Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela AmaKristu Angasiza Ngayo Abagugile

Indlela AmaKristu Angasiza Ngayo Abagugile

Indlela AmaKristu Angasiza Ngayo Abagugile

“ASIDANGALI, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa-musha imihla ngemihla. . . . [asibheki] okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.” Washo kanjalo umphostoli uPawulu encwadini yakhe yesibili ayibhalela abaseKorinte.—2 Korinte 4:16-18.

Ezikhathini zasendulo, amadoda nabesifazane bokholo bagcina amehlo abo ezintweni ezingabonwayo, ezazihlanganisa zonke izinto uNkulunkulu wabo, uJehova, ayethembise ukuzenza ngesikhathi sakhe esifanele. Encwadini yamaHeberu, uPawulu uyabatusa abanjalo, abaye balondoloza ukholo lwabo kwaze kwaba sekufeni kwabo—futhi abanye babo baye baphila baze baba badala kakhulu. Ubhekisela kubo njengesibonelo sethu, ethi: “Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile, bezithakazele zikude.”—Heberu 11:13.

Namuhla siseduze kakhulu nokugcwaliseka kwalezithembiso. Kodwa sinabagulayo nabagugile phakathi kwethu abangaqiniseki noma bayophila yini ngokomuntu siqu ukuze babone ukuphela kwalesimiso esibi. Mhlawumbe abanye balaba nabo bayofa benokholo bengazange bazibone zonke lezithembiso zigcwaliseka phakathi nesikhathi sokuphila kwabo kwamanje. Amazwi kaPawulu akweyesi-2 Korinte 4:16-18, angaba yisikhuthazo esikhulu kwabanjalo.

UJehova uyabakhumbula bonke abathembekileyo bakhe, kuhlanganise abagulayo nabagugile. (Heberu 6:10) Abagugile abathembekile kukhulunywa ngabo ngenhlonipho ezindaweni ezithile eBhayibhelini, futhi eMthethweni kaMose, kukhulunywa ngokukhethekile ngenhlonipho okumelwe iboniswe abagugile. (Levitikusi 19:32; IHubo 92:12-15; IzAga 16:31) Phakathi kwamaKristu akuqala, abagugile babephathwa ngenhlonipho. (1 Thimothewu 5:1-3; 1 Petru 5:5) Enye incwadi yeBhayibheli iqukethe incazelo enhle yokunakekela kothando nokuzidela okuthinta inhliziyo okwaboniswa owesifazane osemusha kuninazala wakhe ogugile. Lencwadi ibizwa ngokufanelekile ngegama lalowo wesifazane osemusha, uRuthe.

Umsizi Ozinikele

Ukuphila kwase kumuncu kuNawomi owayesekhulile. Yena, kanye nomkhaya wakhe omncane, babephoqelelwe indlala ukuba bashiye abangane nefa emuva kwaJuda futhi bayohlala empumalanga yoMfula iJordani ezweni lakwaMowabi. Indoda kaNawomi yafela lapha, imshiya yedwa nabafana babo ababili. Ngokuhamba kwesikhathi, labafana bakhula futhi bashada, kodwa nabo base befa. UNawomi wasala engenazindlalifa zokumnakekela.

Wayesemdala kakhulu ukuba angaqalisa umkhaya omusha, futhi wabonakala eswele kakhulu ekuphileni. Ngokungenabugovu, wafuna ukuba uRuthe no-Orpa, abafelokazi bamadodana akhe amabili, babuyele emuva emakhaya akubo ukuze bazitholele amadoda. Wayeyozihambela yedwa abuyele ezweni azalelwa kulo. Ngokufanayo nanamuhla, abanye asebegugile bazizwa becindezelekile, ikakhulukazi uma beye balahlekelwa abathandekayo ngokufa. NjengoNawomi, bangase badinge othile ukuba abanakekele, kodwa abafuni ukuba umthwalo.

Nokho, uRuthe akazange amshiye uninazala. Wayemthanda lowesifazane osekhulile, futhi wayemthanda uJehova, uNkulunkulu owayekhulekelwa uNawomi. (Ruthe 1:16) Ngakho bobabili bathatha uhambo lokubuyela emuva kwaJuda. Kulelozwe, kwakunelungiselelo lothando ngaphansi koMthetho kaJehova lokuba abantu abampofu bakhothoze, noma babuthe, noma yini eyayishiywe emasimini ngemva kokuvunwa kwesivuno. URuthe, owayesemusha, wazinikela ngokuzithandela ukwenza lomsebenzi, ethi: “Mangihambe.” Wasebenza ngokungayeki ngokwenzuzo yabo bobabili.—Ruthe 2:2, 17, 18.

