Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Isivikelo Sangempela Singatholakala?

Ingabe Isivikelo Sangempela Singatholakala?

Ingabe Isivikelo Sangempela Singatholakala?

UMBHALI wezindaba uRalph Waldo Emerson wake wathi: “Abantu abavamile bakholelwa enhlanhleni . . . Abantu abaqotho ngokokuziphatha nangokwengqondo bakholelwa esisuseni nomphumela wezenzakalo.” Yebo, umuntu onokholo emandleni ezigqizo zemilingo nezintelezi zenhlanhla unikela ukuphila kwakhe ekulawuleni kwamandla angabonakali. Wenqaba ukuba nengqondo nokucabanga futhi uvumela ukwesaba okungasekelwe ekucabangeni, okuyinkolelo-ze.

Nokho, iBhayibheli lingamkhulula umuntu ekwesabeni okunjalo. Libonisa ukuthi izigqizo zenhlanhla nezintelezi zenhlanhla azisebenzi, azinamandla. Kanjani? Phela, ngokwe-New Encyclopædia Britannica, “kucatshangwa ukuthi izigqizo zenhlanhla zithola amandla azo lapho zihlangana [phakathi kokunye] namandla emvelo.” Lamandla angase abe ‘yimimoya yabafile’ noma ‘amandla enhlanhla.’ Kodwa iBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi abafile “abazi-lutho.” (UmShumayeli 9:5) Ngakho, akukho mimoya yabafile engasiza noma ilimaze abaphilayo; futhi akukho mandla angabonakali anjengenhlanhla angakusebenzela.

Ezikhathini zeBhayibheli, uNkulunkulu wabalahla labo ababemshiya, labo ababekhohlwa intaba yakhe engcwele, ‘ababehlelela iNhlanhla itafula, bagcwalisele isiMiselo iwayini elixutshanisiweyo.’ Kunokuba bazuze isivikelo, labo basekeli benhlanhla banikelwa ekubhujisweni. “Ngiyakuninqumela inkemba,” kusho uJehova uNkulunkulu.—Isaya 65:11, 12.

Ngokwenza imilingo, isizwe sasendulo saseBabiloni ngokufanayo sakholelwa ekuvikeleni kwamandla ayimfihlakalo. Kodwa nakuba kunjalo iBabiloni labhekana nenhlekelele. “Phikelela nokwenza kwakho iziphonso namalumbo asabekayo,” umprofethi u-Isaya ebeka inselele. “Mhlawumbe kungakusiza . . . Kodwa lutho! naphezu kwamacebo akho amaningi awunamandla.” (Isaya 47:12, 13, The New English Bible) Ngokuhamba kwesikhathi lesosizwe saqothulwa ngokuphelele. Ukukholelwa ekulumbeni kuye kwabonakala kuyize. Ngokufanayo, akukho sigqizo semilingo, intelezi noma isiphandla okungenza noma ngabe yini ukuze kukusize noma kukuvikele.

Uhlobo Lokukhulekela Izithombe

Naphezu kwalokho, abanye bangase bangaboni ngozi ekuphatheni ikristalu, unyawo lukanogwaja, noma imendlela engokwenkolo. Ingabe lezi akuzona nje izinto eziyigugu ezingenangozi? Hhayi ngokweBhayibheli. Lithi izinto ezisetshenziselwa ukulumba ziyingozi.

Ukusetshenziswa kwezigqizo zenhlanhla kuwuhlobo lokukhulekela izithombe—okuthile okulahlwa ngokuphelele eZwini likaNkulunkulu. (Eksodusi 20:4, 5) Yiqiniso, umuntu angase angabi nomuzwa wokuthi ukhulekela isigqizo senhlanhla noma isiphandla ngokuqondile. Kodwa ingabe ukuba naso nje akubonisi yini isimo sengqondo sokuhlonipha, ukukhulekela amandla angabonakali okulumba? Futhi ingabe akulona yini iqiniso ukuthi isenzo senhlonipho sokukhulekela (njengokuqabula) ngokuvamile senziwa ezintelezini ngokwazo? Nokho iBhayibheli, kweyoku-1 Johane 5:21, liluleka amaKristu: “Zilindeni ezithombeni.” Ingabe lokhu bekungehlanganise yini izinto ezibhekwa njengezintelezi noma izigqizo zenhlanhla?

