Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Uyabakhumbula Abagulayo Nabagugile

UJehova Uyabakhumbula Abagulayo Nabagugile

UJehova Uyabakhumbula Abagulayo Nabagugile

KUNGASE kube nzima kakhulu lapho kumelwe ubhekane ‘nesikhathi esibi.’ (IHubo 37:18, 19) Isikhathi esinjalo singafika ngesimo sokukhula ngeminyaka nobuthakathaka obuhambisana nakho. Abanye bangena kulesikhathi senhlekelele lapho bephathwa ukugula okungathi sína, okuthatha isikhathi eside. Bangase babe nomuzwa wokuthi ukugula kwabo kulawula ukuphila kwabo, kubusa yonke imicabango yabo nezenzo.

Nokho, kuyakhuthaza ukukhumbula ukuthi uJehova ubheke zonke izinceku zakhe. Inhliziyo yakhe iyajabula lapho izinceku zakhe ezizinikezele ziqhubeka zibonisa ukwethembeka nokuhlakanipha naphezu kokuguga, ukugula, noma ezinye izimo ezivivinyayo. (2 IziKronike 16:9a; IzAga 27:11) INkosi uDavide iyasiqinisekisa: “UJehova useduze nabo bonke abambizayo, . . . uyezwa ukukhala kwabo.” Yebo, uyakuqaphela ukuzabalaza kwabo; uyabaqinisa ngomoya wakhe. ‘Futhi uyobasindisa.’ Uyabakhumbula futhi abasize ukuba bakhuthazele. (IHubo 145:18, 19) Kodwa kuthiwani ngathi? Ingabe nathi, njengoJehova, siyabakhumbula abagulayo nabagugile?

Ubuthakathaka obubangelwa ukugula noma ukuguga buyinto engokoqobo ekuphileni kulesimiso sezinto samanje. Bungamaqiniso okumelwe sibhekane nawo kuze kube yilapho uJehova efeza injongo yakhe ngomhlaba nesintu. Namuhla, abantu abaningi ngokwengeziwe baphila baze babe badala kakhulu, ngakho abaningi bajwayelene nobuthakathaka babanjalo. Ngaphezu kwalokho, lapho besebasha, abaningi bahlaselwa izingozi noma izifo ezisongela ukuphila noma ezikhubazayo. Kuze kube yilapho lelizwe elidala lidlula, ukugula nokuguga kuyoqhubeka kuyizinselele ezinkulu.

Yeka indlela esibazisa ngayo abagulayo nabagugile bethu abaqhubeka beyizibonelo ‘ekuhluphekeni nasekubekezeleni’! Yebo, “babusisiwe abakhuthazelayo.” (Jakobe 5:10, 11) Abaningi asebegugile amandla abo manje asenciphile baye bahlanganyela amashumi eminyaka ekufundisweni, ekuqeqeshweni, nasekulolongweni kwalabo manje abaholayo ebandleni. Abaningi balabo abagugile nabo bayajabula ukubona ukuthi abantwana babo baye bahlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele.—IHubo 71:17, 18; 3 Johane 4.

Ngendlela efanayo, siyabazisa labo phakathi kwethu abagula ngokungathi sína kodwa, naphezu kokuhlupheka kwabo, abakwaziyo ukusikhuthaza ngokwethembeka kwabo. Lapho laba benikeza ubufakazi bethemba labo elingantengantengi, umphumela uyashukumisa futhi uqinisa ukholo ngempela. Ukuthula kwabo kwengqondo nokwaneliseka kwembula ukholo okufanele ngempela lulingiswe.

