Makungabikho Owonakalisa Imikhuba Yakho Emihle
Makungabikho Owonakalisa Imikhuba Yakho Emihle
“Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa okubi konakalisa imikhuba enosizo.”—1 KORINTE 15:33, NW.
1, 2. (a) Umphostoli uPawulu wayezizwa kanjani ngamaKristu aseKorinte, futhi ngani? (b) Yisiphi iseluleko esikhethekile esizosicabangela?
YEKA ukuthi uthando lobuzali luwumzwelo onamandla kanjani! Lushukumisela abazali ukuba bazidele ngenxa yabantwana babo, ukuba babafundise futhi babeluleke. Kungenzeka ukuthi umphostoli uPawulu wayengeyena ubaba ngomqondo ongokwemvelo, kodwa wabhalela amaKristu aseKorinte: “Noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu‚ nokho oyihlo kababaningi‚ ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.”—1 Korinte 4:15.
2 Ngaphambili, uPawulu wayeye eKorinte, lapho ashumayela khona kumaJuda nakumaGreki. Wasiza ekwakheni ibandla eKorinte. Kwenye incwadi uPawulu wafanisa ukukhathalela kwakhe nokomdlezane, kodwa wayenjengobaba kwabaseKorinte. (1 Thesalonika 2:7) Njengoba ubaba onothando ongokwemvelo enza, uPawulu wayala abantwana bakhe abangokomoya. Ungazuza kulesiseluleko esinjengesikababa esasiya kumaKristu aseKorinte: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa okubi konakalisa imikhuba enosizo.” (1 Korinte 15:33, NW) Kungani uPawulu ababhalela lokho abaseKorinte? Singasisebenzisa kanjani lesiseluleko?
Iseluleko Kubo Nakithi
3, 4. Yini esiyaziyo ngeKorinte lekhulu lokuqala nezakhamuzi zalo?
3 Ekhulwini lokuqala, isazi sokuma kwezwe esingumGreki uStrabo sabhala: “IKorinte kuthiwa ‘licebile’ ngenxa yezentengiselwano zalo, njengoba lakhiwe emDweshwini wezwe futhi lilawula izikhumulo zemikhumbi ezimbili, esinye sazo siholela e-Asia ngokuqondile, futhi esinye siholela e-Italy; futhi likwenza kube lula ukuhwebelana kuwo womabili lamazwe.” Njalo ngemva kweminyaka emibili iMidlalo Yase-Isthmus edumile yayiletha izixuku zabantu eKorinte.
4 Babenjani abantu bakulomuzi owawuyisikhungo sakho kokubili ukubusa ngendlela kahulumeni nokukhulekelwa kuka-Aphrodite okuvusa inkanuko? Uprofesa T. S. Evans wachaza: “Izakhamuzi zakhona [zazi]cishe zibe ngu-400 000. [Kwaku]wumphakathi wabantu abaphucuke kakhulu, kodwa onokuziphatha okuxekethile, ngisho nokubi. . . . Izakhamuzi ezingamaGreki zase-Akhaya zaziphawulwa ngokuba nengqondo ephapheme nesifiso esivuthayo sokuthola izinto ezintsha. . . . Ukuzazisa kwazo kwakungabangela kalula nje ukwehlukana ngamahlelo.”
5. Iyiphi ingozi abazalwane baseKorinte ababebhekene nayo?
1 Korinte 1:10-31; 3:2-9) Inkinga enkulu yayiwukuthi abanye babethi: “Akukho ukuvuka kwabafileyo.” (1 Korinte 15:12; 2 Thimothewu 2:16-18) Kungakhathaliseki ukuthi yini ngempela ababeyikholelwa (noma ababengayikholelwa), uPawulu kwadingeka abaqondise ngokubanikeza ubufakazi obucacile bokuthi uKristu ‘wayevusiwe kwabafileyo.’ Ngakho, amaKristu ayengaba nethemba lokuthi uNkulunkulu wayeyowanikeza “ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.” (1 Korinte 15:20, 51-57) Ukuba wawulapho, ingabe wawuyothonyeka?
5 Ngokuhamba kwesikhathi ngisho nebandla lahlukaniswa phakathi abathile ababesathambekele ekucabangeni kokuzazisa. (6. Iseluleko sikaPawulu kweyoku-1 Korinte 15:33 sasisebenza kobani ngokukhethekile?
