Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuchuma Kungaluvivinya Ukholo Lwakho

Ukuchuma Kungaluvivinya Ukholo Lwakho

Ukuchuma Kungaluvivinya Ukholo Lwakho

UKUCHUMA kungaluvivinya ukholo lomuntu oqotho. Ukulwela ukuba ngochumile ngokwezinto ezibonakalayo kungaholela ekulahlekelweni ukholo. (1 Thimothewu 6:9, 10) Kodwa ukuchuma kungabuye kuluvivinye ngenye indlela ukholo. Lapho umuntu olungile ebona ukuthi abantu abaningi abangalungile bayachuma ngokwezinto ezibonakalayo kuyilapho yena ehlupheka, angase alingeke ukuba aphishekele inkambo yokungamesabi uNkulunkulu. Phela, lokhu kuye kwaholela ngisho nezinye zezinceku zikaJehova ekubeni zingabaze ukubaluleka kokuphishekela ukuphila okuqotho!

Lokhu kwenzeka kumculi ongumLevi u-Asafa phakathi nokubusa kwenkosi yakwa-Israyeli uDavide. U-Asafa waqamba amahubo ayesetshenziswa ekukhulekeleni kwasobala. Ekanye noHemani noJeduthani, wayebuye aprofethe, enikeza uJehova uNkulunkulu udumo nokubonga okuhambisana nomculo. (1 IziKronike 25:1; 2 IziKronike 29:30) Nakuba u-Asafa ayenamalungelo kanjalo, iHubo 73 libonisa ukuthi ukuchuma kwabantu ababi ngokwezinto ezibonakalayo kwaba uvivinyo olukhulu okholweni lwakhe.

Isimo Sengqondo Esiyingozi Sika-Asafa

“Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli, kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo. Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka; kwaba-kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.” (IHubo 73:1, 2) Ngalamazwi, u-Asafa wayevuma ukuthi uJehova wayemuhle esizweni sakwa-Israyeli. Lokho kwakunjalo ikakhulukazi kulabo “abanenhliziyo ehlanzekileyo,” ngoba kwakuyisifiso sabo ukunikeza uNkulunkulu ukuzinikela okuphelele futhi babe nengxenye ekungcwelisweni kwegama lakhe elingcwele. Uma sinalesosimo sengqondo, siyodumisa uJehova ngokukhuluma kahle ngaye ngisho noma sivivinywa kanzima ukuchuma kwababi noma ngenye indlela.—IHubo 145:1, 2.

Nakuba u-Asafa ayebuqaphela ubuhle bukaJehova, izinyawo zakhe zacishe zakhubeka endleleni yokulunga. Kwaba sengathi zazishelela eqhweni phakathi nomjaho okhathalisayo. Kungani ukholo lwakhe lwaba buthakathaka kangaka? Wachaza: “Ngokuba ngaba-nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ukubusa kwababi. Ngokuba abanabuhlungu kuze kube-sekufeni kwabo, [umkhaba wabo unonile, NW]. Abahlupheki njengabanye abantu; abahlushwa njengabanye abantu.”—IHubo 73:3-5.

Ukuchuma kwabangalungile ngokwezinto ezibonakalayo kwabangela u-Asafa ukuba abe nomhawu ngabo. Babebonakala sengathi bajabulela ukuphila okunokuthula, nakuba babeqongelela ingcebo ngezindlela zokuphamba. (Qhathanisa neHubo 37:1.) Ngokubonakala kwangaphandle babelondekile, naphezu kwezenzo zabo ezimbi. Phela, nokuphila kwabo kwakubonakala sengathi kuphela bengazange bezwe iminjunju yokufa ebuhlungu! Ngezinye izikhathi babefa ngokuthula futhi bezethembile, bengasiqaphele nakancane isidingo esingokomoya. (Mathewu 5:3, NW) Ngakolunye uhlangothi, ezinye zezinceku zikaNkulunkulu zihlushwa ukugula nokufa okubuhlungu, kodwa uyaziqinisa, futhi zinethemba lovuko elimangalisayo.—IHubo 43:1-3; Johane 5:28, 29.

