Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini Edingekayo Ukuze Ujabule?

Yini Edingekayo Ukuze Ujabule?

Yini Edingekayo Ukuze Ujabule?

ABAHOLI bezombangazwe abakhethwa abantu bazama kanzima ukuba benze abantu abanjalo bajabule. Kakade, imisebenzi yabo ixhomeke kukho. Kodwa umagazini wezindaba ukhuluma “ngabavoti abaneso elibukhali nabahlukanisiwe” ePoland. Umlobi wephephandaba uchaza ukuthi i-United States iwumphakathi “ogcwele ukungazethembi ezombangazwe ezihleliwe.” Omunye umlobi usitshela “ngokuncipha okwandayo kwesithakazelo kwezombangazwe eFrance.” Ukuncipha kwesithakazelo okunjalo nokunganeliseki okusakazekile—okungapheleli kulamazwe amathathu—kubonisa ukuthi izazi zezombangazwe ziyahluleka emizamweni yazo yokwenza abantu bajabule.

Abaholi benkolo nabo bathembisa injabulo, uma kungekhona kulokhu kuphila, okungenani ekuphileni kwesikhathi esizayo. Basekela lokhu emcabangweni wokuthi abantu banomphefumulo ongafi noma odlulela kokunye ukuphila, okuwumqondo abantu abaningi abawunqabayo ngenxa yezizathu ezihlukahlukene, nalowo iBhayibheli eliwuphika ngokusobala. Amasonto agonqozayo nezinhlu ezinciphayo zamalungu kubonisa ukuthi izigidi azisayibheki inkolo njengebalulekile ekutholeni injabulo.—Qhathanisa noGenesise 2:7, 17; Hezekeli 18:4, 20.

Abathandi Besiliva Abanganeliswa

Uma ingenakutholakala kwezombangazwe noma enkolweni, ingatholakalaphi injabulo? Ingabe mhlawumbe ingatholakala kwezezentengiselwano? Nazo zizisholo ukuthi ziyakwazi ukunikeza injabulo. Zizenza zivelele ngezokukhangisa, zisho ngokucacile ukuthi: Injabulo itholakala ngokuba nazo zonke izinto ezibonakalayo nezinkonzo imali engazithenga.

Inani labantu abafuna injabulo ngalendlela libonakala landa. Eminyakeni embalwa edlule kuye kwabikwa ukuthi amaphesenti angu-50 emikhaya yaseJalimane ayesezikweletini ezinkulu. Khona-ke, akumangalisi ukuthi iphephandaba laseJalimane elihlonishwayo i-Die Zeit labikezela ukuthi “eminingi [yalemikhaya] ngeke iphume kulezikweleti.” Lachaza: “Kulula kakhulu ukukhipha imali engaphezu kwaleyo onayo ebhange—futhi kunzima kakhulu ukuphuma kunoxhaka wezikweleti.”

Isimo singesifanayo nakwezinye izizwe eziphucuke kakhulu. Eminyakeni embalwa edlule, uDavid Caplovitz, isazi sezokuhlalisana kwabantu saseCity University of New York, walinganisela ukuthi e-United States, imikhaya ephakathi kwezigidi ezingu-20 nezigidi ezingu-25 yayinezikweleti ezinkulu. “Abantu bangene shí ezikweletini,” esho, “futhi zonakalisa ukuphila kwabo.”

Lokho akuzwakali nakancane kuyinjabulo! Kodwa ingabe kufanele silindele ukuba izwe lezentengiselwano likwazi ukufeza lokho (ezombangazwe nenkolo) ngokusobala okungenakukufeza? INkosi ecebile uSolomoni yake yabhala: “Othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo; nalokho kuyize.”—UmShumayeli 5:10.

Ukufuna injabulo ezintweni ezibonakalayo kufana nokufuna ukubamba utalagu. Ungase ugijime ujahe ukuyolubamba, kodwa ngeke ulufice.

