Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umkhaya WamaKristu Usiza Asebekhulile

Umkhaya WamaKristu Usiza Asebekhulile

Umkhaya WamaKristu Usiza Asebekhulile

“Ungangilahli esikhathini sobudala, ungangishiyi ekupheleni kwamandla ami.”—IHUBO 71:9.

1. Iyiphi indlela abantu asebekhulile abaphathwa ngayo ezizweni eziningi?

“UKUHLOLA kubonisa ukuthi cishe abayisithupha kwabayisikhombisa (86%) babantu asebekhulile abaxhashazwayo baphathwa kabi imikhaya yabo siqu,” kwasho i-Wall Street Journal. Umagazini i-Modern Maturity waphawula: “Ukuxhashazwa kwasebekhulile kuwukuphela [kobudlova bomkhaya] obuye bephuza kakhulu ukuba buvezwe obala futhi bembulwe emakhasini amaphephandaba esizwe.” Yebo, ezizweni eziningi asebekhulile baye baba yizisulu zokuxhashazwa nokunganakwa okungathi sína. Ngempela siphila esikhathini lapho abaningi ‘bengabazithandayo nabangabongiyo, abahlazisayo, nabangenaluthando.’—2 Thimothewu 3:1-3.

2. NgokwemiBhalo yesiHeberu, uJehova ubabheka kanjani asebekhulile?

2 Nokho, lena akuyona indlela asebekhulile okwakumelwe baphathwe ngayo kwa-Israyeli wasendulo. UMthetho wawuthi: “Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.” Incwadi yezaga ezihlakaniphile ephefumlelwe iyasiluleka: “Lalela uyihlo owakuzalayo, ungamdeleli unyoko lapho esemdala.” Iyayala: “Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.” UMthetho kaMose wawufundisa inhlonipho nokwazisa asebekhulile babo bobubili ubulili. Ngokusobala, uJehova ufisa ukuba bahlonishwe asebekhulile.—Levitikusi 19:32; IzAga 1:8; 23:22.

Ukunakekela Asebekhulile Ezikhathini ZeBhayibheli

3. UJosefa walubonisa kanjani uzwela ngoyise osekhulile?

3 Inhlonipho kwakumelwe ingaboniswa ngamazwi nje kuphela kodwa nangezenzo zokucabangela. UJosefa wabonisa uzwela olukhulu ngoyise owayesekhulile. Wayefuna ukuba uJakobe athathe uhambo olusuka eKhanani ukuya eGibithe, uhambo olungamakhilomitha angaphezu kuka-300. Ngakho uJosefa wathumela kuJakobe “izimbongolo eziyishumi, zithwesiwe izinto ezinhle zaseGibithe, nezimbongolokazi eziyishumi, zithwesiwe amabele, nesinkwa, nomphako kayise endleleni.” Lapho uJakobe efika eGosheni, uJosefa waya kuye futhi “wawa entanyeni yakhe, wakhala ngasentanyeni yakhe isikhathi eside.” UJosefa wabonisa uyise uthando olujulile. Yeka isibonelo esivusa amadlingozi sokukhathalela asebekhulile!—Genesise 45:23; 46:5, 29.

4. Kungani uRuthe eyisibonelo esihle sokulandelwa?

4 Esinye isibonelo esihle sokulandelwa ekuboniseni umusa kwabakhulile uRuthe. Nakuba ayengoweZizwe, wanamathela kuninazala wakhe, ongumJuda owayengumfelokazi osekhulile, uNawomi. Washiya abantu bakubo futhi wazifaka engozini yokungayitholi enye indoda. Lapho uNawomi emnxusa ukuba abuyele kubantu bakubo, uRuthe waphendula ngamanye amazwi amahle kakhulu eBhayibhelini: “Ungangincengi ukuba ngikushiye, ngibuye, ngingakulandeli, ngokuba lapho uyakhona, ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona, ngiyakuhlala khona nami; abantu bakho bayakuba-ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe-nguNkulunkulu wami. Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; uJehova akenze njalo kimi, enezele futhi, ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.” (Ruthe 1:16, 17) URuthe futhi wabonisa izimfanelo ezinhle lapho evuma ukushada noBowazi owayesekhulile ngaphansi kwelungiselelo lokushada nesihlobo sikamufi.—Ruthe, izahluko 2 kuya ku-4.

