Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova—UNkulunkulu Weqiniso Nophilayo

UJehova—UNkulunkulu Weqiniso Nophilayo

UJehova—UNkulunkulu Weqiniso Nophilayo

UFARO waseGibithe wakhuluma ngokwedelela nangokweyisa lapho ebuza: “Ngubani uJehova?” (Eksodusi 5:2) Njengoba kuboniswe esihlokweni esandulelayo, leso simo sengqondo salethela abaseGibithe izinhlupho nokufa, kuhlanganise nethuna elingamanzi likaFaro namabutho akhe empi.

EGibithe lasendulo, uJehova uNkulunkulu wabonisa ukuphakama kwakhe ngaphezu konkulunkulu bamanga. Kodwa kunokwengeziwe okungafundwa ngaye. Ziyini ezinye zezici zobuntu bakhe? Futhi yini ayidingayo kithi?

Igama Lakhe Nodumo

Lapho etshela uFaro waseGibithe okwakumelwe akwenze, uMose akazange athi: ‘INkosi isho lokhu nalokhu.’ UFaro nabanye abantu baseGibithe babebheka onkulunkulu babo abaningi bamanga njengamakhosi. Cha, uMose wasebenzisa igama laphezulu, elithi Jehova. Yena ngokwakhe wayelizwile libizwa lapho ephambi kwesihlahla esivuthayo ezweni lakwaMidiyani. Umbhalo ophefumlelwe uthi:

“UNkulunkulu wakhuluma kuMose, wathi kuye: NginguJehova. . . . Ngizwile ukububula kwabantwana bakwaIsrayeli abenziwe izigqila ngabaseGibithe; ngiyakhumbula isivumelwano sami. Ngalokho yisho kubantwana bakwaIsrayeli ukuthi: NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu. Ngiyakunithatha nibe-yisizwe sami, mina ngibe-nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe. Ngiyakuningenisa ezweni [laseKhanani] engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika [okhokho benu,] uAbrahama, noIsaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe-yifa lenu; nginguJehova.”—Eksodusi 6:1-8.

Yilokho kanye uJehova akwenza. Wakhulula ama-Israyeli ebugqilini baseGibithe futhi wawenza akwazi ukuhlala ezweni laseKhanani. Njengoba athembisa, uNkulunkulu wabangela ukuba konke lokhu kwenzeke. Yeka ukuthi kufaneleka kanjani! Igama lakhe, elithi Jehova, lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube khona.” IBhayibheli libhekisela kuJehova ngeziqu ezinjengokuthi “Nkulunkulu,” “Nkosi enguMbusi,” “Mdali,” “Baba,” “Mninimandla onke,” nangokuthi “oPhezukonke.” Nokho igama lakhe elithi Jehova limveza njengoNkulunkulu weqiniso ofeza izinjongo zakhe eziphakeme ngokuqhubekayo.—Isaya 42:8.

Uma besingafunda iBhayibheli ngezilimi zalo zokuqala, besiyothola igama likaNkulunkulu izikhathi eziyizinkulungwane. Olimini lwesiHeberu limelelwe ongwaqa abane u-Yod He Waw He (יהוה), ababizwa ngokuthi yi-Tetragrammaton, abafundwa kusukela kwesokudla kuya kwesobunxele. Labo ababekhuluma isiHeberu babefaka imisindo yonkamisa, kodwa abantu namuhla abaqiniseki ukuthi babengobani labonkamisa. Nakuba abanye bekhetha ukubhala ngokuthi Yahweh, ukuthi Jehova kuvamile futhi kumchaza ngokufanelekile uMdali wethu.