Injabulo Iyatholakala Kodwa Kanjani?

Umphostoli uPawulu ubiza uJehova ngokuthi “uNkulunkulu ojabulayo.” (1 Thimothewu 1:11, NW) Ngokudala abantu ngomfanekiso wakhe siqu, loNkulunkulu ojabulayo wabanikeza futhi namandla okukwazi ukujabula. (Genesise 1:26) Kodwa injabulo yabo kwakuyomelwe ixhomeke ekukhonzeni kwabo uNkulunkulu, njengoba umhubi abonisa: “Bayajabula abantu abaNkulunkulu wabo nguJehova!” (IHubo 144:15b, NW) Lokho okuhlanganisa inkonzo yethu kuNkulunkulu nendlela ukumkhonza kwethu okuholela ngayo enjabulweni yeqiniso kungaqondwa kangcono uma sicabangela ezimbalwa zezindawo ezingu-110 kuyi-New World Translation lapho amagama athi “jabula” nelithi “injabulo” evela khona.

Ukuqaphela Izidingo Ezingokomoya

UJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, wathi eNtshumayelweni yakhe edumile yaseNtabeni: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3, NW) Izwe lezentengiselwano lizama ukusidukisela ekucabangeni ukuthi ukuthenga izinto zokunethezeka kwanele ukuze sithole injabulo. Lisitshela ukuthi: Injabulo iwukuba ne-computer ekhaya, ikhamera ye-video, ucingo, imoto, izinto zokudlala ezisemfashinini, nezingubo ezisemfashinini. Lokho elingasitsheli khona ukuthi amashumi ezigidi zabantu emhlabeni awanazo lezizinto kodwa akukhona ngempela ukuthi awajabulile. Nakuba mhlawumbe zenza ukuphila kunethezeke futhi kube lula ngokwengeziwe, lezizinto azibalulekile ekutholeni injabulo.

Njengoba kwenza uPawulu, labo abaqaphela isidingo sabo esingokomoya kudingeka bathi: “Kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.” (1 Thimothewu 6:8) Ngani? Ngoba ukwanelisa izidingo ezingokomoya yikho okuholela ekuphileni okuphakade.—Johane 17:3.

Ingabe kukhona okungalungile ngokujabulela izinto ezinhle uma sinayo imali yokuzithenga? Mhlawumbe akukho. Nakuba kunjalo, kuqinisa ingokomoya lethu ukufunda ukungabi abenza noma yini efika engqondweni noma ukuthenga okuthile ngoba nje singase sikwazi ukukuthenga. Ngaleyondlela sifunda ukwaneliseka futhi silondoloza injabulo, njengoba kwenza uJesu, ngisho nakuba isimo sakhe sezomnotho sasingesona esingcono kakhulu ngokwezindinganiso zezwe. (Mathewu 8:20) Futhi uPawulu wayengazwakalisi ukungajabuli lapho ebhala: “Mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani. Ngiyakwazi ukuba-phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.”—Filipi 4:11, 12.

Ukuthembela KuJehova

Ukuqaphela komuntu isidingo sakhe esingokomoya kubonisa ukuzimisela ukuthembela kuNkulunkulu. Lokhu kuletha injabulo, njengoba iNkosi uSolomoni yachaza: “Uyajabula othembela kuJehova.”—IzAga 16:20NW.

Nokho, akulona yini iqiniso ukuthi abantu abaningi bathembela kakhulu emalini yabo nasezintweni abanazo ngaphezu kokuthembela kuNkulunkulu? Uma kubhekwa ngokwalombono, ayikho indawo ebingaba engafanelekile yokuveza isiqubulo esithi “Sithembela KuNkulunkulu” kunasemalini, nakuba lawomazwi evela emalini yase-U.S.

