ayekhulelwe ingane yakhe yesihlanu. Lapho sekufanele bahambe, kwakungicasula kakhulu ukuthi odokotela babethi kwakufanele bangafiki njalo. Ngangivunyelwe ukuya ekhaya kabili kuphela.

Odokotela bangifundisa ukuhamba ngosizo lwezinto ezisekela umzimba nangezinduku. Zazibonakala zisinda kakhulu. Nokho, ukusinda kwazo kwangisiza ukuba ngikwazi ukuzimela futhi ngingawi. Lesi kwakuyisinyathelo sokuqala sokuzihambela ngaphandle kwezinduku.

Ukuqoba ukudla, ukufasa izinkinobho—noma yimuphi umsebenzi owawudinga ukusetshenziswa kweminwe—ngangikuthola kunzima noma kungenzeki. Kodwa ngezinga elithile ngafunda ukuzidlela nokuzigqokisa. Lokhu kwasiza kamuva enkonzweni yami eya kuNkulunkulu.

Lapho ukuqeqeshwa kwami sekuphelile, ngaphindela ekhaya futhi. Umama wangenzisa imisebenzi ukuze ngisebenzise amakhono ami amasha. Ukwenza kanjalo kwakunzima ngokomzwelo, ngoba nakuba ngangifuna ukuzenzela izinto, ukuzifeza kwakukhungathekisa, kudla isikhathi, futhi kukhathaza. Phela, ukuzigqokisa lapho ngiya emihlanganweni kwakuwumsebenzi othatha amahora amabili!

Lapho sithuthela eduze neHholo LoMbuso, ngangizihambela. Kwakuyimpumelelo enkulu!

Usuku Olujabulisa Kunazo Zonke Ekuphileni Kwami

Umama wayeqikelela ukuthi umkhaya uthola ukudla okunomsoco okungokomoya. Wayefunda nami futhi elindela ukuba ngifunde bonke omagazini, INqabayokulinda ne-Phaphama! Kwakufanele silungiselele imihlangano futhi siye kuyo. Nakuba ingqondo yami nenhliziyo kwakulwamukela ngentshiseko lolulwazi, ukucabangela ngokungathi sína ukunikezela ukuphila kwami kuJehova nokubonakalisa lokhu ngobhapathizo lwamanzi kwakungemuva. Umama wangisiza ukuba ngibone ukuthi naphezu kokukhubazeka kwami, uNkulunkulu wayengibheka njengonomthwalo wemfanelo ngengokomoya lami. Ngangingenakulindela ukungena ezweni elisha ngenxa yakhe, ukusindela emhlabeni omusha ngincike kuye ngokuphelele.

Ngangimthanda uNkulunkulu, kodwa isimo sami sangenza ngahluka kwabanye—into ebuhlungu ngomuntu osemusha. Kwakunzima ukwamukela ukuthi kwakunezinto engangingakwazi ukuzenza. Ngokuvamile ngangithukuthela kakhulu, futhi lokhu kwadingeka kulawulwe ngaphambi kokubhapathizwa. (Galathiya 5:19, 20) Futhi kuthiwani uma ngihluleka ukufeza ukuzinikezela kwami kuJehova?

Umama wacela ukuba umdala webandla akhulume nami. Wacaphuna umbuzo umprofethi u-Elija ayewubuze ama-Israyeli: “Koze kube-nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na?” (1 AmaKhosi 18:21) Ngokusobala, uJehova wayengathokozi ngokuba manqikanqika kwami.

Ngaphaphama ngokomoya futhi ngathandaza ngobuqotho kuJehova ngicela usizo nokuba ngizimisele ukunikezela ukuphila kwami kuye. Udade othile ebandleni wafunda nami. Wayemncane kunami futhi wayeshonelwe unina esemncane. Nakuba kunjalo, wayezinikezele kuNkulunkulu esemncane kakhulu.

Lapho ngineminyaka engu-17, ngenza isinqumo. Ngangifuna ukukhonza uJehova ngendlela engcono kunazo zonke engingakwazi ngayo. U-August 9, 1974—lapho ngibhapathizwa—wawuwusuku olujabulisa kakhulu ekuphileni kwami.

