Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sabela Ezithembisweni ZikaNkulunkulu Ngokuba Nokholo

Sabela Ezithembisweni ZikaNkulunkulu Ngokuba Nokholo

Sabela Ezithembisweni ZikaNkulunkulu Ngokuba Nokholo

‘[UJehova uNkulunkulu] usiphe izithembiso eziyigugu nezinkulukazi.2 PETRU 1:4.

1. Yini esenza sikwazi ukuba nokholo lweqiniso?

UJEHOVA ufuna sibe nokholo ezithembisweni zakhe. Nokho, “ukukholwa akusikho okwabo bonke.” (2 Thesalonika 3:2) Lemfanelo iyisithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu, noma amandla ayisiphekupheku. (Galathiya 5:22, 23) Ngakho-ke, yilabo kuphela abaholwa umoya kaJehova abangaba nokholo.

2. Umphostoli uPawulu uluchaza kanjani “ukholo”?

2 Kodwa luyini ukholo? Umphostoli uPawulu ulubiza ngokuthi “ukubonakaliswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingakabonwa.” Ubufakazi balezizinto ezingakabonwa bunamandla kangangokuthi bulinganiswa nokholo. Ukholo futhi kuthiwa ‘luwukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo’ ngoba labo abanalemfanelo banesiqinisekiso sokuthi konke uJehova uNkulunkulu akuthembisile kuqiniseke kangangokuthi kufana nosekugcwalisekile.—Heberu 11:1, qhathanisa ne-NW.

Ukholo Nezithembiso ZikaJehova

3. Yini amaKristu agcotshiwe ayoyithola uma enokholo?

3 Ukuze sijabulise uJehova, kumelwe sibe nokholo ezithembisweni zakhe. Umphostoli uPetru wakubonisa lokhu encwadini yakhe yesibili ephefumlelwe, eyabhalwa cishe ngo-64 C.E. Waphawula ukuthi uma amaKristu agcotshiwe akanye naye ayenokholo, ayeyobona ukugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu ‘eziyigugu nezinkulukazi.’ Ngenxa yalokho, ayeyoba ‘abahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu’ njengezindlalifa noJesu Kristu eMbusweni wasezulwini. Ngokholo nangosizo lukaJehova uNkulunkulu, ayephunyukile ebugqilini bemikhuba yalelizwe eyonakele. (2 Petru 1:2-4) Futhi cabanga nje! Labo ababonisa ukholo lweqiniso bajabulela inkululeko efanayo engenakulinganiswa namuhla.

4. Yiziphi izimfanelo okufanele sizinezele okholweni lwethu?

4 Ukuba nokholo ezithembisweni zikaJehova nokwazisa ngenkululeko yethu esiyinikezwe uNkulunkulu kufanele kusishukumisele ukuba senze okusemandleni ethu ukuze sibe amaKristu ayisibonelo. UPetru wathi: “Ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni‚ nasebuhleni ukwazi‚ nasekwazini ukuzithiba‚ nasekuzithibeni ukukhuthazela‚ nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu‚ nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane‚ nasekuthandeni abazalwane uthando.” (2 Petru 1:5-7) Ngakho uPetru usinikeza uhlu esiyobe senza kahle uma silwazi ngekhanda. Ake sizihlolisise lezizimfanelo.

Izici Zokholo Ezibalulekile

5, 6. Buyini ubuhle, futhi singabunezela kanjani okholweni lwethu?

5 UPetru wathi ubuhle, ulwazi, ukuzithiba, ukukhuthazela, ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, uthando lobuzalwane, nothando kufanele kunezelwe kokunye nokunye nasokholweni lwethu. Kumelwe sizikhandle ukuze senze lezimfanelo zibe izici ezibalulekile zokholo lwethu. Ngokwesibonelo, ubuhle abuyona imfanelo esiyibonakalisa ngaphandle kokholo. Isazi sezichazamazwi uW. E. Vine uphawula ukuthi kweyesi-2 Petru 1:5 “ubuhle bunezelwa njengemfanelo ebalulekile ekuboniseni ukholo.” Ngayinye yezinye zalezimfanelo uPetru azibala nayo kumelwe ibe yingxenye yokholo lwethu.