INkosi uSolomoni, eyayingantuli lutho lwezinto ezinhle imali engazithenga, yaqaphela ukuthi ukuthembela ezintweni ezibonakalayo akuholeli enjabulweni ehlala njalo. (UmShumayeli 5:12-15) Imali esebhange ingalahleka ngokuwa kwebhange ngokwezimali noma ngokwehla kwamandla emali. Izindawo Nezindlu zingase zibhujiswe yiziphepho ezinamandla. Nakuba imishwalense ikukhokhela ukulahlekelwa ngokwezinto ezibonakalayo ngezinga elincane, ngeke ikwazi ukukhokhela ukulahlekelwa okungokomzwelo. Izimpahla nezimali ezibanjisiwe zingase zibe yize ngokuphazima kweso lapho imakethe ehwebelana namazwe angaphandle iwa. Ngisho nomsebenzi oholela kahle ungase—ngezizathu eziningi—ube owesikhashana.

Ngenxa yalezizathu lowo othembela kuJehova uyakubona ukuhlakanipha kokulalela isixwayiso sikaJesu: “Ningazibekeli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe.”—Mathewu 6:19, 20.

Yimuphi umuzwa wokulondeka nenjabulo ongaba khona kunokwazi ukuthi umuntu uye wabeka ithemba lakhe kuNkulunkulu uMninimandla onke, onakekelayo ngaso sonke isikhathi?—IHubo 94:14; Heberu 13:5, 6.

Ukwamukela Ukusolwa Kwaphezulu

Iseluleko, ngisho nokusolwa, kuyamukelwa lapho kunikezwa ngomoya wothando umngane weqiniso. Umngane wokuzisholo wenceku kaNkulunkulu uJobe ezenza olungile wake wamtshela: “Uyajabula umuntu uNkulunkulu amsolayo.” Nakuba lenkulumo iyiqiniso, lokho u-Elifazi ayekuqondile ngalamazwi—ukuthi uJobe wayenecala lokwenza ububi obungathi sína—kwakungelona iqiniso. Yeka ‘umduduzi omubi’! Nokho, lapho uJehova kamuva eyala uJobe ngothando, uJobe wakwamukela ngokuzithoba lokhu kusolwa futhi wazifaka endleleni yenjabulo enkulu.—Jobe 5:17, NW; 16:2; 42:6, 10-17.

Namuhla, uNkulunkulu akakhulumi nezinceku zakhe ngokuqondile njengoba enza kuJobe. Kunalokho, uzisola ngeZwi lakhe nangenhlangano yakhe eqondiswa umoya. Nokho, amaKristu aphishekela izithakazelo zezinto ezibonakalayo, ngokuvamile awanaso isikhathi, amandla, nokuthambekela kokutadisha iBhayibheli njalo nokuba khona kuyo yonke imihlangano inhlangano kaJehova eyilungiselelayo.

Ngokuvumelana nezAga 3:11-18, umuntu uNkulunkulu amsolayo, uyakuqaphela ukuhlakanipha kokwamukela ukusolwa okunjalo: “[Uyajabula, NW] umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo, ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide. Kuyigugu kunamarubi, nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho. Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene, nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo. Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi; yonke imikhondo yakho ingukuthula. Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho [bayajabula, NW].”

Ukuba Msulwa Nokuthanda Ukuthula

UJesu wachaza abantu abajabulayo ‘njengabamsulwa enhliziyweni’ ‘nabanokuthula.’ (Mathewu 5:8, 9, qhathanisa ne-NW.) Kodwa ezweni elikhuthaza indlela yokuphila yokuthanda izinto ezibonakalayo, yeka indlela okulula ngayo ukuba izifiso zobugovu, mhlawumbe ngisho nezingahlanzekile, zisunguleke ezinhliziyweni zethu! Uma singaqondiswa ukuhlakanipha kwaphezulu, yeka indlela okungaba lula ngayo ngathi ukuba sidukiselwe ngisho nasekufuneni ukuma kahle ngokwezimali ngezindlela ezingabazisayo ezingaqeda ubuhlobo obunokuthula nabanye! Ngesizathu esihle, iBhayibheli liyaxwayisa: “Ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.”—1 Thimothewu 6:10.

