Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umkhaya WamaKristu Wenza Izinto Ndawonye

Umkhaya WamaKristu Wenza Izinto Ndawonye

Umkhaya WamaKristu Wenza Izinto Ndawonye

“Kepha ngiyanincenga, bazalwane, . . . [ukuba] nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.”—1 KORINTE 1:10.

1. Siyini isimo ngokuphathelene nobunye emikhayeni eminingi?

INGABE umkhaya wakho ungumkhaya onobunye? Noma ingabe wonke umuntu uzenzela akuthandayo? Ingabe nenza izinto ndawonye? Noma ingabe akuvamile ukuba nonke nibe sendaweni eyodwa ngesikhathi esifanayo? Lona kanye igama elithi “umkhaya” lisho umndeni onobunye. * Nokho, akuyona yonke imikhaya enobunye. Omunye umfundisi waseBrithani waze wathi: “Kunokuba ube isisekelo somphakathi omuhle, umkhaya . . . uwumthombo wakho konke ukungeneliseki.” Ingabe lokho kuyiqiniso ngomkhaya wakho? Uma kunjalo, ingabe kumelwe kube ngaleyondlela?

2. Yibaphi abalingiswa beBhayibheli abanikeza ubufakazi bokuthi babevela emikhayeni emihle?

2 Ngokuvamile ubunye noma ukungabi nabunye komkhaya kuxhomeke ekuholweni kwawo, kungakhathaliseki ukuthi okwabazali ababili noma umzali ongayedwa. Ezikhathini zeBhayibheli, imikhaya enobunye eyayikhulekela ndawonye yayijabulela isibusiso sikaJehova. Lokhu kwakuyiqiniso ku-Israyeli wasendulo, lapho indodakazi kaJefta, uSamsoni, noSamuweli, ngamunye ngezindlela ezingafani, enikeza ubufakazi bokuthi uvela emkhayeni owesaba uNkulunkulu. (AbAhluleli 11:30-40; 13:2-25; 1 Samuweli 1:21-23; 2:18-21) Ezikhathini zamaKristu okuqala, uThimothewu, umngane othembekile owayehambisana noPawulu kolunye lohambo lwakhe lwezithunywa zevangeli, wakhuliswa ngolwazi lwemiBhalo YesiHeberu ugogo wakhe uLowisi nonina, u-Evnike. Yeka ukuthi waba umfundi nesithunywa sevangeli esivelele kanjani!—IzEnzo 16:1, 2; 2 Thimothewu 1:5; 3:14, 15; bheka futhi nezEnzo 21:8, 9.

Kungani Kufanele Nenze Izinto Ndawonye?

3, 4. (a) Yiziphi izimfanelo okufanele zibe sobala emkhayeni onobunye? (b) Ikhaya lingaba kanjani ngaphezu nje kokuba yindlu evamile?

3 Kungani kuzuzisa ngemikhaya ukuba yenze izinto ndawonye? Ngoba kwakha ukuqondana nokuhloniphana. Kunokuba siqhelelane, siyasondelana futhi sisekelane. Isihloko samuva nje ephephabhukwini i-Family Relations sathi: “Kuye kwavela umbono ocace kakhudlwana ochaza izimfanelo ezikhethekile ‘zemikhaya eqinile.’ Izimfanelo ezinjalo zihlanganisa umuzwa wokuba nesibopho komunye nomunye nokwazisana, umuzwa ofudumele wokusondelana, ukukhulumisana okuhle, ikhono lokuxazulula izinkinga, nesici esinamandla esingokomoya.”

4 Lapho lezimfanelo zikhona emkhayeni, ikhaya aliselona igalaji, indawo okumiwa kuyo ukuze kufakwe uphethiloli. Lingaphezu nje kokuba indlu. Liyindawo ekhangayo edonsa amalungu omkhaya. Liyindawo yokukhosela efudumele nenothando, uzwela, nokuqonda. (IzAga 4:3, 4) Liyisidleke lapho ubunye bomkhaya butholakala khona, hhayi isikhundla sikafezela sengxabano nokungezwani. Kodwa kufinyelelwa kanjani lokhu?

