Umkhaya WamaKristu Ubeka Izinto Ezingokomoya Kuqala
Umkhaya WamaKristu Ubeka Izinto Ezingokomoya Kuqala
“Manibe-nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe-nobubele nokuthobeka.”—1 PETRU 3:8.
1. Yikuphi ukukhetha sonke esinakho, futhi kungalithinta kanjani ikusasa lethu?
YEKA indlela itekisi elingenhla elisebenza ngayo enhlanganweni yesintu endala kunazo zonke—umkhaya! Futhi yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba abazali bahole kulezici! Izimfanelo zabo eziqondile neziphambene ngokuvamile ziyobonakala ezinganeni. Nokho, ilungu ngalinye lomkhaya linethuba lokuzikhethela. NjengamaKristu, singakhetha ukuba abantu abangokomoya noma abangokwenyama. Singakhetha ukujabulisa uNkulunkulu noma ukumdumaza. Ukukhetha okunjalo kungaphumela esibusisweni, ukuphila okuphakade nokuthula—noma isiqalekiso, ukufa kwaphakade.—Genesise 4:1, 2; Roma 8:5-8; Galathiya 5:19-23.
2. (a) UPetru wakubonisa kanjani ukukhathalela kwakhe umkhaya? (b) Liyini ingokomoya? (Bheka umbhalo waphansi.)
2 Amazwi kamphostoli akweyoku-1 Petru isahluko 3, ivesi 8, alandela ngokushesha ngemva kweseluleko esihle ayesinikeze abafazi namadoda. UPetru wayenesithakazelo ngempela enhlala-kahleni yemikhaya yamaKristu. Wayazi ukuthi ingokomoya eliqinile liyisihluthulelo somkhaya onobunye, nokhathalelayo. Ngakho, evesini 7 wabonisa ukuthi uma iseluleko sakhe * Imikhuleko yendoda yayingathiywa uma ingazinaki izidingo zomkayo noma imcindezela ngokungabi namusa.
emadodeni sasishaywa indiva, umphumela wawuyoba isithiyo esingokomoya phakathi kwendoda noJehova.UKristu—Isibonelo Esiphelele Sesimo Esingokomoya
3. UPawulu wasiqokomisa kanjani isibonelo sikaKristu emadodeni?
3 Ingokomoya lomkhaya lincike esibonelweni esihle. Lapho indoda ingumKristu oshisekayo, iyahola ekuboniseni izimfanelo ezingokomoya. Uma indoda ingakholwa, ngokuvamile umama uzama ukuthwala lowomthwalo wemfanelo. Kuzo zombili lezimo, uJesu Kristu unikeza isibonelo esiphelele esingase silandelwe. Ukuziphatha, amazwi, nokucabanga kwakhe kwakwakha futhi kuqabula ngaso sonke isikhathi. Ngokuphindaphindiwe, umphostoli uPawulu uqondisa umfundi esibonelweni sothando sikaKristu. Ngokwesibonelo, uthi: “Indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba. Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo.”—Efesu 5:23, 25, 29; Mathewu 11:28-30; Kolose 3:19.
4. Yisiphi isibonelo sesimo esingokomoya esabekwa uJesu?
4 UJesu wayeyisibonelo esivelele sesimo esingokomoya nobunhloko obaboniswa ngothando, umusa, nozwela. Wayezidela, engazitiki. Ngaso sonke isikhathi wayedumisa uYise futhi ehlonipha ubunhloko bakhe. Walandela isiqondiso sikaYise, kangangokuba wayengathi: “Mina ngingenze-lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo; ukwahlulela kwami kulungile, ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.” “Angenzi-lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.”—Johane 5:30; 8:28; 1 Korinte 11:3.
5. Ngokondla abalandeli bakhe, isiphi isibonelo uJesu asibekela amadoda?
5 Kusho ukuthini lokhu emadodeni? Kusho ukuthi isibonelo okumelwe asilandele ezintweni zonke uKristu, owazithoba kuYise ngaso sonke isikhathi. Ngokwesibonelo, njengoba uJehova alungiselela zonke izinhlobo zokuphila ezikhona emhlabeni ukudla, kanjalo uJesu walungiselela abalandeli bakhe ukudla. Akazange azishaye indiva izidingo zabo ezingokwenyama eziyisisekelo. Izimangaliso zakhe zokondla amadoda angu-5 000 nangu-4 000 ziwubufakazi bokukhathalela nomuzwa wakhe wokuba nomthwalo wemfanelo. (Marku 6:35-44; 8:1-9) Ngokufanayo namuhla, izinhloko zemikhaya ezinomthwalo wemfanelo zinakekela izidingo ezingokwenyama zemikhaya yazo. Kodwa ingabe umthwalo wazo wemfanelo uphelela lapho?—1 Thimothewu 5:8.
