Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yibani Abahluzekile Engqondweni—Ukuphela Kuseduze

Yibani Abahluzekile Engqondweni—Ukuphela Kuseduze

Yibani Abahluzekile Engqondweni—Ukuphela Kuseduze

“Ukuphela kwezinto zonke sokusondele. Ngakho yibani abahluzekile engqondweni, futhi nibe abaqaphile, ukuze nikhuleke.”—1 PETRU 4:7NW.

1. (a) Yikuphi ukudumazeka omunye umholi wenkolo nabalandeli bakhe ababa nakho? (b) Ngenxa yokuthi ezinye izinto ezazilindelwe azizange zigcwaliseke, yimiphi imibuzo engase ibuzwe?

“PHAKATHI nomthandazo wokugcina wobusuku banamuhla ngamukele ubizo oluvela kuNkulunkulu. Uthé abantu abangu-116 000 bazonyukela ezulwini futhi amathuna amakholwa afile ayizigidi ezingu-3,7 azovulekela ngasesibhakabhakeni.” Washo kanjalo umholi weMission for the Coming Days ngobusuku buka-October 28, 1992, okwakuwusuku lwabo lokwahlulela oluprofethiwe. Nokho, lapho u-October 29 efika, akukho noyedwa umuntu owayenyukele ezulwini, futhi awekho amathuna abafile ayevulekile. Kunokuba bahlwithelwe ezulwini ngokushesha, labobantu abakholelwa osukwini lokwahlulela eKorea babona nje kusa kuba olunye usuku oluvamile. Usuku lwamanqamu okwakuthiwa olokwahlulela lwalufikile futhi lwadlula, kodwa ababikezeli balo abazange baphele amandla. Yini amaKristu okumelwe ayenze? Ingabe kumelwe ayeke ukukholelwa ukuthi ukuphela kusondela ngokushesha?

2. Ubani owakhuluma kubaphostoli ngosuku lokwahlulela lwesikhathi esizayo, futhi lokhu bakuzwa ngaphansi kwaziphi izimo?

2 Ukuze sinikeze impendulo, make sikhumbule isenzakalo lapho uJesu ayexoxa nabafundi bakhe ngasese. Lapho, esifundeni saseKesariya Filipi, enyakatho-mpumalanga yoLwandle LwaseGalile, befulathele iNtaba ephakeme iHermoni, bamuzwa esho ngokuqondile ukuthi wayezobulawa. (Mathewu 16:21) Amanye amazwi asangulukisayo ayesazolandela. Ngemva kokubachazela ukuthi ukuba umfundi kusho ukuphila ukuphila kokuzidela okuqhubekayo, uJesu waxwayisa: “INdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.” (Mathewu 16:27) UJesu wakhuluma ngokuza kwesikhathi esizayo. Nokho, kulokhu, wayeyoba uMahluleli. Ngalesosikhathi yonke into yayiyoxhomeka ekutheni wayeyothola umuntu ngamunye emlandela ngokwethembeka yini noma cha. Isahlulelo sikaJesu sasiyosekelwa ekuziphatheni, kungakhathaliseki ukuthi ingakanani impahla yezwe umuntu ngamunye angase abe nayo noma angabi nayo. Abafundi bakhe kwakumelwe baligxilise ezingqondweni zabo leliqiniso. (Mathewu 16:25, 26) Ngakho-ke, uJesu Kristu ngokwakhe otshela abalandeli bakhe ukuthi babheke ukuza kwakhe okukhazimulayo, kanye nesahlulelo sakho.

3. UJesu wakubonisa kanjani ukuqiniseka kokuza kwakhe kwesikhathi esizayo?

3 Lokho uJesu akushoyo ngokulandelayo kubonisa ukuqiniseka kokuza kwakhe kwesikhathi esizayo. Ngegunya uthi: “Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa‚ baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.” (Mathewu 16:28) Lamazwi agcwaliseka ezinsukwini eziyisithupha kamuva. Umbono okhazimulayo kaJesu ephenduka esinye isimo uyabamangalisa abafundi bakhe abaseduze. Babona ubuso bukaJesu ngokoqobo bukhanya njengelanga, nezingubo zakhe zimhlophe ngokukhazimulayo. Lokhu kuphenduka esinye isimo kwakuwukubonakaliswa kusengaphambili kwenkazimulo kaKristu noMbuso wakhe. Yeka ukuqinisekiswa okuqinisayo kweziprofetho zoMbuso! Yeka isisusa esinamandla sokuba abafundi babe abahluzekile engqondweni!—2 Petru 1:16-19.

