Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bambelela Enkonzweni Yamaphayona

Bambelela Enkonzweni Yamaphayona

Bambelela Enkonzweni Yamaphayona

OFAKAZI BAKAJEHOVA abangaba ngu-4 500 000 bamemezela izindaba ezinhle emhlabeni wonke jikelele. Phakathi kwabo kunamaphayona, noma abamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele abangaphezu kuka-600 000. Labo abakulelibutho lamaphayona baneminyaka esukela kweyabangakevi eshumini elinambili kuya kweyasebathatha umhlala-phansi abaseminyakeni yabo yawo-90. Bavela kuzo zonke izizinda nezinhlobo zokuphila.

Ngokungangabazeki, bonke labashumayeli besikhathi esigcwele bafuna ukuphumelela enkonzweni yabo yamaphayona. Abaningi bafuna ukuyenza ibe umsebenzi wokuphila kwabo konke. Abanye abakwazi ukwenza kanjalo ngenxa yezizathu ezithile. Nokho, abanye baye bakwazi ukuqhubeka bephayona naphezu kwezinkinga zezimali, impilo ebuthakathaka, ukudumazeka, nezinye izinkinga. Ngakho abashumayeli besikhathi esigcwele bangabhekana kanjani nezinkinga ezinjalo futhi baqhubeke bebambelele enkonzweni yamaphayona?

Ukuhlangabezana Nezidingo Zezimali

Ngokuvamile, amaphayona enza imisebenzi yokuziphilisa ukuze ahlangabezane nezindleko zawo, njengoba kwenza umphostoli uPawulu. (1 Thesalonika 2:9) Ezingxenyeni eziningi zezwe, ahlangabezana nezindleko ezimba eqolo zokudla, okokwembatha, indawo yokuhlala, nokokuhamba. Ngokuvamile kunzima ukuthola imisebenzi yamatoho ayidingayo. Uma ikhona, imisebenzi enjalo iholela kancane kakhulu, ayinazo izinzuzo zomshwalense wempilo.

Uma siqhubeka ‘sifuna kuqala uMbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe,’ singaba nokholo lokuthi uJehova uyozinakekela izidingo zethu zezinto ezibonakalayo. Ngakho-ke, lapho ecindezelekile ngokwezimali, amaphayona ‘akumelwe akhathazeke ngengomuso.’ (Mathewu 6:25-34) Lapho enza imizamo eqotho yokuxazulula izinkinga ezinjalo, ukholo oluqinile kuJehova luyowenza ukuba angakhathazeki ngokungadingekile.

Lapho umuntu ebhekene nobunzima obungokwezimali, mhlawumbe izindleko zingancishiswa. Ngokwenza ushintsho oluthile esimisweni sokusebenzisa imali, angakwazi ukuhlangabezana nezidingo, nakuba kungenakuba ukufuna izinto ezibonakalayo ezingadingekile. Ukuze anciphise izindleko, amanye amaphayona ahlanganyela ikamelo eliqashiswayo namanye amaKristu. Ukuze basize abantwana babo ukuba baphayone, ngezinye izikhathi abazali banikeza indawo yokuhlala yamahhala noma ngemadlana encane kakhulu. Abanye basiza amaphayona ngezindleko zokudla nokuhamba. Kodwa amaphayona ngeke athande ukuba umthwalo kwabanye, ngoba anomthwalo wemfanelo ongokomBhalo wokuzondla.—2 Thesalonika 3:10-12.

Izindleko zokuhamba zingancishiswa ngokuhlanganyela izindleko namanye amaphayona. Uma amaphayona amabili enezimoto, angahlanganyela ndawonye emsebenzini wokushumayela endaweni efanayo, esebenzisa imoto eyodwa kanjalo anciphise izindleko zokusebenzisa izimoto ezimbili. Amaphayona angenazo izimoto angase ahlangane nalawo anazo futhi ahlanganyele ekuhlangabezaneni nezindleko zokuhamba. Izindleko zokuhamba zingaqhubeka zincishiswa ngokuhlanganisa amasimu aseduze ngokuwahamba ngezinyawo. Emazweni amaningi amaphayona asebenzisa izinto zokuhamba ezishibhile zomphakathi.

