Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Uvikela Abantu Bakhe EHungary

UJehova Uvikela Abantu Bakhe EHungary

UJehova Uvikela Abantu Bakhe EHungary

IHUNGARY, esenkabeni yeYurophu, kaningi iye yahlushwa izinxushunxushu ebezenzeka emlandweni. Abantu bakhona baye bahlupheka kakhulu, naphezu kokunikelwa kwabo eNcasakazini uMariya nokuphoqwa yinkosi yabo yokuqala, uStephen ukuba babe amaKristu okuzisholo ngo-1001 C.E.

Phakathi namakhulu eminyaka izimpi eziningi zangaphakathi zenza iHungary yaba buthakathaka okwabangela ukuba ezinye izizwe ziyinqobe ngokuphindaphindiwe. Abantu bazo zonke izigodi babulawa phakathi nalezimpi, kamuva indawo yabo yathathwa abantu bakwamanye amazwe. Ngaleyondlela, abantu abakhile baba yinhlanganisela yezinhlanga eziningi. Uma sikhuluma ngokwenkolo, cishe abantu ababili kwabathathu kubantu balelizwe bahlala bengamaKatolika, nakuba kamuva iNguquko yasakazekela kwezinye izindawo.

Isiqalo Esihle

Kwakungo-1908 lapho imbewu yeqiniso leBhayibheli ihlwanyelwa ngokokuqala eHungary. Lokhu kwenziwa ngowesifazane othile owayefunde iqiniso kubaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngalesosikhathi. Ngenxa yokushumayela kwakhe, abaningi baba nesithakazelo ezindabeni ezinhle. Ngokushesha ngemva kwalokho amadoda amabili ayephindela eHungary evela e-United States asakaza izindaba ezinhle isikhathi esigcwele njengama-colporteur. Iqiniso lasakazeka kancane kancane kodwa ngokuphumelelayo, futhi kwamiswa umshini wokunyathelisa eKolozsvár.

Umbiko wokuqala onokwethenjelwa watholwa ngo-1922, lapho AbaFundi BeBhayibheli abangu-67 abavela emadolobheni ayishumi beba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Umsebenzi wabo wokufakaza waba nomphumela osheshayo, okwaphumela ekuphikisweni ngoba abefundisi bathonya uhulumeni nabezezindaba ukuba bavimbele lomsebenzi wokushumayela.

Ukuhlasela Kuyaqina

Ngo-1928, umpristi ongumKatolika uZoltán Nyisztor wakhipha ipheshana elalinesihloko esithi Millennialist Bible Students. Kulelipheshana wagomela ngokuqondene nabaFundi BeBhayibheli wathi: “Babi kunama-bolshevist abomvu ahlasela ngezikhali, ngoba laba badukisa abantu abangenacala ngokusebenzisa iBhayibheli ukuze bafihle izisusa zabo ezingokoqobo. I-Hungarian Royal State Police ibheke umsebenzi wabo ngeso elibukhali.”

Phakathi nalesosikhathi umzalwane oshisekayo ogama lakhe nguJosef Kiss wavakashela amabandla. Amaphoyisa amlandela ngokunyenya. Ngo-1931 wayesekhaya lomzalwane othile lapho amaphoyisa efika engazelele futhi emyala ukuba ahambe ngokushesha. Njengoba uMzalwan’ uKiss ayeqala ukupakisha izimpahla zakhe, elinye iphoyisa lamshaya ngesidunu sesibhamu salo futhi lamsongela: “Sheshisa, uma kungenjalo uzogwazwa!” UMzalwan’ uKiss wamomotheka futhi wathi: “Khona-ke ngizoya ekhaya ngokushesha,” ebhekisela ethembeni lakhe lasezulwini njengomKristu ogcotshiwe.

Amasosha alandela uMzalwan’ uKiss lapho eya esitimeleni. Wayelindelwe ukuba afike ebandleni laseDebrecen ngo-June 20, 1931, kodwa akazange abonakale. Abazalwane baphetha ngokuthi izitha zakhe zazimbulele, nokuthi ‘wayeye ekhaya’ ngempela emvuzweni wakhe wasezulwini. Nakuba umsebenzi wakhe wamiswa, iziphathimandla azikwazanga ukucisha ukukhanya kweqiniso.

