Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhonza UJehova Ngomoya Wokuzidela

Ukukhonza UJehova Ngomoya Wokuzidela

Ukukhonza UJehova Ngomoya Wokuzidela

“Uma noma ubani efuna ukungilandela, makazidele, athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa futhi angilandele ngokuqhubekayo.”—MATHEWU 16:24NW.

1. UJesu wabazisa kanjani abafundi bakhe ngokufa kwakhe okwakusondela?

NGASENTABENI iHermoni elele iqhwa, uJesu Kristu ufinyelela iqophelo elibaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe. Usesalelwe isikhathi esingaphansi konyaka ephila. Uyakwazi lokho; abafundi bakhe abakwazi. Manje sekufike isikhathi sokuba bazi. Yiqiniso, uJesu uke wabhekisela ekufeni kwakhe okusondelayo ngaphambili, kodwa lesi isikhathi sokuqala ekhuluma ngakho ngokungagwegwesi. (Mathewu 9:15; 12:40) Ukulandisa kukaMathewu kufundeka kanje: “Kusukela kulesosikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuba umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nangabapristi abakhulu nababhali, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu.”—Mathewu 16:21; Marku 8:31, 32.

2. UPetru wasabela kanjani emazwini kaJesu ngokuqondene nokuhlupheka kwaKhe okwakuza, futhi uJesu waphendula kanjani?

2 Izinsuku zikaJesu sezibaliwe. Nokho, uPetru usabela ngentukuthelo kulowomqondo obonakala wethusa. Akakwamukeli ukuthi uMesiya uzobulawa ngempela. Ngakho-ke, uPetru uqunga isibindi ukuze akhuze iNkosi yakhe. Eshukunyiswa izinhloso ezinhle, ngamawala uyanxusa: “[Yiba nomusa kuwe, NW], Nkosi, lokho akusoze kwenziwa kuwe.” Kodwa uJesu uwenqaba ngokushesha umusa kaPetru oboniswa esimweni esingafanele, ngokungangabazi njengoba umuntu engachoboza ikhanda lenyoka enobuthi. “Buyela emva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”—Mathewu 16:22, 23.

3. (a) UPetru wazenza kanjani inxusa likaSathane engaqondile? (b) UPetru waba kanjani isikhubekiso enkambweni yokuzidela?

3 UPetru uye wazenza inxusa likaSathane engaqondile. Impendulo kaJesu iwujuqu njengalapho ayephendula uSathane ehlane. UDeveli lapho wazama ukulinga uJesu ngokuphila okunethezekile, ukuthola ubukhosi ngaphandle kokuhlupheka. (Mathewu 4:1-10) Manje uPetru umkhuthaza ukuba abe mnene kuye ngokwakhe. UJesu uyazi ukuthi lokhu akuyona intando kaYise. Ukuphila kwakhe kumelwe kube okokuzidela, hhayi okokuzanelisa. (Mathewu 20:28) UPetru uba yisikhubekiso enkambweni enjalo; uzwela lwakhe olunezinhloso ezinhle luba ugibe. * Nokho, uJesu, ubona ngokucacile ukuthi uma efukamele noma yimuphi umqondo wokuphila okungenakho ukuzidela, uzolahlekelwa ukuvunyelwa uNkulunkulu ngokubanjwa ogibeni lokufa lukaSathane.

4. Kungani ukuphila kokuzitika ngokunethezeka kwakungekhona okukaJesu nabalandeli bakhe?

4 Ngakho-ke, ukucabanga kukaPetru, kwakudinga ukulungiswa. Amazwi akhe kuJesu ayebonisa umqondo womuntu, hhayi okaNkulunkulu. Ukuphila kokuzitika ngokunethezeka, indlela elula engenakho ukuhlupheka, kwakungekhona okukaJesu; futhi ukuphila okunjalo kwakungeke kube okwabalandeli bakhe, ngoba uJesu ngokulandelayo uthi kuPetru nakubo bonke abafundi: “Uma noma ubani efuna ukungilandela, makazidele, athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa futhi angilandele ngokuqhubekayo.”—Mathewu 16:24NW.