Ugibe Lokulumba

Ngokusebenzisa izigqizo zenhlanhla, abaningi futhi baye babanjwa ugibe lokulumba. Yiqiniso, abanye bangase baphathe ikristalu noma umuthi wemilingo ngoba kuyisiko hhayi ngoba kuyinkolelo. Kodwa njengoba nje ukudlala ngothando nesifebe kungaholela ekungenweni yingculaza, ukudlala ngokulumba nakho kungaba nemiphumela ebhubhisayo. Kwakunezizathu ezinhle ezabangela uNkulunkulu ukuba avimbele ama-Israyeli ekwenzeni imilingo, ukubhula, nokubikezela inhlanhla. IBhayibheli liyaxwayisa: “Yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova.”—Duteronomi 18:10-14.

Kungani kwenqatshelwa ngokunamandla kangaka? Ngoba lamandla angabonakali abangela imikhuba enjalo awayona imimoya yabafile noma amandla enhlanhla kodwa uSathane uDeveli namademoni akhe. * Futhi ukusetshenziswa kwezigqizo zenhlanhla kuhlobene ngokuqondile nokukhulekela amademoni. I-Vine’s Expository Dictionary of Old and New Testament Words ithi: “Ukusetshenziswa kwezidakamizwa ebuthakathini, kungakhathaliseki ukuthi okuvamile noma okunamandla, ngokuvamile kwakuhambisana namazwi emilingo nokukhanga kwamandla okulumba, nokunikezwa kwezintelezi ezihlukahlukene, izigqizo zenhlanhla, njll.”

Ngakho-ke umuntu onentelezi yokulumba ubhukuda ekukhulekeleni imimoya. Uzifaka engozini yokuba ngaphansi kwethonya eliyingozi nokulawulwa “unkulunkulu walelizwe”—uSathane uDeveli. (2 Korinte 4:4) Khona-ke kungesizathu esihle, iBhayibheli lisiyala ukuba sigweme zonke izinhlobo zokukhulekela imimoya.—Galathiya 5:19-21.

Ukugqashula Amaketanga Enkolelo-ze

Nokho i-World Book Encyclopedia iyaphawula: “Cishe izinkolelo-ze ziyoba nengxenye ekuphileni uma nje abantu besasabana futhi bengaqiniseki ngekusasa.” Kodwa oFakazi BakaJehova basiza abaningi ukuba bagqashule ezinkolelweni eziyize ezilimazayo. Owesifazane waseNingizimu Afrika uyakhumbula: “Ngangikhathazwa yimimoya emibi, futhi indlu yami yayigcwele imithi yesintu ukuze ingivikele kulemimoya.” OFakazi BakaJehova bamsiza ukuba abone izingozi zokudlala ngokulumba. Wasabela kanjani? Uthi: “Ngaqala ukulahla konke enganginakho okwakuhlobene nobudemoni. Impilo yami yathuthuka. Nganikezela ukuphila kwami ekukhonzeni uJehova futhi ngabhapathizwa.” Manje usekhululekile ezinkolelweni eziyize nasekukhulekeleni imimoya.

Cabangela, futhi, inyanga yaseNigeria eyayihlanganisa ukukhulekelwa kwemimoya nokwelapha kwayo ngemilingo. Ngokuvamile isebenzisa izinsongo neziqalekiso, yayivame ukuxosha oFakazi BakaJehova lapho befika ekhaya layo. Ngesinye isikhathi yaze yalungiselela ngisho nekhubalo elikhethekile, yasho amazwi athile obuthakathi kulo, yaliphephethela ebusweni bomunye uFakazi! Yamemeza: “Ezinsukwini eziyisikhombisa uzobe ufile!” Ngemva kwezinsuku eziyisikhombisa loFakazi waphindela, okwenza ukuba lenyanga iphume endlini yayo igijima, ikholelwa ukuthi yayibone isipoki! Njengoba manje umlingo wayo wawusuvezwe njengoyize, yamukela isifundo seBhayibheli futhi ekugcineni yaba uFakazi ngokwayo.