6. (a) Yiziphi izidingo zomkhaya ezibalulekile okumelwe zinakekelwe? (b) Amadoda nobaba bangakubonisa kanjani ukuqonda?
6 Imikhaya futhi inezinye izidingo ezibaluleke kakhulu, njengoba uJesu abonisa. Inezidingo ezingokomoya nezingokomzwelo. (Duteronomi 8:3; Mathewu 4:4) Sisebenzelana nabanye, kokubili emkhayeni nasebandleni. Sidinga isiqondiso esihle ukuze sisishukumisele ekubeni abakhayo. Ngokuphathelene nalokhu amadoda nobaba banendima eyinhloko okumelwe bayifeze—ngisho nangaphezulu uma bengabadala noma izinceku ezikhonzayo. Abazali abangabodwa badinga izimfanelo ezifanayo lapho besiza izingane zabo. Abazali akumelwe baqonde kuphela lokho okushiwo amalungu omkhaya kodwa nalokho okungazange kushiwo. Lokho kudinga ukuqonda, isikhathi, nesineke. Kungesinye isizathu esenza ukuba uPetru athi amadoda kufanele acabangele futhi ahlale nabafazi bawo ngokokwazi.—1 Thimothewu 3:4, 5, 12; 1 Petru 3:7.
Izingozi Okumelwe Zigwenywe
7, 8. (a) Yini edingekayo ukuze umkhaya ugweme ukufelwa umkhumbi ongokomoya? (b) Yini enye edingekayo ngaphandle kokuqalisa kahle enkambweni yobuKristu? (Mathewu 24:13)
7 Kungani ukukhathalela ingokomoya lomkhaya kubaluleke kangaka? Ngokwesibonelo, singabuza,
Kungani kubalulekile ukuba umqondisi womkhumbi abhekisise amabalazwe akhe lapho eqondisa umkhumbi emanzini ayingozi anezindawo ezingajulile? Ngo-August 1992 umkhumbi othutha abantu i-Queen Elizabeth 2 (QE2) wadluliswa endaweni enezindunduma zesihlabathi namadwala ayingozi lapho okuthiwa kuvame ukuba kwenzeke khona amaphutha okuqondiswa komkhumbi. Esinye isakhamuzi sendawo saphawula: “Abantu abaningi baye balahlekelwa umsebenzi ngenxa yaleyondawo.” I-QE2 yashayisa ichopho ledwala elingaphansi kwamanzi. Kwatholakala ukuthi kwakuyiphutha elaliyobiza izindleko ezinkulu. Ingxenye eyodwa kwezintathu yomzimba womkhumbi yalimala, futhi kwadingeka ukuba umkhumbi uyekiswe ukusebenza amasonto ambalwa ukuze ulungiswe.8 Ngokufanayo, uma “umqondisi” womkhaya engalibheki ngokucophelela ibalazwe, eliyiZwi likaNkulunkulu, umkhaya wakhe ungangena kalula engozini engokomoya. Ngomdala noma inceku ekhonzayo, umphumela ungaba ukulahlekelwa amalungelo ebandleni mhlawumbe nomonakalo ongathi sína kwamanye amalungu omkhaya. Ngakho-ke, umKristu ngamunye kumelwe aqaphele ukuba anganqotshwa ukuzizwa anelisekile ngokomoya, ethembela kuphela emikhubeni emihle yokutadisha nentshiseko yangaphambili. Enkambweni yethu yobuKristu, akwanele nje ukuthi siye saqala kahle; loluhambo kumelwe luqedwe ngokuphumelelayo.—1 Korinte 9:24-27; 1 Thimothewu 1:19.
9. (a) Sibaluleke kangakanani isifundo somuntu siqu? (b) Yimiphi imibuzo efanele esingase sizibuze yona?