Ukuthembeka kukaRuthe nothando lwakhe ngoJehova kwakuyisikhuthazo esinamandla kuNawomi, owaqala ukucabanga ngendlela eqondile neyakhayo. Manje ulwazi lwakhe ngoMthetho namasiko ezwe kwakuwusizo. Wanikeza umsizi wakhe ozinikele isiqondiso esihlakaniphile ukuze lowesifazane osemusha, ngokushadiswa nesihlobo sikamufi, aphinde azuze ifa lomkhaya futhi abe nendodana ukuze kuqhutshekiselwe phambili uhlu lozalo lomkhaya. (Ruthe, isahluko 3) URuthe uyisibonelo esihle salabo abazidelayo ukuze banakekele abagulayo noma abakhulile. (Ruthe 2:10-12) Ngaphakathi ebandleni namuhla, kungenziwa okuningi ngendlela efanayo ukuze kusizwe abagulayo nabagugile. Kanjani?

Ukuhlela Kubalulekile

Ebandleni lamaKristu okuqala, kwakugcinwa uhlu lwabafelokazi ababedinga ukusekelwa ngokwezinto ezibonakalayo. (1 Thimothewu 5:9, 10) Ngokufanayo nanamuhla, kwezinye izimo abadala bangase benze uhlu lwabagulayo nabagugile abadinga ukunakekela okukhethekile. Kwamanye amabandla kuye kwacelwa umdala othile ukuba anekekele lokhu njengomthwalo wakhe wemfanelo okhethekile. Njengoba abaningi abagugile, njengoNawomi, bengathambekele ekufuneni usizo, kuyodingeka ukuba umzalwane onjalo abe nekhono ekuhlaziyeni isimo futhi—ngobuciko nangokuqonda—aqiniseke ukuthi izinto ezidingekayo ziyenziwa. Ngokwesibonelo, angase abheke ukuthi iHholo LoMbuso linamalungiselelo anele yini okusetshenziswa abagulayo nabagugile. Uma kunokwenzeka, angase acabangele izindaba eziphathelene nokulungiswa kwendawo yokuhanjiswa kwezihlalo zabakhubazekile, izinto ezifanelekayo zokusetshenziswa endlini yangasese, ama-earphone alabo abangezwa kahle, nendawo yezihlalo ezikhethekile. Lomzalwane angase futhi aqikelele ukuthi bonke abangenakukwazi ukuza eHholo LoMbuso bangaboleka ikhasethi eliqoshiwe lemihlangano noma bayilalele esimisweni esixhunyiwe sezingcingo.

Kungase futhi kube nesidingo sokuhlela okokuhamba kokuya emihlanganweni yebandla nemikhulu. Omunye udade osegugile wayenenkinga ngoba lowo owayevame ukumlanda ukuze amyise emihlanganweni wayengekho. Kwadingeka ukuba ashayele abantu abaningi ucingo ngaphambi kokuba ekugcineni athole okokuhamba futhi ngenxa yalokho waba nomuzwa wokuthi wayengumthwalo. Ilungiselelo lomdala owayezonakekela zonke izindaba ezinjalo lalizonciphisa ukudumazeka kwakhe.

Lomdala angabuza futhi imikhaya ehlukahlukene ukuthi ingakwazi yini ukushintshana ekuvakasheleni abagugile. Ngalendlela abantwana bayofunda ukuthi ukunakekela abagugile kuyingxenye yokuphila komKristu. Kuhle ngabantwana ukuba bafunde ukuthwala lomthwalo wemfanelo. (1 Thimothewu 5:4) Omunye umbonisi wesifunda uthi: “Kokuhlangenwe nakho kwami, bambalwa kakhulu abantwana noma abasebasha abazithathela bona ngokwabo isinyathelo sokuqala sokuvakashela abagugile noma abagulayo.” Mhlawumbe bamane nje abacabangi ngakho, noma bangase bazizwe bengaqiniseki ngalokho okumelwe bakwenze noma bakusho; abazali bangabafundisa lokhu.

Nokho, khumbula ukuthi abaningi abagugile bangakwazisa ukwazi kusengaphambili ukuthi kuzofika umngane. Lokhu kubanikeza injabulo eyengeziwe yokulindela isivakashi. Uma izivakashi ziza nezinto eziqabulayo, ezinjengekhofi noma ikhekhe, futhi zicoce indawo ngokushesha ngemva kwalokho, kuthulwa umthwalo owengeziwe kosegugile. Omunye umbhangqwana ogugile, osenamandla, unosuku oluvamile isonto ngalinye opaka ngalo ubhasikidi wawo omncane owuphatha lapho uzivakashela futhi wenze uchungechunge lokuvakashela abagugile ebandleni. Ukuhambela kwawo kwaziswa kakhulu.

