Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Njengoba amaKristu engabheji ngemali, ingabe angawamukela amathikithi noma ahlanganyele ekutomuleni angawina kukho imiklomelo?

Lona umbuzo osuphakanyiswe izikhathi eziningana, ngakho kakade usuye wakhulunyelwa ezincwadini zethu. Kwezinye izilimi, siye senza ama-index ezincwadi zethu, njenge-Watch Tower Publications Index 1930-1985 (nenye efanayo ehlanganisa u-1986-1990). Uma umKristu enawo lama-index ngolimi lwakhe, angaba usizo kakhulu ekutholeni izimpendulo ezanelisayo ngokushesha.

Umbuzo obuzwe ngenhla uyisibonelo. Uma ubheka i-Index ka-1930-1985 ngaphansi kwesihloko esithi “Questions From Readers,” uthola isihlokwana esithi “‘drawings,’ may Christian accept ticket for?” Umfundi ukhonjwa engxenyeni ethi “Questions From Readers” ku-Watchtower ka-February 15, 1973, ekhasini 127 * (eyesiZulu eka-August 15, 1973, ikhasi 383). OFakazi abaningi banemiqulu (noma omagazini ngabanye) ye-Watchtower ka-1973, noma ingatholakala emitatsheni yezincwadi yamaHholo OMbuso amaningi.

Ingxoxo eyakhishwa ngo-1973 yabonisa ukuthi amaKristu agwema ngokufanelekile noma yimiphi imincintiswano enemiklomelo emikhulukazi noma ukutomula okuhilela ukuthenga amathuba (njengokuthenga amathikithi angakwenza ube senhlanhleni yokuwina) noma ukusebenzisa imali ukuze uthenge ithuba lokuwina umklomelo othile. Ngokusobala, siyakugwema ukugembula, eqinisweni okuyisibonakaliso sokuhaha.—1 Korinte 5:11; 6:10; Efesu 4:19; 5:3, 5NW.

Nokho, isitolo noma ibhizinisi elithile kungase kusebenzise ukutomula njengendlela yokukhangisa. Umuntu kudingeka nje alethe igama lakhe kuphela noma athumele ifomu noma ithikithi, ngaphandle kokuthenga okuthile. Ukutomula kuyingxenye yesimiso sokukhangisa; kuklanyelwe ukuba kube indlela engakhethi yokunquma ukuthi ubani ozonikezwa umklomelo noma imiklomelo. AmaKristu athile angaba nomuzwa wokuthi angawamukela umklomelo ekutomuleni okungazange kuhilele ukugembula, njengoba nje ebengawamukela amasampula amahhala noma ezinye izipho obekungase kusetshenziswe ibhizinisi noma isitolo ohlelweni lwaso lokukhangisa.

Nokho, amanye amaKristu abeyogwema noma yini yaloluhlobo, engafuni ukukhuba noma ukudida abanye futhi efuna ukuzigcina ekude kunoma yikuphi ukuyengelwa ekwethembeni lokho okubizwa ngokuthi iNkosazane Yenhlanhla. Njengoba u-Isaya 65:11 (NW) ebonisa, izinceku zikaNkulunkulu azizihlanganisi ‘nonkulunkulu weNhlanhla’ noma “unkulunkulu wokuDalelwa.” Futhi zingase zibe nomuzwa wokuthi ngeke zifune ukuba ingxenye yombukwane leyo abawinile okungadingeka bahlanganyele kuyo. Labo abazizwa ngalendlela ngokuqinisekile akufanele bagxeke umKristu noma amaKristu avunyelwa unembeza wawo ukuhileleka ekutomuleni okunjalo.—Qhathanisa neyabaseRoma 14:1-4.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 4 Indaba efanayo inezikhombo ngaphansi kwezihloko ezithi “Advertising,” “Business,” nesithi “Gambling,” ngakho ukuba nokwaziswa okuhlukahlukene kwe-Index kusiza umuntu ekutholeni ukwaziswa akufunayo.