Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe kuyoba okufanelekile ngomKristu ukuhlanganyela ibhizinisi nomuntu ongakholwa, njengoba iBhayibheli lisitshela ukuthi: “Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo”?

Lesoseluleko sisithola kweyesi-2 Korinte 6:14-16: “Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo‚ ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na? Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na?”

Asikho isizathu sokukholelwa ukuthi umphostoli uPawulu wanikeza lesiseluleko ngenhloso yokumisa imigoqo ethile, enjengokumelana nokuhlanganyela komKristu ibhizinisi nomuntu ongakholwa. Nokho, ngokuqinisekile iseluleko sakhe sihlobene nalokho, kanye neminye imikhakha yokuphila.

Lesoseluleko uPawulu wasibhalela abafowabo abangamaKristu baseKorinte lasendulo. Njengoba babehlala emzini owawonakele kakhulu, nsuku zonke kwakudingeka balwisane nezingozi zokuziphatha nezingokomoya. Uma babengaqaphile, ukuvulekela emathonyeni onakele kancane kancane kwakungenza buthakathaka ukuzimisela kwabo ukuba abahlukile, ‘uhlanga olukhethiweyo‚ ubupristi obobukhosi‚ isizwe esingcwele‚ abantu abazuziweyo.’—1 Petru 2:9.

Ngaphambi kokuloba lokhu okukweyesi-2 Korinte 6:14-16, uPawulu wayesingathe inkinga engathi sína phakathi kwabazalwane bakhe baseKorinte. Babevumele ukuba khona kokuziphatha okubi kakhulu phakathi kwabo, ngakho uPawulu wabanikeza isiqondiso sokuba baxoshe, noma basuse ekuhlanganyeleni, isoni esingaphenduki. (1 Korinte 5:1) Ukwenza okubi kwalowomuntu kwabonisa ukuthi abangane ababi noma ukucwila ngokungaqaphile ethonyeni lezwe lokuziphatha kungawathonya amaKristu.

AmaKristu aseKorinte kwakumelwe agweme ukudlelana nomuntu osusiwe, kodwa ingabe lokho kwakusho ukuthi kwakudingeka azihlukanise ngokuphelele kubantu abangakholwa? Ingabe kwakudingeka agweme cishe konke ukuxhumana noma ukusebenzelana nabantu abangewona amaKristu, babe uhlobo oluthile lwehlelo lobundela, njengamaJuda ahoxela eQumran eduze noLwandle Olubomvu? UPawulu makaphendule: “Nganilobela encwadini yami ukuba ningahlangani nezifebe; angisho izifebe zalomhlaba, . . . ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni.”—1 Korinte 5:9, 10.

Kusobala lokho okusikiselwa yilawomazwi. UPawulu wayeqaphela ukuthi amaKristu ayesekuleplanethi, ehlala phakathi kwabantu abangakholwa abanokuziphatha okuwohlokile nabazindinganiso zabo zihlukile futhi cishe ethintana nabo nsuku zonke. Njengoba lokho ngokuyisisekelo kwakungagwemeki, amaKristu kufanele aqaphe izingozi zokuxhumana okunjalo.

Manje ake siphinde sicabangele incwadi yesibili kaPawulu eya kwabaseKorinte. Waphawula ukuthi amaKristu agcotshiwe ayafaneleka njengezinceku zikaNkulunkulu, amanxusa amelela uKristu. Wawatshela ukuba aqaphele noma yini engaba yimbangela yokukhubekisa eyayingenza ukuba inkonzo yabo isoleke. (2 Korinte 4:1–6:3) UPawulu ngokungagwegwesi wanxusa abafowabo baseKorinte, ababefana nezingane zakhe ezingokomoya, ukuba banuleke othandweni lwabo. (2 Korinte 6:13) Ngemva kwalokho wanxusa: “Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo.” Wasebenzisa uchungechunge lwemibuzo eqhathanisayo engadingi mpendulo ukuze agcizelele lelophuzu.

Umongo ubonisa ukuthi uPawulu wayengagxilile esicini esithile sokuphila, njengebhizinisi noma umsebenzi, nokubeka umthetho owawuzophoqelelwa ngokuphathelene nalokho. Kunalokho, wayenikeza iseluleko esinomqondo obanzi, esinengqondo, esiwusizo kubazalwane ayebathanda kakhulu.

Ngokwesibonelo, ingabe lesiseluleko, sasiyosebenza endabeni yomKristu owayenesithakazelo emshadweni? Ngokuqinisekile. Encwadini yakhe yokuqala, umphostoli waluleka abaseKorinte ababefuna ukushada ukuba benze kanjalo “kuphela ukuba kube seNkosini.” (1 Korinte 7:39) Wagcizelela ukuhlakanipha kwalawomazwi ngalokho akubhala kamuva, njengoba kulotshwe kweyesi-2 Korinte 6:14-18. Uma umKristu ayengacabangela ukushada nomuntu ongesiyo inceku kaJehova nomlandeli kaKristu, wayeyokube ecabangela ukuhlangana nomuntu ongakholwa. (Qhathanisa noLevitikusi 19:19; Duteronomi 22:10.) Ngokusobala, ukungafanelani okuyisisekelo kwakuyokwandisa izinkinga, kuhlanganise nezingokomoya. Ngokwesibonelo, umuntu ongakholwa angase kwamanje noma esikhathini esizayo aphishekele ukukhulekela unkulunkulu wamanga. UPawulu wabonisa: “Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na?”