6 Eqhubeka nokunikeza ubufakazi obuqinile bokuthi abafile bayovuswa, uPawulu wabatshela: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa okubi konakalisa imikhuba enosizo.” Lesiseluleko ngokuyinhloko sasiqondene nalabo ababehlanganyela nebandla ababengavumelani nemfundiso yokuvuswa kwabafileyo. Ingabe babemane nje bengaqiniseki ngephuzu ababengaliqondi? (Qhathanisa noLuka 24:38, NW.) Cha. UPawulu wabhala ukuthi ‘abanye phakathi kwenu bathi akukho ukuvuka kwabafileyo,’ ngakho labo ababehilelekile babebonisa ukuphikisa, bethambekele ekuhlubukeni. UPawulu wayeqaphela ngokugcwele ukuthi babengayonakalisa imikhuba emihle nokucabanga kwabanye.—IzEnzo 20:30; 2 Petru 2:1.
7. Yisiphi isimo esingasebenzisa kuso eyoku-1 Korinte 15:33?
7 Singasisebenzisa kanjani lesisixwayiso sikaPawulu esimayelana nesizihlanganisa nabo? Wayengasho ukuthi kufanele sigweme ukusiza othile ebandleni okuthola kunzima ukuqonda ivesi leBhayibheli noma imfundiso. Ngempela, uJuda 22, 23 usinxusa ukuba sinikeze usizo lwesihe kwabaqotho abanokungabaza okunjalo. (Jakobe 5:19, 20) Nokho, iseluleko sikaPawulu esinjengesikababa, kufanele ngokuqinisekile sisebenze uma othile eqhubeka engakwamukeli okunye kwalokho esaziyo ukuthi kuyiqiniso leBhayibheli noma eqhubeka esho amazwi anokungabaza noma aphambene. Kufanele sixwaye ukuzihlanganisa nohlobo olunjalo lomuntu. Yiqiniso, uma othile eba yisihlubuki ngokuqondile, abelusi abangokomoya bayothatha isinyathelo ukuze bavikele umhlambi.—2 Thimothewu 2:16-18; Thithu 3:10, 11.
8. Singenza kanjani ngokuhlakanipha lapho othile ephikisa imfundiso yeBhayibheli?
8 Singawasebenzisa futhi amazwi kaPawulu anjengakababa akweyoku-1 Korinte 15:33 lapho kuziwa kulabo abangaphandle kwebandla abathuthukisa izimfundiso zamanga. Kungenzeka kanjani ukuba sizihlanganise nabo? Kungenzeka uma singawuboni umehluko phakathi kwalabo abangase basizwe ukuba bafunde iqiniso nalabo abamane nje bavuse impikiswano ukuze bathuthukise imfundiso yamanga. Ngokwesibonelo, emsebenzini wethu wokufakaza, singase sihlangane nomuntu ongavumelani nephuzu elithile kodwa ozimisele ukuqhubeka exoxa ngalo. (IzEnzo 17:32-34) Lokho ngokwakho akumelwe kube inkinga, ngoba sichaza ngenjabulo amaqiniso eBhayibheli kunoma ubani ofuna ngobuqotho ukuwazi, size ngisho siphindele ukuze sinikeze ubufakazi obanelisayo. (1 Petru 3:15) Nokho, abanye kungenzeka abanaso ngempela isithakazelo ekutholeni iqiniso leBhayibheli.
9. Kufanele sisabele kanjani lapho izinkolelo zethu zibekelwa inselele?
9 Abantu abaningi bangase baphikise amahora amaningi, amasonto amaningi, kodwa hhayi ngoba befuna iqiniso. Bafuna nje kuphela ukululaza ukholo lomunye kuyilapho begabisa ngokwabo siqu okuthiwa imfundo yesiHeberu, isiGreki, noma isayensi yokuziphendukela kwemvelo. Lapho behlangana nabo, abanye oFakazi baye baba nomuzwa wokuthi babekelwa inselele futhi baye bagcina sebezihlanganisa isikhathi eside nabantu abanjalo begxila enkolelweni yamanga engokwenkolo, ifilosofi, noma iphutha elingokwesayensi. Kuyinto ephawulekayo ukuthi uJesu akazange akuvumele lokho ukuba kwenzeke kuye, nakuba ayengaphumelela lapho kunenkulumo-mpikiswano nabaholi benkolo ababefunde isiHeberu noma isiGreki. Lapho ebekelwa inselele, uJesu wanikeza impendulo emfushane wayesephinde ephendulela ukunakekela kwakhe kwabathobekile, izimvu zangempela.—Mathewu 22:41-46; 1 Korinte 1:23–2:2.