6 Okokuqala, kumelwe sinezele ubuhle okholweni lwethu. Ukuba muhle kusho ukwenza okuhle phambi kukaNkulunkulu. Esikhundleni segama lesiGreki elihunyushwe lapha ngokuthi “ubuhle,” ezinye izinguqulo zisebenzisa elithi “ukulunga.” (New International Version; The Jerusalem Bible; Today’s English Version) Ubuhle busishukumisela ukuba sigweme ukwenza okubi noma ukulimaza abantu esikanye nabo. (IHubo 97:10) Bubangela futhi isibindi sokwenza okuhle ngokwenzuzo yabanye engokomoya, engokwenyama, nengokomzwelo.

7. Kungani kufanele sinezele ulwazi okholweni nasemfanelweni yethu yobuhle?

7 Kungani uPetru esinxusa ukuba sinezele ulwazi okholweni nasebuhleni bethu? Njengoba sibhekana nezinselele ezintsha zokholo lwethu, sidinga ulwazi ukuze sikwazi ukwehlukanisa okuhle kokubi. (Heberu 5:14) Ngesifundo seBhayibheli nangokuhlangenwe nakho ekusebenziseni iZwi likaNkulunkulu nasekusebenziseni ukuhlakanipha okuwusizo ekuphileni kwansuku zonke, sandisa ulwazi lwethu. Lokhu kuphinde kusenze sikwazi ukulondoloza ukholo lwethu futhi siqhubeke senza okuhle lapho singaphansi kovivinyo.—IzAga 2:6-8; Jakobe 1:5-8.

8 .Kuyini ukuzithiba, futhi kuhlangene kanjani nokukhuthazela?

8 Ukuze sikwazi ukubhekana novivinyo ngokholo, sidinga ukwenezela ukuzithiba olwazini lwethu. Igama lesiGreki elisho “ukuzithiba” libonisa ikhono lokuzibamba. Lesithelo somoya kaNkulunkulu sisisiza ukuba sibonise ukuzithiba ekucabangeni, ekukhulumeni, nasekuziphatheni. Ngokuqhubeka sibonisa ukuzithiba, sinezela kukho ukukhuthazela. Igama lesiGreki elisho “ukukhuthazela” lisho ukubambelela ngesibindi, alisho ukubhekana ngokukhathazeka nobunzima obungenakugwenywa. UJesu wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa ngenxa yentokozo eyayiphambi kwakhe. (Heberu 12:2) Amandla esiwanikezwa uNkulunkulu ehlangene nokukhuthazela aqinisa ukholo lwethu futhi asisiza ukuba sijabule lapho sisosizini, silwisane nesilingo, futhi sigweme ukuyekelela lapho sishushiswa.—Filipi 4:13.

9. (a) Kuyini ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu? (b) Kungani kufanele sinezele uthando lobuzalwane ekuzinikezeleni kwethu kokwesaba uNkulunkulu? (c) Singalunezela kanjani uthando othandweni lwethu lobuzalwane?

9 Ekukhuthazeleni kwethu kumelwe sinezele ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu—inhlonipho, ukukhulekela, nenkonzo eya kuJehova. Ukholo lwethu luyakhula lapho sinokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu futhi sibona indlela uJehova asebenzelana ngayo nabantu bakhe. Nokho, ukuze sibonise ukwesaba uNkulunkulu, sidinga uthando lobuzalwane. Kakade, “ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.” (1 Johane 4:20) Izinhliziyo zethu kufanele zisishukumisele ukuba sibonise uthando lweqiniso ngezinye izinceku zikaJehova futhi sikhathalele inhlalakahle yazo ngaso sonke isikhathi. (Jakobe 2:14-17) Kodwa kungani sitshelwa ukuba sinezele uthando othandweni lwethu lobuzalwane? Ngokusobala uPetru wayesho ukuthi kumelwe sibonise uthando ngaso sonke isintu, hhayi nje ngabazalwane bethu kuphela. Loluthando lubonakaliswa ikakhulukazi ngokushumayela izindaba ezinhle nangokusiza abantu ngokomoya.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.