Kuyashaqisa ngomuntu ukuba ahlaselwe ngokuzumayo umdlavuza, ukufa kohlangothi, noma esinye isimo esishintsha ukuphila kwalowomuntu ngokuphelele. Futhi kuwuvivinyo olunzima kubazali ukubona abantwana babo begula noma behlupheka ngenxa yengozi. Yini abanye abangayenza ukuze basize? Noma yisiphi isikhathi esinjalo senhlekelele siwuvivinyo kubo bonke ubuzalwane bobuKristu. Siba yithuba lokubonisa ukuthi ‘umzalwane uzalwa ekuhluphekeni.’ (IzAga 17:17) Ngokuvamile, akubona bonke abagulayo nabagugile abangalindela usizo lomuntu siqu elungwini ngalinye lebandla. Kodwa uJehova uyoqiniseka ukuthi ngomoya wakhe abaningi bazizwa beshukunyiselwa ukuba basize ngezindlela ezihlukahlukene. Futhi abadala bangagcina amehlo abo evulekile ukuze baqiniseke ukuthi akekho onganakwa.—Bheka u-Eksodusi 18:17, 18.

Zama Ukuqonda

Ekuzameni ukusiza othile, kubalulekile ukuba nokukhulumisana okuhle, futhi lokho kudinga isikhathi, isineke, nozwela. Njengomsizi, ngokwemvelo ufisa ‘ukuqinisa ngomlomo’; kodwa lalela ngokucophelela ngaphambi kokuba ukhulume noma uthathe isinyathelo, ngalé kwalokho ungagcina ‘ungumduduzi omubi.’—Jobe 16:2, 5.

Ngezinye izikhathi abagulayo nasebegugile bayokuthola kunzima ukufihla ukukhungatheka kwabo. Abaningi baye balondoloza ithemba labo lokuphila kuze kube yilapho besinda osizini olukhulu, futhi manje banomuzwa wokuthi bahileleke emncintiswaneni nesikhathi, umncintiswano abangaqiniseki ukuthi bayophumelela yini kuwo. Futhi, isimo sabo ngokuvamile sibenza bakhathale futhi bakhathazeke. Ukugcina ukholo luphilile futhi luqinile kuyimpi, ikakhulukazi lapho umuntu engasenakukwazi ukwenza ngokuvumelana nesifiso senhliziyo sokuhlanganyela ngokugcwele enkonzweni yobuKristu. Omunye umdala ongumKristu wavakashela udade osegugile; lapho ethandaza kanye naye, lomdala wacela ukuba uJehova athethelele izono zethu. Ngemva komthandazo waphawula ukuthi lodade wayekhala. Wachaza ukuthi wayenomuzwa wokuthi udinga ukuthethelela kukaJehova okukhethekile ngokungasakwazi ukuhlanganyela ekushumayeleni endlini ngendlu. Yebo, umuzwa wokuntula ikhono noma wokungafaneleki, nakuba ngokuvamile kungafanelekile, ungamdumaza kakhulu umuntu enhliziyweni.

Qaphela ukuthi ukukhathazeka nokukhathala kungakonakalisa ukusebenza kahle kwengqondo. Ngenxa yobuthakathaka bokuguga noma ukucindezela kokugula okuqeda amandla, umuntu angase abe nomuzwa wokuthi uJehova umlahlile, mhlawumbe athi: “Yini engiyenzile? Kungani kuyimina?” Khumbula amazwi ezAga 12:25: “Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa, kepha izwi elihle liyayithokozisa.” Zama ukuthola amazwi amahle ayoduduza. Abantu abagugile abasezinhlungwini bangase, njengoJobe, bazwakalise ngisho nesifiso sokufa. Lokhu akumelwe kushaqise; zama ukuqonda. Ukukhononda okunjalo akubona ngempela ubufakazi bokuntula ukholo noma ithemba. UJobe wathandazela ukuba ‘afihlwe endaweni yabafileyo,’ nakuba kunjalo amazwi akhe ngemva nje kwaleyonkulumo embula ukholo lwakhe oluqinile lokuthi uJehova wayeyomvusa kamuva. Ukholo oluqinile lwenza kube nokwenzeka ukudlula enkathini yokudabuka nokucindezeleka futhi uqhubeke useduze noJehova.—Jobe 14:13-15.