Ukubambisana Esifundweni Somkhaya

5. Yini esiyisebenzisayo ukuze sifunde ukukhulekela kweqiniso?

5 Ukukhulekela kweqiniso kukaJehova kufundwa ngokusetshenziswa kwekhono lethu lokucabanga, noma “amandla okuqonda.” (Roma 12:1, NW) Ukuziphatha kwethu akufanele kulawulwe imizwelo yesikhashana njengaleyo evuswa yizintshumayelo ezivusa imizwelo nezintshumayelo ze-TV eziwumlolozelo. Kunalokho, sishukunyiswa isifundo sethu sasikhathi sonke nokuzindla ngeBhayibheli nezincwadi zokutadisha iBhayibheli ezilungiselelwa ‘inceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45) Izenzo zethu zobuKristu ziwumphumela wokuthola umqondo kaKristu kunoma yisiphi isimo noma isilingo esingase sivele. Kulesosici, uJehova unguMfundisi wethu oMkhulu.—IHubo 25:9; Isaya 54:13; 1 Korinte 2:16.

6. Yisiphi isibonelo somhlaba wonke esinaso sesifundo somkhaya?

6 Isifundo seBhayibheli somkhaya sifeza indima ebalulekile esimweni esingokomoya sayo yonke imikhaya yamaKristu. Niba naso nini isifundo senu somkhaya? Uma singahleliwe noma sishiyelwe esinqumweni esenziwa ngokuphamazela, khona-ke cishe kuyaqabukela siqhutshiwe, uma kungukuthi sike siqhutshwe. Ukubambisana esifundweni somkhaya kudinga isimiso esihleliwe sasikhathi sonke. Khona-ke bonke bayazi ukuthi kungaluphi usuku nehora okulindeleke ngalo ukuba babe khona ukuze bajabulele umbuthano womkhaya ongokomoya. Amalungu angaphezu kuka-12 000 omkhaya waseBethel emhlabeni wonke ayazi ukuthi isifundo sawo somkhaya singoMsombuluko kusihlwa. Yeka indlela okuvusa ngayo amadlingozi kulezisebenzi zokuzithandela zaseBethel ukukhumbula ukuthi zonke zihlanganyela isifundo esifanayo njengoba usuku luphela, eziqhingini zasePacific naseNew Zealand, bese kudlulela e-Australia, eJapane, eTaiwan, eHong Kong, bese kuwelela e-Asia, e-Afrika, naseYurophu, futhi ekugcineni eNtshonalanga naseNingizimu Melika. Nakuba ehlukaniswe izinkulungwane zamakhilomitha nezilimi eziningi, lesifundo somkhaya sivusa umuzwa wobunye emalungwini omkhaya waseBethel. Ngokwesilinganiso esincane, ningahlakulela umuzwa ofanayo ngesifundo senu somkhaya.—1 Petru 2:17; 5:9.

7. NgokukaPetru, kufanele silibheke kanjani izwi leqiniso?

7 Umphostoli uPetru uyaseluleka: “Njengezingane ezisand’ ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube-ngukusindiswa, uma seninambithile nezwa ukuthi iNkosi imnene.” (1 Petru 2:2, 3) Yeka ukuthi uPetru uvusa umcabango omuhle kanjani ngalawomazwi! Wasebenzisa isenzo sesiGreki esithi e·pi·po·theʹsa·te, ngokwe-Linguistic Key to the Greek New Testament, esivela egameni elisho “ukulangazela, ukufisa, ukunxanela.” Sisho isifiso esinamandla. Ingabe uye wayiqaphela yini indlela umntwana wesilwane athungatha ngayo ngentshiseko umbele kanina nokuthi umntwana womuntu waneliseka kanjani lapho encela ibele likanina? Kufanele sibe nesifiso esifanayo sezwi leqiniso. Isazi esingumGreki uWilliam Barclay saphawula: “KumKristu oqotho, ukutadisha izwi likaNkulunkulu akuwona umthwalo onzima kodwa kuyinjabulo, ngoba uyazi ukuthi inhliziyo yakhe iyothola kulo ukondleka ekulangazelelayo.”

8. Iyiphi inselele inhloko yomkhaya ebhekene nayo ekuqhubeni isifundo somkhaya?

8 Inhloko yomkhaya inomthwalo wemfanelo omkhulu wesifundo somkhaya. Kumelwe iqikelele ukuthi isifundo siyathakazelisa kubo bonke nokuthi bonke bayahlanganyela. Akufanele ngempela ukuba izingane zibe nomuzwa wokuthi isifundo singesabakhulile kuphela. Okuqukethwe isifundo kubaluleke kakhulu kunesilinganiso sokwaziswa okuhlanganiswayo. Yenza iBhayibheli liphile. Lapho kufanele khona, siza izingane zakho ukuba zibone ngamehlo engqondo izindawo nomumo wePalestina lapho kwenzeka khona izenzakalo okukhulunywa ngazo. Bonke kufanele bakhuthazwe ukuba bazenzele ukucwaninga komuntu siqu futhi bakuhlanganyele nomkhaya. Ngalendlela izingane nazo ‘zingakhula phambi kukaJehova.’—1 Samuweli 2:20, 21.

