Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indalo Ithi, ‘Abanakuzilandulela’

Indalo Ithi, ‘Abanakuzilandulela’

Indalo Ithi, ‘Abanakuzilandulela’

“Okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi-nakuzilandulela.”—ROMA 1:20.

1, 2. (a) Yikuphi ukukhononda okudabukisayo uJobe akwenza kuJehova? (b) Yikuphi ukuhoxa uJobe akwenza kamuva?

UJOBE, umuntu wezikhathi zasendulo owayenobuqotho obungenakwephulwa kuJehova uNkulunkulu, wayevivinywe kanzima uSathane. UDeveli wayenze ukuba uJobe alahlekelwe yizo zonke izinto zakhe ezibonakalayo, wayebangele ukufa kwamadodana namadodakazi akhe, futhi wayemshaye ngesifo esinyanyekayo. UJobe wacabanga ukuthi uNkulunkulu owayeletha lezizinhlupho kuye, futhi wakhononda kalusizi kuJehova: “Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, . . . lokhu ufuna ukona kimi, ufunisisa isono sami, noma ukwazi ukuthi angimubi.”—Jobe 1:12-19; 2:5-8; 10:3, 6, 7.

2 Esikhathini esithile ngemva kwalokhu, amazwi uJobe awasho kuNkulunkulu abonisa ukuphenduka okuphelele: “Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga, izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi. Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe, kepha manje iso lami liyakubona. Ngalokho ngiyazinenga, ngizisole othulini nasemlotheni.” (Jobe 42:3, 5, 6) Yini eyayenzekile eyenza ukuba uJobe ashintshe isimo sakhe sengqondo?

3. Yimuphi umbono omusha uJobe awuthola ngokuphathelene nendalo?

3 Okwesikhashana, uJehova wayebhekane noJobe esivunguvungwini. (Jobe 38:1) Wayebuzé uJobe imibuzo. ‘Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na? Ngubani owavalela ulwandle ngezicabha, wabeka imingcele lapho amaza engagcina khona? Ungawenza amafu anise imvula emhlabeni? Ungaluhlumisa uhlaza? Ungazibopha izinkanyezi uziqondise endleleni yazo?’ Ezahlukweni 38 kuya ku-41 zencwadi kaJobe, uJehova wabuza uJobe imibuzo eminingi efana nalena neminye eminingi ephathelene nendalo yaKhe. Wenza ukuba uJobe abone igebe elikhulu phakathi kukaNkulunkulu nomuntu, ekhumbuza uJobe ngokunamandla ngokuhlakanipha namandla abonakaliswa endalweni kaNkulunkulu, izinto ezingaphezulu kakhulu kwamandla kaJobe ukuba azenze ngisho nokuba aziqonde. UJobe, emangazwé amandla asabekayo nokuhlakanipha okumangalisayo kukaNkulunkulu umninimandla onke njengoba kumbulwe endalweni yaKhe, wafikelwa ukwesaba lapho ecabanga ukuthi wayebé nesibindi sokuphikisana noJehova. Ngakho wathi: “Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe, kepha manje iso lami liyakubona.”—Jobe 42:5.

4. Yini okufanele siyibone endalweni kaJehova, futhi siyini isimo ngalabo abahlulekayo ukuyibona?

4 Emakhulwini amaningi eminyaka kamuva umlobi weBhayibheli ophefumlelwe waqinisekisa ukuthi izimfanelo zikaJehova zingabonakala endalweni yakhe. Umphostoli uPawulu wabhala kweyabaseRoma 1:19, 20: “Lokho okwazekayo ngoNkulunkulu kusobala phakathi kwabo; ngokuba uNkulunkulu ukubonakalisile kubo. Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi-nakuzilandulela.”

5. (a) Isiphi isidingo abantu abazalwa naso, futhi abanye baye basanelisa kanjani ngokungafanele? (b) UPawulu wasikiselani kumaGreki ase-Athene?

5 Umuntu wadalwa enesidingo azalwa naso sokukhulekela amandla aphakeme. UDkt. C. G. Jung, encwadini yakhe ethi The Undiscovered Self, wabhekisela kulesidingo “njengesimo sengqondo esingokomzwelo, esikumuntu kuphela, futhi indlela esizibonakalisa ngayo ingalandelelwa kuwo wonke umlando wesintu.” Umphostoli uPawulu wakhuluma ngesifiso umuntu azalwa naso sokukhulekela, okuchaza ukuthi kungani amaGreki ase-Athene ayenza izithombe ezibaziweyo nama-altare onkulunkulu abaningi, abaziwayo nabangaziwa. UPawulu futhi wabazisa uNkulunkulu weqiniso wabonisa ukuthi kufanele basanelise ngendlela efanele lesifiso esingaphakathi ngokufuna uJehova uNkulunkulu weqiniso, ‘ingabe bangamuzwa, bamfumane; ingani kakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:22-30) Ngendlela esisondela ngayo endalweni yakhe, sisondela ngendlela efanayo nasekuqondeni izimfanelo zakhe.