Ukuze kuzuze abagugile, amabandla amaningi aneSifundo Sencwadi Sebandla esiqhutshwa phakathi namahora asemini. Kwenye indawo kwabuzwa eminye imikhaya nabamemezeli abangashadile ukuthi babengase bathande futhi bakwazi yini ukusekela leloqembu, futhi umphumela waba iqembu lesifundo sencwadi lapho abagugile nabasha benganakekelana khona.

Akufanele kushiyelwe kubadala kuphela ukuba bathathe isinyathelo sokuqala kulokhu. Sonke kumelwe sizazi izidingo zabagulayo nabagugile. Singababingelela eHholo LoMbuso futhi sizinike isikhathi esanele sixoxa nabo. Bangakujabulela ukumenyelwa embuthanweni owenziwe ngokwethukela. Noma singabamema ukuba bahambe nathi ukuya kuyiphikiniki noma ngisho naseholidini. Omunye uFakazi wayavame ukuhamba ngemoto yakhe nabamemezeli abagugile lapho enza ukuhambela kwebhizinisi kwangaphandle kwedolobha lakubo. Kubalulekile ukusiza abagugile ukuba baqhubeke bezizwa behilelekile. Ungabavumeli ukuba bahoxe, njengoba nje noNawomi ayethambekele ekwenzeni kanjalo, okungasheshisa inqubo yokuguga noma ukugula okubangelwa ukuguga.

Intsha ekhubazekile noma egulayo nayo iyakudinga ukunakekelwa. UFakazi owayenabafana abathathu ababephethwe ukugula okungalapheki, ababili babo asebafa kakade, uthi: “Kungase kube nzima ngebandla ukuba liqhubeke libonisa ukukhathalela lapho othile ephethwe isifo esingamahlalakhona. Kungani kungabelwa abanye abamemezeli abasebasha abanokwethenjelwa ukuba baxoxe ngetekisi losuku futhi bafunde isahluko eBhayibhelini usuku ngalunye nomngane wabo ogulela embhedeni? Intsha, kuhlanganise namaphayona, bangashintshana.”

Lapho Ukufa Kubonakala Kungenakugwenywa

Ngaso sonke isikhathi izinceku zikaJehova ziye zabhekana nokufa ngesibindi, kungakhathaliseki ukuthi kubangelwa ukugula noma ushushiso. Lapho labo abasosizini beqala ukuba nomuzwa wokuthi kungenzeka ukufa kube seduze, kungokwemvelo ngabo ukuba babhekane nemizwelo ehlukile. Ngemva kokufa kwabo, izihlobo zabo nazo zingase zidlule enkathini yoshintsho, usizi, nokukwamukela. Ngakho ngokuvamile kuhle ngomuntu ogulayo ukuba akhulume ngokukhululekile ngokufa, njengoba kwenza uJakobe, uDavide, noPawulu.—Genesise, izahluko 48 no-49; 1 AmaKhosi 2:1-10; 2 Thimothewu 4:6-8.

UFakazi ongudokotela uyabhala: “Kumelwe sikhululeke ngokwengeziwe ngalendaba. Emsebenzini wami wokuziphilisa angikaze ngithole ukuthi kuye kwasisiza isiguli nganoma iyiphi indlela ukusifihlela iqiniso lokuthi sibangwa nezibi.” Nokho, kumelwe sikuqonde lokho isiguli ngokwaso esifuna ukukwazi, nokuthi kunini lapho sifuna khona ukukwazi lokhu. Ezinye iziguli zibonisa ngokucacile ukuthi ziyakuqaphela ukuthi zisondela okhukhweni lokufa, futhi zifuna ukuxoxa ngemicabango nemizwa yazo ngalokhu. Ezinye zibonakala ziphikelela ekubeni nethemba, futhi abangane bazo benza kahle ngokuziqinisa idolo.—Qhathanisa namaRoma 12:12-15.

Umuntu oseseduze kakhulu nokhukho lokufa angase akhathale noma akhungatheke kakhulu kangangokuba kube nzima ngaye ukuba athandaze. Cishe isiguli esinjalo siyoduduzeka ngokufunda kumaRoma 8:26, 27 ukuthi uNkulunkulu uyakuqonda ‘ukububula okungenakuphinyiselwa.’ UJehova uyazi ukuthi ngaphansi kokucindezeleka okunjalo umuntu angase abe nobunzima ekutholeni amagama angawasho emthandazweni.