Ukubambisana Ekushumayeleni Ivangeli

9. Umsebenzi wokushumayela ungenziwa kanjani ube okuhlangenwe nakho okujabulisayo komkhaya?

9 UJesu wathi: “Ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.” (Marku 13:10) Lawomazwi anikeza wonke amaKristu aqondiswa unembeza isabelo—sokushumayela ivangeli, ukuhlanganyela izindaba ezinhle zokubusa koMbuso kaNkulunkulu nabanye. Ukwenza lokhu ndawonye njengomkhaya kungaba okuhlangenwe nakho okukhuthazayo nokujabulisayo. Omama nobaba bayazigqaja ngezintshumayelo zezindaba ezinhle zezingane zabo. Omunye umbhangqwana onamadodana amathathu aneminyaka ephakathi kwengu-15 nengu-21 uthi ubunomkhuba wokuhamba nezingane zawo emsebenzini wokushumayela obala njalo ngoLwesithathu ngemva kwesikhathi sesikole nangayo yonke iMigqibelo ekuseni. Uyise wathi: “Sizifundisa okuthile ngazo zonke izikhathi. Futhi siyaqikelela ukuthi kungokuhlangenwe nakho okujabulisayo, nokukhuthazayo.”

10. Abazali bangazizuzisa kanjani izingane zabo enkonzweni?

10 Ukusebenza ndawonye njengomkhaya ekushumayeleni nasekufundiseni kungazuzisa kakhulu. Ngezinye izikhathi abantu basabela kahle kakhulu entshumayelweni elula neqotho yengane. Khona-ke, uMama noma uBaba bakhona ukuze basize lapho kudingekile. Abazali bangaqikelela ukuthi izingane zabo zithola ukuqeqeshwa okuqhubekayo futhi ngaleyondlela zibe izikhonzi ‘ezingenamahloni, eziqondisa kahle izwi leqiniso.’ Ukushumayela ndawonye ngalendlela kunikeza abazali ithuba lokubona isimo sengqondo, ukuphumelela, nemikhuba emihle kwengane yabo enkonzweni. Ngokuba nesimiso esihleliwe sasikhathi sonke, babona intuthuko yengane futhi banikeze ukuqeqesha okuqhubekayo nesikhuthazo ukuze baqinise ukholo lwayo. Ngesikhathi esifanayo, izingane ziyabona ukuthi abazali bazo bayizibonelo ezinhle enkonzweni. Kulezikhathi ezibucayi nezinobudlova, ukusebenza njengomkhaya onobunye nokhathalelayo kungase ngisho kunikeze nesilinganiso esithile sokulondeka endaweni esihlala kuyo enobugebengu obudlangile.—2 Thimothewu 2:15; Filipi 3:16.

11. Yini engayinciphisa kalula intshiseko yengane ngeqiniso?

11 Izingane ziyashesha ukubona izindinganiso ezimbaxa-mbili kubantu abadala. Uma abazali bengabonisi uthando lwangempela ngeqiniso nangenkonzo yendlu ngendlu, akunakulindeleka neze ukuba izingane zishiseke. Ngakho, umzali ongenayo inkinga yempilo onkonzo yakhe yasensimini kuyisifundo seBhayibheli samasonto onke nezingane zakhe kuphela angase abhekane nemiphumela edumazayo lapho lezingane zikhula.—IzAga 22:6; Efesu 6:4.

12. Eminye imikhaya ingasithola kanjani isibusiso esikhethekile esivela kuJehova?

12 Inzuzo yokuba ‘mqondo munye’ iwukuthi mhlawumbe umkhaya ungabambisana ukuze okungenani ilungu elilodwa likhonze njengesikhonzi esiyiphayona lesikhathi esigcwele ebandleni. Imikhaya eminingi emhlabeni wonke iyakwenza lokhu, futhi yonke ithola isibusiso kokuhlangenwe nakho kanye nokuphumelela okwandisiwe kwelungu layo eliyiphayona.—2 Korinte 13:11; Filipi 2:1-4.

Ukubambisana Ekusingatheni Izinkinga

13, 14. (a) Yiziphi izimo ezingathinta ukuvumelana komkhaya? (b) Zingaxazululwa kanjani izinkinga eziningi zomkhaya?