Isizathu Sokuba Kuphuthume Ukuba Sibe Abahluzekile Engqondweni

4. Kungani amaKristu kumelwe akuphaphamele ngokomoya ukuza kwakhe?

4 Esikhathini esingaphansi konyaka kamuva, sithola uJesu ehlezi eNtabeni Yeminqumo, nalapha exoxa nabafundi bakhe ngasese. Njengoba begqolozele emzini waseJerusalema, uchaza ukuthi siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakhe kwesikhathi esizayo abese exwayisa: “Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.” Abalandeli bakhe kumelwe bahlale bephapheme ngoba isikhathi sokuza kwakhe asaziwa. Kumelwe bahlale besilungele.—Mathewu 24:42.

5. Isidingo sokuqapha singafanekiswa kanjani?

5 Endleleni yokuza kwayo, iNkosi ifana nesela. Iqhubeka ithi: “Kepha anokwazi lokhu ukuthi‚ uma umninindlu ebewazi umlindo isela eliyakufika ngawo‚ ubeyakulinda‚ angavumi ukuba indlu yakhe ifohlwe.” (Mathewu 24:43) Umgqekezi akamazisi umninikhaya ukuthi uzohlasela nini; isikhali sakhe esiyinhloko ukuzuma. Ngakho-ke, umninikhaya kumelwe ahlale eqaphile. Nokho, kumKristu othembekile, ukuqapha ngokungakhathali akubangelwa ukwesaba into ethile embi ezokwenzeka. Kunalokho, kushukunyiswa ukulindela ngentshiseko ukuza kukaKristu esenkazimulweni ezongenisa ukuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kokuthula.

6. Kungani kumelwe sibe abahluzekile engqondweni?

6 Naphezu kwakho konke ukuqapha, akekho oyoke alusho kusengaphambili usuku oluqondile ayoza ngalo. UJesu uthi: “Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.” (Mathewu 24:44) Yingakho kudingeka ukuhluzeka kwengqondo. Uma umKristu ebengacabanga ukuthi uKristu ngeke eze ngosuku oluthile, mhlawumbe bekuyoba yilo kanye lolosuku eza ngalo! Yebo, esikhathini esidlule amaKristu athembekile, anezinhloso ezinhle, aye azama ngobuqotho ukubikezela ukuthi ukuphela kuyofika nini. Nokho, isixwayiso sikaJesu siye sabonakala siyiqiniso ngokuphindaphindiwe: “Kepha lolosuku nalelohora akakho owazi-lutho ngalo nazingelosi zasezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.”—Mathewu 24:36.

7. Ukuze sibe abalandeli bakaKristu, kumelwe sikuphile kanjani ukuphila kwethu?

7 Khona-ke, yini okumelwe siphethe ngayo? Ukuthi ukuze sibe abalandeli bakaKristu, kumelwe ngaso sonke isikhathi siphile ngokukholelwa ukuthi ukuphela kwalesimiso esibi kuseduze.

8. Yini ebilokhu iwuphawu olwenza amaKristu ahluke kusukela ezinsukwini zokuqala zobuKristu?

8 Isimo sengqondo esinjalo besilokhu ngaso sonke isikhathi siwuphawu olwenza amaKristu ahluke, njengoba izazi-mlando zezwe nezazi zeBhayibheli ziqaphela. Ngokwesibonelo, abahleli be-Translator’s New Testament, ngaphansi kwegama elithi “Day” ohlwini lwabo oluchaza amagama, bathi: “AmaKristu ezikhathi zeT[estamente] E[lisha] ayephila ngokulindela uSuku (okungukuthi isikhathi) lapho izwe lamanje nabo bonke ububi balo kuyopheliswa nalapho uJesu eyobuya emhlabeni ezokwahlulela sonke isintu, aqalise inkathi entsha yokuthula futhi amise ubuKhosi bakhe phezu kwawo wonke umhlaba.” I-Encyclopædia Britannica iyaphawula: “Ukwanda kobuKristu okuyingqayizivele emhlabeni wonke kuhlobene ngokuqondile nokulindela kwamaKristu isikhathi sokuphela, okuwukulindela ukubuya kukaKristu okuseduze. Ukulindela kwamaKristu isikhathi sokuphela akuzange nje kube ukulangazelela ukuza koMbuso kaNkulunkulu okungasho lutho.”

