Nelekele Ekukhuthazeleni Kwenu Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu
Nelekele Ekukhuthazeleni Kwenu Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu
“Nelekele . . . ekukholweni . . . ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni [ukuzinikela kokwesaba] uNkulunkulu.”—2 PETRU 1:5, 6.
1, 2. (a) Kusukela ngawo-1930, yini eyenzeka koFakazi BakaJehova emazweni angaphansi kokulawula kobuNazi, futhi ngani? (b) Baphumelela kanjani abantu bakaJehova ngaphansi kwalokuphathwa ngonya?
KWAKUYINKATHI emnyama emlandweni wekhulu lama-20. Kusukela ngawo-1930, izinkulungwane zoFakazi BakaJehova emazweni angaphansi kokulawula kobuNazi zaboshwa ngokungafanele futhi zafakwa emakamu okuhlushwa. Ngani? Ngoba azizange zilokothe zithathe uhlangothi futhi zenqaba ukuthi heil Hitler. Zaphathwa kanjani? “Alikho elinye iqembu leziboshwa . . . elalivulekele ekuphathweni ngonya amabutho ama-SS njengoba kwakunjalo ngabaFundi BeBhayibheli [oFakazi BakaJehova]. Kwakuwunya olwedlulele olwalugcwele uchungechunge olungapheli lokuhlukunyezwa okungokomzimba nokungokwengqondo, okungekho nkulumo
emhlabeni engaluchaza.”—UKarl Wittig, owayeyisikhulu sikahulumeni waseJalimane.2 Baphumelela kanjani oFakazi? Encwadini yakhe ethi The Nazi State and the New Religions: Five Case Studies in Non-Conformity, uDkt. Christine E. King waphawula: “OFakazi kuphela [uma kuqhathaniswa namanye amaqembu angokwenkolo] uhulumeni angazange aphumelele ukumelana nabo.” Yebo, oFakazi BakaJehova bebonke bama beqinile, ngisho nakuba lokhu kwakusho ukukhuthazela kuze kube seqophelweni lokufa ngamakhulu amaningi abo.
3. Yini eye yenza ukuba oFakazi BakaJehova bakwazi ukukhuthazelela ukuvivinywa okunzima?
3 Yini eye yenza ukuba oFakazi BakaJehova bakwazi ukukhuthazelela ukuvivinywa okunjalo hhayi nje kuphela eJalimane lobuNazi kodwa emhlabeni wonke? UYise wabo wasezulwini uye wabasiza ukuba bakhuthazele ngenxa yokuzinikela kwabo kokwesaba uNkulunkulu. “INkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni [abanokuzinikela kokwesaba] uNkulunkulu,” kuchaza umphostoli uPetru. (2 Petru 2:9) Ngaphambili encwadini efanayo, uPetru wayeluleke amaKristu: “Nelekele . . . ekukholweni . . . ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni [ukuzinikela kokwesaba] uNkulunkulu.” (2 Petru 1:5, 6) Ngakho ukukhuthazela kuhlobene eduze nokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Eqinisweni, ukuze sikhuthazele kuze kube sekupheleni, kumelwe ‘siphishekele [ukuzinikela kokwesaba] uNkulunkulu’ futhi sikubonakalise. (1 Thimothewu 6:11) Kodwa kuyini ngempela ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
Lokho Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu Okuyikho
4, 5. Kuyini ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
4 Ibizo lesiGreki elisho “ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu” (eu·seʹbei·a) ngokwezwi nezwi lingase lihunyushwe ngokuthi “ukubonisa inhlonipho ejulile efanele.” * (2 Petru 1:6, Kingdom Interlinear) Libonisa umuzwa ofudumele ojulile ngakuNkulunkulu. NgokukaW. E. Vine, isiphawulo esithi eu·se·besʹ, ngokwezwi nezwi esisho “okuhlonipheke ngokufanele,” sibonisa “amandla abonakaliswa emsebenzini wokuzinikela, eqondiswa ukwesaba uNkulunkulu okungcwele.”—2 Petru 2:9, Int.
