Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umhlangano Waminyaka Yonke

Umhlangano Waminyaka Yonke

Umhlangano Waminyaka Yonke

NGO-OCTOBER 2, 1993

UMHLANGANO WAMINYAKA YONKE wamalungu e-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania uyoba ngo-October 2, 1993, eHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova, e-2932 Kennedy Boulevard, eJersey City, eNew Jersey. Umhlangano owandulelayo wamalungu kuphela uyoqala ngo-9:30 a.m., ulandelwe umhlangano weningi waminyaka yonke ngo-10:00 a.m.

Amalungu eNhlangano kufanele azise iHhovisi likaNobhala manje nganoma yiluphi ushintsho emakhelini awo phakathi nonyaka odlule ukuze izincwadi ezivamile zezaziso namaphepha okuvota kufinyelele kuwo ngokushesha ngemva kuka-August 1.

Amaphepha okuvota, ayothunyelwa kumalungu kanye nezaziso zomhlangano waminyaka yonke, kumelwe abuyiswe ukuze afike eHhovisi likaNobhala weNhlangano kungakedluli u-August 15. Ilungu ngalinye kufanele ligcwalise futhi libuyise iphepha lalo lokuvota ngokushesha, lisho ukuthi lizoba khona ngokoqobo emhlanganweni noma cha. Ukwaziswa okunikezwe ephepheni ngalinye lokuvota kufanele kube okuqinisekile kuleliphuzu, ngoba kuyothenjelwa kulona ekwazini ukuthi obani abayoba khona ngokoqobo.

Kulindeleke ukuba sonke isimiso, kuhlanganise nomhlangano webhizinisi nemibiko, siphele ngo-1:00 p.m. noma ngokushesha ngemva kwalokho. Ngeke sibe khona isimiso santambama. Ngenxa yendawo elinganiselwe, kuyongenwa ngamathikithi kuphela. Awekho amalungiselelo ayokwenziwa okuxhumanisa umhlangano waminyaka yonke ngocingo namanye amahholo.