Phakathi kwalabo abanqoba izinkinga zezimali nababambelela enkonzweni yesikhathi esigcwele kwakunoNewton Cantwell nomkakhe. Bathengisa ipulazi labo futhi baqala ukuphayona nabantwana babo abayisithupha kwabayisikhombisa ngo-1932, phakathi nenkathi yokuCindezeleka Okukhulu Ngokwezimali. UMfoweth’ uCantwell uyabhala, “Ngokushesha ngemva kokuba sithengise ipulazi lethu sasisebenzise yonke imali esasiyithole lapho—ngokuyinhloko sayichitha sikhokhela izindleko zikadokotela. Sikhumbula ukuthi lapho siya esabelweni sethu sesibili, sasinemali eyanele ukukhokhela kusengaphambili izindleko zokuqasha amasonto amabili kuphela, [sinamaRandi angu-15] ayesele. Nokho, sasazi ukuthi uJehova wayeyosinakekela uma nje sisaqhubeka sifeza inkonzo yethu ngenkuthalo. . . . Safunda ukonga ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, lapho sizothuthela ensimini entsha ngangikhuluma nabaphathi besiteshi sikaphethiloli futhi ngibachazele ukuthi sasisebenzisa izimoto ezintathu usuku ngalunye ngokuphathelene nomsebenzi wethu wobuKristu. Ngokuvamile lokhu kwakuphumela ekutholeni kwethu uphethiloli ngesaphulelo. Ngokushesha amadodana ethu afunda ukulungisa izimoto zethu, esinciphisela izindleko eziningi zasemagalaji.” Khona-ke, abakwaCantwell babhekana ngokuphumelelayo nezinselele zezimali futhi babambelela enkonzweni yesikhathi esigcwele. UMfoweth’ uCantwell wayelokhu esohlwini lwamaphayona lapho efa eneminyaka engu-103 ubudala.

Ukuthola Itoho

Amaphayona amaningi azisekela ngokwezimali ngemisebenzi yamatoho. Ukuze azondle esenkonzweni eKorinte, uPawulu wasebenza njengomakhi wamatende kanye nayekholwa nabo u-Akwila noPrisila. (IzEnzo 18:1-11) Namuhla, ngokuvamile abazalwane abangokomoya bayakujabulela ukunikeza amaphayona amatoho okuziphilisa. Amanye amaphayona athola imisebenzi enjalo ngamanxusa ezemisebenzi anikeza amathuba emisebenzi yesikhashana. Ukholo kuNkulunkulu lubalulekile, ngokufanayo nokuthandazela ngobuqotho isiqondiso sakhe ekwenzeni izinqumo zomsebenzi.—IzAga 15:29.

Elinye iphayona lathi: “Ngemva kokuthola amandla ngenxa yokucabangela indaba ngomthandazo, ngazisa umphathi wami ukuthi umsebenzi wami wenkonzo ungumthwalo wemfanelo ongathi sína kimi nokuthi ngangingenakuwamukela umsebenzi wesikhathi esigcwele. Ngesonto elilandelayo ngoLwesithathu, ngabuzwa ukuthi ngangingawucabangela yini futhi lomsebenzi, kodwa njengetoho. Ngawamukela ngenjabulo.” Ungawabhekeli phansi amandla omthandazo, futhi yenza ngokuvumelana nemithandazo yakho.

Amaphayona angase akuthole kuwusizo ukutshela ozoba umqashi wawo ukuthi injongo yokufuna kwawo itoho iwukuba akwazi ukuzisekela enkonzweni. Angase asho izinsuku atholakala ngazo namahora angakwazi ukuwanikela emsebenzini ngesonto. Odade ababili abazalwa ndawonye bakwazi ukuhlukanisa umsebenzi wesikhathi esigcwele efemini enikeza isiqondiso esingokomthetho, okwenza ukuba ngamunye wabo akwazi ukusebenza izinsuku ezimbili nengxenye ngesonto. Lokhu kwabasiza kakhulu njengamaphayona kwaze kwaba yilapho beya e-Watchtower Bible School of Gilead futhi bethola izabelo zobuthunywa bevangeli.