Imiphumela Ephikisanayo

10. (a) Siyozenza kanjani izinto uma ubuhle, ulwazi, ukuzithiba, ukukhuthazela, ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, uthando lobuzalwane, nothando kunezelwa okholweni lwethu? (b) Yini eyenzekayo uma umuntu ozibiza ngomKristu entula lezimfanelo?

10 Uma sinezela ubuhle, ulwazi, ukuzithiba, ukukhuthazela, ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, uthando lobuzalwane, nothando okholweni lwethu, siyocabanga, sikhulume, futhi senze izinto ngezindlela ezivunyelwa uNkulunkulu. Kodwa uma umuntu ozibiza ngomKristu ehluleka ukubonakalisa lezimfanelo, uba yimpumputhe ngokomoya. ‘Akakuboni ukukhanya’ okuvela kuNkulunkulu futhi uyakhohlwa ukuthi uye wahlanzwa ezonweni zesikhathi esidlule. (2 Petru 1:8-10; 2:20-22) Kwangathi singelokothe sihluleke ngaleyondlela bese silahlekelwa ukholo ezithembisweni zikaNkulunkulu.

11. Yini esingayilindela ngokufanelekile ngabagcotshiwe abathembekile?

11 AmaKristu athembekile agcotshiwe anokholo ezithembisweni zikaJehova futhi ayazikhandla ekwenzeni ukubizwa nokukhethwa kwawo kuqiniseke. Naphezu kwanoma yiziphi izithiyo ezingaba sendleleni yawo, singalindela ukuba abonise izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu. Abathembekile abagcotshiwe ‘baphiwa ngokwengcebo ukungena embusweni waphakade kaJesu Kristu’ ngokuvuselwa kwabo ekuphileni okungokomoya ezulwini.—2 Petru 1:11.

12. Kumelwe siwaqonde kanjani amazwi akweyesi-2 Petru 1:12-15?

12 UPetru wayeqaphela ukuthi wayesezokufa, futhi wayelindele ukuba kamuva avuselwe ekuphileni kwasezulwini. Kodwa njengoba nje ayesaphila ‘kulelidokodo’—umzimba wakhe wobuntu—wazama ukwakha ukholo kwayekholwa nabo futhi wabashukumisela esenzweni ngokubakhumbuza izinto ezazidingeka ukuze bathole umusa waphezulu. Ngemva kokufa kwakhe, abafowabo nodadewabo bakaPetru abangokomoya babengaqinisa ukholo lwabo ngokukhumbula amazwi akhe.—2 Petru 1:12-15.

Ukholo Ezwini Lesiprofetho

13. UNkulunkulu wabunikeza kanjani ubufakazi obuqinisa ukholo ngokuza kukaKristu?

13 UNkulunkulu ngokwakhe wanikeza ubufakazi obuqinisa ukholo ngokuqiniseka kokuza kukaJesu ‘enamandla nenkazimulo enkulu.’ (Mathewu 24:30; 2 Petru 1:16-18) Bentula ubufakazi, abapristi abangamaqaba babexoxa izinsumansumane ngonkulunkulu babo, kuyilapho uPetru, uJakobe, noJohane babengofakazi bokuzibonela benkazimulo kaKristu lapho ephenduka esinye isimo. (Mathewu 17:1-5) Bambona ekhazinyuliswa futhi bezwa izwi likaNkulunkulu ngokwakhe livuma ukuthi uJesu uyiNdodana yaKhe ethandekayo. Lokho kuqashelwa nokubonakala okukhazimulayo okwanikezwa uKristu ngalesosikhathi kwakuwukudluliselwa kodumo nenkazimulo kuye. Ngenxa yalokhu kwembulelwa kwaphezulu, uPetru wabiza lendawo, cishe esokhalweni lwentaba iHermoni, ngokuthi “intaba engcwele.”—Qhathanisa no-Eksodusi 3:4, 5.