Nawe ungagqashula emaketangeni okwesaba nenkolelo-ze. Kuyavunywa, lokhu kungase kungabi lula. Mhlawumbe ukhulele emphakathini lapho ukusetshenziswa kwezigqizo zenhlanhla nezintelezi kujwayeleke khona. AmaKristu e-Efesu lasendulo abhekana nenselele enjalo. Ayephila emphakathini owawuthonywe ngokunamandla ukukhulekela imimoya. Yini ayenza lapho efunda iqiniso leZwi likaNkulunkulu? IBhayibheli lithi: “Abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; bahlanganisa amanani azo, bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.”—IzEnzo 19:19.

Ukuzuza Isivikelo SikaNkulunkulu

Uma uhlukana nayo yonke iminonjana yokulumba, ingabe uyosala ungavikelekile? Ngokuphambene, “UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.” (IHubo 46:1) Isivikelo sikaNkulunkulu siyobonakala ikakhulukazi lapho ebhubhisa lesimiso sezinto esonakele. “INkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe.”—2 Petru 2:9; qhathanisa neHubo 37:40.

Okwamanje, ‘sonke sihlangabezana nesikhathi nethuba.’ (UmShumayeli 9:11) UNkulunkulu akathembisi ukuthi izinceku zakhe ziyophila ukuphila “kokuvikeleka ebunzimeni” noma ukuthi uyozivikela kukho konke ukulimala komuntu siqu. Nokho, uyathembisa ukuvikela ingokomoya lethu nobuhlobo bethu naye. (IHubo 91:1-9) Kanjani? Phakathi kokunye, usinikeza imithetho nezimiso okungasizuzisa futhi kusivikele ethonyeni likaSathane elonakalisayo. (Isaya 48:17) Ngokuzuza kwethu ulwazi oluphathelene nezindlela zikaJehova, ‘amasu ayakusilinda, ukuqonda kusigcine’—ngokwesibonelo, ezenzweni ezingazuzisi noma ezilimazayo.—IzAga 2:11.

Enye indlela uNkulunkulu asivikela ngayo ingokusinikeza “amandla angaphezu kwavamile” ngezikhathi zovivinyo. (2 Korinte 4:7, NW) Futhi lapho izimo zisongela ukuba ngaphezu kwamandla omKristu, Yena unikeza “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke” ukuze kulondoloze inhliziyo namandla okucabanga. (Filipi 4:7) Yebo, umKristu uhlonyiselwa ukuba ‘amelane namaqhinga kaSathane.’—Efesu 6:11-13.

Ungasithola kanjani isivikelo esinjalo? Qala ngokungenisa ulwazi ngoJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu. (Johane 17:3) Kuningi oFakazi BakaJehova abangakwenza ukuze bakusize kulokhu. Njengoba uhlakulela ubuhlobo obufudumele noJehova, uyoqala ukuba nokuhlangenwe nakho kwesivikelo sakhe somusa. UNkulunkulu, njengoba sifunda kuyiHubo 91:14, uthi: “Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhulula; ngiyamphakamisa ngokuba elazi igama lami.”

Ngempela, uma uthembekile kuye, ekugcineni uNkulunkulu uyokubusisa ngokuphila okuphakade ezweni elisha elizayo. UJehova uyaqinisekisa ngokuqondene nalabo abayophila ngalesosikhathi: “Akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova-Sebawoti ukhulumile.” (Mika 4:4) Ukugula nokufa akusayikuba khona. (IsAmbulo 21:4) Nokho, ngisho kwamanje ungajabulela isilinganiso esithile sokulondeka—uma uhlakulela ubuhlobo obuseduze noJehova. Njengomhubi, uyokwazi ukuthi: “Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba.”—IHubo 121:2.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 11 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwajana ethi Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela? enyatheliswa yi-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.

[Isithombe ekhasini 6]

AmaKristu e-Efesu alahla konke okwakuhlobene nokulumba

[Isithombe ekhasini 7]

Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, ukwesaba akuyikuba khona