Intokozo Enkonzweni

Ukuhlanganyela enkonzweni kwabeka izithiyo ezithile ezinjengentaba. Inselele enkulu kunazo zonke yayiwukuzenza ngiqondakale. Ngangikhuluma ngendlela ecace ngangokunokwenzeka. Khona-ke, noma nini lapho kudingeka, umuntu engisebenza naye enkonzweni yasensimini wayephinda engangikushilo kumninikhaya. Abanye babesabela kabi, bengibheka njengesisulu sokuxhashazwa oFakazi. Kodwa ukushumayela kuyisifiso sami esifanele nesisuka enhliziyweni.

Ukuhamba indlu ngendlu ngisho nolayini owodwa wezindlu kungaba okukhathaza kakhulu. Izindlu eziningi ensimini esifakaza kuyo zinezitebhisi, kwenza ngingakwazi ukushumayela kuzo. Ebusika, imigwaqo eneqhwa yenza ngingakwazi nhlobo ukwenza umsebenzi wendlu ngendlu. (IzEnzo 20:20) Nokho, abafowethu abangokomoya baye baba usizo olukhulu, futhi uJehova manje ungibusise ngesihlalo esinamasondo esihamba ngenjini, okwenza inkonzo ibe lula kakhulu.

Ngokuhamba kwesikhathi, ngaqala ukufakaza ngeposi. Ukubhala izincwadi ngesandla kwakungeke kusize ngoba abantu abaningi abakwazi ukufunda isandla sami. Ngakho ngabhala ngomshini kagesi. Ngithatha isikhathi eside uma ngibhala ngomshini ngenxa yokungasebenzelani kahle kwezandla zami. Cishe isikhathi esiningi, ngifuna uhlamvu olulodwa emshinini bese ngishaya olunye uhlamvu. Kungase kungithathe ihora noma ngaphezulu ukubhala nje ikhasi elilodwa.

Naphezu kokuphelelwa amandla, ngezinye izikhathi ngikhonza njengephayona elisizayo, nginikela amahora angu-60 noma ngaphezulu enkonzweni ngenyanga. Lokhu kudinga isimiso esihle, umzamo owengeziwe, kanye nokusekelwa ngesikholwa nabo. Umoya wabo wokuphayona uyangikhuthaza. Umama naye uye wabeka isibonelo esihle ngokukhonza njengephayona elivamile noma elisizayo nakuba ebhekene nobunzima, impilo engeyinhle, kanye nenselele yokukhulisa izingane eziyisikhombisa emkhayeni ohlukene ngokwenkolo.

Sengingedwa

Lapho ngineminyaka engu-24 ubudala, nganquma ukuzihlalela ngedwa. Ukuthuthela kwami engxenyeni eseBrooklyn iBensonhurst kwaba isibusiso. IBandla laseMarlboro lalinjengomkhaya obumbene. Yeka indlela okwakuqinisa ngayo ukholo ukuba nabo! Ngisho nakuba kwakunezimoto ezimbili noma ezintathu ebandleni, abafowethu abangokomoya babengiyisa kuyo yonke imihlangano. Nokho angihlalanga lapho isikhathi eside.

Ngizizwa njengesehluleki sangempela, ngaphindela emuva kwabakithi futhi ngacwila ekucindezelekeni okujulile iminyaka emithathu. Ukuthukuthela kwabuya. Kwabe sekufika imicabango yokuzibulala nemizamo eminingana yokwenza kanjalo. Ukufa kwakuyinto engangiyilindele njalo futhi kungethusa. Kodwa ngancika kakhulu kuNkulunkulu futhi ngathembisa ukubonisa ukwazisa ngesipho sakhe sokuphila. Abadala banginikeza induduzo neseluleko. Lokhu, kanye nomthandazo, isifundo somuntu siqu, ukubekezela komkhaya wakithi, nolunye usizo lezobuchwepheshe, kwaqondisa ukucabanga kwami.