Umjikelezo Wamanzi Omangalisayo

6. Yiziphi izimfanelo zikaJehova esizibona emjikelezweni wamanzi?

6 Ngokwesibonelo, iziphi izimfanelo zikaJehova esizibonayo ekhonweni lamafu alula lokubamba amanzi amaningi? Sibona uthando lwakhe nokuhlakanipha, ngoba ngaleyondlela usinikeza izihlambi zemvula kube isibusiso emhlabeni. Lokhu ukwenza ngesimiso esimangalisayo esihilelekile emjikelezweni wamanzi, okukhulunywa ngaso kumShumayeli 1:7: “Yonke imifula iyangena elwandle, kepha ulwandle alugcwali; endaweni eya kuyo imifula, ibuye iye khona njalo.” Incwadi yeBhayibheli kaJobe iyichaza ngokuqondile indlela lokhu okwenzeka ngayo.

7. Amanzi asuka kanjani olwandle aye emafwini, futhi amafu alula angawabamba kanjani amanzi amaningi?

7 Lapho imifula igelezela olwandle, ayihlali lapho. UJehova “wenyusa amathonsi amanzi, abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe.” Ngenxa yokuthi amanzi asesimweni somhwamuko futhi ekugcineni aba inkungu, “amafu alengela phezulu, umsebenzi oyisimangaliso wekhono lakhe eliphelele.” (Jobe 36:27; 37:16; The New English Bible) Amafu ayantanta uma nje esalokhu eyinkungu: “Ubopha amanzi emafwini akhe—izinkungu azidabuki ngenxa yesisindo sawo.” Noma njengoba enye inguqulo ikubeka: “Uvalela amanzi emafwini aminyene, namafu awaqhumi avuleke ngenxa yesisindo sawo.”—Jobe 26:8, The Jerusalem Bible; NE.

8. “Izimvaba zasezulwini” zithululwa ngaziphi izinyathelo ezihlukene bese kuphelela umjikelezo wamanzi?

8 ‘Lezimvaba zasezulwini—ngubani ongazithulula’ ukuze anise imvula emhlabeni? (Jobe 38:37) Yilowo “okhono lakhe eliphelele” lazibeka lapho ekuqaleni, ‘othulula imvula enkungwini yakhe.’ Yini edingekile ukuze kuthululwe amaconsi emvula enkungwini? Kumelwe kube khona izinto eziqinile ezincanyana, njengezinhlayiyana zothuli noma usawoti—ezisukela ezinkulungwaneni kuya emakhulwini ezinkulungwane ku-cubic sentimitha ngayinye yomoya—ezisebenza njengama-nucleus ukuze kwakheke amaconsi kuwo. Kulinganiselwa ukuthi kudingeka izigidi zamaconsi amancane amafu ukuze zenze iconsi lemvula elisesilinganisweni esivamile. Kungemva kwayo yonke lenqubo kuphela lapho amafu engathululela khona izihlambi emhlabeni ukuze kwakheke imifula ephindisela amanzi olwandle. Ngakho umjikelezo wamanzi uba ophelele. Ingabe konke lokhu kwenzeka ngoba ucilo ethuké ezishaya endukwini? Ngempela abantu abanombono onjalo ‘abanakuzilandulela’!

Okuwukuphela Komthombo Wokuhlakanipha KukaSolomoni

9. Yini uSolomoni ayithola iphawuleka ngohlobo oluthile lwezintuthwane?

9 Ezweni lasendulo, ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakungenakuqhathaniswa. Okuningi kwalokho kuhlakanipha kwakuphathelene nendalo kaJehova: “[USolomoni] wakhuluma ngemithi kusukela kuwo umsedari oseLebanoni kuze kube-kulo ihisopi elimila odongeni; wakhuluma nangezinkomo, nangezinyoni, nangezilwanyana ezinwabuzelayo, nangezinhlanzi.” (1 AmaKhosi 4:33) Kwakuyiyona leNkosi uSolomoni eyabhala: “Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe, yona ethi ingenamahluleli, nambonisi, nambusi, ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo, ibuthe ngesikhathi sokuvuna ukudla kwayo.”—IzAga 6:6-8.