14. Ukuphenduka kukaJesu esinye isimo kufanele kuluthinte kanjani ukholo lwethu?

14 Ukuphenduka kukaJesu esinye isimo kufanele kuluthinte kanjani ukholo lwethu? UPetru wathi: “Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu‚ enenza kahle ukuliqaphela kungathi liyisibani esikhanyayo endaweni emnyama kuze kuse‚ ikhwezi liphumele ezinhliziyweni zenu.” (2 Petru 1:19) Ngokusobala ‘lelizwi lesiprofetho’ lalingahlanganisi nje kuphela iziprofetho zemiBhalo YesiHeberu ezikhuluma ngoMesiya kodwa lalihlanganisa nenkulumo kaJesu yokuthi wayeyokuza “namandla nenkazimulo enkulu.” Ukuphenduka esinye isimo kwalenza kanjani lelizwi laba “eliqinisekile kakhulu”? Lesosenzakalo saqinisekisa izwi lesiprofetho esimayelana nokuza kukaKristu okukhazimulayo emandleni oMbuso.

15. Yini ehilelekile ekuqaphelisiseni izwi lesiprofetho?

15 Ukuze siqinise ukholo lwethu, kumelwe siqaphelisise izwi lesiprofetho. Lokhu kuhilela ukulitadisha lelozwi, sixoxe ngalo emihlanganweni yobuKristu, futhi sisebenzise iseluleko salo. (Jakobe 1:22-27) Kumelwe silenze libe ‘isibani esikhanyayo endaweni emnyama,’ likhanyisele izinhliziyo zethu. (Efesu 1:18) Yingalesosikhathi kuphela lapho liyosihola khona kuze kube yilapho “ikhwezi,” noma, “inkanyezi yokusa ecwebezelayo,” uJesu Kristu, lizambula khona ngenkazimulo. (IsAmbulo 22:16) Lokho kwambula kuyosho ukubhujiswa kwalabo abangenalo ukholo nezibusiso ngalabo ababonisa ukholo.—2 Thesalonika 1:6-10.

16. Kungani singaba nokholo lokuthi zonke izithembiso eziyiziprofetho eziseZwini likaNkulunkulu ziyogcwaliseka?

16 Abaprofethi bakaNkulunkulu babengewona nje amadoda angamaqili ayenza izibikezelo ezihlakaniphile, ngoba uPetru wathi: “Kasikho isiprofetho sombhalo esingachasiselwa ngumuntu ngokwakhe; ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu‚ kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.” (2 Petru 1:20, 21) Ngokwesibonelo, uDavide wathi: “UMoya kaJehova wakhuluma ngami.” (2 Samuweli 23:1, 2) NoPawulu wabhala: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Njengoba abaprofethi bakaNkulunkulu babephefumlelwa ngomoya wakhe, singaba nokholo lokuthi zonke izithembiso eziseZwini lakhe ziyogcwaliseka.

Babenokholo Ezithembisweni ZikaNkulunkulu

17. Yisiphi isithembiso esasiyisisekelo sokholo luka-Abela?

17 Izithembiso zikaJehova zaziyisisekelo sokholo ‘lwefu elikhulu’ lofakazi bakhe besikhathi sangaphambi kobuKristu. (Heberu 11:1–12:1) Ngokwesibonelo, u-Abela wayenokholo esithembisweni sikaNkulunkulu esiphathelene “nembewu” eyayiyochoboza “inyoka” ekhanda. Kwaba nobufakazi bokugcwaliseka kwesigwebo uNkulunkulu asinika abazali baka-Abela. Ngaphandle kwase-Edeni, u-Adamu nomkhaya wakhe badla isinkwa ngesithukuthuku sobuso babo ngoba umhlabathi owawuqalekisiwe waveza ameva namakhakhasi. Cishe u-Abela wakuphawula ukunxanela kuka-Eva umyeni wakhe futhi wabona ukuthi u-Adamu wayembusa. Ngokuqinisekile u-Eva wakhuluma ngobuhlungu bokukhulelwa kwakhe. Futhi indlela eya ensimini yase-Edeni yayiqashwe amakherubi nenkemba yelangabi. (Genesise 3:14-19, 24, qhathanisa ne-NW.) Konke lokhu kwaba “ukubonakaliswa okusobala” okuqinisekisa u-Abela ukuthi ukukhululwa kwakuyoza ngeMbewu ethenjisiwe. Ngokuba nokholo, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo owabonakala umuhle kakhulu kunokaKayini.—Heberu 11:1, 4.