5. Yiziphi izimfanelo uJesu azibonisa ekusebenzelaneni nabantu?

5 UJesu wabeka isibonelo esifanayo ekusebenzelaneni kwakhe nabantu. Wayenesineke, enozwela, enomusa futhi eqabula. Waba nesithakazelo somuntu siqu endodeni empofu eyayikhubazekile, ingakwazi ukuhamba iminyaka engu-38 futhi wayelapha. Wabonisa ukukhathalela abafelokazi. (Luka 7:11-15; Johane 5:1-9) Ngisho naphakathi kosizi lokufa kwakhe okubuhlungu esigxotsheni sokuhlushwa, waqikelela ukuthi unina, cishe owayeseminyakeni yakhe yokweva emashumini amahlanu, wayezonakekelwa. UJesu wayengumngane oqabulayo wabo bonke abantu, ngaphandle kwezitha zakhe ezazizenzisa. Ngakho, wayengase athi: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.”—Mathewu 9:36; 11:28, 29; Johane 19:25-27.

Obani Abafanelwe Ukucatshangelwa?

6. (a) Obani abafanelwe ukunakekela okukhethekile? (b) Yimiphi imibuzo esingazibuza yona?

6 Njengoba uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, bebeka izibonelo ezinhle kangaka endabeni yokukhathalela, kufaneleke ngempela ukuba amaKristu azinikezele alingise isibonelo sabo. Phakathi kwethu sinabathile abaye bakhandleka futhi basindwa iminyaka eminingi—abazalwane nodade asebekhulile abaye bangena eminyakeni yokuwohloka kokuphila kwabo. Kungenzeka abanye bangabazali noma omkhulu nogogo bethu. Ingabe sibathatha kalula? Ingabe siyabasekela futhi sibazise? Noma ingabe sikwazisa ngempela okuhlangenwe nakho nokuhlakanipha kwabo okukhulu? Yiqiniso, abanye bangase bavivinye ukubekezela kwethu ngokwenza okuhlukile noma ngokushiyeka okuncane okuvamile kubantu abadala. Kodwa zibuze, ‘Ingabe ngangingeke ngifane nabo ngaphansi kwalezozimo?’

7. Yini ebonisa isidingo sokuba nozwela ngabantu asebekhulile?

7 Kunendaba ethinta inhliziyo evela eMpumalanga Ephakathi yozwela lwentombazanyana ngabakhulile. Ugogo wayesiza ekhishini futhi ngephutha wawisa waphula ipuleti lobumba elikhethekile. Kwamphatha kabi ukuphamazela kwakhe; indodakazi yakhe yayicasuke ngisho nangaphezulu. Khona-ke indodakazi yabiza intombazanyana yayo futhi yayithuma esitolo ukuba iyothengela ugogo ipuleti lokhuni elingaphuki. Lentombazane yabuya namapuleti okhuni amabili. Unina wathetha: “Kungani uthenge amapuleti amabili?” Umzukulu, engabaza, waphendula: “Elinye elikagogo futhi elinye elakho lapho sewugugile.” Yebo, kulelizwe sonke sibhekene nokuguga. Besingeke yini sikwazise ukuphathwa ngesineke nomusa?—IHubo 71:9.

8, 9. (a) Kufanele sibaphathe kanjani asebekhulile abaphakathi kwethu? (b) Yini labo abasanda kuba amaKristu muva nje okudingeka bayikhumbule?

8 Masingakhohlwa ukuthi abaningi babafowethu nodade abakhulile banomlando omude wenkonzo yobuKristu yokwethembeka yesikhathi esidlule. Bayifanelekela ngempela inhlonipho nokucabangela kwethu, usizo lwethu lomusa nesikhuthazo. Indoda ehlakaniphile yasho ngokufanelekile ukuthi: “Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufumaniswa endleleni yokulunga.” Futhi lelokhanda elimpunga, kungakhathaliseki ukuthi elesilisa noma elesifazane, kufanele lihlonishwe. Abanye balamadoda nabesifazane abadala basakhonza njengamaphayona athembekile, futhi amadoda amaningi asaqhubeka ekhonza ngokwethembeka njengabadala emabandleni; abanye benza umsebenzi oyisibonelo njengababonisi abajikelezayo.—IzAga 16:31.

