UJehova Ushintsha Izikhathi Nezinkathi ERomania
UJehova Ushintsha Izikhathi Nezinkathi ERomania
IZINGUQUKO zenzeka kulo lonke elaseMpumalanga Yurophu ngo-1989. Ngezinyanga ezimbalwa nje, ohulumeni abake baba njengezinqaba ezingenakunqotshwa baketulwa bawa. Izinguquko zezombangazwe zeza nezinguquko zezenhlalo, ezomnotho, nalezo ezabathakazelisa kakhulu oFakazi BakaJehova, izinguquko ezingokwenkolo. Emazweni ahlukahlukene, oFakazi BakaJehova baqashelwa ngokomthetho, futhi babuye banikezwa inkululeko yokuqhubeka nomsebenzi wabo ongokwenkolo.
Kodwa kwabonakala sengathi izinto zaziyokwehluka eRomania. Uhulumeni wawunesandla esiqinile ebantwini kangangokuthi kwabonakala sengathi izinguquko zazingeke zibe nomphumela ongako. Njengoba oFakazi BakaJehova lapho babezwa ngalokho okwakwenzeka kwamanye amazwe aseMpumalanga Yurophu, bazibuza, ‘Ingabe siyoke sikwazi ukujabulela inkululeko yokukhulekela ngaphambi kwe-Armagedoni?’ Izinhliziyo zabo zalangazelela isikhathi lapho babeyokwazi khona ukuhlangana nabafowabo nodadewabo abangokomoya emihlanganweni yobuKristu, bashumayele izindaba ezinhle obala, futhi bafunde izincwadi zabo zeBhayibheli ngokukhululekile, kungadingeki ukuba bazifihle ngaso sonke isikhathi. Konke lokho kwabonakala kunjengephupho.
Khona-ke lelophupho lagcwaliseka! Kwenzeka ngo-December 1989. Okwamangalisa wonke umuntu ukuthi, umbuso kaCeauşescu wawa ngokuphazima kweso. Khona manjalo, lawomaKristu athola ukukhululeka. Ngo-April 9, 1990, oFakazi BakaJehova baqashelwa ngokomthetho njengenhlangano engokwenkolo eRomania. UJehova wayebashintshele izikhathi nezinkathi oFakazi abakhuthele abangu-17 000 lapho.—Qhathanisa noDaniyeli 2:21.
Umlando Omude
Ngo-1911, uCarol Szabo noJosif Kiss babuyela eRomania bevela e-United States, lapho babefunde khona iqiniso leBhayibheli nalapho babenikezele khona ukuphila kwabo kuJehova ukuba benze intando yakhe. Babefuna ukuhlanganyela
izindaba ezinhle nabantu basezweni lakubo. Lapho sebefike eRomania, ngokushesha baqalisa ukushumayela. Lapho kugqashuka iMpi Yezwe I, baboshwa ngenxa yalokho ababekwenza. Nakuba kunjalo, izimbewu zoMbuso ababezihlwanyele zaqala ukuveza imiphumela. Ngo-1920, lapho umsebenzi uhlelwa kabusha, kwakunabamemezeli boMbuso abangaba ngu-1 800 eRomania.Ngalesosikhathi umoya wokuvukela owawubhebhetheka emazweni aseNhlonhlweni iBalkan wawuzwakala ngokwandayo eRomania, futhi iziphithiphithi zazidlangile. Naphezu kwezikhathi ezinzima, abafowethu abangokomoya baqhubeka nomsebenzi. Ngo-1924 i-Watch Tower Society yavula ihhovisi e-26 Regina Maria Street eCluj-Napoca ukuze linakekele umsebenzi eRomania, Hungary, Bulgaria, Yugoslavia, nase-Albania.
Nokho, isimo sezombangazwe sashuba kakhulu futhi ngaphandle kwezinkathazo ezazivela kuziphathimandla, kwakunezinkathazo ngaphakathi enhlanganweni. I-Year Book ka-1930 iyabika: “Ngenxa yokungathembeki komuntu owathunyelwa yiNhlangano lapho, abangane baye basakazeka futhi ithemba labo lazanyazanyiswa kakhulu. INhlangano ibilokhu ibheka elinye ithuba lokuphinde ivuselele umsebenzi kulelozwe, kodwa iziphathimandla zendawo zinqabela noma yini, futhi kumelwe silinde kuze kube yilapho iNkosi ivula indlela enhle ngokwengeziwe.” Khona-ke, ngo-1930, uMartin Magyarosi, uFakazi waseRomania owabhapathizwa ngo-1922, wamiswa njengenceku entsha yegatsha, futhi kamuva ihhovisi lathuthelwa e-33 Crişana Street, eBucharest. Ngemva komzukuzuku owathatha isikhathi eside, ekugcineni iNhlangano yabhaliswa njengenhlangano engokomthetho eRomania ngo-1933.