Lokho Okushiwo Ukuba Ohluzekile Engqondweni

9. Ngisho nakuba okunye kwalokho uPetru ayekulindele ngoMesiya kwakuyiphutha, kungani ayengahlala eqinisekile?

9 Umphostoli uPetru, eminyakeni engaba ngu-30 ngemva kwalezo zingxoxo zangasese uJesu aba nazo nabafundi bakhe abaseduze kakhulu, akazange akhathale ukulindela ukufika kokuphela. Ngisho nakuba lokho yena nabafundi ayekanye nabo ababekulindele ngoMesiya ekuqaleni kwakuyiphutha, wahlala eqiniseka ukuthi uthando namandla kaJehova kwakuqinisekisa ukufezeka kwethemba labo. (Luka 19:11; 24:21; IzEnzo 1:6; 2 Petru 3:9, 10) Uveza iphuzu elizwakala kaningi kuyo yonke imiBhalo yesiGreki lapho ethi: “Ukuphela kwezinto zonke sekusondele.” Khona-ke unxusa amaKristu akanye nawo: “Ngakho yibani abahluzekile engqondweni, futhi nibe abaqaphile, ukuze nikhuleke.”—1 Petru 4:7NW.

10. (a) Kusho ukuthini ukuba ohluzekile engqondweni? (b) Yini ehilelekile ekuboneni izinto ngendlela ezihlobana ngayo ngokufanelekile nentando kaNkulunkulu?

10 Ukuba ‘ohluzekile engqondweni’ akusho ukuba ohlakaniphile ngokombono wezwe. UJehova uthi: “Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize.” (1 Korinte 1:19) Igama uPetru alisebenzisayo lingasho “ukuba nengqondo esangulukile.” Lokhu kusanguluka okungokomoya kuhlobene nokukhulekela kwethu. Ngakho-ke, njengoba sisangulukile engqondweni, sibona izinto ngendlela ezihlobana ngayo ngokufanelekile nentando kaJehova; siyaqonda ukuthi yiziphi izinto ezibalulekile futhi yiziphi ezingabalulekile. (Mathewu 6:33, 34) Ngisho nakuba ukuphela kuseduze, asikhukhulelwa endleleni yokuphila yokuphamazela; futhi asibona abangenandaba nenkathi yesikhathi esiphila kuyo. (Qhathanisa noMathewu 24:37-39.) Kunalokho, sibuswa ukulinganisela ekucabangeni, ukuthambekela, nokuziphatha, esikubonisa kuNkulunkulu kuqala (‘ngokuqapha ukuze sikhuleke’) bese kuba kumakhelwane wethu (‘ngokuba nokuthandana okunganqamukiyo’).—1 Petru 4:7, 8.

11. (a) Kusho ukuthini ‘ukwenziwa basha emandleni ashukumisa ingqondo yethu’? (b) Amandla engqondo amasha asisiza kanjani ukuba senze izinqumo ezinhle?

11 Ukuba abahluzekile engqondweni kuhilela ukuba ‘senziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yethu.’ (Efesu 4:23, NW) Kungani kumelwe senziwe basha? Njengoba siye sazuza ukungapheleli njengefa futhi siphila ezimweni nasemphakathini onesono, izingqondo zethu zibuswa ukuthambekela okumelene nengokomoya. Lawomandla ngaso sonke isikhathi asunduzela imicabango nokuthambekela endleleni yokuthanda izinto ezibonakalayo, neyobugovu. Ngakho, lapho umuntu eba umKristu, udinga amandla amasha, noma isimo sengqondo esibusayo, esiyosunduzela imicabango yakhe endleleni eqondile, indlela engokomoya, eya ekukulungeleni ukuzidela. Ngakho, lapho kudingeka enze ukukhetha, ngokwesibonelo, emfundweni, umsebenzi ayowufundela, umsebenzi wokuziphilisa, ukuzijabulisa, ukuzilibazisa, indlela yokugqoka, noma yini enye, ukuthambekela kwakhe kokuqala kuyoba ukucabangela indaba ngombono ongokomoya kunokuyicabangela ngombono ongokwenyama, wobugovu. Lesisimo sengqondo esisha senza kube lula ukunquma izindaba ngokuhluzeka kwengqondo nangokuqaphela ukuthi ukuphela kuseduze.