Ukusetshenziswa kwegama elithi Jehova futhi kuhlukanisa uNkulunkulu kulowo obizwa ngokuthi ‘iNkosi yami’ kumaHubo 110:1, lapho enye inguqulo ithi: “INKOSI [NgesiHeberu, יהוה] yathi eNkosini yami, Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe-yisenabelo sezinyawo zakho.” (King James Version) Iqaphela ukuvela kwegama likaNkulunkulu lapha embhalweni wesiHeberu, i-New World Translation ifundeka kanje: “Izwi likaJehova lathi eNkosini yami: ‘Hlala ngakwesokunene sami ngize ngenze izitha zakho zibe isenabelo sezinyawo zakho.’ ” Lawomazwi kaJehova uNkulunkulu ngokwesiprofetho abhekisela kuJesu Kristu, lowo umbhali ambiza ngokuthi ‘iNkosi yami.’

UJehova wazakhela igama osukwini lukaFaro. NgoMose, uNkulunkulu watshela lowombusi onenhliziyo elukhuni: “Kulesisikhathi ngizakuthuma zonke izinhlupho zami enhliziyweni yakho, nasezincekwini zakho, nakubantu bakho, ukuze wazi ukuthi akakho onjengami emhlabeni wonke. Ngokuba ngase ngiselulé isandla sami, ngakushaya wena nabantu bakho ngesifo, uze uchitheke emhlabeni, kepha ngikumisé ngalokhu ukuba ngikubonise amandla ami, igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.”—Eksodusi 9:14-16.

Ngokuphathelene nokufuduka kwama-Israyeli esuka eGibithe nokuchithwa kwamakhosi athile aseKhanani, owesifazane waseJeriko uRahabi watshela izinhloli ezimbili ezingamaHeberu: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile [nina ma-Israyeli] izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu. Ngokuba sizwile ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle oluBomvu phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe nokuthi wenzani kuwo amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, oSihoni no-Ogi, enawaqothulayo. Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho-sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.” (Joshuwa 2:9-11) Yebo, udumo lukaJehova lwaluye lwasakazeka.

UJehova Nezimfanelo ZaKhe

Umhubi wazwakalisa lesifiso esisuka enhliziyweni: “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” (IHubo 83:18) Njengoba ubukhosi bukaJehova bungobendawo yonke, abalandeli bakaJesu abashushiswayo bathandaza ngalendlela: “Somandla, [nguwe] owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho.” (IzEnzo 4:24) Futhi yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi uJehova ‘unguMuzwi wemikhuleko’!—IHubo 65:2NW.

Imfanelo kaJehova eyinhloko uthando. Ngempela, “uNkulunkulu uluthando”—khona kanye ukwenziwa samuntu kwalemfanelo. (1 Johane 4:8) Ngaphezu kwalokho, “KuYena kukhona ukuhlakanipha namandla.” UJehova uphakeme ngokuhlakanipha nangamandla, kodwa akalokothi awasebenzise kabi amandla akhe. (Jobe 12:13; 37:23) Singaqiniseka futhi ngokuthi uJehova uyosebenzelana nathi ngokulunga ngaso sonke isikhathi, ngoba “ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.” (IHubo 97:2) Uma sona kodwa siphenduka, singathola induduzo ekwazini ukuthi uJehova ‘unguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso.’ (Eksodusi 34:6) Akumangalisi-ke ukuthi singathola injabulo ekukhonzeni uJehova!—IHubo 100:1-5.

INkosi Yasezulwini Engenakuqhathaniswa

INdodana kaJehova, uJesu Kristu, yathi: “UNkulunkulu unguMoya.” (Johane 4:24) Ngakho, uJehova akabonakali emehlweni abantu. Eqinisweni, uJehova watshela uMose: “Awunakubona ubuso bami, ngokuba akukho-muntu ongangibona, aphile.” (Eksodusi 33:20) LeNkosi yasezulwini ikhazimula kakhulu kangangokuba abantu abanakukwazi ukubekezelela okuhlangenwe nakho kokuyibona.

