Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uthando Ngomakhelwane Lungaba Khona

Uthando Ngomakhelwane Lungaba Khona

Uthando Ngomakhelwane Lungaba Khona

UMFANEKISO kaJesu Kristu womSamariya wabonisa lokho uthando lweqiniso ngomakhelwane olukushoyo ngempela. (Luka 10:25-37) UJesu wabuye wafundisa: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho. Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala. Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”—Mathewu 22:37-39.

Ingabe njengabantu abaningi, ukuthola kunzima ukuthanda umakhelwane wakho wolunye uhlanga? Mhlawumbe lokhu kungenxa yokuthi uye wafunda ngobandlululo nokungabi nabulungisa noma wabhekana nakho ngokomuntu siqu. Kungenzeka ukuthi wena noma abathandekayo bakho baze ngisho bahlukunyezwa abantu belinye iqembu.

Njengoba uJesu abonisa ukuthi omunye wemithetho kaNkulunkulu uwukuba sithande umakhelwane wethu, kumelwe ukuba kungenzeka ukunqoba imizwa enjalo enamandla. Isihluthulelo sokwenza kanjalo siwukuba sibheke abantu ngendlela uNkulunkulu noKristu abababheka ngayo. Kulokhu ake sicabangele isibonelo sikaJesu namaKristu okuqala.

Isibonelo Esihle SikaJesu

AmaJuda ekhulu lokuqala ayenemizwa yenzondo enamandla ngamaSamariya, abantu ababehlala endaweni eyayiphakathi kweJudiya neGalile. Kwesinye isenzakalo abaphikisi abangamaJuda babuza uJesu ngokwedelela: “Asisho kahle yini ukuthi ungumSamariya nokuthi unedemoni na?” (Johane 8:48) Imizwa yenzondo ngamaSamariya yayinamandla kangangokuthi amanye amaJuda ayeze ngisho aqalekise amaSamariya phambi kwabantu emasinagogeni futhi ethandaza nsuku zonke ukuba anganikezwa ukuphila okuphakade.

Ngokungangabazeki ukwazi ngalenzondo ejulile kwashukumisela uJesu ukuba anikeze umfanekiso ngomSamariya owazibonakalisa engumakhelwane wangempela ngokunakekela indoda engumJuda eyayishaywe ngabaphangi. Iyiphi indlela uJesu ayeyophendula ngayo lapho indoda engumJuda eyayinolwazi loMthetho kaMose ibuza: “Umakhelwane wami ngubani na?” (Luka 10:29) Nokho, uJesu wayengaphendula ngokuqondile ngokuthi: ‘Umakhelwane wakho akahlanganisi umJuda okanye naye nje kuphela kodwa nabanye abantu, ngisho nomSamariya.’ Kodwa, amaJuda ayeyokuthola kunzima ukukwamukela lokho. Ngakho walandisa umfanekiso ngomJuda owamukela umusa womSamariya. Ngaleyondlela uJesu wasiza izilaleli ezingamaJuda ukuba zifinyelele esiphethweni sokuthi uthando lweqiniso ngomakhelwane lwaluyodlulela nakwabangewona amaJuda.

UJesu wayengenayo imizwa yenzondo ngamaSamariya. Ngesinye isikhathi lapho edabula phakathi kweSamariya, waphumula ngasemthonjeni lapho abafundi bakhe besayothenga ukudla emzini oseduze. Lapho owesifazane ongumSamariya ezokukha amanzi, uJesu wathi: “Ngiphuzise.” Njengoba amaJuda ayengadlelani namaSamariya, lowesifazane wabuza: “Yini ukuba wena ongumJuda ucele ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na?” Khona-ke uJesu wanikeza ubufakazi kuye, emtshela ingcaca ukuthi wayenguMesiya. Wasabela ngokuya emzini futhi wabiza abanye ukuba beze futhi bamlalele. Waba yini umphumela? “AmaSamariya amaningi alowomuzi akholwa nguye.” Yeka umphumela omuhle ngenxa yokuthi uJesu wayengathonyiwe isimo sengqondo esasivamile samaJuda ayephila esikhathini sakhe!—Johane 4:4-42.

UNkulunkulu Akakhethi

Kwakuyinjongo kaNkulunkulu ukuba uJesu ashumayele ngokuyinhloko kumaJuda, ‘izimvu ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.’ (Mathewu 15:24) Ngakho, abalandeli bakhe bokuqala babenesizinda samaJuda. Kodwa eminyakeni emithathu nje kuphela ngemva kokuthululwa komoya ongcwele ngePentekoste lika-33 C.E., uJehova wakwenza kwacaca ukuthi wayefuna ukuba amaJuda akholiwe adlulisele umsebenzi wokwenza abafundi kwabezizwe.

Engqondweni yomJuda, ukuthanda umSamariya njengoba ezithanda kwakuyoba nzima kakhulu. Kwakuyoba nzima ngisho nangokwengeziwe ukubonisa uthando lukamakhelwane kwabeZizwe abangasokile, abantu abahluke ngokuphelele kumaJuda kunokuba kwakunjalo ngamaSamariya. Ikhulumela isimo sengqondo samaJuda ngabeZizwe, i-International Standard Bible Encyclopaedia ithi: “Ezikhathini zeTestamente Elisha, sithola ukungezwani okukhulu kakhulu, ukwenyanya nenzondo. [AbeZizwe] babebhekwa njengabangcolile, abantu okwakungavunyelwe ukuba kube nanoma yikuphi ukusebenzelana kobungane nabo. Babeyizitha zikaNkulunkulu nabantu baKhe, ababenqatshelwe ukuthola ulwazi ngoNkulunkulu ngaphandle kwalapho beba ngamaproselite, ngisho nalapho babengenakuvunyelwa ukuba bahlanganyele ngokugcwele njengamalungu, njengoba kwakunjalo endulo. AmaJuda ayenqatshelwe ukuba abeluleke, futhi lapho bebuza ngezinto zaPhezulu kwakumelwe baqalekiswe.”