10. Kungani ukuqapha kufanelekile ngamaKristu anama-computer futhi angase akwazi ukuthumela nokuthola izigijimi ngawo?
2 Johane 9-11 sigcizelela iseluleko sikaPawulu esinjengesikababa ngokuphathelene nokugwema ukuzihlanganisa nababi. *
10 Ama-computer anamuhla aye avula ezinye izindlela eziholela ekuzihlanganiseni nokubi. Amanye amafemu ezentengiselwano enza ukuba labo abenze izivumelwano zokuwakhokhela abane-computer nocingo bakwazi ukuthumela isigijimi esimisweni esithile esigcina ukwaziswa besebenzisa i-computer nocingo; kanjalo umuntu angakwazi ukufaka isigijimi sakhe kulesosimiso nge-computer esingase sitholwe yibo bonke abenze izivumelwano zokukhokha. Lokhu kuye kwaholela kulokho okubizwa ngokuthi izinkulumo-mpikiswano zakuma-computer eziphathelene nezindaba zenkolo. UmKristu angase ayengelwe ezimpikiswaneni ezinjalo futhi angase achithe amahora amaningi ekhuluma nongqondongqondo oyisihlubuki mhlawumbe osusiwe ekuhlanganyeleni nebandla. Isiqondiso esikweyesi-Gwema Ukudukiswa
11. Isimo sezentengiselwano saseKorinte savula liphi ithuba?
11 Njengoba kuphawuliwe, iKorinte laliyisikhungo sezentengiselwano, linezitolo eziningi namabhizinisi. (1 Korinte 10:25) Abaningi ababeze eMidlalweni Yase-Isthmus babehlala ematendeni, futhi phakathi nalesosenzakalo abathengisi babethengisa besemadokodweni athwalwayo noma ezindlwaneni ezinompheme. (Qhathanisa nezEnzo 18:1-3.) Lokhu kwenza kwaba nokwenzeka ngoPawulu ukuba athole umsebenzi wokwenza amatende lapho. Futhi wayengasebenzisa indawo ayesebenzela kuyo ukuze aqhubekisele phambili izindaba ezinhle. Uprofesa J. Murphy-O’Connor uyabhala: “Esesitolo esisemakethe ephithizelayo . . . ebheke ngasemgwaqweni ominyene uPawulu wakwazi ukukhuluma, hhayi nalabo ayesebenza nabo namakhasimende nje kuphela, kodwa wakhuluma nanezixuku ezazingaphandle. Ngezikhathi okwakungenamsebenzi omningi ngazo wayengama emnyango futhi amise labo ayecabanga ukuthi bangase balalele . . . Kunzima ukucabanga ukuthi ubuntu bakhe bentshiseko nenkolelo ephelele akuzange kumenze ‘avelele’ ngokushesha kulabo ayakhelene nabo, futhi lokhu kwakuyodonsa labo ababenelukuluku lokwazi, hhayi nje labo ababengenzi lutho kodwa nalabo ababefuna ukwazi ngobuqotho. . . . Abesifazane abashadile kanye nabalindi babo, ababezwile ngaye, babevakasha benze sengathi bazothenga. Ngezikhathi zokucindezeleka, lapho ushushiso noma ukuhlushwa okuncane kusongela, abakholwayo babeya kuye njengamakhasimende. Indawo yomsebenzi yenza futhi ukuba athintane nezikhulu zikamasipala.”
12, 13. Eyoku-1 Korinte 15:33 ingasebenza kanjani ngokufanelekile endaweni yomsebenzi?
12 Nokho, kumelwe ukuba uPawulu wakuqaphela ‘ukuzihlanganisa nababi’ okwakungase kube khona endaweni yomsebenzi. Nathi kufanele sikuqaphele. Ngokuphawulekayo, uPawulu wacaphuna isimo sengqondo abanye ababenaso: “Masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.” (1 Korinte 15:32) Ngokushesha walandelisa lokho ngeseluleko sakhe esinjengesikababa: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa okubi konakalisa imikhuba enosizo.” Indawo yomsebenzi nokufuna injabulo kungaxhumana kanjani ekudaleni ingozi?