5 Ngakho-ke inkulumo ethi “ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu” ibhekisela enhloniphweni ejulile noma ukuzinikela ngenxa kaJehova okusishukumisela ekwenzeni okumjabulisayo. Lokhu kwenziwa ngisho naphezu kokuvivinywa okunzima ngoba sithanda uNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni. Kuwubuhlobo obuseduze bokwethembeka, bomuntu siqu noJehova obubonakala endleleni esiphila ngayo ukuphila kwethu. AmaKristu eqiniso anxuswa ukuba athandazele ukuba “ahlale kahle nangokuthula, [ngokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu okuphelele].” (1 Thimothewu 2:1, 2) Ngokusho kwabalobi bezichazamazwi uJ. P. Louw no-E. A. Nida, “ezilimini eziningi elithi [eu·seʹbei·a] kweyoku-1 Tm 2.2 lingase lihunyushwe ngokufanelekile ngokuthi ‘ukuphila ngendlela uNkulunkulu afuna ukuba siphile ngayo’ noma ‘ukuphila ngendlela uNkulunkulu asitshele ukuba siphile ngayo.’”
6. Kuhlobene ngani ukukhuthazela nokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
6 Manje singakuqonda kangcono ukuhlobana phakathi kokukhuthazela nokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Ngenxa yokuthi siphila ngendlela uNkulunkulu afuna ukuba siphile ngayo—ngokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu—sizilethela inzondo yezwe, okuletha ukuvivinywa kokholo okungapheli. (2 Thimothewu 3:12) Kodwa ayikho indlela ebesiyoshukunyiselwa ngayo ukuba sikhuthazelele ukuvivinywa okunjalo uma besingenabo ubuhlobo obuseduze bomuntu siqu noBaba wethu wasezulwini. Ngaphezu kwalokho, uJehova uyasabela ekuzinikeleni okunjalo okuqotho. Cabanga nje ukuthi kumenza azizwe kanjani lapho ebheka phansi esemazulwini futhi abone labo abalwa kanzima ukuze bamjabulise naphezu kwazo zonke izinhlobo zokuphikiswa, ngenxa yokuzinikela kwabo kuye. Yingakho ezimisele “ukuhlangulisa ekulingweni [abantu abanokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu]”!
7. Kungani kumelwe sihlakulele ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
7 Nokho, asizalwa sinokuzinikela kokwesaba Genesise 8:21) Kunalokho, kumelwe kuhlakulelwe. (1 Thimothewu 4:7, 10) Kumelwe sisebenzele ukwelekela ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekukhuthazeleni nasokholweni lwethu. UPetru uthi lokhu kudinga “inkuthalo.” (2 Petru 1:5) Khona-ke, singakuzuza kanjani ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
uNkulunkulu, futhi asikuzuzi ngokuzenzekelayo kubazali abesaba uNkulunkulu. (Singakuzuza Kanjani Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu?
8. Ngokukamphostoli uPetru, siyini isihluthulelo sokuzuza ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
8 Umphostoli uPetru wachaza isihluthulelo sokuzuza ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Wathi: “Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu. Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila [nokuzinikela kokwesaba] uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe.” (2 Petru 1:2, 3) Ngakho ukuze selekele ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu okholweni nasekukhuthazeleni kwethu, kumelwe sikhule olwazini oluqondile, okungukuthi, olugcwele, noma oluphelele, lukaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu.
9. Kungaboniswa kanjani ukuthi ukuba nolwazi oluqondile ngoNkulunkulu noKristu kuhilela okungaphezu nje kokwazi ukuthi bangobani?
9 Kusho ukuthini ukuba nolwazi oluqondile lukaNkulunkulu noKristu? Ngokusobala, kuhilela okungaphezu kokwazi nje ukuthi bangobani. Ngokwesibonelo: Ungase wazi ukuthi umakhelwane wakho ungubani futhi ungase umbingelele ngisho nangegama. Kodwa ingabe ubungamboleka isamba esikhulu semali? Ubungamnika kuphela uma umazi ngempela ukuthi uluhlobo luni lomuntu. (Qhathanisa nezAga 11:15.) Ngokufanayo, ukwazi uJehova noJesu ngokuqondile, noma ngokugcwele, kusho okungaphezu nje kokukholelwa ukuthi bakhona nokwazi amagama abo. Ukuze sizimisele ukukhuthazelela ukuvivinywa ngenxa yabo kuze kube naseqophelweni lokufa, kumelwe sibazi ngokuseduze ngempela. (Johane 17:3) Kuhilelani lokhu?
