Qhubekani Nikhula Olwazini
Qhubekani Nikhula Olwazini
‘Nelekele ekukholweni ukwazi.’—2 PETRU 1:5.
1, 2. (a) Yini ongayifunda ngokubuka emazulwini? (Roma 1:20) (b) Ukukhula komuntu olwazini kufinyelele kuliphi izinga ngempela?
YINI ongayifunda ngokuphumela phandle ebusuku obumnyama, obucwathile, ubuke inyanga ekhanya bhá nezinkanyezi ezingenakubalwa? Ungafunda okuthile ngaLowo owadala konke lokhu.—IHubo 19:1-6; 69:34.
2 Uma ubufuna ukulwandisa lololwazi, ingabe ubungagibela phezu kophahla lwendlu yakho bese ubuka ulapho? Cishe ubungeke. U-Albert Einstein wake wasebenzisa umfanekiso onjalo ukuze akhanyise iphuzu lokuthi ososayensi abakalwandisi kakhulu kangako ngempela ulwazi lwendawo yonke futhi ngokuqinisekile balwandise kancane kakhulu ngaLowo owayidala. * UDkt. Lewis Thomas wabhala: “Okuwukuphela kwento enkulu kunazo zonke isayensi eye yazifinyelela kulelikhulu leminyaka elikhiqiza izinto zesayensi kakhulu ukuthola ukuthi asinalwazi ngokuphelele; sazi okuncane kakhulu ngemvelo futhi esikuqondayo kuncane nangokwengeziwe.”
3. Kungamuphi umqondo ukwanda kolwazi kwandisa ukukhathazeka?
3 Ngisho noma ubungachitha yonke iminyaka esele yokuphila okuvamile ufuna ulwazi olunjalo, ubuyomane uyiqaphele ngokwengeziwe indlela ukuphila okufushane ngayo bese ubona ngokucace ngokwengeziwe ukuthi ukusebenzisa komuntu ulwazi kulinganiselwa ukungapheleli ‘nokugwegwa’ kwalelizwe. USolomoni waveza lelophuzu, lapho ebhala: “Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi, wandisa usizi.” (UmShumayeli 1:15, 18) Yebo, ukuzuza ulwazi nokuhlakanipha okungahlangene nezinjongo zikaNkulunkulu ngokuvamile kuhilela usizi nokukhathazeka.—UmShumayeli 1:13, 14; 12:12; 1 Thimothewu 6:20.
4. Yiluphi ulwazi okufanele sifune ukuluzuza?
4 Ingabe iBhayibheli lisikisela ukuthi akufanele sibe nesithakazelo sokwandisa ulwazi lwethu? Umphostoli uPetru wabhala: “Kepha khulani emseni [nasolwazini] lweNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe-kuye namanje nakuze kube-lusuku lwaphakade.” (2 Petru 3:18, qhathanisa ne-NW.) Singasamukela lesosixwayiso futhi kufanele sisamukele njengesisebenza kithi, sisikhuthaza ukuba sikhule olwazini. Kodwa hlobo luni lolwazi? Singakhula kanjani kulo? Futhi ingabe senza lokho ngempela?
5, 6. UPetru wakugcizelela kanjani ukuthi sidinga ukuzuza ulwazi?
5 Ukukhula olwazini oluqondile oluphathelene noMdali wendawo yonke noJesu kwakuwumqondo oyinhloko encwadini yesibili kaPetru. Lapho eyiqala wabhala: “Kwangathi umusa ongasifanele nokuthula kungandiswa kini ngolwazi oluqondile lukaNkulunkulu nolukaJesu iNkosi yethu, njengokuba amandla akhe aphezulu esinikile ngesihle konke okuqondene nokuphila nokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, ngolwazi oluqondile lwalowo owasibiza ngenkazimulo nobuhle.” (2 Petru 1:2, 3, NW) Ngakho ukuba nomusa ongasifanele nokuthula ukuhlanganisa nokuzuza kwethu ulwazi lukaNkulunkulu neNdodana yakhe. Lokho kunengqondo, ngoba uMdali, uJehova, uwumthombo oyinhloko wolwazi lwangempela. Umuntu owesaba uNkulunkulu uyakwazi ukubona izinto ngomqondo ofanele futhi afinyelele eziphethweni ezinengqondo.—IzAga 1:7.