10. Umfanekiso kaSolomoni ngezintuthwane ezivunayo wafakazelwa kanjani?

10 Ubani owafundisa izintuthwane ukuba zigcine ukudla ehlobo okuzozondla bonke ubusika obubandayo? Sekungamakhulu amaningi eminyaka kungatshazwa ukunemba kokulandisa kukaSolomoni ngalezintuthwane ezivuna izimbewu futhi zizigcine ukuze zizisebenzise ebusika. Akekho owayethole ubufakazi bokuba khona kwazo. Nokho, ngo-1871, isazi sezemvelo saseBrithani sathola izinqolobane zazo ezingaphansi komhlaba, futhi ukunemba kweBhayibheli okulandisa ngazo kwafakazelwa. Kodwa lezintuthwane zakuthola kanjani ukuqonda kokwazi ehlobo ukuthi kuza ubusika nokuhlakanipha kokwazi ukuthi kufanele zenzeni ngakho? IBhayibheli ngokwalo lichaza ukuthi indalo kaJehova eningi inokuhlakanipha okufakwe kuyo ukuze isinde. Izintuthwane ezivunayo zemukela lesisibusiso kuMdali wazo. IzAga 30:24 zikhuluma ngazo: “Zihlakaniphile kakhulu.” Ukuthi ukuhlakanipha okunjalo kwamane kwazenzekela akunangqondo; abantu abehluleka ukubona uMdali ohlakaniphile owenza lokhu abanakuzilandulela.

11. (a) Kungani isihlahla esikhulu se-sequoia simangalisa kangaka? (b) Yini emangalisa kangaka ngenqubo yokuqala kuyi-photosynthesis?

11 Umuntu omi eduze kwesihlahla esikhulu se-sequoia, emangazwe ubukhulu baso obubabazekayo, ngokuqondakalayo uzizwa njengentuthwane encane. Ubukhulu balesihlahla buyamangalisa: singamamitha angu-90 ubude, amamitha angu-11 ubukhulu, amagxolo awugqinsi olungamamitha angu-0,6, izimpande zisakazeke endaweni engamahektare angu-1,2 kuya kwangu-1,6. Nokho, okumangaza ngisho nakakhulu inqubo yamakhemikhali neyezici ezibonakalayo ezihilelekile ekukhuleni kwaso. Amaqabunga aso athola amanzi ezimpandeni, i-carbon dioxide ayithola emoyeni, namandla awathola elangeni ukuze akhe oshukela futhi akhiphe umoya-mpilo—inqubo ebizwa ngokuthi i-photosynthesis ehilela izinqubo zokuhlangana kwamakhemikhali ezingu-70, ezingaqondakali zonke. Ngokumangalisayo, ukuhlangana kwamakhemikhali kokuqala kuxhomeke ekukhanyeni okuvela elangeni okunombala ofanele, ubude obufanele bamaza okukhanya; ngaphandle kwalokho ama-molecule e-chlorophyll abengeke akudonse ukuze aqalise inqubo ye-photosynthesis.

12. (a) Yini ephawulekayo ngokusebenzisa kwesihlahla se-sequoia amanzi? (b) Kungani kudingeka i-nitrogen ekukhuleni kwezitshalo, futhi wenzeka kanjani umjikelezo wayo?

12 Okumangalisayo futhi ukuthi lesihlahla singadonsa amanzi ezimpandeni afinyelele phezulu kulesihlahla esikhulukazi esingamamitha angu-90 ubude. Kudonswa amanzi amaningi kakhulu kunalawo adingekayo enqubweni ye-photosynthesis. Lawo angadingekile akhishelwa ngaphandle ngamahlamvu ngenqubo yokumfoma ebizwa ngokuthi i-transpiration. Lenqubo ipholisa isihlahla, yenzeka ngendlela ecishe ifane nendlela thina esipholiswa ngayo ukujuluka. Ukuze senze amaprotheni akhulisayo, kudingeka kunezelwe i-nitrogen koshukela, noma kuma-carbohydrate. Iqabunga alikwazi ukusebenzisa i-nitrogen eyisisi ethathwe emoyeni, kodwa izinto eziphilayo ezisenhlabathini zingayiguqula i-nitrogen eyisisi esemhlabeni ibe ama-nitrate nama-nitrite ancibilikayo emanzini, okube sekudonswa izimpande kuye emaqabungeni. Lapho izitshalo nezilwane ezisebenzise le-nitrogen kumaprotheni azo zifa futhi zibola, le-nitrogen iyaphuma, iphelelise umjikelezo we-nitrogen. Kukho konke lokhu, ubunkimbinkimbi obuhilelekile buyashaqisa, abunakwenzeka ngenhlanhla.