13 AmaKristu afuna ukuba nobungane kulabo asebenza nabo, futhi okuhlangenwe nakho okuningi kubonisa indlela lokhu okungaphumelela ngayo ekuvuleni indlela yokunikeza ubufakazi. Nokho, osebenza naye angase akuqonde kabi ukuba nobungane, njengokufuna ukuzihlanganisa naye ukuze nibe nesikhathi esihle nindawonye. Angase akumemele nje ukudla kwasemini, ukuba nithi ukuphambukela endaweni ethile kancane ukuze nithole okuphuzwayo, noma ekuzilibaziseni okuthile ngempelasonto. Lomuntu angase abonakale enomusa futhi ebukeka kahle, futhi isimemo singase sibonakale singasoleki. Nokho, uPawulu uyaseluleka: “Ningadukiswa.”
14. Amanye amaKristu aye adukiswa kanjani ngalabo azihlanganisa nabo?
14 Amanye amaKristu aye adukiswa. Kancane kancane aye aba nesimo sengqondo esiyekethisayo ngokuqondene nokuzihlanganisa nalabo asebenza nabo. Mhlawumbe siye saqala ngokuba nesithakazelo esifanayo emdlalweni othile noma into
yokuzilibazisa. Noma umuntu ongeyena umKristu emsebenzini angase abe nomusa futhi abe ocabangelayo ngokukhethekile, kuholele ekuchitheni isikhathi esiningi unaye, uthande ngisho nobudlelwano obunjalo ukwedlula obabanye ebandleni. Khona-ke lokho kuzihlanganisa kungase kuholele ekubeni uphuthelwe umhlangano owodwa nje kuphela. Kungase kusho ukungabikho ekhaya ngobunye ubusuku kuze kwephuze nokuphula isimiso sokuhlanganyela enkonzweni yasensimini ekuseni. Kungaphumela ekubukeleni ibhayisikobho noma i-video yohlobo umKristu ngokuvamile angalwenqaba. ‘Oh, lokho ngeke kwenzeke kimi,’ singase sicabange. Kodwa abaningi balabo abaye badukiswa mhlawumbe baqale basabela ngaleyondlela. Kudingeka ukuba sizibuze, ‘Ngizimisele kangakanani ngempela ukusebenzisa iseluleko sikaPawulu?’15. Yisiphi isimo sengqondo esilinganiselayo okufanele sibe naso ngokuqondene nomakhelwane?
15 Lokho esisanda kukucabangela ngokuqondene nendawo yomsebenzi kuyasebenza futhi nasekuzihlanganiseni kwethu nomakhelwane. Ngokuqinisekile, amaKristu aseKorinte lasendulo ayenabo omakhelwane. Kweminye imiphakathi kuvamile ukuba nobungane kakhulu nomakhelwane nokubasekela. Ezindaweni zasemaphandleni omakhelwane bangase bathembele komunye nomunye ngenxa yokuba sendaweni engayodwa. Ubuhlobo bomkhaya buqine kakhulu kwezinye izindawo ezinamasiko, benza kube khona izimemo eziningi zokuhlanganyela ekudleni. Ngokusobala, umbono olinganiselayo ubalulekile, njengoba uJesu abonisa. (Luka 8:20, 21; Johane 2:12) Ekusebenzelaneni kwethu nomakhelwane nezihlobo, ingabe sithambekela ekuqhubekeni senza ngendlela esasenza ngayo ngaphambi kokuba sibe amaKristu? Kunalokho, akufanele yini manje sikucabangele kabusha ukusebenzelana okunjalo bese sinquma ngokuqapha ukuthi yimiphi imingcele efanelekile?