Ubunzima Baqhubeka
Uvivinyo olunzima lwaqhubeka lwehlela oFakazi eRomania. I-Year Book ka-1936 iyabika: “Ngokungangabazeki ayikho indawo emhlabeni lapho abazalwane besebenza kanzima khona kunaseRumania.” Naphezu kwakho konke lokhu kuhlupheka, imibiko yenkonzo ka-1937 yakhuluma ngamabandla angu-75 anabamemezeli abangu-856
eRomania. ESikhumbuzweni, kwakunabangu-2 608.Njengoba iMpi Yezwe II yayiqhubeka, iRomania ayisalanga ngaphandle. Ngo-September 1940, uJenene Ion Antonescu wahlwitha umbuso kuhulumeni futhi waqala ukubusa okufana nokukaHitler. Izenzo zokwesabisa zazivame kakhulu. Amakhulukhulu abafowethu aboshwa, ashaywa, futhi ahlushwa. Umzalwan’ uMagyarosi waboshwa ngo-September 1942, kodwa wayesakwazi ukuqondisa umsebenzi waseTransylvania esejele.
Ushushiso lwaqhubeka lapho amabutho kaHitler ehlasela lelizwe ngo-1944. Umbiko owawuvela eBucharest wachaza izimo ngaphansi kombuso wamaNazi: “OFakazi BakaJehova kulelizwe babeshushiswa kabuhlungu. Njengoba sasiboshwe kanye namaKhomanisi, sisolwa abefundisi abasekela uHitler ngokuthi sibabi kakhulu kunamaKhomanisi, abaningi bethu babegwetshwa iminyaka engu-25 ejele, bethola isigwebo sokudilikelwa ijele, noma esentambo.”
Ekugcineni impi yaphela, futhi ngo-June 1, 1945, ihhovisi leNhlangano eBucharest laphinde laqala ukusebenza. Naphezu kobunzima ekutholeni iphepha, abazalwane abazinikele banyathelisa izincwajana ezingaphezu kuka-860 000 namakhophi e-Nqabayokulinda angaphezu kuka-85 000 ngesiRomania nangesiHungary. UJehova wawubusisa ngokucebile umsebenzi wabo onzima. Ngo-1946, kwakubhapathizwe abasanda kuhlanganyela abangaba ngu-1 630. Isenzakalo esivelele salowonyaka kwakuwumhlangano wezwe lonke owawuseBucharest ngo-September 28 no-29. Abefundisi bazama ngawo wonke amandla abo ukuphazamisa nokumisa lomhlangano, kodwa abazange baphumelele, futhi abantu abangaba ngu-15 000 baba khona enkulumweni yeningi. Kwakungokokuqala ukuba abazalwane eRomania bakwazi ukuba nomhlangano onjalo.
INhlangano yathumela uMzalwan’ u-Alfred Rütimann eRomania owayevela egatsheni laseSwitzerland. Ngo-August 1947 wakwazi ukukhuluma nabazalwane abangaphezu kuka-4 500 ababesezindaweni ezingu-16, ebakha ebalungiselela okwakuseza. Ngokushesha oFakazi babezophinde
bathole ukucindezelwa, manje okuvela embusweni wamaKhomanisi. Ngo-February 1948 iziphathimandla zavimbela umsebenzi wethu wokunyathelisa nokushumayela. Khona-ke, ngo-August 1949, ihhovisi elalise-38 Alion Street lahlaselwa. Ngemva kwalokho, abazalwane abaningi, kuhlanganise noMzalwan’ uMagyarosi, baboshwa. Manje, bebekwe icala lokuthi bangabasekeli bemibuso yamazwe ahlangene, bayiswa emajele noma emakamu okusebenza kanzima. Eminyakeni engu-40 eyalandela, umsebenzi wawuvinjelwe, futhi oFakazi BakaJehova bahlupheka kakhulu. Izinkathazo ezazishoshozelwa izitha ngaphakathi enhlanganweni zanezela ekucindezelekeni. Ekugcineni, umbuso kaCeauşescu waketulwa ngo-1989, futhi bakhululeka! Yini manje ababezoyenza ngenkululeko yabo?Ukushumayela Obala Futhi
OFakazi abazange bachithe sikhathi. Ngokushesha baqala ukushumayela endlini ngendlu. Kodwa lokhu kwakungelula ngabantu eminyakeni eminingi ababeqhubé lomsebenzi ngesibindi ngomshoshaphansi ngokufakaza ngokwethukela. Manje base besaba ukushumayela obala. Abaningi babo babengazange bakwenze lokhu ngaphambili, futhi labo ababeshumayele endlini ngendlu bagcina ngasekupheleni kwawo-1940. Hlobo luni lwemiphumela abalutholayo? Ake sibone.