Uthando lwemali luthuthukisa umbono wokuzazisa obangela ukunganeliseki, ukungabongi, nobugovu. Ukuze avimbele ukwakheka komoya onjalo ongalungile, amanye amaKristu ngaphambi kokwenza izinqumo ezinkulu ezingokwezimali azibuza imibuzo enjengokuthi: Ingabe ngiyayidinga ngempela? Ingabe lento ebizayo, noma lomsebenzi oholela imali eningi, odla isikhathi ngiwudinga ngaphezu kwezigidi zabanye abantu okumelwe baphile ngaphandle kwawo? Ingabe mhlawumbe ngingayisebenzisa kangcono imali yami noma isikhathi sami ekwandiseni ingxenye yami ekukhulekeleni kweqiniso, ngokusekela umsebenzi womhlaba wonke wokushumayela, noma ekusizeni abantu abampofu kunani?

Ukubonisa Ukukhuthazela

Olunye lovivinyo uJobe aphoqeleleka ukuba alukhuthazelele kwakuwukuphucwa umnotho. (Jobe 1:14-17) Njengoba isibonelo sakhe sibonisa, ukukhuthazela kudingeka kuzo zonke izici zokuphila. Amanye amaKristu kumelwe akhuthazelele ushushiso; amanye, isilingo; kanti amanye, izimo zomnotho ezintengantengayo. Kodwa ukukhuthazela kwazo zonke izinhlobo uJehova uyokuvuza, njengoba umfundi ongumKristu uJakobe abhala ebhekisela kuJobe: “[Bayajabula, NW] abakhuthazelayo.”—Jakobe 5:11.

Ukudebeselela izithakazelo ezingokomoya ukuze senze ngcono isimo sethu sezomnotho kungaletha inkululeko yesikhashana yezomnotho, kodwa ingabe kuyosiza ekugcineni umbono wethu wenkululeko yezomnotho yaphakade ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu ukhanya? Ingabe kuyingozi okufanele sizifake kuyo?—2 Korinte 4:18.

Ukuthola Injabulo Manje Naphakade

Ngokusobala abanye abantu bayawuphikisa umbono kaJehova ngalokho okudingekayo ukuze abantu bajabule. Bengazinaki izinzuzo ezibaluleke kakhulu zesikhathi eside, ababoni nzuzo esheshayo yomuntu siqu ekwenzeni lokho uNkulunkulu asiyala ngakho. Bayahluleka ukuqaphela ukuthi ukuthembela ezintweni ezibonakalayo kuyize futhi kuholela ekukhungathekeni. Umlobi weBhayibheli ubuza ngokufanelekile: “Lapho okuhle kwanda, nabakudlayo bayanda; kulusizo luni kumninikho ngaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na?” (UmShumayeli 5:11; bheka futhi nomShumayeli 2:4-11; 7:12.) Yeka indlela okushesha ngayo ukuba isithakazelo siphele futhi izinto ebesicabanga ukuthi kwakumelwe sibe nazo zigcine sezibekwe kude futhi sizikhohlwe!

UmKristu weqiniso ngeke avumele ukucindezela kokuba ‘angadlulwa’ ezintweni ezibonakalayo. Uyazi ukuthi ingcebo yeqiniso ayinqunywa ngalokho umuntu anakho, kodwa ngalokho umuntu ayikho. Akangabazi engqondweni yakhe ukuthi yini edingekayo ukuze umuntu ajabule—ajabule ngempela: ajabulele ubuhlobo obuhle noJehova futhi ezigcina ematasa enkonzweni yaKhe.

[Isithombe ekhasini 20]

Izinto ezibonakalayo zizodwa ngeke ziyilethe injabulo ehlala njalo

[Isithombe ekhasini 22]

IBhayibheli lithi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya”