Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yazi UJehova NgeZwi Lakhe

Yazi UJehova NgeZwi Lakhe

Yazi UJehova NgeZwi Lakhe

“Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.”—JOHANE 17:3.

1, 2. (a) Lisho ukuthini igama elithi “yazi” nelithi “ulwazi” njengoba esetshenziswe emiBhalweni? (b) Yiziphi izibonelo ezicacisa lencazelo?

UKWAZI othile njengomuntu omjwayele nje noma ukuba nolwazi olukha phezulu ngothile akwanele ukuchaza amagama athi “yazi” nelithi “ulwazi” njengoba esetshenziswe emiBhalweni. EBhayibhelini lokhu kuhilela “ukwazi ngokuhlangenwe nakho,” ulwazi oluveza “ubuhlobo bokwethembana phakathi kwabantu.” (The New International Dictionary of New Testament Theology) Lokho kuhlanganisa nokwazi uJehova ngokucabangela izenzo zakhe ezithile eziqondile, njengokulandisa okuningi okusencwadini kaHezekeli lapho uNkulunkulu akhipha izahlulelo kubantu abenza okubi, ememezela: ‘Nazi ukuthi nginguJehova.’—Hezekeli 38:23.

2 Izindlela ezihlukahlukene amagama athi “yazi” nelithi “ulwazi” angase asetshenziswe ngazo zingacaciswa ngezibonelo ezimbalwa. Kwabaningi ababezisholo ukuthi benza ngokuvumelana negama lakhe, uJesu wathi, “angizange nginazi”; wayesho ukuthi wayengakaze ahlanganise utho nabo. (Mathewu 7:23) Eyesibili yabaseKorinte 5:21 ithi uKristu ‘akasazanga isono.’ Lokho akusho ukuthi wayengazi ngesono kodwa, kunalokho, kusho ukuthi wayengahilelekile yena siqu kuso. Ngokufanayo, lapho uJesu ethi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu,” kwakuhileleke okwengeziwe kunokumane nje wazi okuthile ngoNkulunkulu noKristu.—Qhathanisa noMathewu 7:21.

3. Yini efakazela ukuthi uJehova unophawu olumehlukanisayo njengoNkulunkulu weqiniso?

3 Eziningi zezimfanelo zikaJehova zingaziwa ngeZwi lakhe, iBhayibheli. Enye yazo yikhono lokuprofetha ngokunembile. Lolu uphawu lukaNkulunkulu weqiniso: “Mabasitshele, okuyakwenzeka; izinto zakuqala ziyini na? Mabasitshele zona ukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu, sazi ukuphela kwazo, noma nisizwise okuzayo. Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo, sazi ukuthi ningonkulunkulu.” (Isaya 41:22, 23) EZwini lakhe, uJehova usitshela izinto zokuqala eziphathelene nokudalwa komhlaba nezinto eziphilayo ezikuwo. Wazisho kusengaphambili kakhulu izinto ezazizokwenzeka kamuva nezenzeka ngempela. Ngisho namanje ‘usizwisa okuzayo,’ ikakhulukazi izinto ezizokwenzeka ‘kulezinsuku zokugcina.’—2 Thimothewu 3:1-5, 13; Genesise 1:1-30; Isaya 53:1-12; Daniyeli 8:3-12, 20-25; Mathewu 24:3-21; IsAmbulo 6:1-8; 11:18.

4. UJehova uye wayisebenzisa kanjani imfanelo yakhe yamandla, futhi uyoyisebenzisa kanjani esikhathini esizayo?

4 Enye imfanelo kaJehova amandla. Ibonakala emazulwini lapho izinkanyezi zihlangana zibe ikloba zikhiphe ukukhanya nokushisa. Lapho abantu noma izingelosi ezihlubukayo zibekela ubukhosi bukaJehova inselele, usebenzisa amandla akhe ‘njengendoda yempi,’ elwela igama lakhe elihle nezindinganiso ezilungile. Ezimweni ezinjalo akangabazi ukudedela amandla ngendlela ebhubhisayo, njengakuZamcolo wosuku lukaNowa, ekubhujisweni kweSodoma neGomora, nasekusindiseni ama-Israyeli lapho enqamula uLwandle Olubomvu. (Eksodusi 15:3-7; Genesise 7:11, 12, 24; 19:24, 25) Ngokushesha, uNkulunkulu uzosebenzisa amandla akhe ukuze ‘achoboze uSathane phansi kwezinyawo zenu.’—Roma 16:20.

5. Kanye namandla akhe, iyiphi enye imfanelo uJehova anayo?

5 Nokho, naphezu kwalamandla angenamkhawulo anawo, unokuthobeka. IHubo 18:35, 36 lithi: “Nobumnene [ukuthobeka, NW] bakho bungikhulisile. Amabanga okunyathela kwami uwandisile.” Ukuthobeka kukaNkulunkulu kumenza ukuba ‘azithobe abone ezulwini nasemhlabeni, avuse odingayo othulini, aphakamise ompofu ezaleni.’—IHubo 113:6, 7.

6. Iyiphi imfanelo kaJehova esindisa ukuphila?

6 Umusa kaJehova ekusebenzelaneni nomuntu usindisa ukuphila. Yeka umusa owaboniswa kuManase lapho ethethelelwa, ngisho nakuba ayenze izinto ezimbi kakhulu! UJehova uthi: “Lapho ngithi komubi: Uyakufa nokufa, yena abesephenduka kodwa esonweni sakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo, akayikukhunjulelwa nesisodwa sezono zakhe azenzileyo; wenzile okufaneleyo nokulungileyo; uyakuphila nokuphila.” (Hezekeli 33:14, 16; 2 IziKronike 33:1-6, 10-13) UJesu wayebonakalisa uJehova lapho ethi umuntu makathethelelwe izikhathi ezingu-77, ngisho nezikhathi ezingu-7 ngosuku!—IHubo 103:8-14; Mathewu 18:21, 22; Luka 17:4.

UNkulunkulu Onemizwa

7. UJehova uhluke kanjani konkulunkulu bamaGreki, futhi yiliphi ilungelo eliyigugu elisivulekele?

7 Izazi zefilosofi ezingamaGreki, njengama-Epikhuru, zazikholelwa konkulunkulu kodwa zazibabheka njengababekude kakhulu nomhlaba ukuba bangaba nesithakazelo kumuntu noma bathintwe imizwa yakhe. Yeka indlela obuhluke ngayo ubuhlobo phakathi kukaJehova noFakazi bakhe abathembekile! “UJehova uyathokoza ngabantu bakhe.” (IHubo 149:4) Abantu ababi bangaphambi kukaZamcolo bamenza wazisola futhi “wadabuka enhliziyweni yakhe.” Ngokungathembeki kwakhe u-Israyeli wazwisa uJehova ubuhlungu. Ngokungalaleli kwawo amaKristu angawudabukisa umoya kaJehova; nokho, ngokuthembeka kwawo, angamjabulisa. Yeka indlela okumangalisa ngayo ukucabanga ukuthi umuntu ophansi emhlabeni angenza uMdali wendawo yonke ezwe ubuhlungu noma ajabule! Uma sicabangela konke lokho asenzela khona, yeka indlela okuhle ngayo ukuthi sinelungelo eliyigugu lokumthokozisa!—Genesise 6:6; IHubo 78:40, 41; IzAga 27:11; Isaya 63:10; Efesu 4:30.

8. U-Abrahama walisebenzisa kanjani ilungelo ayenalo lokukhuluma noJehova ngokukhululeka?

8 IZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi uthando lukaJehova lusinikeza “inkululeko” enkulu “yokukhuluma.” (1 Johane 4:17, qhathanisa ne-NW.) Phawula indaba ka-Abrahama lapho uJehova ezobhubhisa iSodoma. U-Abrahama wathi kuJehova: “Uyakubhubhisa olungileyo kanye nomubi na? Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi; imbala uyakuyibhubhisa, ungayiyeki indawo ngenxa yabalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na? . . . Lokhu makube-kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?” Yeka amazwi ashiwo kuNkulunkulu! Nokho uJehova wavuma ukusindisa iSodoma uma bekhona abantu abalungileyo abangu. U-Abrahama waqhubeka ehlisa inani lisukela ku-50 laya ku-20. Waba novalo lokuthi kungenzeka umbelesela ngokweqile. Wathi: “Mayingathukutheli iNkosi ukuthi ngisakhuluma kanye nje. Mhlawumbe kungafunyanwa abayishumi khona.” UJehova waphinda wavuma: “Angiyikuwubhubhisa ngenxa yalabo abayishumi.”—Genesise 18:23-33.

9. Kungani uJehova avumela u-Abrahama ukuba akhulume njengoba enza, futhi singafundani kulokhu?

9 Kungani uJehova anikeza u-Abrahama ilungelo elingaka lokukhuluma ngokukhululeka, elamenza ukuba akhulume ngalendlela? Phakathi kokunye, uJehova wayeyiqaphela imizwa ka-Abrahama ecindezelekile. Wayazi ukuthi umshana ka-Abrahama uLoti wayehlala eSodoma, futhi u-Abrahama wayekhathazekile ngokulondeka kwakhe. Futhi, u-Abrahama wayengumngane kaNkulunkulu. (Jakobe 2:23) Lapho othile ekhuluma nathi ngokhahlo, ingabe siyazama ukuqonda imizwa embangela ukuba akhulume ngaleyondlela bese sicabangela izindlela zokwehlisa ukhahlo, ikakhulukazi uma engumngane ongaphansi kokucindezeleka okuthile okungokomzwelo? Ingabe akududuzi yini ukubona ukuthi uJehova uyokuqonda ukusebenzisa kwethu ilungelo lokukhuluma ngokukhululekile, njengoba enza ku-Abrahama?

10. Ukukhuluma ngokukhululeka kusisiza kanjani emthandazweni?

10 Ikakhulukazi lapho simfuna ‘njengozwayo imikhuleko’ yethu siyayifisa lenkululeko yokukhuluma ukuze sithululele imiphefumulo yethu kuye, lapho sicindezeleke kabuhlungu futhi siphazamisekile ngokomzwelo. (IHubo 51:17; 65:2, 3) Ngisho nangalezozikhathi lapho singase singabi nawo amazwi esingawasho, “uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa,” futhi uJehova uyalalela. Angakwazi ukwazi imicabango yethu: “Uqonda umcabango wami ukude. Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova, ongalaziyo ngokupheleleyo.” Ngisho noma kunjalo, kufanele siqhubeke sicela, sifuna, futhi singqongqoza.—Roma 8:26; IHubo 139:2, 4; Mathewu 7:7, 8, qhathanisa ne-NW.

11. Kubonakaliswa kanjani ukuthi uJehova uyasikhathalela ngempela?

11 UJehova uyakhathalela. Uyakulungiselela ukuphila akudala. “Amehlo abo bonke alinda wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso. Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.” (IHubo 145:15, 16) Simenywa ukuba sibone indlela ondla ngayo izinyoni emahlathini. Bheka iminduze yasendle, indlela ayembathisa kahle ngayo. UJesu wanezela ngokuthi uNkulunkulu uyosenzela okunjalo nokungaphezu kwalokho ayenzela khona. Phó kungani kufanele sikhathazeke? (Duteronomi 32:10; Mathewu 6:26-32; 10:29-31) Eyokuqala kaPetru 5:7 isimema ukuba ‘siphonse izinkathazo zethu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyasikhathalela.’

‘Ufuzé Yena Uqobo’

12, 13. Ngaphezu kokubona uJehova endalweni yakhe nezenzo zakhe ezigcinwe eBhayibhelini, iyiphi enye indlela esingambona futhi simuzwe ngayo?

12 Singambona uJehova uNkulunkulu endalweni yakhe; singambona ngokufunda ngezenzo zakhe eBhayibhelini; singambona futhi ngamazwi nangezenzo ezigciniwe eziphathelene noJesu Kristu. UJesu ngokwakhe usho kanjalo, kuJohane 12:45: “Obona mina ubona ongithumileyo.” Uyaphinda futhi kuJohane 14:9: “Ongibonile mina ubonile uBaba.” EyabaseKolose 1:15 ithi: ‘[UJesu] ungumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa.’ AmaHeberu 1:3 athi: ‘[UJesu] ungukubengezela kwenkazimulo yakhe, ufuzé yena uqobo.’

13 UJehova akathumelanga iNdodana yakhe ukuba ilungiselele isihlengo kuphela kodwa futhi wayithumela ukuba ibeke isibonelo sokulingiswa, ngamazwi nangezenzo. UJesu wakhuluma amazwi kaNkulunkulu. KuJohane 12:50 wathi: “Engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.” Akazange azenzele okwakhe, kodwa wenza izinto uNkulunkulu ayemtshele ukuba azenze. KuJohane 5:30 wathi: “Mina ngingenze-lutho ngokwami.”—Johane 6:38.

14. (a) Yini uJesu ayibona eyamvusela isihe? (b) Kungani indlela kaJesu yokukhuluma yabangela ukuba abantu bathutheleke bayomlalela?

14 UJesu wabona abantu ababenochoko, abakhubazekile, abayizithulu, abayizimpumputhe, nabakhwelwe amademoni nalabo ababelilela abafileyo babo. Eshukunyiswa isihe, waphulukisa abagulayo wavusa nabafileyo. Wabona izixuku ziphundliwe futhi zikhathazekile ngokomoya, futhi waqala ukuzifundisa izinto eziningi. Akafundisanga nje kuphela ngamazwi afanele kodwa futhi wafundisa nangamazwi athokozisayo avela enhliziyweni aya ngokuqondile ezinhliziyweni zabanye, abasondeza kuye, asheshe abaletha ethempelini ukuba bazomlalela, abenza banamathela kuye, bamlalela ngenjabulo. Bathutheleka kuye bezomlalela, bethi ‘akuzange kukhulume-muntu njengokuba kukhulume lowomuntu.’ Babemangazwe indlela yakhe yokufundisa. (Johane 7:46; Mathewu 7:28, 29; Marku 11:18; 12:37; Luka 4:22; 19:48; 21:38) Futhi lapho izitha zakhe zifuna ukumhila ngemibuzo, wahila zona, wazithulisa.—Mathewu 22:41-46; Marku 12:34; Luka 20:40.

15. Sasithini isihloko esiyinhloko sokushumayela kukaJesu, futhi abanye wabahilela ngezinga elingakanani ekusisakazeni?

15 Wamemezela ukuthi “umbuso wezulu [wawususondele]” futhi wanxusa izilaleli ukuba ziqhubeke ‘zifuna umbuso kuqala.’ Wathuma abanye ukuba bayoshumayela ukuthi “umbuso wezulu [wawususondele],” ‘benze izizwe zonke abafundi,’ ukuze zibe ofakazi bakaKristu “kuze kube sekugcineni komhlaba.” Namuhla oFakazi BakaJehova abangaba izigidi ezine nengxenye bahamba ezinyathelweni zakhe, benza lezozinto.—Mathewu 4:17; 6:33; 10:7; 28:19; IzEnzo 1:8.

16. Kukanjani imfanelo kaJehova yothando yavivinywa kanzima, kodwa yini eyayenzela isintu?

16 Kweyoku-1 Johane 4:8 sitshelwa ukuthi “uNkulunkulu uluthando.” Lemfanelo yakhe evelele yavivinywa ngendlela ebuhlungu kunazo zonke engacatshangwa lapho ethumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni ukuba ife. Ubuhlungu leNdodana ethandekayo eyabuzwa nezicelo eyazisho kuYise wasezulwini kumelwe ukuba kwambangela ubuhlungu obukhulu uJehova, ngisho nakuba uJesu abonisa ukuthi yayingamanga inselele kaSathane yokuthi uJehova wayengenakuba nabantu emhlabeni ababeyogcina ubuqotho babo kuYe ngaphansi kovivinyo olunzima. Kufanele futhi siqaphele ukubaluleka komhlatshelo kaJesu, ngoba uNkulunkulu wamthumela lapha ukuba asifele. (Johane 3:16) Lokho kwakungekhona ukufa okulula, nokusheshayo. Ukuze siqonde indlela okwabizela ngayo kuNkulunkulu nakuJesu futhi ngaleyondlela siqaphele ubukhulu bendlela abazidela ngayo ngenxa yethu, ake sihlole ukulandisa kweBhayibheli kwezehlakalo.

17-19. UJesu wabuchaza kanjani ubunzima obabuphambi kwakhe?

17 Okungenani izikhathi ezine, uJesu wachazela abaphostoli bakhe okwakuzokwenzeka. Ezinsukwini ezimbalwa nje ngaphambi kokuba kwenzeke, wathi: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe; bazakuyiklolodela, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale.”—Marku 10:33, 34.