Indawo efanelekayo ukuba siqale ngayo kusenhlokodolobha, iBucharest, enezakhamuzi eziyizigidi ezingu-2,5. Eminyakeni emibili edlule, kwakunamabandla amane nje kuphela kulelidolobha. Manje kunamabandla ayishumi, futhi emkhosini weSikhumbuzo wango-1992 kweza abangaphezu kuka-2 100. Njengoba kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziningi ezithuthukayo, kungase kwakhiwe amanye amabandla amasha ngokushesha.
ICraiova iyidolobha elinezakhamuzi ezingaba ngu-300 000, engxenyeni eseningizimu-ntshonalanga yalelizwe. Kuze kube ngo-1990, kwakunoFakazi abangaba ngu-80 kuphela kulo lonke idolobha. Khona-ke umoya wamaphayona waqala ukwanda, futhi umsebenzi waqhubekela phambili. Ngo-1992 kuphela, kwabhapathizwa abantu abangu-74, futhi manje kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-150. Njengoba kunabamemezeli abangaphezu kuka-200, ngentshiseko bafuna indawo efanelekayo yokwakha iHholo LoMbuso.
ETirgu-Mures, udade onguFakazi nabazalwane ababili baya kumpristi wobu-Orthodox ukuze ayosula igama lakhe ezincwadini zesonto. Lapho ezwa injongo yokuhambela kwabo, umpristi wabangenisa, futhi baba nengxoxo emnandi. Khona-ke lompristi wathi: “Nginomhawu ngani kodwa hhayi umhawu omubi. Bekufanele ngabe senza lomsebenzi eniwenzayo. Kubi kakhulu ukuthi iSonto Lobu-Orthodox liyibutho elisonge izandla”! Wamukela incwajana ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? nekhophi ye-Nqabayokulinda. Lodade uyajabula ngokuthi akaselona ilungu ‘lebutho elisonge izandla.’—IsAmbulo 18:4.
Kuyaphawuleka ukuthi iningi lalabo abafunda iqiniso namuhla bangabantu abasha. Ngani? Ngokusobala babelindele okukhulu lapho kushintsha uhulumeni, kodwa badumala. Bayakujabulela ukuthola ukuthi uMbuso kaJehova kuphela ongaletha ikhambi elihlala njalo ezinkingeni zethu.—IHubo 146:3-5.
Izinto Ezinkulu Ezenzeka Ezindaweni Ezincane
I-Ocoliş iyidolobhana elincane elisenyakatho yeRomania. Ngo-1920 indoda egama layo linguPintea Moise yabuya ivela ebuthweni laseRussia, lapho yayigcinwe khona njengesiboshwa sempi. Yake yaba umKatolika, kodwa ngaphambi kokuba ibuye yayibé ilungu lamaBaptist. Emasontweni amathathu kamuva, abaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngalesosikhathi, bayivakashela. Ngemva kwalokho kuhambela, yathi: “Manje ngilitholile iqiniso ngoNkulunkulu!” Ngo-1924 kwakuneqembu labantu abangu-35 e-Ocoliş.
Namuhla, phakathi kwezakhamuzi zendawo ezingu-473, kunabamemezeli boMbuso abangu-170 lapho. Ummemezeli ngamunye wabelwe cishe izindlu ezimbili njengensimu yakhe, futhi basebenza namadolobhana angomakhelwane. Nakuba kunjalo, bahlala benethemba. Basanda kwakha iHholo LoMbuso elihle elihlalisa
abantu abangu-400. Wonke umsebenzi wenziwa oFakazi bendawo.EValea Largă kulapho abaZalwane uSzabo noKiss babehlala khona ngo-1914. Ngo-1991, phakathi kwezakhamuzi zakhona ezingu-3 700, kwakunamabandla ayisishiyagalombili nabamemezeli boMbuso abangu-582. ESikhumbuzweni sango-1992, kwaba khona abangu-1 082—cishe umuntu oyedwa kwabathathu kulesigodi.
Amaphayona Akhethekile Acaba Indlela
Amaphayona akhethekile afeza indima enkulu ekuyiseni izindaba ezinhle kubantu abahlala ezindaweni ezikude kakhulu. Ngokushesha nje lapho sekunikezwe inkululeko yokushumayela, u-Ionel Alban waqala ukusebenza emadolobheni amabili, isonto ngalinye esebenza izinsuku ezimbili e-Orşova nezinsuku eziyisihlanu eTurnu-Severin.