10. Yiziphi izinto ezimbili ukuba nolwazi oluqondile ngoJehova noJesu okuzihilelayo, futhi ngani?
10 Ukuba nolwazi oluqondile, noma oluphelele, lukaJehova noJesu kuhilela izinto ezimbili: (1) ukubazi njengabantu—izimfanelo, imizwa, nezindlela zabo—kanye (2) nokulingisa isibonelo sabo. Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kuhilela ubuhlobo obujulile, bomuntu siqu noJehova futhi kucaciswa yindlela esiphila ngayo ukuphila kwethu. Ngakho-ke, ukuze sikuzuze kumelwe sazi uJehova ngokomuntu siqu futhi sizijwayelanise ngokugcwele nentando kanye nezindlela zakhe ngangokusemandleni ethu obuntu. Ngempela ukuze simazi uJehova, esadalwa ngomfanekiso wakhe, kumelwe silusebenzise ulwazi olunjalo futhi silwele ukuba njengaye. (Genesise 1:26-28; Kolose 3:10) Futhi njengoba uJesu amlingisa ngokuphelele uJehova kulokho akusho nakwenza, ukwazi uJesu ngokuqondile kuwusizo olubalulekile ekuhlakuleleni ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu.—Heberu 1:3.
11. (a) Singaluzuza kanjani ulwazi oluqondile ngoNkulunkulu noKristu? (b) Kubaluleke ngani ukuzindla ngalokho esikufundayo?
11 Nokho, singaluzuza kanjani ulwazi olunjalo oluqondile ngoNkulunkulu noKristu? Ngokutadisha iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo ngenkuthalo. * Nokho, ukuze isifundo sethu seBhayibheli somuntu siqu siphumele ekuzuzeni kwethu ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, kubalulekile ukuba sizinike isikhathi sokuzindla, okungukuthi, ukucabangisisa, noma ukucabanga ngokujulile, ngalokho esikufundayo. (Qhathanisa noJoshuwa 1:8.) Kungani lokhu kubalulekile? Khumbula ukuthi ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kuwumuzwa ofudumele, ojulile ngoNkulunkulu. EmiBhalweni, ukuzindla kuhlanganiswa ngokuphindaphindiwe nenhliziyo engokomfanekiso—umuntu wangaphakathi. (IHubo 19:14; 49:3; IzAga 15:28) Lapho sizindla ngokwazisa ngalokho esikufundayo, kungena kujule kumuntu wangaphakathi, kanjalo kuvuse imizwa yethu, kuthinte imizwelo yethu, futhi kuthonye ukucabanga kwethu. Kungaleyondlela kuphela ukufunda okungaqinisa ngayo ubuhlobo bethu bomuntu siqu noJehova futhi kusishukumisele ukuba siphile ngendlela ejabulisa uNkulunkulu ngisho naphezu kwezimo ezibekela inselele noma ukuvivinywa okunzima.
Ukubonakalisa Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu Ekhaya
12. (a) NgokukaPawulu, umKristu angakubonakalisa kanjani ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekhaya? (b) Kungani amaKristu eqiniso enakekela abazali abagugile?
12 Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kumelwe kubonakaliswe ekhaya kuqala. Umphostoli uPawulu uthi: “Uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha [ukubonisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, NW] indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.” (1 Thimothewu 5:4) Ukunakekela abazali abagugile, njengoba uPawulu esho, kuwukubonakaliswa kokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. AmaKristu eqiniso awanikezi ukunakekela okunjalo ngenxa nje yomuzwa womthwalo wemfanelo obophayo kodwa ngenxa yokuthanda abazali bawo. Nokho, ngaphezu kwalokho, ayaqaphela ukuthi uJehova ukubheka njengokubalulekile ukunakekela umkhaya womuntu. Ayaqaphela ukuthi ukulahla abazali bawo ngesikhathi sokuswela kuyafana ‘nokulahla ukholo lobuKristu.’—1 Thimothewu 5:8.
