Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kumelwe Uhlole Ukunemba KweBhayibheli?

Kungani Kumelwe Uhlole Ukunemba KweBhayibheli?

Kungani Kumelwe Uhlole Ukunemba KweBhayibheli?

Ulibheka kanjani iBhayibheli? Abanye bakholelwa ngokuqinile ukuthi liwukwambulwa kukaNkulunkulu kumuntu. Abanye bakholelwa ukuthi limane nje liyincwadi evamile. Kanti abanye abaqiniseki kahle. Uma unanoma yikuphi ukungabaza ngemvelaphi yeBhayibheli, kunezizathu eziphoqayo zokuba ulihlole futhi ulungise lendaba.

IBHAYIBHELI belihlonishwa kabanzi njengeliyiZwi likaNkulunkulu emazweni eLobukholwa kwaze kwaba sekhulwini le-18. Kodwa kusukela ekhulwini le-19 kuqhubeke, inani elandayo labafundisi, ososayensi, ngisho nezazi zeBhayibheli nabaholi besonto baqala ukubonisa obala ukungabaza ukunemba kweBhayibheli.

Ngenxa yalokhu, ukuphikiswa kweBhayibheli kuye kwasakazeka kabanzi kangangokuthi abaningi bavele balahlulele ngisho nangaphandle kokwazi elikuqukethe. Esikhundleni seBhayibheli, abantu abaningi kweLobukholwa manje babheka kumafilosofi abantu. Nakuba kunjalo, ifilosofi yanamuhla ayizange iveze izwe elilondeke kakhudlwana noma elijabulayo. Leso ngesinye isizathu esihle sokuba uhlole iBhayibheli futhi ubone ukuthi isiqondiso salo siholela enjabulweni nasempumelelweni yini.

Esinye isizathu sokuba uhlole ukunemba kweBhayibheli yithemba elimangalisayo eliliphathele isintu. Ngokwesibonelo, iHubo 37:29 lithi: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” (IsAmbulo 21:3-5) Zinaliphi ithonya izithembiso ezinjalo kuwe? Ngempela ziyizizathu ezanele zokuba uhlole iBhayibheli futhi ubone ukuthi lingathenjwa yini.

Lomagazini ngaso sonke isikhathi uye waqokomisa ukuba neqiniso kweBhayibheli futhi ngokuvamile uye wanikeza ubufakazi bokunemba kwalo. Kunezici eziningi ukunemba kweBhayibheli okungahlolwa kuzo. Omagazini abahlukahlukene be-Nqabayokulinda bayokusiza ukuba uphendule lemibuzo: Ingabe amaqiniso aziwayo omlando wasendulo ayavumelana neBhayibheli? Ingabe izibikezelo zalo zinembile? Ingabe iseluleko salo siyasebenza, noma ingabe abafundisi banamuhla nezazi zefilosofi baye banikeza ubufakazi bokuthi iBhayibheli liphelelwe yisikhathi?

Isayensi yokuma kwezwe ingesinye isici ongahlola kuso ukunemba kweBhayibheli. Izinganekwane zobuqaba ngokuvamile ziyaphikisana namaqiniso okuma kwezwe. Ngokwesibonelo, abantu abaningi basendulo babexoxa izindaba zohambo oluya endaweni ebizwa ngokuthi izwe labafile. Ngokuqondene namaGreki asendulo, incwadi ethi  A Guide to the Gods iyachaza: “Umhlaba wawubonakala njengendawo eyisicaba ezungezwe indawo ebanzi enamanzi ebizwa ngokuthi uLwandle. Ngalé kwayo kuneZwe Langemva Kokufa, izwe elimnyama eliyincithakalo futhi elinezitshalo ezimnyama nezingatheli.” Lapho lokhu kubonakala ukuthi kwakuyinganekwane, kwadingeka ukuba izazi zefilosofi ezingamaqaba zikukhombe kwenye indawo lokho ezikubiza ngokuthi izwe langemva kokufa. “Kwatholakala indawo efanelekayo, ngaphansi komhlaba, eyayixhumene ngemihume ehlukahlukene nalelizwe,” kuchaza umbhali uRichard Carlyon. Namuhla, siyazi ukuthi nalokhu kuyinganekwane. Alikho izwe elinjalo elingaphansi komhlaba noma umhume.

Ngokungafani nezinganekwane zabantu basendulo, iBhayibheli alinawo umbono oyiphutha wokuthi umhlaba uyisicaba. Kunalokho, liveza iqiniso elingokwesayensi lokuthi umhlaba uyinto eyindilinga engasekelwe yilutho. (Jobe 26:7; Isaya 40:22) Kuthiwani ngezinye izincazelo eziphathelene nokuma kwezwe ezishiwo eBhayibhelini? Ingabe ziyizinganekwane, noma ingabe kungenzeka ukuba uzibone ngeso lengqondo ngokunembile izenzakalo zeBhayibheli lapho uvakashela iGibithe yosuku lwanamuhla, kuhlanganise iNhlonhlo yaseSinayi, ne-Israel yanamuhla?

[Isithombe ekhasini 3]

“Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba.”—Isaya 40:22

“Uphanyeka umhlaba phezu kweze.”—Jobe 26:7