16. Kumelwe aqondwe kanjani amazwi kaJesu akuMathewu 13:3, 4?
16 UJesu wake wafanisa izwi loMbuso nezimbewu ‘eziwela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zazidla zaziqeda.’ (Mathewu 13:3, 4, 19) Emuva ngalesosikhathi, umhlabathi ongasendleleni wawuqina njengoba izinyawo eziningi zazehla zenyuka kuwo. Kunjalo ngabantu abaningi. Ukuphila kwabo kugcwele omakhelwane, izihlobo, nabanye abafikayo abangena bephuma, ababagcina bematasa. Lokhu, ngomqondo ongokomfanekiso, kugqisha umhlabathi wezinhliziyo zabo, kukwenze kube nzima ukuba izimbewu zeqiniso zimile izimpande. Ukunganaki okufanayo kungenzeka kulowo osengumKristu kakade.
17. Ukuzihlanganisa nomakhelwane nabanye kungasithinta kanjani?
17 Abanye omakhelwane bezwe nezihlobo bangase babe nobungane futhi babe wusizo, nakuba ngokuvamile beye babonisa ukungabi nasithakazelo ezintweni ezingokomoya nokungabi nathando ngokulunga. (Marku 10:21, 22; 2 Korinte 6:14) Ukuba kwethu amaKristu akufanele kusho ukuthi siba abangenabungane, abangenamusa. UJesu waseluleka ukuba sibonise isithakazelo esiqotho kwabanye. (Luka 10:29-37) Kodwa iseluleko sikaPawulu sokuba siqaphele ngokuqondene nalabo esizihlanganisa nabo siphefumlelwe futhi sidingeke ngendlela efanayo. Njengoba sisebenzisa iseluleko esingaphambili, akumelwe sikhohlwe esakamuva. Uma singazikhumbuli zombili lezimiso, imikhuba yethu ingalimala. Imikhuba yakho iqhathaniseka kanjani naleyo yomakhelwane bakho noma izihlobo ngokuqondene nokwethembeka noma ukulalela imithetho kaKesari? Ngokwesibonelo, bangase babe nomuzwa wokuthi ngesikhathi sokukhokha intela, ukungabiki yonke imali oyiholayo noma oyizuzayo ebhizinisini kulungile, futhi kudingekile ukuze umuntu aqhubeke ephila. Bangase bakhulume ngendlela eyengayo ngemibono yabo lapho nihlangene niphuza inkomishi yekhofi noma phakathi nokuvakasha okufushane. Lokho kungakuthinta kanjani ukucabanga kwakho nemikhuba yokwethembeka? (Marku 12:17; Roma 12:2) “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa okubi konakalisa imikhuba enosizo.”
Konakalisa Nemikhuba Yentsha
18. Kungani eyoku-1 Korinte 15:33 isebenza futhi nasentsheni?
18 Abantu abasha bathonywa kakhulu yilokho abakubonayo nabakuzwayo. Awukaze yini ubone abantwana abanezenzo noma imikhuba efana kakhulu neyabazali babo noma ontanga? Khona-ke, noMathewu 11:16, 17.) Uma indodana noma indodakazi yakho iphakathi kwentsha ekhuluma ngokungahloniphi ngabazali bayo, kungani ucabanga ukuthi lokhu ngeke kubathonye abantwana bakho? Kuthiwani uma ngokuvamile bezwa enye intsha isebenzisa ulimi olungcolile? Kuthiwani uma ontanga yabo esikoleni noma endaweni bejatshuliswa isitayela esisha sezicathulo noma amagugu okuhloba asemfashinini? Ingabe kufanele sicabange ukuthi amaKristu asemasha ngeke liwathinte ithonya elinjalo? Ingabe uPawulu wathi eyoku-1 Korinte 15:33 isebenza kwabaneminyaka ethile kuphela?
akufanele kusimangaze ukuthi abantwana bangathonywa kakhulu yilabo abadlala nabo noma abafunda nabo. (Qhathanisa19. Yimuphi umbono abazali okumelwe bazame ukuwufaka kubantwana babo?
19 Uma ungumzali, ingabe uyasiqaphela lesoseluleko lapho ubonisana nabantwana bakho futhi wenza izinqumo ngokuqondene nabo? Cishe kuyosiza uma uqaphela ukuthi lokhu akusho ukuthi yonke enye intsha abantwana bakho abaphakathi kwayo endaweni noma esikoleni yimbi. Enye yayo kungenzeka iyajabulisa futhi iyafaneleka, njengabanye bomakhelwane bakho, izihlobo, nosebenza nabo. Zama ukusiza abantwana bakho ukuba bakubone lokhu futhi baqonde ukuthi uyalinganisela ekusebenziseni kwakho iseluleko sikaPawulu esihlakaniphile, esinjengesikababa esasiya kwabaseKorinte. Njengoba beqonda indlela olinganisela ngayo izinto, kungabasiza ukuba bakulingise.—Luka 6:40; 2 Thimothewu 2:22.