13. Kungani ukubonakalisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekhaya kungase kube inselele yangempela, kodwa yikuphi ukwaneliseka umuntu akutholayo ngokunakekela abazali bakhe?
13 Kuyavunywa, akulula ngaso sonke isikhathi ukubonakalisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekhaya. Amalungu omkhaya angase ahlukaniswe amabanga amade. Izingane esezikhulile kungenzeka zikhulisa imikhaya yazo futhi zithwele kanzima ngokomnotho. Ubungako noma izinga lokunakekelwa umzali akudingayo kungase kuyikhandle impilo engokomzimba, engokwengqondo nengokomzwelo yalabo abanikeza lokho kunakekela. Nokho, kungaletha ukwaneliseka kwangempela ukwazi ukuthi ukunakekela abazali bakho akugcini nje kuphela ‘ekubakhokheleni okubafaneleyo’ kodwa futhi kujabulisa Lowo “eyethiwa ngaye imindeni yonke ezulwini nasemhlabeni.”—Efesu 3:14, 15.
14, 15. Landisa ngesibonelo sabantwana sokunakekela umzali ngokokwesaba uNkulunkulu.
14 Cabangela isibonelo esithinta inhliziyo ngempela. U-Ellis nabafowabo nodadewabo abahlanu babhekene nenselele yangempela yokunakekela uyise ekhaya. U-Ellis uyachaza: “Ngo-1986 ubaba waba nesifo sohlangothi, esamshiya ekhubazeke ngokuphelele.” Lezingane eziyisithupha zihlanganyela ekunakekeleni izidingo zikayise, kusukela ekumgezeni kuya ekuqikeleleni ukuthi uguqulwa njalo embhedeni ukuze angavelwa izilonda ezibangelwa ukulala kakhulu. “Siyamfundela, sixoxe naye, simdlalele umculo. Asiqiniseki noma uyakuqaphela yini okwenzeka endaweni emzungezile, kodwa simphatha njengokungathi uyakubona konke okwenzekayo.”
15 Kungani lezingane zinakekela uyise njengoba zenza? U-Ellis uyaqhubeka: “Ngemva kokufa kukamama ngo-1964, uBaba wasikhulisa eyedwa. Ngalesosikhathi, sasineminyaka esukela kwemihlanu kuya kwengu-14. Wayekhona futhi ezimisele ukusisiza ngalesosikhathi; sikhona futhi sizimisele nathi ukumsiza manje.” Ngokusobala, akulula ukunikeza ukunakekela okunjalo, futhi izingane ziyadumala ngesinye isikhathi. “Kodwa siyaqaphela ukuthi isimo sikababa siyinkinga yesikhashana,” kusho u-Ellis. “Sibheke phambili esikhathini lapho ubaba eyobuyiselwa empilweni enhle futhi siphinde sihlangane nomama.” (Isaya 33:24; Johane 5:28, 29) Ngokuqinisekile, ukukhathalela umzali ngokuzinikela okunjalo kumelwe ukuba kujabulisa inhliziyo yaLowo oyala izingane ukuba zazise abazali bazo! *—Efesu 6:1, 2.
Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu Nenkonzo
16. Kufanele sibe yini isizathu esiyinhloko salokho esikwenza enkonzweni?
16 Lapho samukela isimemo sikaJesu ‘sokumlandela ngokuqhubekayo,’ siba ngaphansi kokuthunywa kwaphezulu kokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso nokwenza abafundi. (Mathewu 16:24; 24:14; 28:19, 20) Ngokusobala, ukuhlanganyela enkonzweni kuyisibopho sobuKristu ‘kulezinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1) Nokho, isisusa sethu sokushumayela nokufundisa kumelwe seqele ngalé komuzwa nje womsebenzi ophoqayo noma isibopho. Uthando olujulile ngoJehova kumelwe lube isizathu esiyinhloko salokho esikwenzayo nokuthi senza okungakanani enkonzweni. “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo,” kusho uJesu. (Mathewu 12:34) Yebo, lapho izinhliziyo zethu zichichima uthando ngoJehova, sizizwa sishukunyiselwa ukuba sifakaze ngaye kwabanye. Lapho isisusa sethu kuwuthando ngoNkulunkulu, inkonzo yethu iwukubonakaliswa okunenjongo kokuzinikela kwethu kokwesaba uNkulunkulu.