Ngaphandle Kwenkulumo Noma Amazwi Noma Izwi, Ziyakhuluma!

13. Amazulu anezinkanyezi athini kuDavide, futhi yini asaqhubeka eyisho kithi?

13 Yeka ukubonakaliswa okumangalisayo koMdali okuvela esibhakabhakeni sasebusuku esigcwele izinkanyezi okwenza abasibukayo bagcwale inhlonipho! KumaHubo 8:3, 4, uDavide wazwakalisa ukwesaba aba nakho: “Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo, umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na?” Kulabo abanamehlo okubona, izindlebe zokuzwa, nenhliziyo yokuzwakalisa imizwa, lamazulu anezinkanyezi ayakhuluma, njengoba enza kuDavide: “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova.”—IHubo 19:1-4.

14. Kungani amandla amakhulu enye yezinkanyezi ebaluleke kangaka kithi?

14 Lapho sazi okwengeziwe ngezinkanyezi, kuba yilapho zikhuluma kakhudlwana kithi. Ku-Isaya 40:26, simenywa ukuba siphawule amandla azo amangalisayo: “Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezozinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.” Amandla adonsela phansi namandla amakhulu akwenye yazo, ilanga lethu, agcina umhlaba usemzileni wawo ozungeza kuwo, enza izitshalo zikhule, asigcina sifudumele, futhi enza konke okuphilayo kukwazi ukuphila lapha emhlabeni. Ngaphansi kokuphefumlelwa umphostoli uPawulu wathi: “Enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.” (1 Korinte 15:41) Isayensi ithi kunezinkanyezi eziphuzi njengelanga lethu, nezinkanyezi eziluhlaza, ama-red giant, ama-white dwarf, ama-neutron star, nezinkanyezi ezinkulu eziqhuma zidedele amandla angenamkhawulo.

15. Yini abasunguli abaningi abayifunda endalweni futhi bazama ukuyilingisa?

15 Abasunguli bezinto abaningi baye bafunda endalweni futhi bazama ukulingisa amakhono ezidalwa eziphilayo. (Jobe 12:7-10) Phawula nje ezimbalwa zezici ezivelele zendalo. Izinyoni zasolwandle ezinezindlala eziqeda usawoti emanzini olwandle; izinhlanzi nemibokwane ephehla ugesi; izinhlanzi, imiswenya, nezinambuzane eziveza ukukhanya okungashisi; amalulwane namahlengethwa ezwa ngokusebenzisa amaza omsindo; iminyovu eyenza iphepha; izintuthwane ezakha amabhuloho; izilwanyana eziququdayo okuthiwa ama-beaver ezakha amadamu; izinyoka ezinezikali ezingokwemvelo zokuzwa izinga lokushisa komzimba; izinambuzane ezisebenzisa amapayipi okuhogela umoya nawokutshuza emanzini; ama-octopus ahamba ngokutshuza ngesivinini esikhulu; izicabucabu ezenza izinhlobo eziyisikhombisa zolwembu nezintuba ezincane, amanetha, nezindophi ezinesihibe, futhi ezinabantwana abakwazi ukundiza ngamabhaluni, bandizele phezulu ngamakhilomitha ayizinkulungwane; izinhlanzi nezinye izilwane zasemanzini ezisebenzisa amathange okuntanta njengemikhumbi-ngwenya; izinyoni, izinambuzane, izimfudu zasolwandle, izinhlanzi, nezilwane ezincelisayo ezenza imigilingwane emangalisayo yokufuduka—amakhono angaphezu kwamandla esayensi ukuba ingawachaza.

16. Imaphi amaqiniso angokwesayensi iBhayibheli elawagcina eminyakeni eyizinkulungwane ngaphambi kokuba isayensi iwathole?

