Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe UNkulunkulu Uyakwazi Ngempela?

Ingabe UNkulunkulu Uyakwazi Ngempela?

Ingabe UNkulunkulu Uyakwazi Ngempela?

“Jehova, . . . wazana nezindlela zonke zami.”—IHUBO 139:1, 3.

1. Wande kangakanani umuzwa wokuthi ‘abanye abakuqondi’ ukukhathazeka, izinkinga, nokucindezeleka esibhekana nakho?

INGABE ukhona ngempela umuntu okuqondayo ukukhathazeka, ukucindezeleka, nezinkinga obhekene nazo? Emhlabeni wonke kunezigidi zabantu, abasha nabadala, abangenawo umkhaya noma izihlobo ezikhathalela lokho okwenzeka kubo. Ngisho naphakathi kwemikhaya, amakhosikazi amaningi—yebo, namadoda ngokufanayo—anomuzwa wokuthi abangane bawo bomshado abakuqondi ngempela ukucindezeleka okuwathena amandla. Ngezinye izikhathi, ekhungathekile, ayaphikisa: “Kodwa awuqondi!” Intsha eningi nayo iye yaphetha ngokuthi akukho muntu oyiqondayo. Nokho, phakathi kwalabo abaye balangazelela ukuqondwa kakhudlwana abanye, kunalabo kamuva abakuphila kwabo kuye kwaba nenjongo ecebile. Kwenzeka kanjani lokho?

2. Yini engenza ukuba abakhulekeli bakaJehova babe nokuphila okwanelisa ngokucebile?

2 Kungoba, kungakhathaliseki ukuthi abantu abaphila nabo bayiqonda ngokugcwele imizwa yabo noma cha, bayaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyakuqonda lokho ababhekene nakho nokuthi, njengezinceku zakhe, akudingekile ukuba babhekane nezinkinga zabo bebodwa. (IHubo 46:1) Ngaphezu kwalokho, iZwi likaNkulunkulu kanye nosizo lwabadala abangamaKristu abanokuqonda kubenza bakwazi ukubona ngalé kwezinkinga zabo siqu. ImiBhalo ibasiza ukuba baqonde ukuthi inkonzo yabo yokwethembeka iyigugu emehlweni kaNkulunkulu nokuthi labo ababeka ithemba labo kuye nasemalungiselelweni awenzile ngoJesu Kristu banekusasa elilondekile.—IzAga 27:11; 2 Korinte 4:17, 18.

3, 4. (a) Ukuqonda iqiniso lokuthi “uJehova unguNkulunkulu” nokuthi nguye “osenzileyo” kungasisiza kanjani ukuba sithole injabulo enkonzweni yakhe? (b) Kungani siqiniseka ngokuphelele ngokukhathalela kukaJehova kothando?

3 Kungenzeka ujwayelene neHubo 100:2, elithi: “Mkhonzeni uJehova ngokujabula, nisondele ebusweni bakhe ngokuhuba kwentokozo.” Bangaki ngempela abakhulekela uJehova ngaleyondlela? Izizathu ezinengqondo zokwenza kanjalo zinikezwe evesini 3, elisikhumbuzayo: “Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye osenzileyo, akuthina, sibe-ngabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.” Embhalweni wesiHeberu, kubhekiselwa kuye ngokuthi ʼElo·himʹ, kanjalo kuboniswa ukuphakama kobukhulu bakhe, ukuhlonipheka, nobuhle. Uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. (Duteronomi 4:39; 7:9; Johane 17:3) Izinceku zakhe zifinyelele ekwazini ubuNkulunkulu bakhe, hhayi njengeqiniso nje eziye zalifundiswa kodwa njengokuthile ezinokuhlangenwe nakho kwakho nezinikeza ubufakazi bakho ngokulalela, ukwethemba, nokuzinikela.—1 IziKronike 28:9; Roma 1:20.

4 Ngenxa yokuthi uJehova unguNkulunkulu ophilayo, okwazi ukubona ngisho nenhliziyo yethu, akukho lutho olufihlekile emehlweni akhe. Ukuqaphela ngokugcwele okwenzeka ekuphileni kwethu. Uyaqonda ukuthi yini ebangela izinkinga esibhekana nazo kanye nokukhungatheka okungokwengqondo nokungokomzwelo okungase kubangelwe yilokhu. NjengoMdali, usazi kangcono kunokuba sizazi ngokwethu. Uyazi futhi ukuthi angasisiza kanjani ukuba sibhekane nesimo sethu nokuthi angalunikeza kanjani usizo oluhlala njalo. Ngothando uyosisiza—njengomalusi ogone iwundlu esifubeni sakhe—njengoba sithembela kuye ngenhliziyo yethu yonke. (IzAga 3:5, 6; Isaya 40:10, 11) Ukutadisha iHubo 139 kungenza lukhulu ekuqiniseni lelothemba.