Nokho, kuthiwani ngomunye umkhakha wokuphila—ukuhlanganyela ibhizinisi nomuntu ongakholwa? Ngezinye izikhathi umKristu angase abe nomuzwa wokuthi ukuhlangabezana nezindleko zokuphila nokunakekela umkhaya wakhe kudinga ukuba angenele ibhizinisi nomuntu ongeyena umKristu. (1 Thimothewu 5:8) Cabangela izibonelo nje:

UmKristu angase athande ukuqalisa ibhizinisi lokudayisa uhlobo oluthile lwempahla, kodwa okuwukuphela kwendlela angenza ngayo lokhu kungase kube ukubambisana nomuntu ongakwazi ukuthola imikhiqizo noma izimali ezidingekayo. Omunye umKristu angase afune ukuba umlimi (noma ukufuya uhlobo oluthile lwemfuyo); kodwa angakwazi ukuthola indawo, ngaleyondlela kudingeke akuhlanganyele nomuntu ozimisele ukumqashisela indawo abese eba nengxenye enzuzweni. Mhlawumbe omunye umKristu akakwazi ukungenela ibhizinisi lokufakela amapayipi ngoba uKesari ukhipha izimvume ezimbalwa kuphela, futhi esezithathiwe kakade; okuwukuphela kwendlela angenza ngayo kungaba ukuhlangana nesihlobo esingakholwa esinemvume.—Marku 12:17.

Lena kumane nje kuyimifanekiso. Asizami ukudalula konke okungase kwenzeke, futhi asizami ukusho noma iyiphi inkulumo yokukuvumela noma yokukwenqabela. Kodwa njengoba ucabanga ngalezibonelo, ingabe uyabona yini ukuthi kungani iseluleko esikweyesi-2 Korinte 6:14-18 kungafanele sishaywe indiva?

UmKristu oqalisa ibhizinisi nomuntu ongakholwa, kungakhathaliseki ukuthi uyisihlobo noma cha, angase ahlangabezane nezinkinga nezilingo ezingalindelekile. Mhlawumbe umuntu abambisene naye angase aphethe ngokuthi indlela yokuthola inzuzo enkudlwana iwukungayibiki yonke imali etholakalayo noma ukuqasha izisebenzi kodwa zingabhaliswa, ngisho noma lokho kuphula imithetho kahulumeni. Angase azimisele ukukhokhela abantu abadiliva izimpahla ngomgunyathi ukuze bamnikeze izimpahla ezingabhaliwe erisidini elisemthethweni. Ingabe umKristu angaba nengxenye kulokho noma ekungathembekini okufanayo? Futhi yini umKristu ayoyenza lapho kufika isikhathi sokuba bobabili basayine amaphepha entela noma ezinye izincwadi zomthetho eziphathelene nendlela abaqhuba ngayo ibhizinisi labo?—Eksodusi 23:1; Roma 13:1, 7.

Noma lomuntu ongakholwa abambisene naye ebhizinisini angase afune ukufaka izimpahla ezihlobene namaholide obuqaba, ukuthumela amakhadi amaholide ngegama lenkampani, futhi ahlobisele ibhizinisi amaholide angokwenkolo. UPawulu wabuza: “Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo.” Yeka indlela okufaneleka ngayo lokukhulumela: “Ngakho-ke phumani phakathi kwabo‚ nahlukane nabo‚ isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela”! (2 Korinte 6:16, 17) Esebenzisa lesoseluleko esihlakaniphile, amaKristu amaningi aye akhetha uhlobo lomsebenzi wokuziphilisa oyobenza babhekane nezinkinga ezimbalwa ngangokunokwenzeka.—Heberu 13:5, 6, 18.

Ibandla alinikiwe umyalo wokuqapha noma wokuphenya konke lokho okwenziwa amaKristu emisebenzini yawo yokuziphilisa, kungakhathaliseki ukuthi angabaqashwa noma abanikazi bamabhizinisi. Yiqiniso, uma sekwaziwa ukuthi umKristu unengxenye ekwenziweni kobubi, njengokuthuthukisa ukukhulekela kwamanga noma uhlobo oluthile lokuqamba amanga noma ukweba, kuyodingeka ukuba ibandla lithathe izinyathelo zokusekela izindinganiso zikaJehova.

Nokho, iphuzu eliyisihluthulelo liwukuthi iseluleko sikaPawulu esiphefumlelwe esithi, “Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo,” singawasiza amaKristu ukuba agweme izinkinga nanoma yisiphi isinyathelo sokwahlulela esidingekayo. AmaKristu ahlakaniphile ayosilalela lesoseluleko futhi angakhethi ukuzifaka ezimweni lapho eyoba ngaphansi kokucindezela okwengeziwe kokuba alahle izimiso zeBhayibheli. Uma othile enomuzwa wokuthi kumelwe ahlanganyele ibhizinisi nomuntu ongakholwa, abanye akufanele basheshe ukumahlulela noma ukumgxeka, beqaphela ukuthi uyozithwalela umthwalo wemfanelo wokukhetha kwakhe. Ngokuyisisekelo, uPawulu wayengabeki umthetho ongaguquki, ophoqelelayo ngokumelene nokuhlanganyela ibhizinisi nomuntu ongakholwa. Nakuba kunjalo, iseluleko sakhe akumelwe sishaywe indiva. UNkulunkulu owaphefumulela lesoseluleko futhi wasenza salotshwa eBhayibhelini ukuze sizuze. Senza ngokuhlakanipha uma sisilalela.