12. Singahlala kanjani ‘siphilile ekukholweni’?

12 Ukuba abahluzekile engqondweni kusho ukuthi sinempilo enhle engokomoya. Singahlala kanjani ‘siphilile ekukholweni’? (Thithu 2:2) Kumelwe sondle izingqondo zethu ngohlobo lokudla olufanelekile. (Jeremiya 3:15, qhathanisa ne-NW.) Ukudla kwasikhathi sonke kweZwi likaNkulunkulu leqiniso okusekelwa ukusebenza komoya wakhe ongcwele kuyosisiza ukuba silondoloze ukulinganisela kwethu okungokomoya. Ngakho-ke, isifundo somuntu siqu sasikhathi sonke, kanye nenkonzo yasensimini, umthandazo, nokuhlangana kobuKristu, kubalulekile.

Indlela Ukuhluzeka Kwengqondo Okusivikela Ngayo

13. Ukuhluzeka kwengqondo kusivikela kanjani ekwenzeni amaphutha awubuwula?

13 Ukuhluzeka kwengqondo kungasivikela ekwenzeni iphutha eliwubuwula elingasilahlekisela ngokuphila kwethu okuphakade. Lokhu kungenzeka kanjani? Umphostoli uPawulu ukhuluma ‘ngomthetho wengqondo.’ Kumuntu ophilile okholweni, lowomthetho wengqondo ubuswa okuthile akujabulelayo, okungukuthi “umthetho kaNkulunkulu.” Yiqiniso, “umthetho wesono” ulwisana nomthetho wengqondo. Nokho, ngosizo lukaJehova umKristu anganqoba.—Roma 7:21-25.

14, 15. (a) Yimaphi amathonya amabili alwela ukulawula ingqondo? (b) Singayinqoba kanjani impi yengqondo?

14 UPawulu uyaqhubeka enza umehluko ophawulekayo phakathi kwengqondo ebuswa inyama enesono, egxile ekuphileni kokuzitika, nengqondo ebuswa umoya kaNkulunkulu, egxile ekuphileni kokuzidela enkonzweni eya kuJehova. KwabaseRoma 8:5-7 uPawulu uyabhala: “Abokwenyama banaka okwenyama‚ kepha abakaMoya banaka okukaMoya. Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa‚ kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula. Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu; ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu‚ yebo‚ futhi kungekwenze.”

15 Evesini 11, uPawulu ube esechaza indlela ingqondo ebambisana nomoya ongcwele enqoba ngayo impi: “Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini‚ yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.”

16. Ukuhluzeka kwengqondo kusivikela kukuphi ukuyengwa?

16 Ngakho-ke, ngokuba abahluzekile engqondweni, ngeke siyengwe ukuyenga kwalelizwe okuhlale kukhona yonke indawo, okubonakala ngokuzitika okungalinganiseli kuzo zonke izinhlobo zezinjabulo, izinto ezibonakalayo, nokuziphatha okubi kobulili. Izingqondo zethu ezihluzekile ziyositshela ukuba ‘sibalekele ubufebe’ futhi sigweme imiphumela yabo eyinhlekelele. (1 Korinte 6:18) Isimo sethu sengqondo esihluzekile siyosishukumisela ukuba sibeke izithakazelo zoMbuso kuqala futhi siyolinda ukucabanga kwethu lapho silingwa ngokunikwa imisebenzi yokuziphilisa engase yenze ubuhlobo bethu noJehova bube buthakathaka.