Nakuba uJehova engabonakali emehlweni ethu, kunobufakazi obuningi bokuba khona kwakhe njengoNkulunkulu uMninimandla onke. Ngempela, “okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe.” (Roma 1:20) Umhlaba—notshani bawo, izihlahla, izithelo, imifino, nezimbali—ufakazela ukuba kukaJehova uNkulunkulu. Ngokungafani nonkulunkulu bezithombe abayize, uJehova unikeza imvula nezikhathi zenala. (IzEnzo 14:16, 17) Bheka izinkanyezi esibhakabhakeni ebusuku. Yeka ubufakazi obuhle bokuba kukaJehova uNkulunkulu nekhono lakhe lokuhlela!

UJehova uye futhi wahlela izidalwa zakhe zomoya ezihlakaniphile, ezingcwele ezulwini. Njengenhlangano enobunye, zenza intando kaNkulunkulu, njengoba umhubi esho: “Bongani uJehova nina-zingelosi zakhe, nina-maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe. Bongani uJehova nina-mabandla onke akhe, nina-zinceku zakhe enenza intando yakhe.” (IHubo 103:20, 21) UJehova futhi uye wahlela abantu bakhe emhlabeni. Isizwe sakwa-Israyeli sasihlelwe kahle, nabalandeli bokuqala beNdodana kaNkulunkulu babehlelwe kahle. Ngokufanayo nanamuhla, uJehova unenhlangano yomhlaba wonke yoFakazi abashisekayo, abamemezela izindaba ezinhle zokuthi uMbuso wakhe ususondele.—Mathewu 24:14.

UJehova UnguNkulunkulu Weqiniso Nophilayo

Ukuba kukaJehova uNkulunkulu kuye kwaboniswa ngezindlela eziningi kakhulu! Wathobisa onkulunkulu bamanga baseGibithe futhi wangenisa ama-Israyeli ngokuphepha eZweni Lesithembiso. Indalo inikeza ubufakazi obuningi bokuba kukaJehova uNkulunkulu. Futhi akanakuqhathaniswa nonkulunkulu bezithombe abayize benkolo yamanga.

Umprofethi uJeremiya wabonisa umehluko omkhulu phakathi kukaJehova, uNkulunkulu ophilayo, nezithombe ezingaphili ezenziwe ngabantu. Lowomehluko uvezwe kahle kuJeremiya isahluko 10. Phakathi kwezinye izinto, uJeremiya wabhala: “UJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade.” (Jeremiya 10:10) UNkulunkulu weqiniso nophilayo, uJehova, wadala izinto zonke. Wakhulula ama-Israyeli ayephelelwa amandla ebugqilini baseGibithe. Akukho okungenakwenzeka ngaye.

UJehova, “iNkosi yaphakade,” uyowuphendula lomthandazo: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (1 Thimothewu 1:17; Mathewu 6:9, 10) UMbuso wasezulwini wobuMesiya, kakade osusezandleni zikaJesu Kristu, ngokushesha uzothatha isinyathelo ngokumelene nabantu ababi futhi ubhubhise zonke izitha zikaJehova. (Daniyeli 7:13, 14) Futhi lowoMbuso uyoletha izwe elisha lezibusiso ezingapheli esintwini esilalelayo.—2 Petru 3:13.

Kunokuningi kakhulu okungase kufundwe ngoJehova nezinjongo zakhe. Kungani ungakwenzi umgomo wakho ukungenisa ulwazi olunjalo futhi wenze ngokuvumelana nalo? Uma wenza lokhu, uyoba nelungelo lokujabulela ukuphila okuphakade epharadesi lasemhlabeni ngaphansi kokubusa koMbuso. Uyophila lapho usizi, ubuhlungu, ngisho nokufa kuyobe sekudlulile futhi ulwazi ngoJehova lugcwalisa umhlaba. (Isaya 11:9; IsAmbulo 21:1-4) Lokho kungaba ikusasa lakho uma ufuna, uthola, futhi wenza ngokuvumelana nezimpendulo ezisekelwe eBhayibhelini zombuzo othi, ‘Ungubani uJehova?’

[Umthombo Wesithombe ekhasini 7]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.