6 UPetru ube esenxusa: “Nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando. Ngokuba uma lezozinto zikhona kini zivama, ziyanenza ningabi-ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu.” (2 Petru 1:5-8) * Esahlukweni esilandelayo, sifunda ukuthi ukuzuza ulwazi kusiza abantu ukuba babalekele ukungcola kwezwe. (2 Petru 2:20) Ngaleyondlela uPetru wakwenza kwacaca ukuthi labo ababa amaKristu badinga ulwazi, njengoba kunjalo nangalabo asebemkhonza kakade uJehova. Ingabe ukolunye lwalezozinhlu?
Funda, Phindaphinda, Kusebenzise Okufundayo
7. Abantu abaningi baluzuzé ngayiphi indlela ulwazi oluqondile lwamaqiniso eBhayibheli ayisisekelo?
7 Kungenzeka ukuthi uqhutshelwa isifundo oFakazi BakaJehova ngenxa yokuthi uyaqaphela ukuthi isigijimini sabo sineqiniso. Kanye ngesonto, isikhathi esingangehora noma ngaphezulu, nicabangela isihloko esithile seBhayibheli nisebenzisa incwadi ewusizo enjengethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Kuhle kakhulu! Abaningi abaye baqhutshelwa isifundo esinjalo oFakazi BakaJehova baye bazuza ulwazi oluqondile. Nokho, yini ongayenza ukuze wandise lokho okufundayo wena siqu? Nakhu okunye ukusikisela. *
8. Ngesikhathi elungiselela isifundo, yini umfundi angayenza ukuze afunde okwengeziwe?
8 Ngaphambi kokuba ulungiselele isifundo sakho, hlola ukwaziswa enizokuhlanganisa. Lokho kusho ukubheka isihloko sesahluko, izihlokwana, kanye nanoma yiziphi izithombe ezisetshenzisiwe ukuze kuchazwe indaba. Khona-ke, njengoba ufunda isigaba noma ingxenye ethile yencwadi, funa imiqondo eyinhloko nemibhalo eyisekelayo, bese uyayidwebela noma uyiphawule ngokugqamile. Ukuze ubone ukuthi uwafundile yini amaqiniso ahlanganisiwe, zama ukuphendula imibuzo esezigabeni ezihlukahlukene. Lapho wenza lokhu, zama ukuzakhela izimpendulo ngamazwi akho. Okokugcina, bukeza isifundo, uzame ukukhumbula amaphuzu ayinhloko nezinkulumo eziwasekelayo.
9. Ukusebenzisa ukusikisela okuphathelene nokutadisha kuyomsiza kanjani umuntu ukuba afunde?
9 Ungakulindela ukukhula olwazini uma ukusebenzisa lokhu kusikisela. Kungani kunjalo? Esinye isizathu siwukuthi ukwaziswa uyokufunda unesifiso esiqotho sokufuna ukufunda okuthile, njengokungathi ulungisa umhlabathi. Ngokuthola umbono wayo yonke indaba bese ufuna amaphuzu ayinhloko nezindlela amaphuzu avezwe ngazo, uyoyibona indlela imininingwane ehlobana ngayo nesihloko noma isiphetho. Ukubukeza kokugcina kuyokusiza ukuba ukhumbule okufundile. Yini eyokusiza kamuva, phakathi nesifundo sakho seBhayibheli?
10. (a) Kungani ukumane uphindaphinde amaphuzu athile noma ukwaziswa okusha kungasizi kangako? (b) Yini ehilelekile “ekuzikhumbuzeni ngokuqhubekayo ngemva kwezikhathi ezithile”? (c) Abantwana bakwa-Israyeli kungenzeka bazuza kanjani ekuphindaphindeni?