5. (a) Iyini inselele yokuphila ukuphila kobuKristu? (b) Yiziphi izinto ezintathu ezidingekayo umKristu okumelwe azilungele?

5 Ngokuphindaphindiwe, uJesu ubuyela kulesihloko esiyisihluthulelo: inselele yokuphila ukuphila kobuKristu. Ukuze abe ngabalandeli bakaJesu, amaKristu, njengoMholi wawo, kumelwe akhonze uJehova ngomoya wokuzidela. (Mathewu 10:37-39) Kanjalo, ubala izinto ezintathu ezidingekayo umKristu okumelwe alungele ukuzenza: (1) azidele, (2) athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa, futhi (3) amlandele ngokuqhubekayo.

“Uma Umuntu Ethanda Ukuza Emva Kwami”

6. (a) Umuntu uzidela kanjani? (b) Ubani okumelwe simjabulise ngaphezu kokuzijabulisa thina?

6 Kusho ukuthini ukuzidela? Kusho ukuthi umuntu kumelwe aziphike ngokuphelele, uhlobo oluthile lokufa kumuntu ngokwakhe. Incazelo eyisisekelo yegama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘dela,’ isho “ukuthi cha”; isho “ukuphika ngokuphelele.” Ngakho-ke, uma wamukela inselele yokuphila kobuKristu, ngokuzithandela udela ukulangazelela kwakho siqu, ukunethezeka, izifiso, injabulo. Ngokuyisisekelo, unikela konke ukuphila kwakho nakho konke okukuhilelayo kuJehova uNkulunkulu phakade. Ukuzidela kusho okungaphezu kokuzincisha izinjabulo ezithile ngezikhathi ezithile. Kunalokho, kusho ukuthi umuntu kumelwe ayekele ubunikazi bakhe kuJehova. (1 Korinte 6:19, 20) Umuntu oye wazidela akaphileli ukuzithokozisa yena siqu, kodwa uphilela ukuthokozisa uNkulunkulu. (Roma 14:8; 15:3) Kusho ukuthi ngaso sonke isikhathi sokuphila kwakhe, uthi cha ezifisweni zobugovu athi yebo kuJehova.

7. Siyini isigxobo sokuhlushwa somKristu, futhi usithwala kanjani?

7 Khona-ke, ukuthatha isigxobo sakho sokuhlushwa, akuyona into encane. Ukuthwala isigxobo kuyasinda futhi kuwuphawu lokufa. UmKristu uzimisele ukuhlupheka uma kudingekile, noma ukuhlaziswa noma ukuhlushwa noma ngisho nokubulawa ngenxa yokuba umlandeli kaJesu Kristu. UJesu wathi: “Noma ubani ongathathi isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele kangifanele.” (Mathewu 10:38, NW) Akubona bonke abantu abahluphekayo abathwala isigxobo sokuhlushwa. Ababi ‘banezinhlupheko’ eziningi kodwa abanaso isigxobo sokuhlushwa. (IHubo 32:10) Nokho, ukuphila komKristu kuwukuphila kokuthwala isigxobo sokuhlushwa senkonzo yokuzidela eya kuJehova.

8. Yisiphi isibonelo sokuphila uJesu asibekela abalandeli bakhe?

8 Umbandela wokugcina uJesu awuphawula owokuba simlandele ngokuqhubekayo. UJesu akafuni nje kuphela ukuba samukele futhi sikholelwe yilokho akufundisa kodwa nokuba, ekuphileni kwethu konke, silandele ngokuqhubekayo isibonelo asibekela sona. Yiziphi ezinye zezici ezivelele ezabonakala endleleni yakhe yokuphila? Lapho ethuma abafundi bakhe okokugcina, wathi: “Ngalokho hambani nenze . . . abafundi . . . , nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.” (Mathewu 28:19, 20) UJesu washumayela futhi wafundisa izindaba ezinhle zoMbuso. Abafundi bakhe abaseduze, yebo, nalo lonke ibandla lamaKristu okuqala, benza kanjalo. Ngaphandle kokungabi kwabo ingxenye yezwe, lomsebenzi wentshiseko wabalethela inzondo nokuphikisa kwezwe, okwabangela ukuba ukuthwala kwabo isigxobo sokuhlushwa kube nzima ngisho nangokwengeziwe.—Johane 15:19, 20; IzEnzo 8:4.

9. UJesu wabaphatha kanjani abanye abantu?

9 Esinye isibonelo esivelele esabonakala ekuphileni kukaJesu kwakuyindlela ayephatha ngayo abanye abantu. Wayenomusa futhi ‘emnene, ethobile ngenhliziyo.’ Kanjalo, izilaleli zakhe zazizwa zivuselelwe emoyeni futhi ukuba khona kwakhe kwakuzikhuthaza. (Mathewu 11:29) Akazange azesabise ukuze enze ukuba zimlandele noma azibekele imithetho eminingi yendlela okwakufanele zikwenze ngayo lokho; futhi akazange azenze zizizwe zinecala ukuze aziphoqelele ukuba zibe abafundi bakhe. Naphezu kokuphila kwazo kokuzidela, zabonisa injabulo yeqiniso. Yeka umehluko ophawulekayo ngalabo abanomoya wezwe wokuzitika ophawula ‘izinsuku zokugcina’!—2 Thimothewu 3:1-4.

Hlakulela Futhi Ulondoloze Umoya KaJesu Wokuzidela

10. (a) NgokweyabaseFilipi 2:5-8, uKristu wazidela kanjani? (b) Uma singabalandeli bakaKristu, yisiphi isimo sengqondo okumelwe sisibonise?

10 UJesu wabeka isibonelo sokuzidela. Wathatha isigxobo sakhe sokuhlushwa futhi wasithwala ngokuqhubekayo ngokwenza intando kaYise. UPawulu wabhalela amaKristu aseFilipi: “Mawube-kini lowomqondo owawukhona nakuKristu Jesu owathi enesimo sikaNkulunkulu‚ akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu‚ kepha wazidela ethabatha isimo senceku‚ enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo‚ wazithobisa‚ elalela kwaze kwaba-sekufeni‚ yebo‚ ekufeni [esigxotsheni sokuhlushwa, NW].” (Filipi 2:5-8) Ubani owayengazidela ngokuphelele ngaphezu kwalokho? Uma ungokaKristu Jesu futhi ungomunye wabalandeli bakhe, kumelwe ugcine lesisimo sengqondo esifanayo.

11. Ukuphila ukuphila kokuzidela kusho ukuphilela intando kabani?

11 Omunye umphostoli, uPetru, usitshela ukuthi njengoba uJesu ahlupheka futhi wasifela, amaKristu kumelwe ahlome, njengamasosha azilungiselele kahle, ngomoya ofanayo uKristu ayenawo. Uyabhala: “Njengokuba uKristu wahlupheka enyameni, hlomani nani ukuqonda okunjalo, ngokuba ohluphekile enyameni uyekile ukona, ukuze ngesikhathi esiseleyo nisesenyameni ningabe nisahlala ngezinkanuko zabantu kodwa ngentando kaNkulunkulu.” (1 Petru 3:18; 4:1, 2) Inkambo kaJesu yokuzidela yabonisa ngokucacile indlela ayezizwa ngayo ngalentando. Wayegxile ekuzinikeleni kwakhe, ngaso sonke isikhathi ebeka intando kaYise ngaphezu kweyakhe, kwaze kwaba ngisho nasephuzwini lokufa okuyihlazo.—Mathewu 6:10; Luka 22:42.