Nge-Nqabayokulinda, uJehova ngomusa wangisiza ukuba ngiqonde ukucindezeleka okujulile. Yebo, uyabakhathalela abantu bakhe futhi uyayiqonda imizwa yethu. (1 Petru 5:6, 7) Ngokuhamba kwesikhathi ukucindezeleka okujulile kwaphela. Eminyakeni eyishumi kamuva, uJehova usangisiza ukuba ngibhekane nokukhungatheka nokucindezeleka. Ngezinye izikhathi imizwa yokungabi lutho ifika ngamandla. Nakuba kunjalo, umthandazo, isifundo seBhayibheli, kanye nomkhaya wakithi ongokomoya kuwusizo olumangalisayo olungenza ngiqhubeke.

Ngemva kwemizamo engaphumelelanga yokufuna enye indawo yokuhlala, nginokungabaza ngase nginqume ukuhlala nomkhaya wakithi ukuphila kwami konke. Khona-ke uJehova waphendula imithandazo yami. Kwatholakala indawo engxenyeni yeBrooklyn iBedford-Stuyvesant. Ekupheleni kwehlobo lango-1984, ngathuthela khona, futhi bengilokhu ngilapho kusukela ngalesosikhathi.

Amalungu eBandla elinothando kakhulu laseLafayette ayengithutha ngomusa engiyisa emhlanganweni. Okusakhumbuleka kahle engqondweni yami iSifundo Sencwadi Sebandla sokuqala engaba khona kuso. Sasisesitezi sesine—kungekho kheshi! Kungosizo lukaJehova kuphela engakwazi ngalo ukuya phezulu nokwehla kulezozitebhisi. Ngokuhamba kwesikhathi ngatholelwa indawo engcono kakhulu. Futhi manje uJehova ungibusise ngelungelo lokuba iSifundo Sencwadi Sebandla siqhutshelwe ekhaya lami.

Umoya omuhle wamaphayona ugcwele kulelibandla. Lapho ngifika, kwakunamaphayona angaba ngu-30, futhi amanye ayenginikeza ukunakekela okukhethekile. Umoya wentshiseko wangishukumisela ukuba ngibe iphayona elisizayo njalo.

Ngo-April 1989 amaBandla aseLafayette nasePratt akha iHholo LoMbuso elisha emgwaqweni engihlala kuwo. Kwenzeka ngesikhathi esifanele, ngoba ngenxa yokuwohloka okungokomzimba okuqhubekayo, ukuhamba sekuphinde kwaba yinkinga futhi. Nokho, ngesikuta sami esihamba ngenjini kanye nangabafowethu nodadewethu abangokomoya abanginikeza usizo nokusekela, ukuya nokubuya emihlanganweni kuyajabulisa. Yeka indlela engilwazisa ngokujule ngayo usizo lothando olunjalo!

Ngiyabonga Ngokusekela KukaNkulunkulu

Nakuba imilenze yami intengantenga, inhliziyo yami iqinile. Imfundo enhle yenza ukuphila kwaba lula, nokho uNkulunkulu uye wangigcina ngiphila. Ngezinye izikhathi ngangingazi ukuthi ngangizokutholaphi ukudla kwansuku zonke, kodwa uJehova uye wangisekela futhi ubelokhu enguMlungiseleli othembekile. Ngempela, amazwi kaDavide athandeka kakhulu kimi: “Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.”—IHubo 37:23-25.

Izikhathi eziningana uJehova wangenza ngakwazi ukulondoloza ukuma kwami okungokomBhalo ngokungisiza ukuba ngenqabe ukwamukela igazi phakathi nokuhlinzwa. (IzEnzo 15:28, 29) Muva nje, ubaba washona. Ukulahlekelwa othile osondelene naye kangaka ngempela kwakucindezela kakhulu. Amandla avela kuJehova kuphela aye angisiza kulokhu nakolunye uvivinyo.

Impilo yami ingase iqhubeke iwohloka, kodwa ukuthembela kwami kuNkulunkulu nobuhlobo bami naye kuwusizo. Yeka indlela engijabula ngayo ngokuba phakathi kwabantu bakaJehova nokuthola usizo lwakhe oluqinisekile!