13 Kulezikhathi ezinzima ‘zokucindezeleka’ ‘nengozi,’ sonke sibhekana nokucindezela. (2 Thimothewu 3:1, Revised Standard Version; Phillips) Kunezinkinga emsebenzini, esikoleni, emigwaqweni, ngisho nasekhaya ngokwalo. Abanye bakhathazwa impilo engeyinhle noma izinkinga ezingapheli ezingokomzwelo, ngezinye izikhathi eziholela ezingxabanweni nokungezwani emkhayeni. Zingasingathwa kanjani izimo ezinjalo? Ngokungakhulumisani? Ngokuzehlukanisa ngisho nakuba nihlanganyela ikhaya elifanayo? Cha. Kunalokho, sidinga ukukhuluma ngezinkathazo zethu futhi sifune usizo. Futhi iyiphi indawo engcono lokhu okungenziwa kuyo kunasemkhayeni onothando?—1 Korinte 16:14; 1 Petru 4:8.

14 Njengoba noma yimuphi udokotela azi, ukugoma kungcono kunokwelapha. Lokhu kuyiqiniso nangezinkinga zomkhaya. Ingxoxo yokuthululelana izifuba nengagunci ngokuvamile ingavimbela izinkinga ekubeni ezingathi sína. Ngisho nakuba kuphakama izinkinga ezingathi sína, zingasingathwa futhi ngisho zixazululwe uma umkhaya uzicabangela ndawonye izimiso zeBhayibheli ezihilelekile. Ngokuvamile ingxabano ingaguqulwa yenziwe ubuhlobo obuhle ngokusebenzisa amazwi kaPawulu kweyabaseKolose 3:12-14: “Yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubhekakade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; . . . yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.”

Ukubambisana Ekuzilibaziseni

15, 16. (a) Iyiphi imfanelo okufanele ihlukanise imikhaya yamaKristu? (b) Hlobo luni lwabantu ezinye izinkolo eziluvezayo, futhi ngani?

15 UJehova unguNkulunkulu ojabulayo, futhi iqiniso liyisigijimi esijabulisayo—sethemba lesintu. Ngaphezu kwalokho, esinye sezithelo zomoya ukujabula. Lenjabulo ihluke kakhulu ekwethabeni kwesikhashana komsubathi onqoba emdlalweni othile wokuqhudelana. Iwumuzwa wokwaneliseka ojulile ongapheli ochichima enhliziyweni ngenxa yokuhlakulela ubuhlobo obuseduze noJehova. Yinjabulo esekelwe ezindinganisweni ezingokomoya nobuhlobo obakhayo.—Galathiya 5:22; 1 Thimothewu 1:11, qhathanisa ne-NW.

16 Ngakho-ke, njengoFakazi BakaJehova abangamaKristu, asinasizathu sokuba abahluneme noma abangeneme. Ezinye izinkolo ziveza abantu abanjalo ngoba ukholo lwazo lugcizelela izici eziphambene. Izimfundiso zazo ziholela ohlotsheni lokukhulekela olufiphele, olungajabulisi, olungelona olungokweBhayibheli nolungalinganiseli. Azivezi imikhaya ejabulayo enkonzweni kaNkulunkulu. UJesu wasibona isidingo zokuzilibazisa nokuphumula. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi wamema abafundi bakhe ukuba baye ‘bodwa endaweni eyihlane, baphumule ingcosana.’—Marku 6:30-32; IHubo 126:1-3; Jeremiya 30:18, 19.

17, 18. Imikhaya yamaKristu ingazilibazisa ngaziphi izindlela ezifanele?

17 Ngokufanayo imikhaya idinga isikhathi sokuphumula. Omunye umzali wathi ngezingane zakhe: “Senza izinto eziningi ezijabulisayo ndawonye—siye ebhishi, sidlale ibhola epaki, sihlele ipikiniki ezintabeni. Ngezikhathi ezithile, siba ‘nosuku lwamaphayona’ ndawonye enkonzweni; bese sizijabulisa ngesidlo esikhethekile, futhi singase siphane ngisho nezipho.”

18 Okunye ukusikisela abazali abangase bakucabangele ukuthatha uhambo lokungcebeleka lokuya e-zoo, emapaki okuzijabulisa, emamnyuziyamu, nakwezinye izindawo ezithakazelisayo. Ukuhamba emahlathini, ukubukela izinyoni, nokusebenza engadini eminye imisebenzi engahlanganyelwa ngenjabulo. Abazali bangakhuthaza futhi izingane zabo ukuba zifunde ukudlala izinsimbi zomculo noma zihlanganyele emsebenzini wokuzilibazisa owusizo. Ngokuqinisekile, abazali abalinganiselayo bayosenza isikhathi sokudlala nezingane zabo. Uma imikhaya idlala ndawonye, cishe iyohlala ndawonye!