Abantu ababi abaningi abanazo izinkinga zempilo ezibavimbela ukuba bajabulele ukudla kwabo okuyinala. ‘Umkhaba wabo unonile,’ izisu zabo ziphumele ngaphandle. Ngaphezu kwalokho, “abahlupheki njengabanye abantu,” ngoba ngokungafani neningi lesintu, akudingeki bazabalaze ukuze bathole izidingo zokuphila. U-Asafa waphetha ngokuthi ababi “abahlushwa njengabanye abantu.” Ikakhulukazi bayasinda ovivinyweni lolo abantu abesaba uNkulunkulu ababhekana nalo ngenxa yokuthi laba abashiwo kamuva banamathela ezindinganisweni zokulunga zikaJehova kulelizwe elibi likaSathane.—1 Johane 5:19.

Ngenxa yokuthi ababi bayachuma, u-Asafa waqhubeka wathi ngabo: “Ngakho-ke iqholo [lingumgexo, NW] wabo; indluzula ibembesa njengengubo. Amehlo abo aphinqekile ngokunona; imicabango yenhliziyo iyachichima. Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla; bakhuluma besekuphakameni. Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini; ulimi lwabo luhambela emhlabeni.”—IHubo 73:6-9.

Abenzi bobubi bahloba ngokuqhosha ‘njengomgexo,’ futhi izenzo zabo zobudlova ziningi kangangokuba ‘bambozwa yizo njengengubo.’ Njengoba bezimisele ukwenza izinto ngendlela yabo, besabisa abanye. Amehlo ababi awashonile phakathi ngenxa yokungondleki, kodwa ‘aphinqekile ngenxa yokunona,’ aphumele ngaphandle ngenxa yokukhuluphala okubangelwa ukuminza. (IzAga 23:20) Amacebo abo aphumelela kangangokuba baze ngisho benze imicabango yezinhliziyo zabo ‘ichichime.’ Bakhuluma ngokuphamba kwabo ngendlela yokuqhosha, ‘ephakeme.’ Phela, ‘baphakamisela umlomo wabo ezulwini, ulimi lwabo luhambela emhlabeni’! Njengoba bengahloniphi muntu osezulwini noma emhlabeni, bahlambalaza uNkulunkulu futhi bahlebe abantu.

Ngokusobala, u-Asafa wayengeyedwa ekuthintekeni kabi ngalokho akubona. Wathi: “Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha; amanzi amaningi bazimuncela wona. Bathi: UNkulunkulu wazi kanjani na? Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?” (IHubo 73:10, 11) Umbhalo wesiHeberu ungase usho ukuthi ngenxa yokuthi ababi babonakala bechuma, abanye phakathi kwabantu bakaNkulunkulu bavumela umbono ongalungile futhi babuyele esimweni esifanayo nabangenamthetho, bethi: ‘UNkulunkulu akazi ukuthi kwenzekani futhi ngeke athathe izinyathelo ezimelene nokungabi-namthetho.’ Ngakolunye uhlangothi, ukubona abantu ababi bephula umthetho futhi bebonakala bengasitholi isijeziso kufana nokuphuza okubabayo, okushukumisela abaqotho ukuba babuze: ‘UNkulunkulu angazibekezelela kanjani lezizinto? Akakuboni yini lokhu okwenzekayo?’

Eqhathanisa izimo zakhe nezababi, u-Asafa wathi: “Bheka, laba bayibo ababi; bazinza njalo; bandisa imfuyo. Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami, ngahlamba izandla zami ngingenacala, ngokuba ngahlushwa usuku lonke; kwasa ngijeziswa.” (IHubo 73:12-14) U-Asafa waba nomuzwa wokuthi kwakungasizi ngalutho ukuphila ngobuqotho. Abantu ababi babechuma, cishe ‘bandisa imfuyo yabo’ ngezindlela zokuphamba. Babebonakala bengasitholi isijeziso sokubi kakhulu ababekwenza, kodwa u-Asafa wayehlushwa “usuku lonke”—kusukela lapho evuka kuze kube yilapho eyolala ebusuku. Waba nomuzwa wokuthi uJehova wayembonisa amaphutha akhe njalo ekuseni. Njengoba lokhu kwabonakala kungalungile, kwaluvivinya ukholo luka-Asafa.