Lapho kunokwenzeka, kubalulekile ukuthandaza kanye nesiguli. Umzalwane othile uyalandisa: “Lapho umama efa futhi engasenawo amandla okukhuluma, wayebonisa ngokusonga izandla zakhe ukuthi wayefuna ukuba sithandaze naye. Ngemva komthandazo wethu, sasihlabelela enye yezingoma zoMbuso, ngoba ngaso sonke isikhathi umama wayewuthanda kakhulu umculo. Okokuqala, sasishaya imvunge yokuqalisa ingoma, bese sihlabelela amagama buthule. Wayekujabulela ngempela. Ngokungangabazeki, lezingoma esizihlanganisa nokuphila kwethu njengoFakazi BakaJehova ziveza leyomizwa ngandlela-thile okungaba nzima ukuyizwakalisa ngamazwi.”

Ukukhuluma nomuntu ofayo kudinga uthando, ubuciko, nozwela. Isivakashi singalungiselela izindaba ezakhayo neziqinisa ukholo esiyozikhuluma, futhi kufanele siqaphele ukuba sigweme inkulumo ephambene ngabanye abantu nezinkinga zabo. Futhi, isikhathi sokuvakasha kufanele sivumelaniswe naleso esinengqondo nesifanelekayo. Uma isiguli sibonakala siqulekile, kuhle ukukhumbula ukuthi sisengakwazi ukuzwa okushiwoyo. Ngakho kuqaphele okushoyo.

Umthwalo Wemfanelo Esiwuhlanganyelayo

Ukunakekela abagulayo nabagugile kungumthwalo wemfanelo onzima. Ngalabo abasondelene kakhulu nesiguli, kuyabizela, kokubili ngokomzimba nangokomzwelo. Badinga futhi bafanelwe ukuqonda nosizo okuvela kulo lonke ibandla. Labo abanakekela amalungu omkhaya agulayo noma abakholwa kanye nabo benza okulungile, ngisho nakuba kusho ukulahlekelwa imihlangano ethile noma ukunciphisa kokuhlanganyela kwabo enkonzweni yasensimini isikhathi esithile. (Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 5:8.) Bayoqiniswa isimo sengqondo sebandla sokuqonda. Ngezinye izikhathi umzalwane noma udade angase akwazi ukusiza okwesikhashana ukuze umnakekeli wasikhathi sonke akwazi ukuya emhlanganweni noma ajabulele amahora ambalwa aqabulayo emsebenzini wokushumayela.

Eqinisweni, uma kunguwe ngokwakho ogulayo, nawe ungenza okuthile. Ukungabi nathemba nokuphelelwa amandla ngobuthakathaka bakho kungakudumaza, kodwa ukudumala kwenza umuntu abe unkom’ idlayodwa futhi kumdedisele kude nabanye. Kunalokho ungase uzame ukuzwakalisa ukwazisa futhi ubambisane nabanye. (1 Thesalonika 5:18) Thandazela abanye abasezinhlungwini. (Kolose 4:12) Zindla ngamaqiniso amangalisayo eBhayibheli, futhi uxoxe nezivakashi ngalokhu. (IHubo 71:17, 18) Ngentshiseko hambisana nentuthuko eqinisa ukholo yabantu bakaNkulunkulu. (IHubo 48:12-14) Bonga uJehova ngalentuthuko ejabulisayo. Ukuzindla ngezinto ezinjengokushona kwelanga, okukhipha ukukhanya okukhanya ngisho nakakhulu kodwa okungashisi kakhulu njengelanga lasemini, kunganikeza iminyaka yethu yokugcina ekuphileni ubuhle bayo obungapheli.

Sonke kufanele silwele ukulondoloza ithemba elivikela ingqondo yethu njengesigqoko esiyisivikelo, ikakhulukazi ezikhathini ezivivinyayo. (1 Thesalonika 5:8) Kuhle ukuzindla ngethemba lovuko nesisekelo salo esiqinile. Singabheka phambili ngokuqiniseka futhi silindele ngentshiseko usuku lapho ukugula noma ubuthakathaka okubangelwa ukuguga kungasayikuba khona. Ngalesosikhathi, wonke umuntu uyozizwa ephile kahle. Ngisho nabafileyo bayobuya. (Johane 5:28, 29) Lokhu “okungabonwayo” sikubona ngamehlo okholo lwethu nenhliziyo. Ungalokothi ulahlekelwe umbono wako.—Isaya 25:8; 33:24; IsAmbulo 21:3, 4.