Ngokuvamile kwakusetshenziswa ukuhlakanipha ukuze kunikezwe ubufakazi. Ngokwesibonelo, maphakathi nawo-1930, kwafa umzalwane eTiszakarád. Ngalesosikhathi imingcwabo yayiqhutshwa kuphela ngemvume yezikhulu. Abazalwane banikezwa umzuzu owodwa nje ukuba bathandaze nowodwa wokuba bacule. Amalungu ombutho wamaphoyisa, ayezé kulomgcwabo nezibhamu nezinsabule, kwakumelwe akuphoqelele lokhu. Abantu abaningi bendawo beza ngoba babenelukuluku lokwazi indlela lomgcwabo owawuzoqhutshwa ngayo.

Umzalwane wema eduze kwebhokisi futhi wathandaza ingxenye yehora kangangokuthi abantu bathi babengakaze bezwe okuthile okufana nakho. “Ngisho noma lomgcwabo ubuqhutshwe abapristi abayisithupha,” besho, “ubungeke ube ngoshukumisa kangaka.” Khona-ke umzalwane onephimbo elihle waqala ukuhola ngengoma, kodwa iphoyisa lamyala ukuba athule. Kamuva lamaphoyisa avuma ukuthi, nakuba azizwa engakhululekile, ayengenakuwuphazamisa umthandazo.

Njengoba ukuhlasela kwakuqhubeka, uLajos Szabó, umpristi we-Reformed Church, wabhala okulandelayo encwajaneni yakhe yango-1935 ethi Antichrist by the River Tisza: “Kwaba umbono ohlakaniphile ukondla izingqondo zabantu ngemfundiso yama-bolshevist egameni lenkolo . . . UMarx wazenza uKristu . . . UmphikuKristu wayelapha embethe isambatho sakhe esibomvu kanye noFakazi BakaJehova.”

Iminyaka Yokuvinjelwa

Ngo-1939 umsebenzi woFakazi BakaJehova wavinjelwa ngokuphelele. Wachazwa ngokuthi uwumsebenzi “omelene nenkolo nomphakathi.” Isonto lama-Adventist, ama-Baptist, ama-Evangelical, nelaseHabe akhipha amapheshana amelene noFakazi. Kodwa uJehova akazange azishiye izinceku zakhe, futhi zanakekelwa oFakazi bakwamanye amazwe. Ngaphezu kwalokho, abantu bakaNkulunkulu eHungary baba nokuhlangenwe nakho okuningi okuqinisa ukholo.

Ngokwesibonelo, lapho umzalwane othile eletha isikhwama esigaxwa emhlane esigcwele omagazini abavela eCzechoslovakia, isikhulu sentela sabuza: “Kunani kulesosikhwama?” Lomzalwane waphendula ngokwethembeka: “IziNqabazokulinda.” Ngemva kwalokho lesikhulu senza uphawu ngesandla saso njengokungathi sibonisa ukuthi lomzalwane wayehlanya, futhi samvumela ukuba aqhubeke nohambo lwakhe. Ngaleyondlela, ukudla okungokomoya kwafika ngokuphepha eHungary.

Nakuba kunjalo, ukuhlukunyezwa akuzange kuphele. Abazalwane abaningi kakhulu baboshwa futhi bathunjwa izikhathi ezihlukahlukene. Kamuva iqembu elikhethekile lokuphenya labelwa ukuba lithathe isinyathelo sokulawula nokuqondisa izigwegwe koFakazi BakaJehova. Ngo-1942, amadoda, abesifazane, nabantwana bahlanganiswa futhi bafakwa ezitebeleni nasezikoleni zamaJuda ezingenamuntu. Ngemva kwezinyanga ezimbili zokuhlushwa, baquliswa icala futhi baboshwa. Abanye bagwetshelwa ukudilikelwa yijele; abanye bagwetshwa iminyaka esukela kwemibili kuya kwengu-15 ejele. Abazalwane abathathu—uDénes Faluvégi, u-András Bartha, noJános Konrád—bagwetshwa intambo ngokuthi balengiswe, kodwa kamuva isigwebo sashintshwa saba wukudilikelwa yijele. Khona-ke, abazalwane abangu-160 bayiswa ekamu lokufa eBor. Ngemva kokweqa umngcele, batshelwa ukuthi babengeke baphindele emuva bephila. Phakathi kwamaJuda angu-6 000 adingiswa alethwa kulelikamu, angu-83 kuphela aqhubeka ephila. Nokho, ngaphandle kwabane, bonke oFakazi baphindela emuva.

Abanye boFakazi BakaJehova babengabafel’ ukholo ngempela. Ngasekupheleni kweMpi Yezwe II, amaNazi abulala abazalwane abaningi. UBertalan Szabó, uJános Zsondor, no-Antal Hónis badutshulwa bafa, futhi uLajos Deli walengiswa.—Mathewu 24:9.

