Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uye wathola omagazini bamuva be-Nqabayokulinda bezuzisa ngempela kuwe? Khona-ke kungani ungahloli inkumbulo yakho ngalemibuzo elandelayo:

Uma noma yimuphi umcabango ongcolile uzifikela ngokwawo engqondweni yethu, yini okumelwe siyenze?

Kufanele sishintshe indaba engqondweni, sithathe uhambo, sifunde, noma senze umsebenzi othile wasekhaya. Umthandazo nawo uwusizo olunamandla esimweni esinjalo. (IHubo 62:8)—4/15, ikhasi 17.

Kungani intsha kufanele iqaphele uhlobo lomculo ewulalelayo?

Umculo unamandla okushukumisa, ukujabulisa, nokuthonya. Njengoba amaculo amaningi athandwayo enamazwi amaningi ngokumangalisayo abhekisela ebulilini nezinkulumo ezisithekile ezibhekisela ekuziphatheni okubi, kulula ukubona ukuthi kudingeka ukuqapha okukhulu ekukhetheni amarekhodi, amakhasethi, nama-disc.—4/15, amakhasi 20-1.

Asho ukuthini amazwi athi “ukuba-khona kweNkosi yethu uJesu Kristu”? (1 Thesalonika 5:23, NW)

Lamazwi abhekisela ekubeni-khona kukaJesu Kristu okungabonakali kobukhosi njengeNkosi, kusukela ngo-1914, nangemva kokubekwa kwakhe esihlalweni sobukhosi ezulwini. (IHubo 110:1, 2)—5/1, ikhasi 11.

Iyiphi injongo eyafezwa uJehova ngokuhlanza ithempeli lakhe elingokomoya? (Malaki 3:1-4)

UJehova wayefuna ukuba ithempeli lakhe libe sesimweni esihlanzekile ukuze kuthi lapho kulethwa amanani amakhulu abakhulekeli abanamathemba asemhlabeni, bathole indawo lapho ubukhosi bakhe bendawo yonke buhlonishwa khona, lapho igama lakhe laphezulu lingcweliswa khona, nalapho imithetho yakhe yokulunga ilalelwa khona.—5/1, ikhasi 16.

Iyini ‘impahla’ uKristu Jesu ayinikeza inceku yakhe emisiwe? (Mathewu 24:45-47)

‘Lempahla’ ibhekisela kuyo yonke impahla engokomoya esemhlabeni esiye yaba impahla kaKristu ngokuphathelene negunya lakhe njengeNkosi yasezulwini. Lokhu kuhlanganisa ukuthunywa kokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi bakaKristu. (Mathewu 28:19, 20)—5/1, ikhasi 17.

Abadala abangamaKristu bangawubonisa kanjani ‘umoya wokuzithandela’ ekwaluseni, ngokuvumelana nokunxusa kukaPetru okukweyoku-1 Petru 5:2?

Umdala ongumKristu onakekela izimvu uyokwenza umsebenzi wakhe wokwalusa ngokuzithandela, ngokuzikhethela kwakhe siqu, ngaphansi kokuqondisa kukaMalusi Omuhle, uJesu Kristu. Ukukhonza ngomoya wokuzithandela kusho ukuthi futhi umalusi ongumKristu uzithoba egunyeni likaJehova futhi ubonisa inhlonipho ngelungiselelo elingokwasezulwini.—5/15, ikhasi 20.

Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi noma ubani omlandelayo kwakumelwe ‘azidele’? (Mathewu 16:24)

‘Ukuzidela’ kusho ukuyekela ubunikazi bakho kuJehova. (1 Korinte 6:19, 20) Kusho ukuthi awuphileli ukuzithokozisa wena siqu, kodwa ukuthokozisa uNkulunkulu. (Roma 14:8)—6/1, ikhasi 9.

Yini edingekayo ukuze umuntu ajabule?

Ukujabulela ubuhlobo obuhle noJehova nokuzigcina umatasa enkonzweni yakhe kuletha injabulo yeqiniso ekuphileni komuntu.—6/1, ikhasi 22.

Kungani uJehova avumela u-Abrahama ukuba akhulume naye ngokukhululeka okungaka ngenjongo yaKhe yokubhubhisa iSodoma? (Genesise 18:22-32)

Esinye isizathu sasiwukuthi u-Abrahama wayewumngane kaNkulunkulu. (Jakobe 2:23) Ngaphezu kwalokho, uJehova wayeyiqaphela imizwa ka-Abrahama ecindezelekile. UNkulunkulu wayazi ukuthi umshana ka-Abrahama uLoti wayehlala eSodoma, futhi u-Abrahama wayekhathazeke kakhulu ngokulondeka kukaLoti. Ngenxa yalezizathu uJehova wayezimisele ukuphendula imibuzo ka-Abrahama ngokuphathelene nenjongo yaKhe yokubhubhisa iSodoma.—6/15, ikhasi 16.

Ingabe iziNguquko zamaProthestani zekhulu le-16 zaphawula ukuphindela ebuKristwini beqiniso?

Cha, azizange! Kunokuba zenze kube khona ukuphindela ebuKristwini beqiniso, leziNguquko zenza kwaba namasonto amaningi obuzwe aye afuna ukuthola izinzuzo emibusweni yezwe engokombangazwe futhi ayisekela ngenkuthalo ezimpini zayo.—7/1, amakhasi 10-11.

Iyini “ingcebo ezulwini” uJesu akhuluma ngayo kuMathewu 6:20?

Lena ingcebo engapheli, ehlanganisa igama elihle noJehova nomlando wokuthembeka wenkonzo yobuKristu. Lokhu kuphakathi kwezinto uJehova angalokothi azikhohlwe. (Heberu 6:10)—7/1, ikhasi 32.

Yiziphi izimfanelo uPetru aziphawula njengeziyizici ezibalulekile okholweni lwethu? (2 Petru 1:5-7)

UPetru wathi ubuhle, ulwazi, ukuzithiba, ukukhuthazela, ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, uthando lobuzalwane, nothando kumelwe kwenezelwe okholweni lwethu.—7/15, ikhasi 13.

Yisiphi isixwayiso esiya ezincekwini zikaNkulunkulu esitholakala ekulandiseni okumayelana nesono sikaDavide asenza noBati-Sheba? (2 Samuweli 11:2-4)

Nakuba ayekhululekile ukuba ajabulele lenjabulo phakathi komshado wakhe siqu, uDavide wavumela ukuba isifiso sobulili obungemthetho sikhule. Ephawula indlela umka-Uriya ayekhanga ngayo, wazivumela ukuba anqotshwe umcabango—nesenzo—sokuthola injabulo engemthetho naye. Okufanayo kungase kwenzeke kunoma ubani omunye wezinceku zikaNkulunkulu uma engalugwemi loluhlobo lokuhaha. (Jakobe 1:14, 15)—8/1, ikhasi 14.