10 Ochwepheshe emkhakheni wemfundo bayakwazi ukubaluleka kokuphindaphinda okwenziwa ngesikhathi nokunenjongo. Lokhu akukhona nje ukuphindaphinda amagama njengomlolozelo, okungenzeka wakuzama esikoleni ngesikhathi nifunda amagama athile, isenzakalo, noma umbono ngokukusho ngekhanda. Nokho, ingabe wathola ukuthi ngokushesha wawukukhohlwa lokho owawukusho ngekhanda, ukuthi kwakusheshe kushabalale engqondweni? Kungani? Ukuphindaphinda nje ngekhanda Duteronomi 6:6, 7) “Ukugxilisa” kusho ukufundisa ngokuphindaphinda. Cishe abaningi balabobaba babeqale banikeze abantwana babo imithetho; kamuva bakuphindaphinde lokho kwaziswa; bese bebuza abantwana babo imibuzo ngalokho ababekufundile.
igama elisha noma isenzakalo esithile kungaba nesicefe, futhi imiphumela ayihlali isikhathi eside. Yini engashintsha lokho? Ukufuna kwakho ngempela ukufunda kungasiza. Esinye isihluthulelo siwukuphindaphinda okunenjongo. Ngemva kwemizuzu ethile ufunde iphuzu elithile, ngaphambi kokuba lishabalale engqondweni, zama ukuzikhumbuza wena ukuthi ufundeni. Lokhu kuye kwabizwa ngokuthi “ukuzikhumbuza ngokuqhubekayo ngemva kwezikhathi ezithile.” Ngokuzikhumbuza kwakho okufundile ngaphambi kokuba kushabalale, welula isikhathi sokugcineka kwakho engqondweni. Kwa-Israyeli, obaba kwakufanele bagxilise imiyalo kaNkulunkulu kubantwana babo. (11. Yini engenziwa phakathi nesifundo seBhayibheli ukuze kwandiswe ulwazi?
11 Uma uFakazi othile eqhuba isifundo seBhayibheli nawe, angase akusize ukuba ufunde ngokuba nibuyekeze njalo ngezikhathi ezithile phakathi nesifundo. Lokhu akubona ubuntwana. Kuyindlela ewubuciko obuthuthukisa ukufunda, ngakho hlanganyela ngenjabulo ekubukezeni okwenziwa njalo ngezikhathi ezithile. Khona-ke, ekupheleni kwesifundo, hlanganyela ekubukezeni kokuphetha lapho uphendula khona ngekhanda. Ungase uchaze amaphuzu ngamazwi akho ngendlela obungenza ngayo lapho ufundisa omunye umuntu. (1 Petru 3:15) Lokhu kuyokusiza ukuba okufundile ukukhumbule isikhathi eside.—Qhathanisa neHubo 119:1, 2, 125; 2 Petru 3:1.
12. Yini umfundi ngokwakhe angayenza ukuze athuthukise inkumbulo yakhe?
12 Esinye isinyathelo esiwusizo siwukuba, phakathi nosuku olulodwa noma ezimbili, uxoxele omunye lokho okufundile, mhlawumbe ofunda naye esikoleni, osebenza naye, noma umakhelwane. Ungase usho isihloko esithile bese uyasho ukuthi umane nje ufuna ukubona ukuthi usayikhumbula yini indlela amaphuzu avezwe ngayo noma imibhalo ewasekelayo eBhayibhelini. Lokho kungase kuvuse isithakazelo somunye umuntu. Ngisho noma kungasivusi, yona kanye inqubo yakho yokuphindaphinda ukwaziswa okusha ngemva kosuku olulodwa noma ezimbili iyokwenza kuhlale enkumbulweni yakho. Khona-ke uyobe ukufunde ngempela, wenza lokho eyesi-2 Petru 3:18 ekunxusayo.
Ukufunda Ngenkuthalo
13, 14. Kungani kufanele sidlulele ngalé kokumane sizuze futhi sikhumbule ukwaziswa okuthile?