18, 19. U-Abrahama noSara balubonisa ngaziphi izindlela ukholo?

18 Izinzalamizi u-Abrahama, u-Isaka, noJakobe nazo zazinokholo ezithembisweni zikaJehova. U-Abrahama wayenokholo esithembisweni sikaNkulunkulu sokuthi yonke imindeni yomhlaba yayiyobusiswa ngaye nokuthi inzalo yakhe yayiyonikezwa izwe. (Genesise 12:1-9; 15:18-21) Indodana yakhe u-Isaka nomzukulu wakhe uJakobe ‘babeyizindlalifa kanye naye zalesosithembiso.’ Ngokukholwa u-Abrahama “waba-ngumfokazi ezweni lesithembiso” futhi wayelindele “umuzi onezisekelo,” uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini ayezovuselwa ekuphileni emhlabeni ngaphansi kwawo. (Heberu 11:8-10) Ingabe nawe unokholo olufanayo?

19 Umka-Abrahama, uSara, wayeneminyaka engaba ngu-90 ubudala futhi esedlule kakhulu enkathini yokuthola abantwana lapho ebonisa ukholo esithembisweni sikaNkulunkulu futhi wanikezwa amandla “okukhulelwa” wazala u-Isaka. Ngaleyondlela, ku-Abrahama owayeneminyaka eyikhulu ubudala, “enjengosewafa” ngokuphathelene nokuzala, ekugcineni “kwavela abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi.”—Heberu 11:11, 12; Genesise 17:15-17; 18:11; 21:1-7.

20. Nakuba izinzalamizi zingakubonanga ukugcwaliseka okuphelele kwezithembiso zikaNkulunkulu kuzo, yini ezayenza?

20 Lezizinzalamizi ezithembekile zafa zingakubonanga ukugcwaliseka okuphelele kwezithembiso zikaNkulunkulu kuzo. Nokho, ‘zabona [izinto ezithenjisiwe] zazithakazela zikude, zivumile ukuthi zingabafokazi nezihambi emhlabeni.’ Kwadlula izizukulwane eziningi ngaphambi kokuba iZwe Lesithembiso libe elenzalo ka-Abrahama. Nokho, kukho konke ukuphila kwazo, lezizinzalamizi ezesaba uNkulunkulu zazinokholo ezithembisweni zikaJehova. Ngenxa yokuthi azizange ziphelelwe ukholo, ngokushesha zizovuselwa ekuphileni endaweni yasemhlabeni ‘yomuzi’ uNkulunkulu azilungiselele wona, uMbuso wobuMesiya. (Heberu 11:13-16) Ngendlela efanayo, ukholo lungasigcina sithembekile kuJehova ngisho noma singakuboni ukugcwaliseka okusheshayo kwazo zonke izithembiso zakhe ezimangalisayo. Ukholo lwethu futhi luyosishukumisela ukuba silalele uNkulunkulu, njengoba no-Abrahama enza. Njengoba adlulisela ifa elingokomoya enzalweni yakhe, nathi singabasiza abantwana bethu ukuba babe nokholo ezithembisweni zikaJehova eziyigugu.—Heberu 11:17-21.