9 UPawulu waluleka uThimothewu: “Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, namadoda amasha njengabafowenu, abesifazane abadala njengawonyoko, nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo.” (1 Thimothewu 5:1, 2) Labo abaye bangena ebandleni lobuKristu muva nje bephuma ezweni elingenanhlonipho kufanele ikakhulukazi bazindle ngamazwi kaPawulu, asekelwe othandweni. Basha, ningalingisi isimo sengqondo esibi okungenzeka niye nasibona esikoleni. Ningasenqabi iseluleko esinomusa soFakazi asebekhulile. (1 Korinte 13:4-8; Heberu 12:5, 6, 11) Nokho, lapho asebekhulile, bedinga usizo ngenxa yempilo ebuthaka noma izinkinga ezingokomnotho, obani abanomthwalo wemfanelo oyinhloko wokubasiza?

Indima Yomkhaya Ekunakekeleni Asebekhulile

10, 11. (a) NgokweBhayibheli, obani okufanele bahole ekunakekeleni asebekhulile? (b) Kungani kungelula ngaso sonke isikhathi ukunakekela asebekhulile?

10 Ebandleni lokuqala lobuKristu, kwaphakama inkinga ngokunakekelwa kwabafelokazi. Umphostoli uPawulu wayibonisa kanjani indlela izidingo ezinjalo okufanele zisingathwe ngayo? “Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo. Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu. Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.”—1 Thimothewu 5:3, 4, 8.

11 Ngezikhathi zokuswela, amalungu omkhaya aseduze kufanele abe ngabokuqala ukusiza asebekhulile. * Ngalendlela, izingane esezikhulile zingabonisa ukwazisa ngeminyaka yothando, umsebenzi, nokunakekela abazali babo abayinikeza. Lokhu kungase kungabi lula. Njengoba abantu bekhula, ngokwemvelo baphelelwa amandla, futhi abanye baze ngisho bakhubazeke. Abanye bangase babe nobugovu futhi bafune izinto ngokweqile, mhlawumbe bengakuqapheli. Kodwa lapho sisengabantwana, sasingenabo yini nathi ubugovu futhi sifuna izinto ngokweqile? Futhi abazange yini abazali bethu bazimisele ukusisiza? Manje izinto sezishintshile ebudaleni babo. Ngakho, yini edingekayo? Uzwela nesineke.—Qhathanisa neyoku-1 Thesalonika 2:7, 8.

12. Yiziphi izimfanelo ezidingekayo ekunakekeleni asebekhulile—nabo bonke abanye ebandleni lobuKristu?

12 Umphostoli uPawulu wanikeza iseluleko esiwusizo lapho ebhala: “Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubhekakade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.” Uma kufanele sibonise loluhlobo lozwela nothando ebandleni, ingabe akufanele silubonakalise ngisho nakakhulu emkhayeni?—Kolose 3:12-14.

13. Ngaphandle kwabazali asebekhulile noma omkhulu nogogo, obani abanye abangase badinge usizo?

13 Ngezinye izikhathi loluhlobo losizo lungase lungadingwa abazali noma ugogo nomkhulu nje kuphela kodwa nezinye izihlobo esezikhulile. Abanye abantu abadala abangenazo izingane baye bakhonza iminyaka eminingi enkonzweni yezithunywa zevangeli, yokujikeleza, nakomunye umsebenzi wesikhathi esigcwele. Ngobuqotho baye babeka uMbuso kuqala kukho konke ukuphila kwabo. (Mathewu 6:33) Khona-ke, akunakufaneleka yini ukubabonisa umoya wokukhathalela? Ngokuqinisekile sinesibonelo esihle endleleni i-Watch Tower Society enakekela ngayo amalungu ayo asekhulile aseBethel. Endlunkulu yaseBethel eBrooklyn nasemagatsheni amaningi eNhlangano, abazalwane nodade abaningana abakhulile bathola ukunakekelwa kwansuku zonke emalungwini omkhaya aqeqeshiwe abelwe lesisabelo. Bayakujabulela ukunakekela laba asebekhulile njengokungathi bangabazali noma omkhulu nogogo babo. Ngesikhathi esifanayo, bafunda okuningi kokuhlangenwe nakho kwasebekhulile.—IzAga 22:17.