19. Yikuphi ukuthambekela kwanamuhla okungalimaza umkhaya?

19 Uma kuziwa kwezokuzijabulisa, ukuthambekela kwentsha kwanamuhla kuwukufuna ukuzehlukanisa emkhayeni futhi izenzele ekuthandayo. Nakuba kungenangozi ngomuntu omusha ukuba nomsebenzi noma umdlalo othile wokuzilibazisa azithandela wona, akunakuba okuhlakaniphile ukuvumela izithakazelo ezinjalo zakhe ukuzehlukanisa ngokuphelele nomkhaya wonke. Kunalokho, sifuna ukusebenzisa isimiso uPawulu asiphawula: “Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.”—Filipi 2:4.

20. Imihlangano yesifunda neyesigodi ingaba kanjani izikhathi ezijabulisayo?

20 Yeka injabulo sonke esiba nayo lapho sibona imikhaya ihleli ndawonye emihlanganweni yesigodi neyesifunda! Ngaleyondlela izingane ezindadlana zingalokhu zinikeza usizo ekunakekeleni ezisencane. Ilungiselelo elinjalo livimbela futhi nokuthambekela kwenye intsha kokuhlala ngamaqembu ezihlalweni ezingemuva futhi ingasinaki isimiso somhlangano. Ngisho nohambo lokuya nokubuya emihlanganweni lungaba olujabulisayo lapho umkhaya ubuzwa ukuthi iyiphi indlela ezosetshenziswa, yiziphi izindawo ozozibona endleleni, nokuthi uzohlala kuphi. Cabanga nje ukuthi kumelwe ukuba kwakuyisikhathi esijabulisa kanjani osukwini lukaJesu ngemikhaya ukuhamba ndawonye iya eJerusalema!—Luka 2:41, 42.

Izibusiso Zokubambisana

21. (a) Singakulwela kanjani ukuphumelela emshadweni? (b) Yikuphi ukusikisela okune okuhle komshado ohlala njalo?

21 Imishado ephumelelayo nemikhaya enobunye ayikaze ifinyelelwe kalula, futhi ayiziveleli ngengozi. Abanye kubonakala bekuthola kulula ‘ukuphonsa ithawula,’ baqede umshado ngesehlukaniso, bese bezama ukuqalisa kabusha futhi. Nokho, izinkinga ezifanayo ziyaziveza emshadweni wesibili noma wesithathu. Ikhambi elingcono kakhulu yileli lobuKristu: Lwela ukuphumelela ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli zothando nenhlonipho. Imikhaya ebumbene ixhomeke emoyeni wokubonelelana, wokungabi nobugovu. Omunye umeluleki wemishado waqokomisa isimiso esilula sokwenza imishado ihlale njalo. Wabhala: “Izici ezine ezibucayi ezitholakala cishe kuyo yonke imishado emihle ziwukuzimisela ukulalela, ukukwazi ukuxolisa, ikhono lokunikeza ukusekela okungaguquguquki okungokomzwelo, nesifiso sokuthinta ngomuzwa wothando.” Lezozici zingasiza ngempela ekwenzeni umshado uhlale njalo ngoba zisekelwe futhi ezimisweni zeBhayibheli ezinengqondo.—1 Korinte 13:1-8; Efesu 5:33; Jakobe 1:19.

22. Yiziphi ezinye izinzuzo zokuba nomkhaya onobunye?

22 Uma silandela iseluleko seBhayibheli, siyoba nesisekelo esiqinile somkhaya onobunye, futhi imikhaya enobunye iyisisekelo sebandla elinobunye neliqinile ngokomoya. Ngaleyondlela, siyothola izibusizo eziningi ezivela kuJehova njengoba ngobunye siletha ukubonga okwandisiwe kuye.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 1 “Elithi umkhaya livela egameni lesiLatini elithi familia, ngokomsuka elisho izinceku nezigqila zendlu enkulu, bese kuba indlu ngokwayo enomphathi, inkosikazi, izingane—nezisebenzi.”—Origins—A Short Etymological Dictionary of Modern English, ka-Eric Partridge.

Uyakhumbula?

□ Kungani kuyinzuzo ngemikhaya ukwenza izinto ndawonye?

□ Kungani isifundo seBhayibheli somkhaya sasikhathi sonke sibalulekile?

□ Kungani kukuhle ngabazali ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini nezingane zabo?

□ Kungani kusiza ukuxoxa ngezinkinga emkhayeni?

□ Kungani imikhaya yamaKristu kungafanele idumale futhi ingajabuli?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 17]

Ingabe umkhaya wakho okungenani ujabulela isidlo esisodwa ndawonye ngosuku?

[Isithombe ekhasini 18]

Uhambo lokungcebeleka komkhaya kufanele luqabule futhi lujabulise