Ushintsho Oluhle Lumane Lungolwesikhashana

Ngemva kwempi yezwe yesibili, izinto zashintsha futhi. Uhulumeni ohlangene wathembisa ukunikeza abantu amalungelo abo. Ngokushesha abazalwane abavela emakamu baqala ukushumayela nokuhlela amabandla. Baba nomuzwa wokuthi uJehova wayebanikeze inkululeko ukuze badumise igama lakhe eliphakeme, hhayi ukuba bazame ukuqongelela izinto ezibonakalayo. Ekupheleni kuka-1945, kwakunabamemezeli boMbuso abakhuthele abangu-590. Ngo-1947 kwathengwa indlu eyayizosetshenziswa njengehhovisi legatsha le-Watch Tower Society, futhi kwaba nomhlangano wokuqala wezwe lonke, ehholo lezemidlalo. Ababekhona babengu-1 200, futhi abakwaloliwe basezweni laseHungary benza ngisho nesaphulelo samaphesenti angu-50 kulabo ababeza kulomhlangano.

Nokho, inkululeko ayithathanga isikhathi eside. Ngokushesha, iQembu LamaKhomanisi lathola amandla, futhi uhulumeni washintsha. Ukwanda kwabantu bakaJehova kwadonsa ukunakekela kukahulumeni omusha, ngoba base bande besukela kubamemezeli abangu-1 253 ngo-1947 bafinyelela ku-2 307 ngo-1950. Ngalowonyaka izikhulu zaqala ukubeka izithiyo emsebenzini wokushumayela. Kwakudingeka izimvume zokushumayela, kodwa uhulumeni wenqaba ukuzikhipha, futhi labo ababefaka izicelo babeshaywa uMbutho Wezempi Wesizwe. Izihloko zamaphephandaba zaziqhubeka zijivaza oFakazi ‘njengamanxusa emibuso ebumbene.’ Ngokuthakazelisayo, ngaphambi kokuba ubuKhomanisi buthole amandla, oFakazi babeyiswa emakamu ngoba kuthiwa ‘bangabalandeli bobuKhomanisi bamaJuda.’

Ukwesaba Okukhulu Kuyaqala

Ngo-November 13, 1950, umbonisi wegatsha nomhumushi (ababili balabo ababegwetshwe intambo ngaphambili) baboshwa, kanye nombonisi wesifunda sokuqala. Bayiswa ejele elingelihle elingaphansi komhlaba ku-60 Andrássy Street eBudapest, ukuze “bayoyekiswa ukholo.” Icala labo laqulwa ngo-February 2 onyakeni owalandela. Umbonisi wegatsha wagwetshwa iminyaka eyishumi ejele, umhumushi iminyaka eyisishiyagalolunye, futhi umbonisi wesifunda iminyaka eyisishiyagalombili. Bobathathu bathathelwa impahla yabo. Phakathi nokuqulwa kwecala, abanye ababonisi abane bamabandla banikwa izigwebo zasejele ezisukela eminyakeni eyisihlanu kuya kweyisithupha ngamacala okuzama ukuketula umbuso.

Labazalwane bafakwa ejele elinesimiso sokuqapha esinqala, lapho babengenakuthola izincwadi khona, amaphasela, noma izivakashi. Imikhaya yabo ayizwanga lutho ngabo. Amagama abo ayengabizwa ngisho nokubizwa yilabonogada. Ngamunye wayefaka isigqebhezana sokhuni esinenombolo esilenga entanyeni yakhe njengento eyisibonakaliso. Kwakukhona ngisho nophawu odongeni olwalufundeka kanje: “Ungamane nje uzigade iziboshwa; zizonde.”

OFakazi basebenza ngomshoshaphansi, kodwa umsebenzi wokushumayela awuzange ume. Abanye oFakazi baqhubeka bavala izikhala zalabo ababeboshiwe. Ngokuhamba kwesikhathi labo ababevale izikhala zababoshiwe nabo baboshwa. Ngonyaka ka-1953, abazalwane abangaphezu kuka-500 babelahlwe ngecala futhi benikezwe izigwebo zasejele, kodwa izindaba ezinhle zazingenakuboshwa ngamaketanga. Abazalwane abambalwa kuphela abakholelwa izithembiso ezikhohlisayo zalabonogada futhi bashiya iqiniso.

Amathemba Akhanyayo

Ekupheleni kuka-1956, abantu baqala ukuvukela umbuso. IButho LaseSoviet lakuvimbela lokho kuvukela, futhi iQembu LamaKhomanisi lazuza amandla kabusha.