Indima Yebandla Ekunakekeleni

14. Yiliphi ilungiselelo elenzelwa asebekhulile ebandleni lokuqala lobuKristu?

14 Amazwe amaningi namuhla anesimiso sokuholela asebekhulile impesheni kanye namalungiselelo okwelashwa kwabo alungiselelwa uHulumeni. AmaKristu angawasebenzisa ngokugcwele lamalungiselelo lapho enelungelo lokwenza kanjalo. Nokho, ekhulwini lokuqala, ayengekho amalungiselelo anjalo. Ngakho-ke ibandla lobuKristu lathatha isinyathelo esiqondile sokusiza abafelokazi abaswele. UPawulu waqondisa: “Makangafakwa esibalweni umfelokazi [ukuze athole usizo lwebandla], uma engaphansi kweminyaka engamashumi ayisithupha, owabe-ngumfazi wendoda inye, ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.” Ngakho, uPawulu wabonisa ukuthi ibandla nalo linendima ekusizeni asebekhulile. Abesifazane abanomqondo ongokomoya ababengenazo izingane ezikholwayo babelufanelekela usizo olunjalo.—1 Thimothewu 5:9, 10.

15. Kungani kungase kudingeke usizo ukuze kutholakale usizo olunikezwa uHulumeni?

15 Lapho kunamalungiselelo enziwa uHulumeni okunakekela asebekhulile, ngokuvamile lokhu kuhilela umsebenzi wokugcwalisa amafomu ongase ubonakale uthena amandla. Ezimweni ezinjalo kufanelekile ngababonisi ebandleni ukulungiselela ukuba kunikezwe usizo ukuze osekhulile akwazi ukwenza isicelo, alandele, noma ngisho athuthukise usizo olunjalo. Ngezinye izikhathi ukushintsha kwezimo kungase kuphumele ekwandisweni kwempesheni. Kodwa futhi kunezinye izinto eziningi eziwusizo ababonisi abangazihlela ukuze kunakekelwe asebekhulile. Yiziphi ezinye zalezi?

16, 17. Kungaziphi izindlela ezihlukene esingabonisa ngazo umoya wokungenisa izihambi kwasebekhulile ebandleni?

16 Ukubonisa umoya wokungenisa izihambi kuwumkhuba ohlehlela emuva ezikhathini zeBhayibheli. Kuze kube namuhla, emazweni amaningi aseMpumalanga Ephakathi, lomoya wokungenisa izihambi uboniswa kubantu abayizihambi, okungenani kuze kube sezingeni lokulungiselela inkomishi yetiye noma ikhofi. Khona-ke, akumangalisi ukuthi uPawulu wabhala: “Hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.” (Roma 12:13) Igama lesiGreki elisho ukungenisa izihambi, elithi phi·lo·xe·niʹa, ngokwezwi nezwi lisho “ukuthanda (ukukhathalela, noma ukubonisa umusa) izihambi.” Uma umKristu kufanele angenise izihambi, ingabe akufanele abonise umoya wokungenisa izihambi ngisho nakakhulu kulabo ahlobene nabo okholweni? Isimemo sokuba umuntu osekhulile ajabulele isidlo kanye nani ngokuvamile sisho ukuphumula okumnandi enqubweni yakhe yokuphila. Uma nifuna izwi lokuhlakanipha nokuhlangenwe nakho emibuthanweni yenu yobungane, hlanganisani nabantu abakhulile.—Qhathanisa noLuka 14:12-14.

17 Kunezindlela eziningi abantu asebekhulile abangakhuthazwa ngazo. Uma sihlela iqembu lemoto eliya eHholo LoMbuso noma emhlanganweni, ingabe bakhona abantu abathile asebekhulile abangathanda ukuhamba nathi? Ningalindeli ukuba bazicelele. Lungela ukuhamba nabo. Olunye usizo olungokoqobo luwukubathengela izinto abazidingayo. Noma uma bekwazi ukuziyela, singahambisana yini nabo lapho siyothenga? Kodwa qikelela ukuthi kunezindawo lapho bengaphumula khona futhi baziqabule uma kuphakama lesosidingo. Akungabazeki ukuthi kuyodingeka isineke nomusa, kodwa ukwazisa okuqotho komuntu osekhulile kungavuza kakhulu.—2 Korinte 1:11.