9 Ukuze sigweme izindawo ezingajulile, amadwala, nezindunduma zesihlabathi ezingokomoya, kudingeka ukuba sizigcine sihambisana ‘namabalazwe’ ethu ngesifundo sasikhathi sonke seZwi likaNkulunkulu. Asinakuncika nje kuphela esifundweni esiyisisekelo esasingenisa eqinisweni. Amandla ethu angokomoya ancike esimisweni sasikhathi sonke nesinokulinganisela sokutadisha nenkonzo. Ngokwesibonelo, njengoba sikhona eSifundweni sebandla se-Nqabayokulinda sawo kanye lomagazini esiwuphethe, singazibuza, ‘Ingabe mina, noma thina njengomkhaya, siye sasitadisha ngempela lesihloko, sibheka imibhalo futhi sizindla ngendlela esetshenziswe ngayo? Noma ingabe simane nje sadwebela izimpendulo? Ingabe mhlawumbe siye sadebeselela ngisho nokusifunda lesihloko ngaphambi kokuza emhlanganweni?’ Izimpendulo eziqotho kulemibuzo zingasishukumisela ukuba sicabange Heberu 5:12-14.
ngokungathi sína ngalokhu futhi ziphembe isifiso sokuthuthukisa—uma lokho kudingekile.—10. Kungani ukuzihlola kubalulekile?
10 Kungani ukuzihlola okunjalo kubalulekile? Ngoba siphila ezweni elibuswa umoya kaSathane, izwe elizama ngezindlela eziningi zobuqili ukubhubhisa ukholo lwethu kuNkulunkulu nezithembiso zakhe. Liyizwe elifuna ukusigcina simatasa kakhulu kangangokuba singabi naso isikhathi sokunakekela izinto ezingokomoya. Ngakho-ke singazibuza, ‘Ingabe umkhaya wami uqinile ngokomoya? Ingabe mina njengomzali ngiqine ngendlela okumelwe ngiqine ngayo? Ingabe thina njengomkhaya sihlakulela lawomandla angokomoya ashukumisa ingqondo asisiza ukuba senze izinqumo ezisekelwe ekulungeni nokwethembeka?’—Efesu 4:23, 24, qhathanisa ne-NW.
11. Kungani imihlangano yobuKristu izuzisa ngokomoya? Nikeza isibonelo.
11 Ingokomoya lethu kumelwe liqiniswe yiyo yonke imihlangano esiba khona kuyo. Lawomahora ayigugu eHholo LoMbuso noma eSifundweni Sencwadi SeBandla awusizo ekusiqabuleni ngemva kwamahora amaningi okufanele siwachithe sizama ukuphila ezweni likaSathane elinobutha. Ngokwesibonelo, yeka indlela okuye kwaqabula ngayo ukufunda incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila! Lokhu kuye kwasisiza ukuba sizuze ulwazi olungcono ngoJesu, ukuphila kwakhe, nenkonzo yakhe. Siye sayifunda ngokucophelela imibhalo ekhonjiwe, senza ukucwaninga komuntu siqu, futhi ngaleyondlela safunda okuningi esibonelweni esabekwa uJesu.—Heberu 12:1-3; 1 Petru 2:21.
12. Inkonzo yasensimini ilivivinya kanjani ingokomoya lethu?
12 Isici esihle esivivinya ingokomoya lethu inkonzo yobuKristu. Ukuze siphikelele ekufakazeni kwethu okuvamile nokokwethukela, ngokuvamile sibhekene nomphakathi ongenasithakazelo nophikisayo, sidinga isisusa esifanele, uthando ngoNkulunkulu nothando ngomakhelwane. Yiqiniso, akekho ojabulela ukwenqatshwa, futhi lokho kungenzeka enkonzweni yethu yasensimini. Kodwa kufanele sikhumbule ukuthi yizindaba ezinhle ezinqatshwayo, hhayi thina njengabantu. UJesu wathi: “Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu. Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda. . . . Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.”—Johane 15:18-21.
Izenzo Zikhuluma Ngaphezu Kwamazwi
13. Umuntu oyedwa angalonakalisa kanjani ingokomoya lomkhaya?
13 Kwenzekani emkhayeni uma bonke ngaphandle koyedwa behlonipha ukuhlanzeka nokucoceka kwendlu? Ngosuku olunemvula, bonke, ngaphandle kwalona onganaki baqikelela ukuba bangangeni nodaka endlini. Yonke indawo izinyathelo zezicathulo ezinodaka zinikeza ubufakazi bokunganaki kwalowomuntu, kubangele abanye umsebenzi owengeziwe. Kungokufanayo ngengokomoya. Umuntu oyedwa nje onobugovu noma onganaki angonakalisa idumela lomkhaya. Bonke emkhayeni, hhayi abazali nje kuphela, kufanele balwele ukubonakalisa isimo sengqondo sikaKristu. Yeka indlela okuqabula ngayo lapho bonke besebenza ndawonye benomgomo wokuphila okuphakade! Isimo sengqondo salowomkhaya sithambekele ezintweni ezingokomoya (kodwa awulungile ngokweqile). Akuvamile ukuba kutholakale izimpawu zokudebesela okungokomoya emkhayeni onjalo.—UmShumayeli 7:16; 1 Petru 4:1, 2.