13 Ukufunda kusho okungaphezu kokumane ufunde amaqiniso athile noma ukukwazi ukukhumbula ukwaziswa. Abantu benkolo bosuku lukaJesu babekwenza lokho ngemithandazo yabo ephindaphindwayo. (Mathewu 6:5-7) Kodwa lokho kwaziswa kwakubathinta kanjani? Ingabe babeveza izithelo zokulunga? Lutho neze. (Mathewu 7:15-17; Luka 3:7, 8) Ingxenye yenkinga yayiwukuthi lololwazi aluzange lungene luzike ezinhlliziyweni zabo, lubathonye ngendlela ezuzisayo.
14 Ngokwalokho okushiwo uPetru, isimo kwakufanele sihluke kumaKristu, ngalesosikhathi namanje. Usinxusa ukuba okholweni lwethu selekele ulwazi oluyosisiza ukuba sigweme ukuba ngabavilaphayo noma abangenazithelo. (2 Petru 1:5, 8) Ukuze lokhu kwenzeke kithi, kumelwe sifune ukukhula kulololwazi futhi sifune ukuba lusithonye phakathi ekujuleni kwethu, luthinte ingaphakathi lethu. Lokho kungase kungenzeki ngaso sonke isikhathi.
15. Iyiphi inkinga eyaba khona ngamanye amaKristu angamaHeberu?
15 Osukwini lukaPawulu amaKristu angamaHeberu ayenenkinga mayelana nalokhu. Njengoba ayengamaJuda, ayeyazi imiBhalo. Ayazi ngoJehova nangezinye zezimfuneko zakhe. Kamuva athola ulwazi olwengeziwe ngoMesiya, aba nokholo, futhi abhapathizwa njengamaKristu. (IzEnzo 2:22, 37-41; 8:26-36) Ezinyangeni naseminyakeni eyalandela, kumelwe ukuba ayeya emihlanganweni yobuKristu, lapho ayengahlanganyela khona ekufundeni imibhalo nasekuphenduleni. Nakuba kunjalo, amanye awazange akhule olwazini. UPawulu wabhala: “Noma benifanele ukuba nibe-ngabafundisi‚ uma kuya ngesikhathi‚ nisadinga futhi ukuba kube-khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba-ngabadinga ubisi‚ kungesikho ukudla okuqinileyo.” (Heberu 5:12) Kungenzeka kanjani lokho? Kungase kwenzeke yini nakithina?
16. Ziyini lezindawo ezihlale ziyiqhwa, futhi zizithinta kanjani izitshalo?
16 Ngokwesibonelo, cabangela izindawo ezihlale ziyiqhwa e-Arctic nakwezinye izindawo lapho izinga lokushisa elisesilinganisweni lingaphansi kwezingaqhwa. Umhlabathi, amadwala, namanzi angaphansi komhlabathi kuba yisigaxa seqhwa esiqinile, ngezinye izikhathi esingamamitha angu-900 ukujula. Ehlobo, ungase uncibilike umhlabathi ongaphezulu (obizwa ngokuthi i-active layer). Nokho, lolungqimba olulula lomhlabathi oncibilikile ngokuvamile luwudaka ngoba umswakama awukwazi ukumunceka ungene endaweni eyiqhwa ngaphansi. Ngokuvamile izitshalo ezikhula kulolungqimba olulula olungaphezulu zincane noma zibhashile; izimpande zazo azikwazi ukungena zijule kulendawo eyiqhwa. Ungase uzibuze, ‘Indawo eyiqhwa ihlangene ngani nokuthi ngiyakhula yini olwazini lweqiniso leBhayibheli?’
17, 18. Indawo eneqhwa ngaphansi ne-active layer yayo kungasetshenziswa kanjani ukuze kuboniswe okwenzeka kwamanye amaKristu angamaHeberu?
17 Lendawo eyiqhwa isifanekisela kahle isimo somuntu ongawenzi amandla akhe engqondo ahileleke ngokuqondile ekufundeni, ekukhumbuleni, nasekusebenziseni ulwazi oluqondile. (Qhathanisa noMathewu 13:5, 20, 21.) Lomuntu cishe unawo amandla engqondo okufunda izifundo ezihlukahlukene, kuhlanganise neqiniso leBhayibheli. Wafunda “iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu” futhi kungenzeka wakufanelekela ukubhapathizwa, njengoba kwenza lawomaKristu angamaHeberu. Nokho, angase ‘angaqhubekeli ekuvuthweni,’ ezintweni ezingalé ‘kwesifundiso sokuqala ngoKristu.’—Heberu 5:12, qhathanisa ne-NW; 6:1.