17. Singasihlakulela kanjani isisusa esihle ngenkonzo?
17 Singasihlakulela kanjani isisusa esihle ngenkonzo? Ngokwazisa cabanga ngezizathu ezintathu uJehova asinikeze zona zokumthanda. (1) Siyamthanda uJehova ngenxa yalokho asesenzele khona kakade. Alukho uthando olwedlula lolo alubonisé ngokulungiselela isihlengo. (Mathewu 20:28; Johane 15:13) (2) Siyamthanda uJehova ngenxa yalokho asenzela khona manje. Sinenkululeko yokukhuluma noJehova, ophendula imithandazo yethu. (IHubo 65:2; Heberu 4:14-16) Njengoba izithakazelo zoMbuso sizinikeza indawo yokuqala, sijabulela izidingo zokuphila. (Mathewu 6:25-33) Sithola amalungiselelo aqhubekayo okudla okungokomoya okusisiza ukuba sibhekane nezinkinga esihlangabezana nazo. (Mathewu 24:45) Futhi sinesibusiso sokuba ingxenye yobuzalwane bobuKristu bomhlaba wonke obusihlukanisa ngempela ezweni lonke. (1 Petru 2:17) (3) Siyamthanda futhi uJehova ngenxa yalokho asazosenzela khona. Ngenxa yothando lwakhe, ‘sibambelela ekuphileni okuyikho’—ukuphila okuphakade esikhathini esizayo. (1 Thimothewu 6:12, 19) Lapho sicabangela uthando uJehova analo ngathi, ngokuqinisekile izinhliziyo zethu ziyosishukumisela ukuba sihlanganyele ngokuzinikela ekutsheleni abanye ngaye nezinjongo zakhe eziyigugu! Akunakudingeka ukuba abanye basitshele ukuba senzeni noma senze okungakanani enkonzweni. Siyoshukunyiswa yizinhliziyo zethu ukuba senze konke okusemandleni.
18, 19. Yisiphi isithiyo omunye udade asinqoba ukuze ahlanganyele enkonzweni?
18 Ngisho naphezu kwezimo ezibekela inselele, inhliziyo eshukunyiswa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu iyoshukunyiselwa ukuba ikhulume. (Qhathanisa noJeremiya 20:9.) Lokhu kuboniswa indaba kaStella, owesifazane ongumKristu onamahloni ngokwedlulele. Lapho eqala ukufunda iBhayibheli, wacabanga, ‘Angisoze ngalubhada endlini ngendlu!’ Uyachaza: “Ngaso sonke isikhathi ngangizithulela. Ngangingenakulokotha ngiye kwabanye ukuze ngiqalise ingxoxo.” Njengoba ayeqhubeka nokufunda, uthando lwakhe ngoJehova lwakhula, futhi waba nesifiso esivuthayo sokukhuluma nabanye ngaye. “Ngikhumbula ngitshela owayengifundisa iBhayibheli, ‘Ngiyakufuna ngempela ukukhuluma, kodwa ngimane nje angikwazi, futhi lokho kuyangikhathaza ngempela.’ Angisoze ngakukhohlwa angitshela khona: ‘Stella, bonga ngokuthi uyakufuna ukukhuluma.’ ”
19 Kungekudala, uStella wazithola efakaza kumakhelwane wakhe. Khona-ke wabe esethatha lokho okwakuyisinyathelo esiyingqopha-mlando kuye—wahlanganyela ngokokuqala ngqá enkonzweni yendlu ngendlu. (IzEnzo 20:20, 21) Uyakhumbula: “Intshumayelo yami ngangiyilobe phansi. Kodwa ngangethuke kakhulu kangangokuba nakuba yayiphambi kwami, ngangesaba kakhulu ukubheka phansi emaphuzwini ami!” Manje, ngaphezu kweminyaka engu-35 kamuva, uStella usenawo amahloni ngokwemvelo. Nokho, uyayithanda inkonzo yasensimini futhi uyaqhubeka ehlanganyela ngokunenjongo kuyo.