20. Basha, iyiphi inselele enibhekene nayo?
20 Nina enisebasha, zamani ukuqonda indlela eningasisebenzisa ngayo lesiseluleko sikaPawulu, njengoba nazi ukuthi sibalulekile kuwo wonke amaKristu, amancane noma amadala. Lokhu kuyonibekela inselele, kodwa kungani ningazimiseli ukubhekana nalenselele? Qaphela ukuthi ngenxa nje yokuthi uye wazi abanye balabobantu abasha kusukela usengumntwana akusho ukuthi ngeke bayithonye imikhuba yakho, ukuthi ngeke bayonakalise imikhuba oyakhayo njengomKristu osemusha.—IzAga 2:1, 10-15.
Izinyathelo Eziqondile Zokuvikela Imikhuba Yethu
21. (a) Yisiphi isidingo esinaso ngokuqondene nokuzihlanganisa nabanye? (b) Kungani singaqiniseka ukuthi abanye abantu esizihlanganisa nabo bangaba yingozi?
21 Sonke siyakudinga ukuzihlanganisa nabantu. Nokho, kumelwe siqaphele ukuthi labo esizihlanganisa nabo bangasithonya, ngokuhle noma ngokubi. Lokho kwaba kanjalo ngo-Adamu nangawo wonke umuntu kuwo wonke lamakhulu eminyaka kusukela ngalesosikhathi. Ngokwesibonelo, uJehoshafati, inkosi enhle yakwaJuda, wajabulela umusa kaJehova nesibusiso. Kodwa ngemva kokuvumela indodana yakhe ukuba ishade nendodakazi yeNkosi u-Ahabi yakwa-Israyeli, uJehoshafati waqala ukuzihlanganisa no-Ahabi. Lokho kuzihlanganisa okubi kwacishe kwalahlekisela uJehoshafati ukuphila kwakhe. (2 AmaKhosi 8:16-18; 2 IziKronike 18:1-3, 29-31) Uma senza ukukhetha okungahlakaniphile ngokuqondene nalabo esizihlanganisa nabo, kungaba nengozi efanayo.
22. Yini okufanele siyilalele futhi ngani?
22 Khona-ke, masisilalele iseluleko sothando uPawulu asinikeza sona kweyoku-1 Korinte 15:33. Lawo akuwona nje amazwi okungenzeka siye sawezwa kaningi kangangokuba singawaphindaphinda ngekhanda. Abonisa uthando olunjengolukababa uPawulu ayenalo ngabafowabo nodadewabo baseKorinte, kuhlanganise nathi. Futhi ngaphandle kokungabaza aqukethe iseluleko uBaba wethu wasezulwini asinikezayo ngoba ufuna ukuba imizamo yethu iphumelele.—1 Korinte 15:58.
[Umbhalo waphansi]
^ par. 10 Enye ingozi ezimisweni ezinjalo zama-computer yisilingo sokukopisha izinhlelo noma izincwadi amalungelo azo okukopisha agodliwe ngaphandle kwemvume yabanikazi bazo bokuqala noma abalobi, okuyongqubuzana nemithetho yomhlaba wonke yamalungelo okunyathelisa.—Roma 13:1.
Ingabe Uyakhumbula?
□ Yisiphi isizathu esikhethekile esenza ukuba uPawulu abhale eyoku-1 Korinte 15:33?
□ Singasisebenzisa kanjani iseluleko sikaPawulu endaweni yomsebenzi?
□ Yimuphi umbono olinganiselayo ngokuqondene nomakhelwane okufanele sibe nawo?
□ Kungani eyoku-1 Korinte 15:33 ineseluleko esifanelekile ikakhulukazi entsheni?
[Imibuzo Yesifundo]
[Isithombe ekhasini 17]
UPawulu wasebenzisa indawo yomsebenzi ukuze aqhubekisele phambili izindaba ezinhle
[Isithombe ekhasini 18]
Enye intsha ingayonakalisa imikhuba yakho yobuKristu