18 UJesu wayezwa ukucindezela kwalokho ayezobhekana nakho, eluqonda unya lokushaywa amaRoma. Imichilo yesikhumba yemvubu eyayisetshenziselwa ukubhaxabula yayifakwe izinsimbi ezincane namathambo ezimvu; ngakho ngesikhathi ukubhaxabula kuqhubeka, umhlane nemilenze kwakuba nemidwayidwa yemivimbo eyophayo. Ezinyangeni ezithile ngaphambili, uJesu wabonisa ukucindezeleka ngokomzwelo ayekubangelwa ubunzima ayesazobhekana nabo, njengoba sifunda kuLuka 12:50: “Nginombhapathizo engizakubhapathizwa ngawo; ngikhathazekile kanjani, uze ufezeke.”

19 Ukucindezeleka kwanda njengoba isikhathi sasisondela. Wakhuluma ngakho kuYise wasezulwini: “Kalokhu umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Baba, ngisindise kulomzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngizé kulomzuzu.” (Johane 12:27) Yeka indlela okumelwe ukuba uJehova kwamthinta ngayo ukunxusa okuvela eNdodaneni yakhe ezelwe yodwa! EGetsemane, kusasele amahora ambalwa nje ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu wakhathazeka kabuhlungu wathi kuPetru, uJakobe, noJohane: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube-sekufeni.” Emizuzwini ethile ngemva kwalokho, washo umthandazo wakhe wokugcina ngalendaba kuJehova: “Baba, uma uthanda, susa lesisitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho. Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba-njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.” (Mathewu 26:38; Luka 22:42, 44) Kungenzeka ukuthi lokhu kwakuyilokho okwaziwa ngokuthi i-haematidrosis (ukuphuma kwegazi ngesikhumba) kwezokwelapha. Akuvamile kodwa kungenzeka ezimweni lapho ucindezeleke kakhulu ngokwemizwelo.

20. Yini eyasiza uJesu ukuba akwazi ukubekezelela ubunzima?

20 Ngokuphathelene nalesikhathi eGetsemane, amaHeberu 5:7 athi: “Owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.” Njengoba engazange asindiswe ekufeni “uyena onamandla okumsindisa ekufeni,” umkhuleko wakhe wazwiwa ngamuphi umqondo? ULuka 22:43 uyaphendula: “Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.” Umthandazo waphendulwa ngoba ingelosi uNkulunkulu ayeyithumele yamqinisa uJesu ukuba abekezele ngaphansi kwalobunzima.

21. (a) Yini ebonisa ukuthi uJesu wadlula kulobunzima ngokunqoba? (b) Lapho uvivinyo lwethu luba nzima, siyofuna kanjani ukukwazi ukukhuluma?

21 Lokhu kwabonakala kulokho okwaba umphumela. Lapho impi yakhe yangaphakathi isiphelile, uJesu wasukuma, waphindela kuPetru, uJakobe, noJohane, wathi: “Sukumani sihambe.” (Marku 14:42) Empeleni wayethi, ‘Angihambe ngiyokhashelwa ngokwangiwa, ngibanjwe isixuku, ngibekwe icala ngokungemthetho, ngilahlwe ngokungafanele. Angihambe ngiyoklolodelwa, ngikhafulelwe ngamathe, ngishaywe, ngibethelwe esigxotsheni sokuhlushwa.’ Walenga lapho amahora ayisithupha, esebuhlungwini obukhulu, wakhuthazela kwaze kwaba sekugcineni. Lapho efa, wadazuluka ngezwi lokunqoba: “Kufeziwe.” (Johane 19:30) Wayegcine ubuqotho futhi wayebonise ubuqotho bakhe ekuphakamiseni ubukhosi bukaJehova. Konke uJehova ayemthume ukuba akwenze emhlabeni, wayekufezile. Lapho sifa noma lapho i-Armagedoni igadla, ingabe siyokwazi ukuthi: “Kufeziwe” ngokuphathelene nomsebenzi wethu esiwunikwe uJehova?

22. Yini ebonisa izinga lokusakazeka kolwazi lukaJehova?

22 Noma kunjani, singaqiniseka ukuthi esikhathini sikaJehova esimisiwe esisondela ngokushesha, wonke “umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.

Ingabe Uyakhumbula?

□ Kusho ukuthini ukwazi nokuba nolwazi?

□ Umusa kaJehova nokuthethelela kuye kwaboniswa kanjani kithi eZwini lakhe?

□ U-Abrahama walisebenzisa kanjani ilungelo lakhe lokukhuluma noJehova ngokukhululeka?

□ Kungani singabheka kuJesu bese sibona izimfanelo zikaJehova kuyena?

[Imibuzo Yesifundo]