14. Yiziphi izilingo zezinto ezibonakalayo uSathane azibeka phambi kwethu?
14 Sonke sinezidingo zezinto ezibonakalayo okumelwe zaneliswe ukuze sisekele ukuphila kwethu kwansuku zonke. (Mathewu 6:11, 30-32) Kodwa ngokuvamile izidingo zethu zisithibezwa yizinto esizifunayo. Ngokwesibonelo, isimiso sikaSathane sisinikeza lonke uhlobo lwezinto ezisebenza ngogesi nemishini. Uma ngaso sonke isikhathi sifuna ukuba nazo zonke izinto zamuva nje, asisoze saneliswa, njengoba lezozinto ziphuma ngokushesha emfashinini, futhi kuvela umkhiqizo omusha. Ezentengiselwano ziye zamisa umjikelezo ongapheli. Zisiyengela ekufuneni imali eyengeziwe ngokungaphezi ukuze sanelise izifiso ezengeziwe ezingapheli. Lokhu kungaholela ‘ezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo,’ noma “izifiso zobuwula neziyingozi.” Kungaphumela ekuphileni okungenakho ukulinganisela okunikeza isikhathi esincane kakhulu semisebenzi engokomoya.—1 Thimothewu 6:9, 10; The Jerusalem Bible.
15. Sibaluleke ngayiphi indlela isibonelo senhloko yomkhaya?
15 Nalapha futhi, isibonelo esibekwa inhloko yomkhaya wamaKristu sibaluleke kakhulu. Isimo sayo sengqondo esinokulinganisela ngemithwalo yemfanelo yokuziphilisa nengokomoya kufanele sishukumise amanye amalungu omkhaya. Kungaba okulimazayo ngempela uma ubaba enikeza umyalo omuhle kakhulu ngomlomo kodwa ahluleke ukuphila ngokwamazwi akhe. Izingane zingasheshe zisibone isimo sendlela yokuphila sokuthi yenza njengoba ngikutshela kodwa hhayi njengoba ngenza. Ngokufanayo, umdala noma inceku ekhonzayo ekhuthaza abanye ukuba bahlanganyele enkonzweni yendlu ngendlu kodwa ingavamile ukuhlanganyela nomkhaya wayo kulowomsebenzi ngokushesha ilahlekelwa ukwethenjelwa, kokubili emkhayeni nasebandleni.—1 Korinte 15:58; qhathanisa noMathewu 23:3.
16. Yimiphi imibuzo esingazibuza yona?
16 Ngakho, singakuhlola ngendlela ezuzisayo ukuphila kwethu. Ingabe simatasa ngokufinyelela impumelelo emsebenzini wokuziphilisa bese sidebeselela ukwenza intuthuko engokomoya? Ingabe siyathuthuka ezweni kodwa sidebesele ebandleni? Khumbula iseluleko sikaPawulu: “Likholekile lelizwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle.” (1 Thimothewu 3:1) Umuzwa wokuba nomthwalo wemfanelo ebandleni usho okwengeziwe ngengokomoya lethu kunokuthola isikhundla emsebenzini. Kufanele kugcinwe ukulinganisela ngokucophelela ukuze abaqashi bethu bangavunyelwa ukuba basilawule njengokungathi sizinikezele kubo hhayi kuJehova.—Mathewu 6:24.