Imisebenzi ehlukahlukene eyamukelekayo ngokomBhalo ingatholakala ngokukhuluma nesikholwa kanye nabo nabanye noma ngokubheka imisebenzi ekhangiswa emaphephandabeni. Ukuthobeka kuwusizo, ngoba kungenza ukuba amaphayona angabi ngakhetha kakhulu ngohlobo lomsebenzi ayowenza. (Qhathanisa noJakobe 4:10.) Ukuze aqhubeke ephayona kungase kudingeke ukuba enze umsebenzi wokuziphilisa abantu abaningi abawubheka njengophansi noma odelelekile. Uma umsebenzi onjalo wamukelwa kodwa ufisa ukuthola othile ohlukile, kungadingeka ukuba ekugcineni ushintshe umsebenzi.

Impilo Ebuthakathaka Nokudumazeka

Abanye kumelwe bayeke inkonzo yabo yamaphayona ngenxa yezinkinga zempilo ezingathi sína. Nokho, uma amaphayona engaphamazeli kulokhu, angase athole ukuthi ukugula kungelashwa noma impilo ingathuthuka ngokwanele ukuba aqhubeke ephayona. Abaningi bangaphayona naphezu kwezinkinga zempilo ngenxa yokuthi bathola ukwelashwa kwezempilo, banamathela ekudleni okuvumelana nempilo yabo, futhi bathola ukuphumula okudingekile nokuzivivinya. Umbonisi ojikelezayo waphawula ukuthi omunye udade oyiphayona wayekhathazwa kanzima yisifo sokuqaqamba kwamathambo kangangokuthi wayedinga usizo ukuze ahambe endlini ngendlu enkonzweni. (IzEnzo 20:20) Nokho, yena nomyeni wakhe babeqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-33 futhi baye basiza abantu abangu-83 ukuba bamukele iqiniso likaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi impilo yakhe yathuthuka, futhi waba khona eSikoleni SeNkonzo Samaphayona eminyakeni engu-11 kamuva,.

Ukudumazeka kungabangela abanye ukuba bashiye inkonzo yamaphayona. (IzAga 24:10) Elinye iphayona latshela umbonisi ojikelezayo: “Ngizoyeka ukuphayona. . . . Nginezikweleti okumelwe ngizikhokhe.” Lalidinga izibuko zamehlo ezibiza amaRandi angu-60. “Ingabe uzoyeka ukuphayona ngenxa yesidingo [samaRandi angu-60]?” kubuza umbonisi. Kwasikiselwa ukuba leliphayona lisebenze usuku olulodwa endaweni okutshalwa kuyo ikhofi kuleyondawo, lihole amaRandi angu-60, lithenge izibuko, futhi liqhubeke liphayona. Izingxoxo eziqhubekayo zembula ukuthi inkinga eyisisekelo kwakuwukudumazeka ngenxa yokulungisa imoto okubizayo okwakumelwe kwenziwe. Kwatuswa ukuba leliphayona linciphise izindleko zokusebenzisa imoto ngokuhamba indawo engamakhilomitha ambalwa usuku ngalunye kunokuzama ukuhlanganisa indawo enkulu. Lalulekwa futhi ukuba lilondoloze ingokomoya lalo. Leliphayona lasisebenzisa leseluleko futhi ezinyangeni eziyisithupha kamuva lathola ubizo lokuya eSikoleni SaseGileyadi. Ngemva kokuthweswa iziqu labelwa ezweni elikude futhi lakhonza lapho ngokwethembeka iminyaka eminingi kwaze kwaba sekufeni kwalo. Yebo, ngokuvamile sithola izibusiso ezinkulu uma singazivumeli ukuba sinqotshwe ukudumazeka kodwa sikhumbula ukuthi uJehova unathi.