Ukulungiswa Kokucabanga

Ekugcineni lapho eqaphela ukuthi ukucabanga kwakhe kwakungalungile, u-Asafa wathi: “Uma bengithé, ngizakukhuluma kanjalo, bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho. Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho, kwaba-luhlupho emehlweni ami, ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu, ngaqaphelisisa ukugcina kwabo. Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi; ubawisa babe-yincithakalo. Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo. Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi, uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.”—IHubo 73:15-20.

U-Asafa wenza kahle ngokuthi angazwakalisi ukukhononda, ngokuba ukusho obala ukuthi kuyize ukukhonza uJehova kwakungase kudumaze amalungu omkhaya wakhe wabakhulekeli noma kwakungase kwenze ukholo lwawo lube buthakathaka. Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuthula bese senza lokho u-Asafa akwenza! Ukuze abone ukuthi kungani ababi babebonakala bephumelela ngokwenza okubi kuyilapho abaqotho behlupheka, waya endlini engcwele kaNkulunkulu. Leyondawo yasiza u-Asafa ukuba azindle ngokuthula phakathi kwabakhulekeli bakaJehova, futhi ukucabanga kwakhe kwalungiswa. Ngakho-ke namuhla, uma sididwa yilokho esikubonayo, nathi ngokufanayo masifune izimpendulo zemibuzo yethu ngokuhlanganyela nabantu bakaNkulunkulu esikhundleni sokuzehlukanisa.—IzAga 18:1.

U-Asafa waqaphela ukuthi uNkulunkulu wayebeké ababi “ezindaweni ezibushelezi.” Ngenxa yokuba ukuphila kwabo kugxile ezintweni ezibonakalayo, basengozini yokuthola ukuwa bengazelele. Ekugcineni, ukufa kuyobahlasela lapho sebegugile, futhi inzuzo yabo abayithole ngezindlela ezingafanelekile ngeke ibanikeze ukuphila okuhlala isikhathi eside. (IHubo 49:6-12) Ukuchuma kwabo kuyofana nephupho elidlula ngokushesha. Ubulungisa bungase bubafice ngisho nangaphambi kokuba bafinyelele ukuguga njengoba bevuna lokho abakuhlwanyelayo. (Galathiya 6:7) Njengoba beye bafulathela okuwukuphela kwaKhe ongabasiza, basala bengenalo usizo ngokuphelele, bengenathemba. Lapho uJehova emelana nabo, uyobheka “umfanekiso” wabo—ubukhazikhazi babo nesikhundla—ngokunengwa.

Qaphela Ukusabela Kwakho

Njengoba engazange asabele kahle kulokho akubona, u-Asafa wavuma: “Kwathi inhliziyo yami yaba-nomunyu, kuhlaba ezinsweni zami, ngaba-yisiphukuphuku, angaqonda-lutho; ngaba-yisilwane kuwe. Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo; ungibambile ngesandla sami sokunene. Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.”—IHubo 73:21-24.

Ukuzindla ngokuchuma kwababi ngokwezinto ezibonakalayo nangokuhlupheka kwabaqotho kungabanga umunyu enhliziyweni yomuntu noma kumdabukise. Ngaphakathi ekujuleni—ezinsweni zakhe—ukuphazamiseka kuka-Asafa ngenxa yalesimo kwambangela ubuhlungu obukhulu. Ngokombono kaJehova, waba njengesilwane esingacabangi esisabela ngokwalokho esikuzwayo ngezinzwa zomzimba nje kuphela. Nakuba kunjalo, u-Asafa ‘wayelokhu enoNkulunkulu njalo, owayebambile isandla sakhe sokunene.’ Uma sona ekucabangeni kwethu kodwa sifune iseluleko sikaJehova njengoba kwenza u-Asafa, uNkulunkulu uyosibamba ngesandla, asisekele futhi asihole. (Qhathanisa noJeremiya 10:23.) Kulapho sisebenzisa iseluleko sakhe kuphela lapho singaholelwa esikhathini esizayo esijabulisayo. Singase sibhekane nokuthotshiswa okwesikhashana, kodwa uJehova uyoletha okuphambene, ‘asiyise enkazimulweni,’ noma udumo.

Eqaphela isidingo sokwethembela kuJehova, u-Asafa wanezela: “Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni-lutho emhlabeni. Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube-phakade. Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha; uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga. Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngenzile iNkosi uJehova ibe-yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.”—IHubo 73:25-28.