Ukubonisa Inhlonipho Kwabagulayo Nasebegugile

Kubaluleke kakhulu ukuphatha abagulayo nabagugile ngenhlonipho nangokwazisa. (Roma 12:10) Uma bengasabeli ngokushesha njengoba babenza ngaphambili noma bengasakwazi ukwenza okwengeziwe, ungaphelelwa yisineke sakho. Ungasheshi ukungenela futhi ubenzele izinqumo. Kungakhathaliseki ukuthi sinezinhloso ezinhle kangakanani, uma siziphatha ngendlela yokubusa noma yokuba negunya ngaso sonke isikhathi, kuphuca omunye umuntu ukuzihlonipha. Esihlongozweni sodokotela esasakazwa ngo-1988, umcwaningi, uJette Ingerslev, wachaza lokho iqembu labaneminyaka engu-85 ubudala ababekucabangela njengokubaluleke kakhulu ezingeni lokuphila kwabo: “Baye banikeza izici ezintathu indawo yokuqala: ukuba nezihlobo; impilo enhle; futhi okokugcina kodwa okubalulekile, ukukwazi ukuzenzela izinqumo zabo siqu.” Phawula ukuthi amadodana enzalamizi uJakobe awazange ambukele phansi lapho esegugile; izifiso zakhe zazihlonishwa.—Genesise 47:29, 30; 48:17-20.

Labo abagulayo nabo kumelwe baphathwe ngokwazisa. Omunye umdala walahlekelwa ikhono lakhe lokukhuluma, ukufunda, nokubhala ngenxa yephutha elenzeka phakathi nokuhlinzwa. Lokhu kwaba yigalelo elibuhlungu, kodwa abadala abakanye naye banquma ukuba benze noma yini abangakwazi ukuyenza ukuze bavimbele ukuzizwa engelutho. Manje bamfundela zonke izincwadi zebandla futhi bamhlanganise ekuhleleni ezinye izindaba zebandla. Emihlanganweni yabadala, bazama ukuthola ukuthi uyini umbono wakhe. Bamenza azi ukuthi basambheka njengomdala okanye nabo nokuthi bayakwazisa ukuba khona kwakhe. Ebandleni lobuKristu, sonke singenza umzamo ukuze kungabikho abagulayo noma abagugile abazizwa ‘belahliwe’ noma beshiyiwe.—IHubo 71:9.

Usizo Ekuzuzeni Amandla Angokomoya

Sonke sidinga ukudla okungokomoya ukuze sigcine ukholo lwethu luphilile futhi luqinile. Yingakho sikhuthazwa ukuba sifunde iBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli nsuku zonke futhi sihlanganyele ngentshiseko emihlanganweni yobuKristu nasemisebenzini yokushumayela. Ngokuvamile, abagulayo nabagugile badinga usizo ukuze bafeze lokhu, futhi kubalulekile ukuba senze lokho okungokoqobo esimweni sabo. Kuyajabulisa ukuthi, abaningi basengaba khona emihlanganweni uma belandwa ngezinto zokuthutha futhi benikezwa usizo oluncane eHholo LoMbuso. Ukuba khona kwabo emihlanganweni enjalo kuyisikhuthazo esikhulu ebandleni. Ukukhuthazela kwabo kuyashukumisa futhi kuqinisa ukholo.

Ezimweni eziningi abagulayo nabagugile nabo bangaba nengxenye ebalulekile enkonzweni yobuKristu. Abanye bangahlanganiswa eqenjini lemoto eliyofakaza, futhi ngokungangabazeki bayozizwa beqabulekile ngokukwazi ukwenza ukuhambela okumbalwa. Lapho lokhu kungasenakwenzeka, bangathola injabulo ekufakazeni ngokwethukela kubantu abahlangana nabo. Udade owahlaselwa yisifo somdlavuza wanquma ukuchitha sonke isikhathi sokuphila kwakhe esasisasele emzamweni okhethekile wokuthuthukisa izindaba ezinhle. Ukushumayela kwakhe ngesibindi kwakuyisikhuthazo kubo bonke. Wahlela ngisho nomgcwabo wakhe siqu ukuze kunikezwe ubufakazi obuhle ezihlotsheni ezingakholwa, asebenza nabo, nomakhelwane. Ngaleyondlela izimo zakhe ezicindezelayo ‘zaveza ukuqhubeka kwevangeli,’ futhi ukuzimisela kwakhe ukubonisa ukholo nethemba kuye kwenza izinsuku zakhe zokugcina zaba nenjongo ekhethekile.—Filipi 1:12-14.