12. Ingabe ukuphila kokuzidela kwakungathandeki kuJesu? Chaza.

12 Nakuba ukuphila kukaJesu kokuzidela kwakuyindlela enzima neyinselele kuye ukuba ayilandele, akazange ayithole ingathandeki. Kunalokho, uJesu wayekujabulela ukuzithoba entandweni yaphezulu. Kuye, ukwenza intando kaYise kwakufana nokudla. Wathola ukwaneliseka kwangempela kukho, njengoba nje umuntu engathola ukwaneliseka okunjalo ekudleni okumnandi. (Mathewu 4:4; Johane 4:34) Kanjalo, uma ufuna ukuzizwa waneliseke ngempela ekuphileni kwakho, ayikho into engcono ongayenza ngaphandle kokulandela isibonelo sikaJesu ngokuhlakulela isimo sakhe sengqondo.

13. Uthando lushukumisela kanjani ekubeni nomoya wokuzidela?

13 Empeleni, yini eshukumisela ekubeni nomoya wokuzidela? Ngezwi elilodwa, uthando. UJesu wathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho‚ nangawo wonke umphefumulo wakho‚ nangayo yonke ingqondo yakho. Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Mathewu 22:37-39) UmKristu akakwazi ukuba ozifunela okwakhe, kodwa ngesikhathi esifanayo, abe elalela lawomazwi. Injabulo nesithakazelo sakhe siqu kumelwe okokuqala nangokuyinhloko kubuswe uthando lwakhe ngoJehova bese kuba uthando lwakhe ngomakhelwane. Yileyondlela uJesu aphila ngayo ukuphila kwakhe, futhi yilokho akulindele kubalandeli bakhe.

14. (a) Yimiphi imithwalo yemfanelo echazwe kumaHeberu 13:15, 16? (b) Yini esikhuthaza ukuba sishumayele izindaba ezinhle ngentshiseko?

14 Umphostoli uPawulu wayewuqonda lomthetho wothando. Wabhala: “Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga‚ okungukuthi isithelo sezindebe [ezimemezela obala, NW] igama lakhe. Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana‚ ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.” (Heberu 13:15, 16) AmaKristu awanikeli kuJehova umhlatshelo wezilwane noma okufana nalokho; ngakho, awabadingi abapristi abangabantu ethempelini elingokoqobo ukuba bahole ekukhulekeleni kwawo. Umhlatshelo wethu wokubonga unikelwa ngoKristu Jesu. Futhi ngokuyinhloko kungalowomhlatshelo wokubonga, lokho kumemezela obala igama lakhe, esibonisa ngakho uthando lwethu ngoNkulunkulu. Umoya wethu ongenabugovu ogxile othandweni yiwona ikakhulukazi osikhuthaza ukuba sishumayele izindaba ezinhle ngentshiseko, silwele ukuba sikushisekele ngaso sonke isikhathi ukunikela kuNkulunkulu isithelo sezindebe zethu. Ngalendlela sibonisa futhi uthando lwethu ngomakhelwane.

Ukuzidela Kuletha Izibusiso Ezicebile

15. Yimiphi imibuzo yokuzihlola ngokuqondene nokuzidela esingazibuza yona?

15 Ake ume kancane futhi ucabange ngalemibuzo elandelayo: Ingabe indlela yami yokuphila yamanje ibonisa inkambo yokuzidela? Ingabe imigomo yami ikhomba ekuphileni okunjalo? Ingabe amalungu omkhaya wami avuna izinzuzo ezingokomoya esibonelweni sami? (Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 5:8.) Kuthiwani ngezintandane nabafelokazi? Ingabe nabo bayazuza emoyeni wami wokuzidela? (Jakobe 1:27) Ingabe ngingasandisa isikhathi engisisebenzisa emhlatshelweni wami wokubonga wasobala? Ingabe ngingakwazi ukulwela ukufanelekela ilungelo lenkonzo yamaphayona, yaseBethel, noma yezithunywa zevangeli, noma ingabe ngingahamba ngiyokhonza endaweni lapho kunendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso?