Lazise Ilungelo Lakho Lenkonzo

Naphezu kokuvivinywa, njengalapho entula nalapho eswele ukudla, uPawulu wabheka inkonzo yakhe njengeyigugu. (2 Korinte 4:7; 6:3-6) Nakuba ziye zabhekana nobunzima nokushushiswa namuhla, izinceku zikaJehova eziningi e-Afrika, e-Asia, eMpumalanga Yurophu, nakwezinye izindawo ziye zabambelela elungelweni lazo lokuphayona. Ngakho-ke, lapho uhlangabezana nokuvivinywa, yenza yonke imizamo yokubambelela kulenkonzo eyilungelo, kube udumo kuJehova.

Amaphayona amaningi aye akwazi ukungenela umsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele ngoba aye nje enza indlela yawo yokuphila yaba lula. NjengoPawulu, aye alwisana nokuyenga kwezinto ezibonakalayo futhi ahlakulela ukwaneliseka ngokuba ‘nokudla nezambatho.’ Ukuze abambelele enkonzweni yamaphayona, kudingeka ahlale eneliswa izinto ezidingekayo. (1 Thimothewu 6:8) Injabulo itholakala ekwaziseni amalungelo ethu esiwanikezwe nguNkulunkulu, siwabeke ngaphezu kwezinto ezibonakalayo.

Ngokwesibonelo: U-Anton Koerber waba nelungelo lokumelela izithakazelo zoMbuso ezikhulwini zikahulumeni eWashington, D.C. Wakhonza njengephayona isikhathi esithile futhi wayengumbonisi wesifunda ngawo-1950. Abanye babangane bakhe bangaphambili kwezebhizinisi bake beza kuye nesiphakamiso esasiyomenza akwazi ukuzenzela inzuzo yezigidi ezintathu zamaRandi. Nokho, ukuze enze kanjalo kwakuyodingeka ukuba anikele isikhathi sakhe sonke ezindabeni zebhizinisi cishe isikhathi esingangonyaka. Ngemva kokuthandazela isiqondiso nomoya wokuhluzeka kwengqondo, wathi: “Anginakukwazi ukulahla amalungelo ami amangalisayo okukhonza uJehova lapha ngisho nje nonyaka owodwa, cha, hhayi ngenxa yemali esezweni. Ukukhonza abazalwane bami lapha eWashington kuyigugu kakhulu kimi, futhi ngiyazi ukuthi lapha nginesibusiso sikaJehova. Angingabazi ukuthi ngingazenza [izigidi ezintathu zamaRandi], kodwa ekupheleni konyaka wokuphila kwalolohlobo, ngiyobe nginjani ngokomoya, noma ngisho nangokomzimba?” Ngakho-ke, wasenqaba lesimemo. Ukwazisa amalungelo abo ngendlela efanayo kusiza abaningi ukuba babambelele enkonzweni yamaphayona.

Yeka izibusiso ezinkulu amaphayona azijabulelayo! Kuyisibusiso ukusebenzisa amahora amaningi ukhuluma ngobukhosi bukaJehova obukhazimulayo. (IHubo 145:11-13) Ngenxa yokunikela isikhathi esiningi kangaka enkonzweni, amaphayona anesibusiso sokuletha induduzo engokomoya kwabampofu nabacindezelwe, abagulayo noma abafelwe, nabanye abacindezeleke ngokuphelele futhi abadinga ithemba eliqinisekile. Nokho, uma izimo zisivumela ukuba sihlanganyele emsebenzini wokushumayela isikhathi esigcwele, ngempela siyojabulela izibusiso eziningi. ‘Yisibusiso sikaJehova esicebisayo.’ (IzAga 10:22) Futhi abamemezeli boMbuso abaningi babambelela ngenjabulo enkonzweni yamaphayona ngenxa yosizo nesibusiso sakhe.