Kuhle ukusiza abagulayo nabagugile ukuba baqine ngokomoya. Imikhaya ingabamema ukuba bahlanganyele nayo ebudlelwaneni bayo bakusihlwa, noma ingxenye yesifundo sayo somkhaya ngezikhathi ezithile ingaqhutshelwa ekhaya lalowo ongenakukwazi ukuphuma. Omunye umama, wayeyisa abantwana bakhe ababili abancane kakhulu ekhaya likadade osegugile ukuze bafunde ndawonye INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Lokhu kwamjabulisa lodade osegugile, futhi labantwana bakujabulela ukunaka abanikeza khona.

Nokho, kunezikhathi lapho umuntu obuthakathaka kungafanele aphazanyiswe kakhulu, khona-ke kungase kube ngcono kakhulu ukubafundela indaba ethile ngokuzwakalayo ngezikhathi ezithile. Nokho, khumbula ukuthi uma othile ebuthakathaka kakhulu ngokomzimba ukuba ahlanganyele engxoxweni, lowomuntu kungenzeka usabudinga futhi uyabufisela ubudlelwano obungokomoya. Singathandaza nabanjalo, sibafundele, noma sibaxoxele okuhlangenwe nakho; kodwa kufanele siqaphele singahlali isikhathi eside ngaphezu kwaleso abangakwazi ukusibekezelela.

Kunenye inkonzo engcwele abaningi abagulayo nabagugile abasengakwazi ukuyifeza: ukuthandazela abanye. Abafundi bakuqala banezela ukubaluleka okukhulu kulenkonzo. Ngesinye isikhathi babela ibandla umsebenzi ukuze abaphostoli bakwazi ukugxila emthandazweni. U-Ephafra othembekile kukhulunywa ngaye ‘njengolwela abanye emikhulekweni.’ (Kolose 4:12; IzEnzo 6:4) Umthandazo onjalo ubaluleke kakhulu futhi uyazuzisa.—Luka 2:36-38; Jakobe 5:16.

UJehova uyabakhumbula abagulayo nabagugile futhi uyabanakekela esikhathini sabo senhlekelele. Ngokufanelekile ulindele ukuba nathi sicabangele lokho esingakwenza ukuze sibasize futhi sibasekele. Ukukhathalela esikubonisayo kuveza ukuzimisela kwethu ukugcina ubuqotho bethu siqu. Futhi siyakujabulela ukucabanga ngamazwi eNkosi uDavide: “UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho; ifa labo liyakuma kuze kube-phakade.”—IHubo 37:18.

[Ibhokisi ekhasini 28, 29]

Ukunikeza Usizo Olungokoqobo Ngokuqonda

ABANGANE nezihlobo kufanele bathole ulwazi oluyisisekelo kodwa oluqondile ngokuqondene nendlela yokunakekela abagulayo nasebegugile. Ngaphezu kwakho konke, bangakhuthazwa ukuba balondoloze isimo sengqondo esiqondile ngokuphila, babe nomuzwa wokuthi bayadingeka futhi bayaziswa, futhi babe nomuzwa wokuthi babalulekile. Ngaleyondlela izinga labo lokuphila liyohlala lisesimweni esiyolondoloza injabulo yabo kuJehova, naphezu kobuhlungu nosizi lwabo. Kuye kwaphawulwa ukuthi abaningi boFakazi BakaJehova baphila kuze kube yilapho beguga ngokugcwele. Ngokungangabazeki isici esinamandla esinengxenye kulokhu yisithakazelo sabo esiphilayo sethemba elingaphambili, ukuthambekela kwabo kwengqondo okuhle, nokuhlanganyela kwabo emsebenzini woMbuso ngezinga abakwazi ukwenza ngalo. Umongameli we-Watch Tower Society ongasekho, uFrederick W. Franz, owafa ngokuthula onyakeni wakhe wekhulu ngemva kokuphila okucebile nokujabulisayo, wayeyisibonelo esihle salokhu.—Qhathanisa neyoku-1 IziKronike 29:28.