16. Ukuhlakanipha kungasisiza kanjani ukuba siphile ukuphila kokuzidela?

16 Ngezinye izikhathi ukukhonza uJehova ngomoya wokuzidela kudinga nje ukuhlakanipha okuthile ukuba sikufinyelele ngezinga eligcwele. Ngokwesibonelo, uJanet, oyiphayona elivamile e-Ecuador, wayesebenza isikhathi esigcwele emsebenzini wokuziphilisa. Ngokushesha, isimiso sakhe sakwenza kwaba nzima ngaye ukuba ahlangabezane nemfuneko yamahora ephayona elivamile ngomoya ojabulayo. Wanquma ukuchazela umqashi wakhe ngalenkinga futhi wacela ukuncishiselwa amahora omsebenzi. Njengoba lomqashi ayengazimisele ukunciphisa isikhathi sakhe sokusebenza, ngokulandelayo lodade weza noMaria, owayefuna umsebenzi ayengasebenza kuwo ingxenye yosuku ukuze akwazi ukuphayona. Ngamunye wabo wasikisela ukuba asebenze ingxenye yosuku, kanjalo behlanganyela umsebenzi wosuku olugcwele. Umqashi wakwamukela lokhu kusikisela. Manje bobabili labodade bangamaphayona avamile. Lapho ebona lomphumela omangalisayo, uKaffa, naye owayesekhathele ukusebenza isikhathi esigcwele kuyo lenkampani futhi eshikashikeka ukuze agcwalise isikhathi sakhe sokuphayona, weza noMagali futhi wasikisela okufanayo. Nakho kwamukelwa. Kanjalo, sekunodade abane abakwaziyo ukuphayona, kunokuba kube ababili okwase kusele kancane ukuba bayiyeke inkonzo yesikhathi esigcwele. Ukuhlakanipha nokuthatha isinyathelo kuqala kwaba nemiphumela ezuzisayo.

17-21. Omunye umbhangqwana oshadile waphinde wayihlaziya kanjani injongo yawo ekuphileni, futhi kwaba namiphi imiphumela?

17 Ngaphezu kwalokho, cabangela inkambo yokuzidela eyalandelwa u-Evonne phakathi neminyaka eyishumi edlule. Wabhalela i-Watch Tower Society ngo-May 1991:

18 “Ngo-October 1982, mina nomkhaya wakithi savakashela iBethel yaseBrooklyn. Ukuyibona kwangenza ngafuna ukuba yisisebenzi sokuzithandela sakhona. Ngafunda ifomu lokwenza isicelo, futhi kwakunombuzo owodwa ophawulekayo, ‘Siyini isilinganiso samahora akho enkonzo yasensimini ezinyangeni eziyisithupha ezidlule? Uma isilinganiso samahora singaphansi kwayishumi, chaza ukuthi kungani.’ Asikho isizathu esiqinile engangingacabanga ngaso, ngakho ngazibekela umgomo futhi ngawufinyelela ngezinyanga ezinhlanu.

19 “Ngisho nakuba ngangingacabanga ngezaba ezimbalwa zokungaphayoni, lapho ngifunda i-Yearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1983, ngaqiniseka ukuthi abanye babeye banqoba izithiyo ezinkulu kunezami ukuze baphayone. Ngakho, ngo-April 1, 1983, ngawuyeka umsebenzi wami wokuziphilisa wesikhathi esigcwele owawuholela imali eningi ngaba iphayona elisizayo, futhi ngo-September 1, 1983 ngangena ezinhlwini zamaphayona avamile.