Ukukhulumisana Okunengqondo Kuthuthukisa Ingokomoya
17. Yini enengxenye ekuhlakulelweni kothando oluqotho emkhayeni?
17 Izigidi zamakhaya namuhla ziye zaba izindawo zokulala kuphela. Kanjani? Amalungu omkhaya azela ukuzolala nokudla kuphela, bese enyamalala ngokushesha. Akuvamile ukuba ahlale etafuleni ukuze ajabulele ukudla ndawonye. Awukho umuzwa ofudumele wokusondelana emkhayeni. Ube yini umphumela? Kunokuntuleka kokukhulumisana, ayikho ingxoxo enengqondo. Futhi lokho kungaphumela ekuntuleni isithakazelo kwamanye amalungu, mhlawumbe ukuntuleka kokukhathalela kwangempela. Uma sithandana, sibekela eceleni isikhathi sokuxoxa nokulalela. Siyakhuthaza, futhi siyasiza. Lesici sengokomoya sihilela ukukhulumisana okuphawulekayo phakathi kwemibhangqwana naphakathi kwabazali nezingane. * Sidinga isikhathi nesu njengoba sixoxisana ukuze sihlanganyele izinjabulo zethu, okuhlangenwe nakho, nezinkinga.—1 Korinte 13:4-8; Jakobe 1:19.
18. (a) Yini ngokuvamile eyisithiyo sokukhulumisana? (b) Ubuhlobo obuhle bakhelwa kusiphi isisekelo?
18 Ukukhulumisana okuhle kudinga isikhathi nomzamo. Kusho ukubekela eceleni isikhathi sokukhulumisana nokulalelana. Esinye seziphazamiso ezinkulu kakhulu kulokhu yilowomshini IzAga 31:28, 29.
odla isikhathi okhonzwe kakhulu emakhaya amaningi—i-TV. Lokhu kuletha inselele—ingabe i-TV iyakulawula, noma uyayilawula? Ukulawula i-TV kudinga isinqumo esiqinile—kuhlanganise nokuzimisela ukuyicisha. Kodwa ukwenza kanjalo kuyosivulela indlela yokuba sazane kahle njengamalungu omkhaya nanjengabazalwane nodade abangokomoya. Ubuhlobo obuhle budinga ukukhulumisana okuhle, ukuqondana, ukuqonda izidingo nezinjabulo zethu, ukutshelana indlela esizazisa ngayo zonke izinto ezinhle esiye sazenzelwa. Ngamanye amazwi, ukukhulumisana okuphawulekayo kubonisa ukuthi asibathathi kalula abanye.—19, 20. Yini esiyoyenza uma sibakhathalela bonke emkhayeni?
19 Ngakho-ke, uma sikhathalelana elungiselelweni lomkhaya—futhi lokho kuhlanganisa ukunakekela amalungu omkhaya angakholwa—siyobe senza lukhulu ekwakheni nasekulondolozeni ingokomoya lethu. Elungiselelweni lomkhaya, siyobe silandela iseluleko sikaPetru: “Okokugcina, manibe-nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe-nobubele nokuthobeka, ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.”—1 Petru 3:8, 9.
20 Singathola nesibusiso sikaJehova manje uma silwela ukulondoloza ingokomoya lethu, futhi lokhu kungasiholela ekutholeni ifa lesibusiso sakhe esikhathini esizayo lapho samukela isipho sokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Kunezinye izinto esingazenza njengomkhaya ukuze sisizane ngokomoya. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngezinzuzo zokwenza izinto ndawonye njengomkhaya.—Luka 23:43; IsAmbulo 21:1-4.
[Imibhalo yaphansi]
^ par. 2 Ingokomoya lichazwa ‘njengokuqaphela noma ukunamathela ezindinganisweni ezingokwenkolo: imfanelo noma isimo sokuba ongokomoya.’ (Webster’s Ninth New Collegiate Dictionary) Umuntu ongokomoya akafani nomuntu ongokwenyama, okhathalela izinkanuko ezingokwenyama.—1 Korinte 2:13-16; Galathiya 5:16, 25; Jakobe 3:14, 15; Juda 19.
^ par. 17 Ukuze uthole ukusikisela okwengeziwe ngokukhulumisana komkhaya, bheka INqabayokulinda ka-September 1, 1991, amakhasi 20-2.
Uyakhumbula?
□ Liyini ingokomoya?
□ Inhloko yomkhaya ingasilingisa kanjani isibonelo sikaKristu?
□ Singazigwema kanjani izinto ezisongela ingokomoya lethu?
□ Yini engonakalisa ingokomoya lomkhaya?
□ Kungani ukukhulumisana okunengqondo kubalulekile?
[Imibuzo Yesifundo]
[Isithombe ekhasini 12]
Ukuba khona eSifundweni Sencwadi SeBandla kuqinisa umkhaya ngokomoya