Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Insizwa Eyayithanda Ukuhamba Ngesitimela Ifunda Iqiniso

Insizwa Eyayithanda Ukuhamba Ngesitimela Ifunda Iqiniso

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Insizwa Eyayithanda Ukuhamba Ngesitimela Ifunda Iqiniso

UMA inhliziyo yomuntu ithambekele ekulungeni, khona-ke uJehova uNkulunkulu, esebenzisa uKristu Jesu nezingelosi zasezulwini, uyoqikelela ukuthi ekugcineni umuntu onjalo oyimvu uyazithola izindaba ezinhle zoMbuso. Ngesikhathi esifanele lowomuntu angase abe sohlangothini lwangakwesokudla sikaJesu lolo alubonisa umusa. (Mathewu 25:31-33) Lokhu kwenzeka ensizweni ethile yase-Austria eyayithanda ukuhamba ngesitimela eyajwayelana neqiniso ngendlela engajwayelekile.

Ingxenye ethakazelisa kakhulu ngomsebenzi wokuzilibazisa walensizwa kwakuwukugibela ekhanda lesitimela, ngemvume yabaphathi bakaloliwe. Uhambo ngalunye yayiluqopha ngekhamera yayo ye-video ukuze ikwazi ukuphinde ilubuke futhi ekhaya layo. Ohambweni lwayo eyaluthatha isuka eVienna iya eSalzburg, umshayeli wekhanda lesitimela wayengomunye woFakazi BakaJehova. Wasebenzisa ithuba lokukhuluma ngoMbuso kowayethanda ukuhamba ngesitimela. Ekuqaleni lensizwa yamangala uma izwa lomshayeli ekhuluma ngoNkulunkulu nangeBhayibheli, kodwa phakathi naloluhambo, yayigxile kakhulu kulokho eyayikubona kunalokho lomshayeli ayeyitshela khona.

Lapho ifika ekhaya futhi, lensizwa eshisekayo yabuka i-video yalokho eyayikuqophile hhayi kanye kodwa izikhathi eziyishumi, ngenxa yokuthi yayinesithakazelo esikhulu kuloluhambo. Njengoba yayiqophe namazwi, yakuzwa ngokuphindaphindiwe lokho uFakazi ayeyitshele khona. Njengoba yayiqhubeka ibukele i-video, kwakuba yilapho ijwayelana kakhulu nalokho eyayikutsheliwe. Manje yaqala ukucabanga ngakho, futhi ekugcineni yaba nesithakazelo esikhulu kulokhu kwaziswa okumangalisayo okunikezwayo okuvela eBhayibhelini. Yafuna ukwazi okwengeziwe.

Yakhumbula isibongo somshayeli wesitimela futhi yayazi ukuthi wayehlala endaweni ethile eVienna. Ngakho-ke yaya eposini yafike yashaya ucingo ngezinombolo ezivezwe ngaphansi kwalesosibongo encwadini yezinombolo zocingo. Umbuzo wayo kulabo ababephendula ucingo wawuthi: “Ingabe ungumshayeli wesitimela?” Uma impendulo ingucha, yayishaya enye inombolo. Ekugcineni, yamthola umshayeli wesitimela. Yamtshela indaba yayo nokuthi yayinesithakazelo esigijimini seBhayibheli eyayisizwe ku-video.

LoFakazi wenza amalungiselelo ngehhovisi legatsha ukuthi lensizwa ihanjelwe othile ohlala eduze nayo. Kwenzeka ukuthi ebandleni lendawo, kube khona omunye onguFakazi naye ongumshayeli wesitimela. Lomshayeli wesitimela wesibili wamhambela lona othanda ukuhamba ngesitimela, futhi isifundo seBhayibheli saqaliswa. Ehlobo lika-1991, lensizwa yabhapathizwa.

UJehova, ohlola zonke izinhliziyo, kumelwe ukuba wabona ukuthi lomuntu wayenothando oluqotho ngokulunga. Khona-ke, wenza ukuba alithole iqiniso leBhayibheli—nakuba kwaba ngendlela engajwayelekile.—1 IziKronike 28:9; Johane 10:27.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 9]

Courtesy of the Austrian Railways