Babengekho oFakazi e-Orşova lapho u-Ionel efika. Ngesonto lokuqala, waqalisa isifundo seBhayibheli nomfana oneminyaka engu-14 ubudala. Lelibhungu lenza izinguquko eziningi kakhulu ezinyangeni ezimbili kangangokuba umngane walo nomakhelwane nabo baqala ukufunda. Lomakhelwane, uRoland, owayengumKatolika, wathuthuka ngokumangalisayo. Ngemva nje kwesikhathi esingangenyanga nengxenye kuphela, waphelezela u-Ionel emsebenzini wokushumayela, futhi ezinyangeni eziyisihlanu wabhapathizwa. Wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele ngaso lesosikhathi. Unina naye waqala ukufunda futhi wabhapathizwa eMhlanganweni Wesigodi “Wabaphathi Bokukhanya” ka-1992. Manje kunabamemezeli abayishumi e-Orşova, futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-30.
Umuntu wokuqala ukwamukela iqiniso eTurnu-Severin kwakuyisisebenzi sasehhotela esamukela izingcingo nezivakashi lapho u-Ionel ayehlala khona. Ngemva kwezinyanga ezimbili lendoda yaba ummemezeli ongabhapathiziwe, futhi ezinyangeni ezintathu yabhapathizwa. Manje ingomunye wabamemezeli abangu-32 kuleyondawo abaqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-84 sezizonke.
Elinye iphayona elikhethekile, uGabriela Geica, wayekhonza njengephayona elivamile ngisho nalapho umsebenzi wethu wawusavinjelwe. Isifiso sakhe sasiwukusebenza lapho indingeko yayinkulu khona. Wabelwa insimu enkulu. Ngezinye izikhathi wayehamba amakhilomitha ayikhulu kuya kwangu-160 ukuze ahambele abantu abathakazelayo. Elinye idolobha ayesebenza kulo kwakuyiMotru, lapho kwakunoFakazi abane kuphela. “Ngenxa yomsebenzi owandisiwe eMotru, abapristi namanye amaqembu enkolo aqala ukusiphikisa,” elandisa. “Athonya umphathidolobha namaphoyisa ukuba bacindezele imikhaya eyayinginikeze indawo yokuhlala. Yangixosha, ngakho cishe nyanga zonke, kwakudingeka ngifune indawo yokuhlala.”
UGabriela waqalisa isifundo nomuntu ongakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu e-Orşova, owathi wayengenasithakazelo enkolweni noma eBhayibhelini. Kodwa ngemva kwezinyanga ezine nje zokufunda, lowesifazane waqala ukuvikela iBhayibheli. Nakuba umyeni wakhe ayemkhiyela ngaphandle ebusuku futhi esongela ngokwehlukana naye noma ambulale, walondoloza ubuqotho bakhe. Ngisho nangaphambi kokuba abhapathizwe, wayeqhuba izifundo zeBhayibheli eziyishumi.
Amathemba Amangalisayo Asengaphambili
Ngo-August 1992, iRomania yafinyelela inani eliphakeme labamemezeli abangu-24 752 emabandleni angu-286. Ababa khona eSikhumbuzweni babengaphezu kuka-66 000. Ehhovisi legatsha elincane eBucharest, izisebenzi ezingu-17 enza konke okusemandleni azo ukuze zinakekele izidingo ezingokomoya zabafowabo. Zibheke phambili esikhathini esizayo esiseduze lapho ziyoqala umsebenzi wokwakha igatsha elikhudlwana.
OFakazi BakaJehova baseRomania abanakuzibamba ekubeni bangamangaliswa yizo zonke izinguquko ezisheshayo ezenzeké eminyakeni embalwa yamuva. Babonga uJehova uNkulunkulu ngokuthi bayingxenye yebandla lezizwe zonke eliphethe igama lakhe neliholela abantu olwazini oluqondile ngaye nenjongo yakhe engaguquki. Ngemva kweminyaka eminingi kangaka yobunzima noshushiso, yeka indlela ababonga ngayo kuJehova ngokuthi ngempela uye washintsha izikhathi nezinkathi eRomania!
[Amabalazwe ekhasini 23]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
HUNGARY
ROMANIA
Bucharest
Cluj-Napoca
Craiova
Tirgu-Mures
Orşova
Turnu-Severin
Motru
Turda
BULGARIA
[Izithombe ekhasini 24, 25]
1. OFakazi abacishe babe ngu-700 behlangene ehlathini ngo-1947
2. Ipheshana lesaziso senkulumo yeningi ngo-1946
3. Umhlangano owawuse-Romania muva nje
4. Ukufakaza eCluj-Napoca namuhla
5. IHholo LoMbuso eduze naseTurda
6. Umkhaya waseBethel eBucharest