17. Udade othile oyiphayona wakubonisa kanjani ukuhluzeka kwengqondo lapho ebhekene nezibopho ezingokwezimali?

17 Ngokwesibonelo, ezweni elishisayo laseNingizimu-mpumalanga Asia, kunodade osemusha owagcina izithakazelo zoMbuso ziza kuqala engqondweni yakhe. Wayehlakulele uthando ngenkonzo yesikhathi esigcwele. Kulelozwe imisibenzi eminingi idinga izinsuku eziyisithupha noma eziyisikhombisa zomsebenzi wesikhathi esigcwele. Ngemva kokuthweswa iziqu eyunivesithi, uyise, owayengeyena omunye woFakazi BakaJehova, wayelindele ukuba azuzele umkhaya imali eningi. Kodwa njengoba lodade ayenesifiso esinamandla sokuphayona, wathola umsebenzi wengxenye yosuku futhi waqalisa inkonzo yamaphayona. Lokhu kwamthukuthelisa uyise, owasongela ngokulahlela izimpahla zakhe emgwaqweni. Ngenxa yokugembula, wayenezikweleti ezinkulu, futhi wayelindele ukuba indodakazi yakhe imkhokhele lezikweleti zakhe. Umfowabo walodade omncane wayefunda eyunivesithi, futhi ngenxa yezikweleti, yayingekho imali yokukhokhela izifundo zakhe. Lomfowabo wathembisa ukuthi uma udadewabo emsiza, wayeyowunakekela umkhaya lapho ethola umsebenzi. Inhliziyo yakhe yahlukana phakathi ngenxa yothando lwakhe ngomfowabo nothando lwakhe ngenkonzo yamaphayona. Ngemva kokucabangela lendaba ngokucophelela, wanquma ukuqhubeka nobuphayona abese efuna umsebenzi ohlukile. Lapho imithandazo yakhe iphendulwa, wathola umsebenzi omuhle lapho akwazi ukusiza hhayi nje kuphela umkhaya wakubo nomfowabo ngokwezimali kodwa futhi nokuqhubeka nentandokazi yakhe yokuqala, inkonzo yamaphayona.

Funa Usizo LukaJehova Ekulondolozeni Ukuhluzeka Kwengqondo

18. (a) Kungani abanye abantu bengase bazizwe bekhubeka? (b) Yimiphi imibhalo engaduduza labo abakhubekile?

18 Abanye abalandeli bakaKristu kungenzeka bakuthola kunzima ukulondoloza ukuhluzeka kwabo kwengqondo. Ukubekezela kwabo kungenzeka kuyancipha ngoba lesimiso sezinto esibi samanje sithatha isikhathi eside kunokuba bebelindele. Bangase bazizwe bekhubeka ngakho. Nokho, ukuphela kuyofika. UJehova uthembisa lokho. (Thithu 1:2) Futhi kuyoba njalo nangePharadesi lakhe lasemhlabeni elithenjisiwe. UJehova uyakuqinisekisa lokhu. (IsAmbulo 21:1-5) Lapho izwe elisha lifika, kuyoba ‘nomuthi wokuphila’ wabo bonke labo abaye balondoloza ukuhluzeka kwabo kwengqondo.—IzAga 13:12.

19. Kungalondolozwa kanjani ukuhluzeka kwengqondo?

19 Singakulondoloza kanjani ukuhluzeka kwengqondo? Funa usizo lukaJehova. (IHubo 54:4) Hlala useduze naye. Yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi uJehova ufuna ukuba seduze nathi! “Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina,” kubhala umfundi uJakobe. (Jakobe 4:8) UPawulu uthi: “Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani. Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze. Ningakhathazeki ngalutho‚ kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.” (Filipi 4:4-7) Futhi lapho imithwalo yalesimiso sezinto esifayo ibonakala imikhulu kakhulu ukuba ungaqhubeka uyithwala, yiphonse kuJehova, futhi yena ngokwakhe uyokusekela.—IHubo 55:22.

20. Ngokweyoku-1 Thimothewu 4:10, iyiphi inkambo okumelwe siqhubeke sihamba ngayo?

20 Yebo, ukuphela kuseduze ngempela, ngakho yibani abahluzekile engqondweni! Lokhu kwakuyiseluleko esihle eminyakeni engu-1 900 edlule; kuyiseluleko esibalulekile nanamuhla. Masiqhubeke sisebenzisa amakhono ethu engqondo ehluzekile ukuze sidumise uJehova njengoba eqhubeka esiqondisa ngokuphephile ukuba singene ezweni lakhe elisha.—1 Thimothewu 4:10.

Ubungaphendula Kanjani?

□ Kuyini ukuhluzeka kwengqondo?

□ Kungani kuphuthuma kangaka ukuba sibe abahluzekile engqondweni?

□ Singenziwa kanjani sibe basha emandleni ashukumisa ingqondo yethu?

□ Iyiphi impi ehlale ikhona okumelwe silwisane nayo ezingqondweni zethu?

□ Sikulondoloza kanjani ukuhluzeka kwengqondo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

Ukusondela kuNkulunkulu ngomthandazo kusisiza ukuba silondoloze ukuhluzeka kwengqondo

[Isithombe ekhasini 17]

Uma sihluzekile engqondweni, ngeke siyengwe ukuyenga kwalelizwe