Usizo Oluhle Ebandleni

18. Kungani abakhulile beyisibusiso ebandleni?

18 Yeka indlela okuyisibusiso ngayo ukubona izinwele ezimpunga nezimhlophe (nezimpandla ezibangelwa ukukhula) ebandleni! Kusho ukuthi phakathi kobungqabavu namandla abantu abasha, sinenkasa yokuhlakanipha nokuhlangenwe nakho—usizo lwangempela kunoma yiliphi ibandla. Ulwazi lwabo lunjengamanzi aqabulayo okumelwe akhiwe emthonjeni. Kunjengoba izAga 18:4 zikubeka: “Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo, nomfula ogobhozayo, nomthombo wokuhlakanipha.” Yeka indlela okukhuthaza ngayo kubantu abadala ukuba nomuzwa wokuthi bayadingeka futhi bayaziswa!—Qhathanisa neHubo 92:14.

19. Abanye baye bazidela kanjani ngenxa yabazali babo asebekhulile?

19 Abanye abasenkonzweni yesikhathi esigcwele baye babona isidingo sokudela amalungelo abo ukuze babuyele ekhaya bayonakekela abazali asebekhulile, abagulayo. Baye bazidela ngenxa yabantu abazidela ngenxa yabo ngaphambili. Omunye umbhangqwana, ngaphambili owawuyizithunywa zevangeli namanje osesenkonzweni yesikhathi esigcwele, wabuyela ekhaya ukuze uyonakekela abazali bawo abakhulile. Sekuyiminyaka engaphezu kwengamashumi amabili wenza lokhu. Eminyakeni emine edlule unina wendoda kwadingeka ukuba ayiswe esikhungweni sokunakekelwa kwabakhulile. Lendoda, manje esiseminyakeni yayo yawo-60, ivakashela unina oneminyaka engu-93 nsuku zonke. Iyachaza: “Ngingamlahla kanjani? Ungumama!” Kwezinye izimo amabandla nabantu ngabanye baye bazidela ukuze banakekele abakhulile ukuze izingane zabo zikwazi ukuhlala ezabelweni zazo. Uthando olunjalo lokuzidela nalo lufanelwe ukutuswa kakhulu. Isimo ngasinye kufanele sisingathwe ngokucophelela ngoba asebekhulile akumelwe banganakwa. Bonisa ukuthi uyabathanda abazali bakho asebekhulile.—Eksodusi 20:12; Efesu 6:2, 3.

20. Yisiphi isibonelo uJehova aye wasinikeza sona ekunakekeleni asebekhulile?

20 Ngempela, abafowethu nodadewethu asebekhulile bawumqhele wobuhle womkhaya noma webandla. UJehova wathi: “Noze niguge, nginguye, yebo, noze nibe-yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.” Kwangathi singabonisa isineke nokukhathalela okufanayo kubafowethu nodadewethu asebekhulile emkhayeni wamaKristu.—Isaya 46:4; IzAga 16:31.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 11 Ukuze uthole ukusikisela okuningiliziwe ngalokho amalungu omkhaya angakwenza ukuze asize asebekhulile, bheka INqabayokulinda, ka-June 1, 1987, amakhasi 13-18.

Uyakhumbula?

□ Yiziphi izibonelo zeBhayibheli esinazo zokunakekela asebekhulile?

□ Kufanele sibaphathe kanjani asebekhulile?

□ Amalungu omkhaya angabanakekela kanjani abathandekayo bawo asebekhulile?

□ Yini ibandla elingayenza ukuze lisize asebekhulile?

□ Kungani asebekhulile beyisibusiso kithi sonke?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 23]

URuthe wabonisa uNawomi osekhulile umusa nenhlonipho

[Isithombe ekhasini 24]

Abakhulile bangamalungu ebandla ahloniphekile