Bonke oFakazi ababeboshiwe base bekhululiwe, kodwa kamuva abazalwane abambalwa abaziwa kakhulu baphindiselwa ejele ukuba bayoqhubeka nezigwebo zabo, nakuba ababesanda kuhlanganyela bengazange baboshwe. Ekugcineni, ngo-1964, izinto zaqala ukushintsha. Iziphathimandla zazingasenzi lutho ukuze ziphazamise imingcwabo namadili emishado. Imihlangano yesifunda yayiqhutshelwa emahlathini. Nakuba eminye yayo yayiphazanyiswa, abekho oFakazi abengeziwe abayiswa ejele.

Ngo-1979 abazalwane abengamele bavunyelwa ukuba baye emhlanganweni eVienna. Phakathi nalowonyaka futhi, iziphathimandla zathembisa ukunikeza oFakazi BakaJehova ukuqashelwa okungokomthetho, kodwa kwadlula eminye iminyaka eyishumi ngaphambi kokuba lokhu kwenzeke ngempela. Ngo-1986 kwaqhutshwa umhlangano wesigodi wokuqala, eYouth Park yaseKamara Forest, iziphathimandla zazi. Kwafakwa ngisho nophawu, olubonisa ukuthi lona kwakunguMhlangano Wesigodi WoFakazi BakaJehova “Wokuthula Kwaphezulu.” Onyakeni owalandela kwaqhutshwa uMhlangano “Wokuthembela KuJehova,” futhi ngo-1988 abazalwane bajabulela uMhlangano “Wokulunga Kwaphezulu.”

Ukukhululeka Ekugcineni!

U-June 27, 1989, wayelusuku olumangalisayo, ngoba kwakuwusuku abazalwane abathola ngalo incwadi enikeza ukuqashelwa okungokomthetho eNhlanganweni Engokwenkolo YoFakazi BakaJehova eHungary. Ngo-July iHholo elikhulu Lezemidlalo LaseBudapest lahlalisa abantu abangu-9 477 ababekhona eMhlanganweni Wesigodi “Wokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu.” Lona lelihholo lasetshenziselwa uMhlangano Wesigodi “Wolimi Oluhlanzekile” ngo-1990, futhi kwaqhutshwa neminye imihlangano yesigodi kwamanye amadolobha amathathu amakhulu eHungary.

Manje njengoba ukuvinjelwa sekususwe ngokuphelele, kwaba yimpumelelo ukuhlela umhlangano wokuqala wezizwe zonke. Naphezu kwesimo sezulu esibi, waqhutshelwa eNépstadion eBudapest, lapho abangu-40 601 bahlangana khona ukuze bajabulele imfudumalo yothando lobuzalwane. Kulomhlangano wesigodi kwakukhona amalungu eNdikimba Ebusayo futhi aqinisa ukholo lwabazalwane ngezinkulumo zawo, futhi kwakhululwa izincwadi ezintsha nezincwajana ezingangomagazini ezinemifanekiso enombala ophelele.

Okwenzekayo Namuhla

Omagazini besiHungary INqabayokulinda ne-Phaphama! manje banyatheliswa kanye kanye nabangane babo besiNgisi nangokuhlelwa okufanayo okuhle. Ngo-1992 i-Yearbook yaqala ukunyatheliswa ngesiHungary. Inani labamemezeli bezindaba ezinhle landa ngokushesha lisuka ku-6 352 ngo-1971 lafinyelela ku-13 136 ngo-January 1993.

Namuhla, oFakazi BakaJehova eHungary bajabulela inkululeko engokwenkolo futhi bashumayela ngokukhululekile endlini ngendlu. Kunamabandla angu-205, futhi abangu-27 844 baba khona eSikhumbuzweni ngo-April 17, 1992. Kuze kube yilapho sekunamaHholo OMbuso anele, amabandla ayaqhubeka ehlangana ezikoleni, ezikhungweni zendawo, ezindaweni zamasosha ezingenamuntu, ngisho nasemahhovisi okwakungaweQembu LamaKhomanisi. Ngo-1992, amabandla ayishumi aye anikezela amaHholo OMbuso awo siqu, futhi amanye amahholo ayakhiwa.

Phakathi nazo zonke lezinguquko nokuvukela, ngokwethembeka abazalwane baye bahlala ngasohlangothini lukaJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, futhi baye baqhubeka beshumayela. Izinxushunxushu zalezikhathi azizange zibabhubhise, ngoba uJehova uye wavikela abantu bakhe eHungary.—IzAga 18:10.

[Amabalazwe ekhasini 9]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Vienna

AUSTRIA

Budapest

Debrecen

HUNGARY

ROMANIA

[Isithombe ekhasini 10]

Abantu bakaJehova behlangene eBudapest