20. Yisiphi isibonelo esibonisa ukuthi ngisho nokushushiswa noma ukuboshwa akusoze kwayivala imilomo yoFakazi BakaJehova abazinikele?
20 Ngisho nokushushiswa noma ukuboshwa akusoze kwayivala imilomo yoFakazi BakaJehova abazinikele. Cabangela isibonelo sika-Ernst noHildegard Seliger baseJalimane. Ngenxa yokholo lwabo, bachitha ingqikithi yeminyaka engaphezu kwengu-40 emakamu okuhlushwa amaNazi nasemajele obuKhomanisi. Ngisho nasejele, baphikelela ekufakazeni kwezinye iziboshwa. UHildegard uyakhumbula: “Izikhulu zejele zangibheka njengoyingozi kakhulu, ngenxa yokuthi, njengoba kwasho omunye umlindi wesifazane, ngangikhuluma ngeBhayibheli usuku lonke. Ngakho ngavalelwa ejele elingaphansi komhlaba.” Ngemva kokukhululwa kwabo ekugcineni, uMzalwane noDade Seliger banikela ngesikhathi sabo esigcwele enkonzweni yobuKristu. Bobabili bakhonza ngokwethembeka kwaze kwaba sekufeni kwabo, uMzalwan’ uSeliger ngo-1985 nomkakhe ngo-1992.
21. Yini okumelwe siyenze ukuze selekele ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekukhuthazeleni kwethu?
21 Ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo nokuzinika isikhathi sokuzindla ngokwazisa ngalokho esikufundayo, siyokhula olwazini oluqondile lukaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Ekugcineni, lokhu kuyophumela ekuzuzeni kwethu isilinganiso esigcwele saleyomfanelo eyigugu—ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Ngaphandle kokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ayikho indlela esingakukhuthazelela ngayo ukuvivinywa okuhlukahlukene okuza phezu kwethu njengamaKristu. Ngakho masilandele iseluleko sikamphostoli uPetru, siqhubeke ‘selekela okholweni lwethu ukukhuthazela nasekukhuthazeleni kwethu [ukuzinikela kokwesaba] uNkulunkulu.’—2 Petru 1:5, 6.
[Imibhalo yaphansi]
^ par. 4 Ngokuphathelene nelithi eu·seʹbei·a, uWilliam Barclay uthi: “Yingxenye [umsuka] yegama ethi seb- esho inhlonipho ejulile noma ukukhulekela. U-eu igama lesiGreki elisho okufanele; ngakho-ke, elithi eusebeia lisho ukukhulekela, inhlonipho ejulile efanele nenikezwa ngokufanele.”—New Testament Words.
^ par. 11 Ukuze uthole ingxoxo ephathelene nendlela esingatadisha ngayo ukuze sijulise ulwazi lwethu lweZwi likaNkulunkulu, bheka INqabayokulinda ka-August 15, 1993, amakhasi 12-17.
^ par. 15 Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngendlela esingabonisa ngayo ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kubazali asebekhulile, bheka INqabayokulinda ka-June 1, 1987, amakhasi 13-18.
Ithini Impendulo Yakho?
□ Kuyini ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
□ Kuhlobene kanjani ukukhuthazela nokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
□ Siyini isihluthulelo sokuzuza ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
□ UmKristu angakubonakalisa kanjani ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekhaya?
□ Kumelwe sibe yini isizathu esiyinhloko salokho esikwenza enkonzweni?
[Imibuzo Yesifundo]
[Isithombe ekhasini 18]
Ukukhuthazela nokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kwabonakaliswa oFakazi BakaJehova ababegqunywe ekamu lokuhlushwa lamaNazi eRavensbrück