18 Ake uwabone ngamehlo engqondo amanye alawomaKristu esemhlanganweni emuva ngalesosikhathi. Ayekhona futhi ephapheme, kodwa ingabe izingqondo zawo zazihilelekile ekufundeni? Ingabe ngenkuthalo nangobuqotho ayekhula olwazini? Mhlawumbe akunjalo. Ngalawo ayengavuthiwe, noma yikuphi ukuhlanganyela emihlanganweni kwakwenzeka kuyi-active layer engokomfanekiso, kuyilapho ngaphansi Isaya 40:24.
kwakunendawo ejulile eyiqhwa. Izimpande zamaqiniso aqine kakhulu noma ayinkimbinkimbi zazingakwazi ukungena zigxile kulendawo yengqondo eneqhwa.—Qhathanisa no-19. UmKristu onokuhlangenwe nakho namuhla angafana kanjani namaKristu angamaHeberu?
19 Kungaba okufanayo nangomKristu namuhla. Nakuba ekhona emihlanganweni angase angazisebenzisi lezozikhathi ukuze akhule olwazini. Kuthiwani ngokuhlanganyela ngokuqondile kuyo? Kumuntu osanda kuhlanganyela noma osemusha ukufunda umbhalo ngokuzithandela noma ukuphendula ngamazwi asesigabeni kungase kudinge umzamo omkhulu, kubonakalisa ukusebenzisa ikhono lakhe okuhle nokutusekayo. Kodwa uPawulu wabonisa ukuthi abanye, uma kubhekwa isikhathi asebesichithile bengamaKristu, kufanele bathuthukele ngalé kwalelozinga lokuqala lokuhlanganyela uma befuna ukuqhubeka bekhula olwazini.—Heberu 5:14.
20. Yikuphi ukuzihlola ngamunye wethu okufanele akwenze?
20 Uma umKristu onokuhlangenwe nakho engakaze athuthukele ngalé kokumane afunde ivesi leBhayibheli noma anikeze impendulo eyisisekelo evela ngqó esigabeni, cishe ukuhlanganyela kwakhe kwakuvela “kuyi-active layer” yengqondo yakhe. Kungadlula imihlangano eminingi kodwa ukujula kwekhono lakhe lengqondo kusale kusesimweni sokuba yiqhwa, uma siqhubekisela phambili umfanekiso wethu wendawo eyiqhwa. Kufanele sizibuze: ‘Ingabe kunjalo ngami? Ingabe ngiye ngavumela uhlobo oluthile lwendawo eyiqhwa lwakheka engqondweni? Iphapheme kangakanani ingqondo yami futhi nginesithakazelo kangakanani ekufundeni?’ Ngisho noma singakhululeki ngezimpendulo zethu eziqotho, singaqalisa manje ukuthatha izinyathelo zokukhula olwazini.
21. Yiziphi izinto okuxoxwe ngazo ngaphambili ongazisebenzisa lapho ulungiselela noma usemhlanganweni?
21 Njengabantu ngabanye singakusebenzisa ukusikisela okusesigabeni 8. Kungakhathaliseki ukuthi sesinesikhathi eside kangakanani sihlanganyela nebandla, singazimisela ukuqhubekela ekuvuthweni nasolwazini oluthe xaxa. Kwabanye lokho kuyosho ukulungiselela imihlangano ngenkuthalo eyengeziwe, mhlawumbe bavuselele imikhuba ababenayo eminyakeni eminingi edlule kodwa abayiyeka kancane kancane. Lapho ulungiselela, zama ukuthola ukuthi imaphi amaphuzu ayinhloko uzame nokuqonda imibhalo engajwayelekile esetshenzisiwe ukuze uthuthukise izindlela zokuveza amaphuzu. Funa noma yisiphi isici esisha ekwazisweni okufundwayo. Ngokufanayo, phakathi nomhlangano, zama ukukusebenzisa kuwe uqobo ukusikisela okuphawulwe esigabeni seshumi nese-11. Zama ukuba ngophapheme engqondweni, njengokungathi izinga lokushisa lengqondo yakho uligcina liphezulu. Lokho kuyolwisana nanoma yikuphi ukuthambekela kokwakheka “kwendawo eyiqhwa”; futhi lomzamo oqotho uyoncibilikisa noma yiliphi “iqhwa” okungenzeka lakheka esikhathini esidlule.—IzAga 8:12, 32-34.