Ngokuvamile, ukunaka izindaba eziyisisekelo ezidinga ukwenziwa nsuku zonke kungasho okukhulu: kungasho ukuhlanzeka okuhle, ukondleka okufanele, okusaketshezi nosawoti okwanele, ukuzivivinya okunengqondo, umoya ohlanzekile, ukuphululwa komzimba okuthambile, nengxoxo eshukumisayo. Ukondleka okufanelekile komzimba kungaba nengxenye ekuzweni kangcono, ekuboneni, ekusebenzeni kwengqondo, nasekuphileni kahle ngokomzimba, kanye nasekulweni komzimba nezifo okusezingeni eliphezulu. Kubantu asebegugile indaba elula yokondleka okufanelekile nokusaketshezi okuningi ingasho umehluko phakathi kwesimo esingcono nokugula okubangelwa ukuguga. Kungase kudinge ukucabanga okuthile ukuze kutholwe uhlobo lokuvivinya umzimba oluvumelana nalowomuntu. Omunye udade ofika ezofundela udade osegugile nongasaboni kahle uqala futhi aphethe ukuhambela kwesonto ngalinye ngokudansa ngesizotha bezungeza ikamelo nalodade. Isidlali-makhasethi sihlala silungile ngomculo okhethiwe, futhi bobabili bayakujabulela lokhu “kuzivivinya.”

Emazweni amaningi, izinhlangano ezisizayo zinganikeza usizo olungokoqobo olubalulekile futhi zinikeze ukwaziswa neseluleko ngokuphathelene nezimo ezithile nendlela yokubhekana nazo. (Yiqiniso, ngaso sonke isikhathi umKristu kufanele aqaphele ukuba angaphambukiselwa emisebenzini ephazamisayo enkonzweni yethu yobuKristu yeqiniso.) Ngezinye izikhathi usizo lunikezwa ngesimo semibhede yasesibhedlela ebolekiswayo, okokusekela umzimba, isihlalo esinamasondo, izinsiza-kuzwa, nokunye. Njengoba abaningi asebegugile benomuzwa wokuthi abadingi lutho noma ukuthi akuzuzisi ukuthola izinto ezinjalo ezintsha, izihlobo ngokuvamile kumelwe zinikeze iseluleko esinengqondo noma zize ngisho zibanxuse. Isibambo esiwusizo somnyango wasendlini yokugezela singabangela injabulo yangempela eyengeziwe kunephunga lezimbali.

Ukunakekela asebegugile kungabangela ukucindezeleka kwengqondo okukhulu, ikakhulukazi uma umuntu eba buthakathaka. Ngokuvamile ukuba buthakathaka okubangelwa ukuguga kuza ngomshoshaphansi. Omunye angase azame ukumelana nakho ngokuvimbela isiguli ukuba sihlale singenzi lutho ngokungadingekile. Umuntu obuthakathaka ngenxa yokuguga angamcasukela umuntu ake wamthanda kakhulu. Izihlobo kumelwe ziqaphele ukuthi umuntu ogugile angakhohlwa yonke into ephathelene neqiniso—okuwumphumela odabukisayo wokuwohloka okungokomzimba, hhayi ubufakazi bokuphelelwa ukholo.

Uma isiguli sisesibhedlela noma ekhaya lasebegugile, ukuthintana okuhle nezisebenzi kudingekile ukuze zikwazi okumelwe zikwenze ngokuqondene nezinsuku zokuzalwa, uKhisimusi, noma amanye amaholide ezwe. Uma ukuhlinzwa kudingekile, izihlobo zingachaza futhi ziveze umbhalo wobufakazi wemibono isiguli ebesinayo kukho konke ukuphila ngokuqondene nokumpontshelwa igazi.