Njengo-Asafa, asinaye omunye ngaphandle kukaJehova esingathembela kuye ukuze sithole ukulondeka kweqiniso nenduduzo. (2 Korinte 1:3, 4) Ngakho esikhundleni sokufisa ingcebo yasemhlabeni yanoma ubani, masikhonze uNkulunkulu futhi sizibekelele ingcebo ezulwini. (Mathewu 6:19, 20) Ukuba nesimo sokuvunyelwa uJehova kufanele kube injabulo yethu enkulu kunazo zonke. Ngisho nakuba izitho zethu nenhliziyo kungase kwehluleke, uyosiqinisa futhi enze inhliziyo yethu ingaguquguquki ukuze singalahlekelwa ithemba nesibindi lapho sibhekene nosizi. Ubuhlobo obuseduze noJehova buyimpahla eyigugu. Ukulahlekelwa yibo kungasho inhlekelele kithi nakulabo abamshiyayo. Ngakho-ke, njengo-Asafa masisondele kuNkulunkulu futhi siphonse zonke izinkathazo zethu kuye. (1 Petru 5:6, 7) Lokhu kuthuthukisa inhlala-kahle yethu engokomoya futhi kusishukumisela ukuba sitshele abanye ngemisebenzi kaJehova emangalisayo.

Hlala Uthembekile KuJehova

U-Asafa wayekhathazekile ngoba wayebona abenzi bobubi bechuma kwa-Israyeli, izwe lakubo. Phakathi kwezinceku zikaJehova ezithembekile, kwakukhona ‘abantu ababi’ ababenecala lokuzikhukhumeza, ukuzidla, ubudlova, ukukloloda, nokuphamba, nababephika ukuthi uNkulunkulu wayekwazi lokho ababekwenza. (IHubo 73:1-11) Yeka isixwayiso! Ukuze sijabulise uJehova uNkulunkulu, kumelwe sigweme ukubonisa izici ezinjengokuqhosha, ubudlova, ukukloloda, nokungathembeki. Njengo-Asafa, zonke izinceku zikaJehova ‘maziye endlini enhle engcwele kaNkulunkulu’ ngokuhlangana njalo nabakhulekeli baKhe abathembekile. Ngempela, bonke abathanda uJehova ‘mabasondele kuNkulunkulu,’ bethembela kuye ukuba abasekele lapho bebhekene nezinhlupheko, kungakhathaliseki ukuthi abanye bangase bathini noma benzeni.—IHubo 73:12-28; 3 Johane 1-10.

Yiqiniso, ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo kwabenzi bobubi kungaluvivinya ukholo lwethu, njengoba kwenzeka koluka-Asafa. Nakuba kunjalo, singakukhuthazelela lokhu kulingwa uma sigxilisa ukuphila kwethu enkonzweni kaJehova. Siyovuzwa ngokwenza lokhu ngoba ‘uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wethu nothando esilubonakalisa ngakulo igama lakhe.’ (Heberu 6:10) Ukulingwa kwethu kuyoba ‘okululana okungokomzuzwana’ uma kuqhathaniswa nomvuzo wethu. (2 Korinte 4:17) Ngisho neminyaka engu-70 noma engu-80 yokuhlupheka ifana nje nomoya odlula ezindebeni zethu lapho sihlebeza uma iqhathaniswa nokuphila okuphakade okujabulisayo uJehova akwethembisa izinceku zakhe ezithembekile.—IHubo 90:9, 10.

Kwangathi singelokothe sivumele ukuchuma kwabenzi bobubi ngokwezinto ezibonakalayo uma kuqhathaniswa nokuhlupheka kwethu ngenxa yokulunga kusivimbele ekuboniseni ukholo oluyisithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22, 23; 1 Petru 3:13, 14) USathane angajabula uma singalingisa ababi, labo ngokuvamile abachuma ngoba bengathembekile. Kunalokho, masidumise igama likaJehova ngokumelana nezilingo zokusiyekisa izindinganiso zakhe zokulunga. (Zefaniya 2:3) Masingakhathazwa impumelelo yabenzi bobubi, ngoba, ikakhulukazi, bangazuza ukuchuma ngokwezinto ezibonakalayo kuphela. Kepha kusiza ngani lokho? Akuqhathaniseki ngisho nakancane nokuchuma okungokomoya okujatshulelwa yilabo ababonisa ukholo eNkosini enguMbusi uJehova.