Ukholo Lubalulekile KumaKristu

21. Ukuze samukeleke kuNkulunkulu namuhla, yini okumelwe ihlanganiswe ekuboniseni kwethu ukholo?

21 Yiqiniso, kunokwengeziwe okholweni kunokuba nethemba ekugcwalisekeni kwezithembiso zikaJehova. Kuwo wonke umlando wesintu, kuye kwadingeka sibonise ukholo kuNkulunkulu ngezindlela ezihlukahlukene uma sifuna ukujabulela ukwamukelwa nguye. UPawulu wathi “ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa [uJehova uNkulunkulu]; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.” (Heberu 11:6) Ukuze amukeleke kuJehova namuhla, umuntu kumelwe abe nokholo kuJesu Kristu nasemhlatshelweni wesihlengo uNkulunkulu awulungiselela ngaye. (Roma 5:8; Galathiya 2:15, 16) Kunjengoba uJesu ngokwakhe asho: “UNkulunkulu walithanda izwe [lesintu] kangaka‚ waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi‚ kodwa abe-nokuphila okuphakade. Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila‚ kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”—Johane 3:16, 36.

22. UMbuso wobuMesiya uyoletha ukugcwaliseka kwasiphi isithembiso?

22 UJesu unendima ebalulekile ekugcwalisekeni kwezithembiso zikaNkulunkulu eziphathelene noMbuso amaKristu awuthandazelayo. (Isaya 9:6, 7; Daniyeli 7:13, 14; Mathewu 6:9, 10) Njengoba uPetru abonisa, ukuphendukela kukaJesu kwesinye isimo kwaqinisekisa izwi lesiprofetho elimayelana nokuza kwakhe emandleni nasenkazimulweni yoMbuso. UMbuso wobuMesiya uyogcwalisa nesinye isithembiso sikaNkulunkulu, ngoba uPetru wabhala: “Siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.” (2 Petru 3:13) Isiprofetho esifanayo sagcwaliseka lapho abathunjwa bakwaJuda eBabiloni bebuyiselwa ezweni labo ngo-537 B.C.E. ngaphansi kukahulumeni ombusi wawo kunguZerubabele noJoshuwa engumpristi omkhulu. (Isaya 65:17) Kodwa uPetru wakhomba esikhathini esizayo lapho “amazulu amasha”—uMbuso wobuMesiya wasezulwini—eyobusa khona phezu ‘komhlaba omusha,’ kunomphakathi olungile wabantu ohlala kulembulunga.—Qhathanisa neHubo 96:1.

23. Yimiphi imibuzo ephathelene nobuhle esizoxoxa ngayo ngokulandelayo?

23 Njengezinceku zikaJehova ezithembekile nabalandeli beNdodana yakhe ethandekayo, uJesu Kristu, silangazelela umhlaba omusha kaNkulunkulu othenjisiwe. Siyazi ukuthi ususeduze, futhi sinokholo lokuthi zonke izithembiso zikaJehova eziyigugu ziyogcwaliseka. Ukuze sihambe ngokwamukelekayo phambi kukaNkulunkulu wethu, kumelwe siqinise ukholo lwethu ngokunezela kulo ubuhle, ulwazi, ukuzithiba, ukukhuthazela, ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, uthando lobuzalwane, nothando. * Kuleliqophelo, kungase kubuzwe, Singabubonisa kanjani ubuhle? Futhi ukuba kwethu nobuhle kuyosizuzisa kanjani thina nabanye, ikakhulukazi amaKristu esikanye nawo, abaye basabela ezithembisweni zikaNkulunkulu ngokuba nokholo?

[Umbhalo waphansi]

^ par. 23 Kule-Nqabayokulinda kukhulunywa ngokholo nobuhle. Ulwazi, ukuzithiba, ukukhuthazela, ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, uthando lobuzalwane, nothando kuyocatshangelwa ngokugcwele komagazini abalandelayo.

Zithini Izimpendulo Zakho?

□ “Ukholo” lungachazwa kanjani?

Ngokweyesi-2 Petru 1:5-7, yiziphi izimfanelo okudingeka zinezelwe okholweni lwethu?

□ Yiliphi ithonya ukuphenduka kukaJesu esinye isimo okufanele kube nalo okholweni lwethu?

□ Yiziphi izibonelo zokholo ezanikezwa u-Abela, u-Abrahama, uSara, kanye nabanye ababephila ezikhathini zakudala?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

Ingabe uyazi ukuthi ukuphenduka kukaJesu esinye isimo kungaba nethonya kanjani okholweni lomuntu?