Lapho abaningi babesenalemibono, uJehova wenza ukuba umphostoli uPetru abone umbono atshelwa kuwo ukuba ‘angasho ukuthi zingcolile izinto uNkulunkulu azihlambululile.’ Khona-ke uNkulunkulu wamqondisa ekhaya likaKorneliyu ongoweZizwe. UPetru wanikeza ubufakazi ngoKristu kuKorneliyu, umkhaya wakhe, nabanye beZizwe. UPetru wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.” Lapho uPetru esashumayela, umoya ongcwele wehlela phezu kwababesanda kukholwa, kamuva ababhapathizwa futhi baba ngabalandeli bokuqala bakaKristu abangabeZizwe.—IzEnzo, isahluko 10.

Abalandeli abangamaJuda bayemukela lenguquko, beqaphela ukuthi umyalo kaJesu ‘wokwenza izizwe zonke abafundi’ wawungalinganiselwe kumaJuda ayekuwo wonke amazwe kodwa wawuhlanganisa nabezizwe. (Mathewu 28:19, 20; IzEnzo 11:18) Ukuze balwisane nanoma yimiphi imizwa yenzondo okungenzeka babenayo ngabezizwe, bahlela ngentshiseko umkhankaso wokushumayela ukuze benze abafundi phakathi kwabeZizwe. Eminyakeni engaphansi kwengu-30 kamuva, kwakungashiwo ukuthi izindaba ezinhle sezishunyayelwe “kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu.”—Kolose 1:23.

Owayehola kulomsebenzi wokushumayela kwakungumphostoli uPawulu, umKristu onesizinda sobuJuda ngokwakhe. Ngaphambi kokuba abe ngumlandeli kaKristu, wayeyilungu elishisekayo lehlelo elingokwenkolo labaFarisi. Babengabhekeli phansi abeZizwe nje kuphela kodwa ngisho nabantu abavamile besizwe sakubo. (Luka 18:11, 12) Kodwa uPawulu akazange avumele ukuba leyomibono imvimbele ekuboniseni abanye uthando lukamakhelwane. Kunalokho, waba ‘ngumphostoli wabezizwe,’ enikela ukuphila kwakhe emsebenzini wokwenza abafundi kuwo wonke amazwe aseMedithera.—Roma 11:13.

Phakathi nenkonzo yakhe, uPawulu wakhandwa ngamatshe, washaywa, futhi waboshwa. (IzEnzo 14:19; 16:22, 23) Ingabe okuhlangenwe nakho okunjalo kokuphathwa ngokhahlo kwamenza ukuba adumale futhi aphethe ngokuthi wayechitha isikhathi sakhe phakathi kwezizwe ezithile nezinhlanga? Lutho neze. Wayazi ukuthi kwakunabantu abanhliziyo-ziqotho ababesakazekele kuzo zonke izinhlanga zosuku lwakhe.

Njengoba uPawulu ayethola abeZizwe ababezimisele ukufundiswa izindlela zikaNkulunkulu, wabathanda. Ngokwesibonelo, wabhalela abaseThesalonika: “Saba-mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe. Ngokunjalo lokhu besinilangazelele, sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela kepha nokuphila kwethu uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithina.” (1 Thesalonika 2:7, 8) Lamazwi asuka enhliziyweni abonisa ukuthi uPawulu wayebathanda ngempela abeZizwe baseThesalonika futhi akazange avumele lutho ukuba lonakalise injabulo yobuhlobo obuhle kanye nabo.

Ukubonakaliswa Kothando Lukamakhelwane

Namuhla, njengasekhulwini lokuqala, labo abazihlanganisa nebandla lobuKristu bahlakulela uthando lukamakhelwane ngabantu bazo zonke izinhlanga. Ngokuba nombono kaNkulunkulu ngabanye nangokuhlanganyela nabo izindaba ezinhle zoMbuso, amaKristu eqiniso aye andisa ukuqonda kwawo abantu okungenzeka ayengenakubazi. Aze ngisho abe nothando lobuzalwane ngabo. (Johane 13:34, 35) Lokhu kungaba okuhlangenwe nakho kwakho ngokufanayo.

Uthando olunjalo lukhona phakathi koFakazi BakaJehova, nakuba betholakala emazweni angu-229 futhi bemelela “zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi.” (IsAmbulo 7:9) Njengabazalwane bomhlaba wonke, bamunye ekukhulekeleni uJehova, ekwenqabeni kwabo ukuba nengxenye ezimpini nemibango yezinhlanga, nasekulahleni kwabo ubandlululo oluvimbela abantu ukuba babe nobuhlobo obufudumele nabanye abantu.

Hlanganyela noFakazi, futhi uyobona indlela abantu bazo zonke izizinda zezinhlanga abenza ngayo intando kaNkulunkulu. Uyobona ukubonakaliswa kothando lukamakhelwane njengoba bememezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Yebo, nasemabandleni abo, uyohlangana nabantu abanomusa, abaqotho abakubonisa ngokuphila kwabo ukuthi ngempela baye bafunda ukuthanda umakhelwane wabo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]

Arrival of the Good Samaritan at the Inn/The Doré Bible Illustrations/Dover Publications, Inc.

[Isithombe ekhasini 6]

Emabandleni oFakazi BakaJehova, uyothola abantu abajabulayo bazo zonke izinhlanga