20 “Kamuva, ngo-April 1985, ngajabulela ukushada nenceku ekhonzayo ekahle. Eminyakeni emithathu kamuva, inkulumo yasemhlanganweni wesigodi eyayimayelana nobuphayona yashukumisela umyeni wami ukuba abuze, ehleba, ‘Ingabe sikhona isizathu sokuba ngingaqalisi ukuphayona ngo-September 1?’ Wahlanganyela nami kulomsebenzi iminyaka emibili eyalandela.

21 “Umyeni wami futhi wasiza ngokuzithandela emsebenzini wokwakha eBethel yaseBrooklyn amasonto amabili wayesefaka isicelo oHlelweni Lokwakha Lomhlaba Wonke. Ngakho ngo-May 1989 saya eNigeria inyanga eyodwa siyosiza ekwakhiweni kwegatsha. Kusasa siya eJalimane, lapho siyolungiselelwa khona izimvume zokungena ePoland. Sijabula kakhulu ngokuhileleka emsebenzini wokwakha onjalo oyingqopha-mlando nangokuba ingxenye yalomkhakha omusha wenkonzo yesikhathi esigcwele.”

22. (a) NjengoPetru, singaba kanjani yisikhubekiso ngokungaqondi? (b) Ukukhonza uJehova ngomoya wokuzidela akuxhomekile kuphi?

22 Uma wena ungenakukwazi ukuphayona, ingabe ungabakhuthaza labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele ukuba babambelele elungelweni labo futhi mhlawumbe ubasize ngisho nokubasiza ukuba benze kanjalo? Noma ingabe uyofana namanye amalungu omkhaya nabangane abanezinhloso ezinhle abangase, njengoPetru, batshele isikhonzi sesikhathi esigcwele ukuthi singathathi ngamawala, sibe nomusa kuso, bengaqapheli indlela lokho okungaba isikhubekiso ngayo? Yiqiniso, uma impilo yephayona isengozini engathi sína noma uma lidebeselela izibopho zobuKristu, kungase kudingeke liyiyeke inkonzo yesikhathi esigcwele okwesikhashana. Ukukhonza uJehova ngomoya wokuzidela akuxhomekile egameni, njengokuthi iphayona, isikhonzi saseBethel, noma okunye. Kunalokho, kuxhomeke kulokho esiyikho njengabantu—indlela esicabanga ngayo, lokho esikwenzayo, indlela esiphatha ngayo abanye, indlela esiphila ngayo ukuphila kwethu.

23. (a) Singaqhubeka kanjani siba nenjabulo yokuba yisisebenzi esikanye noNkulunkulu? (b) Yisiphi isiqinisekiso esisithola kumaHeberu 6:10-12?

23 Uma ngempela sinomoya wokuzidela, siyoba nenjabulo yokuba izisebenzi ezikanye noNkulunkulu. (1 Korinte 3:9) Siyoba nokwaneliseka kokwazi ukuthi sijabulisa inhliziyo kaJehova. (IzAga 27:11) Futhi sinesiqinisekiso sokuthi uJehova ngeke asikhohlwe noma asishiye uma nje sihlala sithembekile kuye.—Heberu 6:10-12.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 3 NgeGreki, igama elithi “isikhubekiso” (σκάνδαλον, skanʹda·lon) ekuqaleni ‘laliyigama lengxenye yogibe okubekwa kuyo ukudla kokucupha, yingakho, lisho ugibe noma isicupho ngokwaso.’—Vine’s Expository Dictionary of Old and New Testament Words.

Zithini Izimpendulo Zakho?

□ UPetru waba kanjani yisikhubekiso engaqondile enkambweni yokuzidela?

□ Kusho ukuthini ukuzidela?

□ UmKristu usithwala kanjani isigxobo sakhe sokuhlushwa?

□ Singawuhlakulela futhi siwulondoloze kanjani umoya wokuzidela?

□ Yini eshukumisela ekubeni nomoya wokuzidela?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 10]

Ingabe uzimisele ukuzidela, ukuthatha isigxobo sakho sokuhlushwa, nokulandela uJesu ngokuqhubekayo?