16 IBhayibheli labhala amaqiniso angokwesayensi eminyakeni eyizinkulungwane ngaphambi kokuba isayensi iwazi. UMthetho kaMose (wekhulu le-16 B.C.E.) wabonisa ukuwaqaphela amagciwane ezifo eminyakeni eyizinkulungwane eziningi ngaphambi kukaPasteur. (Levitikusi, izahluko 13, 14) Ekhulwini le-17 B.C.E., uJobe wathi: “Uphanyeka umhlaba phezu kweze.” (Jobe 26:7) Eminyakeni eyinkulungwane ngaphambi kukaKristu, uSolomoni wabhala ngokujikeleza kwegazi; isayensi yezokwelapha kwadingeka ilinde kuze kube yikhulu le-17 ngaphambi kokuba ifunde ngakho. (UmShumayeli 12:6) Ngaphambi kwalokho, iHubo 139:16 labonakalisa ulwazi lwezimpawu zofuzo: “Amehlo akho abona ngisho nehlule lami; futhi encwadini yakho zonke izitho zalo zalotshwa phansi, ngokuqondene nezinsuku ezakhiwa ngazo futhi kungakabikho nesisodwa kuzo.” Ekhulwini lesi-7 B.C.E., ngaphambi kokuba izazi zemvelo ziqonde ngokufuduka kwezilwane, uJeremiya wabhala, njengoba kulotshwe kuJeremiya 8:7: “Nonogolantethe emkhathini uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo, ihobhe, nenkonjane, nonohemu bagcina isikhathi sokufika kwabo.”

“UMdali” Okhethwa Izazi Zokuziphendukela Kwemvelo

17. (a) EyabaseRoma 1:21-23 ithini ngabanye abenqaba ukubona ukuthi kunoMdali ohlakaniphile owadala izimangaliso? (b) Ngandlela-thile, izazi zokuziphendukela kwemvelo zikhethani ‘njengomdali’ wazo?

17 Omunye umbhalo uthi ngalabo abanqaba ukubona ukuthi kunoMdali ohlakaniphile owadala lezimangaliso: “Balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba-mnyama. Bezisho ukuthi bahlakaniphile baba-yiziwula, nenkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo bayiguqula ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo. Baguqule iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali.” (Roma 1:21-23, 25) Kungokufanayo nangezazi zokuziphendukela kwemvelo, empeleni, zidumisa iketanga elikhuphukayo elicatshangelwayo lezilwanyana ezincanyana-imiswenya-izinhlanzi-izilwane ezihlala emanzini nasemhlabeni-izilwane ezihuquzelayo-izilwane ezincelisayo-“umuntu oyimfene” ‘njengomdali’ wazo. Nokho, ziyazi ukuthi eqinisweni asikho isidalwa esingeyona inkimbinkimbi esakhiwe ingqamuzana eyodwa esingaqalisa leliketanga. Isidalwa esincane kunazo zonke esaziwayo sinama-athomu ayizigidi eziyizinkulungwane eziyikhulu, nezinqubo zamakhemikhali eziyizinkulungwane ezenzeka ngaphakathi kuso ngesikhathi esisodwa.

18, 19. (a) Ubani okufanelekele ukunikezwa udumo ngokudala ukuphila? (b) Iningi kangakanani indalo kaJehova esikwaziyo ukuyibona?

18 UJehova uNkulunkulu unguMdali wokuphila. (IHubo 36:9) UnguMuntu Wokuqala Owabangela Izinto. Igama lakhe, elithi Jehova, lisho ukuthi “Obangela Ukuba Kube Khona.” Ngeke sikwazi ukuyibala indalo yakhe. Ngokuqinisekile kunezigidi eziningi kunalezo umuntu azaziyo. IHubo 104:24, 25 libhekisela kulokhu: “Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha.” UJobe 26:14 ucacile kulokhu: “Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe, izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye; indumo yamandla akhe, ngubani obeyakuyiqonda na?” Sibona amaphethelo ambalwa nje, sizwa ukunyenyeza okumbalwa, kodwa ukuqonda ukubaluleka okugcwele kokuduma kwakhe okunamandla kungaphezu kwethu ukuba sikuqonde.

19 Nokho, sinomthombo ongcono kakhulu wokumbona kunokumbona endalweni yakhe ebonakalayo. Lowomthombo ongcono uyiZwi lakhe, iBhayibheli. Manje sizophendukela kulowomthombo esihlokweni esilandelayo.

Ingabe Uyakhumbula?

□ UJobe wafundani lapho uJehova ekhuluma naye esivunguvungwini?

□ Kungani uPawulu athi abanye abantu babengenakuzilandulela?

□ Umjikelezo wamanzi usebenza kanjani?

□ Yiziphi izinto ezibalulekile esizenzelwa ukukhanya kwelanga?

□ Yimaphi amaqiniso angokwesayensi iBhayibheli elawembula ngaphambi kokuba isayensi iwathole?

[Imibuzo Yesifundo]