Ulwazi, Usizo Ekuvezeni Izithelo
22. Siyozuza kanjani uma sisebenzela ukwandisa ulwazi lwethu?
22 Siyozuza kanjani njengabantu ngabanye uma sisebenzela kulesici sokukhula emseni ongasifanele nasolwazini lweNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu? Ngokwenza kwethu umzamo oqotho wokugcina amandla ezingqondo zethu ephapheme, elungele ukwamukela Luka 8:5-12) Imbewu ewela emhlabathini omuhle ingamila izimpande eziqinile ukuze zisekele izitshalo ezikhiqizayo nezithela izithelo.—Mathewu 13:8, 23.
ulwazi, imbewu yamaqiniso eBhayibheli amasha nayinkimbinkimbi iyoba nezimpande ezijulile, futhi ukuqonda kwethu kuyothuthuka kube okuhlala njalo. Kuyofana nalokho uJesu akusho emfanekisweni ohlukile ophathelene nezinhliziyo. (23. Yimiphi imiphumela engaba khona uma sikuthatha ngokungathi sína okukweyesi-2 Petru 3:18? (Kolose 1:9-12)
23 Umfanekiso kaJesu wawuhlukile ngandlela-thile, kodwa imiphumela emihle yayifana nalokho uPetru akuthembisa: “Ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ulwazi . . . Ngokuba uma lezozinto zikhona kini zivama‚ ziyanenza ningabi-ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu.” (2 Petru 1:5-8) Yebo, ukukhula kwethu olwazini kuyosisiza ukuba siveze izithelo. Siyothola ukuthi ukungenisa ulwazi olwengeziwe kuyojabulisa ngisho nangokwengeziwe. (IzAga 2:2-5) Lokho okufundayo uyokukhumbula kalula futhi kube usizo lapho ufundisa abanye ukuba babe abafundi. Ngakho nangalendlela, uyoveza izithelo ngokwengeziwe futhi ulethe udumo kuNkulunkulu naseNdodaneni yakhe. UPetru waphetha incwadi yakhe yesibili kanje: “Qhubekani nikhula emseni ongasifanele nasolwazini lweNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje kuze kube-lusuku lwaphakade.”—2 Petru 3:18, NW.
[Imibhalo yaphansi]
^ par. 2 “[Ukukhula kwethu ngolwazi] kungafaniswa nalokho umuntu, onesithakazelo sokufunda okwengeziwe ngenyanga, akutholayo lapho egibela phezu kophahla lwendlu yakhe ukuze ayibukele eduze leyonyanga.”
^ par. 6 Ukholo nobuhle, izimfanelo ezimbili zokuqala kulombhalo, kwaxoxwa ngazo kumagazini wethu ka-July 15, 1993.
^ par. 7 Lokhu kusikisela kungawasiza namaKristu asenesikhathi eside ehlanganyela ukuba athole okwengeziwe esifundweni sawo somuntu siqu nasekulungiseleleni imihlangano.
Ungakhumbula?
□ Kungani kufanele ube nesithakazelo ekwandiseni ulwazi lwakho?
□ Umfundi weBhayibheli omusha angazuza kanjani ngokwengeziwe esifundweni sakhe?
□ Yiziphi izingozi ofuna ukuzigwema, njengoba zifanekiselwa yindawo eyiqhwa?
□ Kungani kufanele uzimisele ukuthuthukisa ikhono lakho lokwandisa ulwazi?
[Imibuzo Yesifundo]
[Isithombe ekhasini 15]
Ingabe nginenkinga ngendawo eyiqhwa engqondweni?