Obona Zonke Izindlela Zethu

5. Kusho ukuthini ‘ukusihlolisisa’ kukaJehova, futhi kungani lokho kufiseleka?

5 Enokwazisa okujulile, umhubi uDavide wabhala: “Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.” (IHubo 139:1) UDavide wayeqiniseka ukuthi ukumazi kukaJehova kwakungekhona okwangaphandle nje. UNkulunkulu akazange abheke uDavide ngendlela abantu ababengase bambheke ngayo, eqaphela kuphela ukubukeka kwakhe okungokomzimba, ikhono lakhe lokukhuluma, noma ubungcweti bakhe ekudlaleni ihabhu. (1 Samuweli 16:7, 18) UJehova ‘wayehlolisise’ ubuntu bukaDavide bangaphakathi futhi wayenze kanjalo ngokukhathalela kothando ngenhlalakahle yakhe engokomoya. Uma ungomunye wezinceku zikaJehova ezizinikele, ukwazi kahle njengoba nje ayemazi uDavide. Ingabe lokho akuvusi kuwe umuzwa wokubonga nokwesaba?

6. IHubo 139:2, 3 libonisa kanjani ukuthi uJehova wazi konke esikwenzayo, ngisho nayo yonke imicabango yethu?

6 Zonke izenzo zikaDavide zazisobala emehlweni kaJehova, futhi uDavide wayekuqaphela lokho. “Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,” kubhala umhubi. “Uqonda umcabango wami ukude. Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami, wazana nezindlela zonke zami.” (IHubo 139:2, 3) Ukuthi uJehova usemazulwini, kude kakhulu nomhlaba, akuzange kumvimbele ukuba azi lokho uDavide ayekwenza noma lokho ayekucabanga. ‘Waphenyisisa,’ noma wahlola ngokucophelela, izenzo zikaDavide, ubusuku nemini, ukuze azazi.

7. (a) Usebenzisa izenzakalo zokuphila kukaDavide njengesisekelo, khulumela ezinye zezinto uNkulunkulu aziqaphelayo ekuphileni kwethu. (b) Ukuqaphela kwethu lokhu kufanele kusithinte kanjani?

7 Lapho uthando ngoNkulunkulu nokuthembela emandleni aKhe okukhulula kushukumisela uDavide njengensizwa ukuba azinikele ngokuzithandela ukulwa nomdondoshiya ongumFilisti uGoliyati, uJehova wayekwazi lokho. (1 Samuweli 17:32-37, 45-47) Kamuva, lapho ubutha babantu bubangela inhliziyo kaDavide ubuhlungu obukhulu, lapho ukucindezela kwakukukhulu kakhulu kangangokuba wakhala izinyembezi ebusuku, waduduzwa ukwazi ukuthi uJehova wayekuzwa ukunxusa kwakhe. (IHubo 6:6, 9; 55:2-5, 22) Ngokufanayo, lapho inhliziyo egcwele ukubonga ibangela uDavide ukuba azindle ngoJehova phakathi nobusuku bokuqwasha, uJehova wayekuqaphela lokho. (IHubo 63:6; qhathanisa neyabaseFilipi 4:8, 9.) Ngolunye usuku kusihlwa lapho uDavide ebukela inkosikazi kamakhelwane igeza, uJehova wayekwazi nalokho, futhi wakubona okwenzeka lapho uDavide, ngisho nangokwesikhashana, evumela isifiso esinesono ukuba simenze akhohlwe uNkulunkulu emicabangweni yakhe. (2 Samuweli 11:2-4) Kamuva, lapho umprofethi uNathani ethunywa ukuba ayotshela uDavide ngobukhulu besono sakhe, uJehova akazange nje ezwe amazwi aphuma emlonyeni kaDavide kuphela kodwa futhi wabona inhliziyo ephendukile ayevela kuyo. (2 Samuweli 12:1-14; IHubo 51:1, 17) Ingabe lokho akufanele yini kusenze sicabange ngokungathi sína ngezindawo esizihambelayo, lokho esikwenzayo, nalokho okusenhliziyweni yethu?

8. (a) Kungayiphi indlela ‘amazwi asolimini lwethu’ athonya ngayo ukuma kwethu noNkulunkulu? (b) Bunganqotshwa kanjani ubuthakathaka ekusetshenzisweni kolimi? (Mathewu 15:18; Luka 6:45)

8 Njengoba uNkulunkulu azi konke esikwenzayo, akufanele kusimangaze ukuthi uyayiqaphela indlela esisebenzisa ngayo isitho somzimba ngisho noma sisincane njengolimi. INkosi uDavide yakuqaphela lokhu, futhi yabhala: “Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova, ongalaziyo ngokupheleleyo.” (IHubo 139:4) UDavide wayazi kahle ukuthi labo ababezokwamukelwa njengezimenywa etendeni likaJehova kwakuzokuba ngabantu abanganyundeli abanye futhi abenqaba ukusebenzisa ulimi lwabo ukuze basakaze imithonseyana yokuhleba evusa ukucabangela eyayiyoletha isihlamba kumngane oseduze. Labo uJehova abathandayo kwakuyoba ngabantu abakhuluma iqiniso ngisho nasezinhliziyweni zabo. (IHubo 15:1-3; IzAga 6:16-19) Akekho kithi okwazi ukulawula ulimi lwakhe ngokuphelele, kodwa uDavide akazange aphethe kalula ngokuthi akukho ayengakwenza ukuze athuthukise isimo sakhe. Wasebenzisa isikhathi esiningi eqamba futhi ehlabelela amahubo okudumisa uJehova. Futhi wasivuma ngokukhululekile isidingo sakhe sokuthola usizo futhi waluthandazela kuNkulunkulu. (IHubo 19:12-14) Ingabe ukusebenzisa kwethu ulimi nakho kudinga ukunakekela ngomthandazo?

9. (a) Incazelo yeHubo 139:5 iyibonisa kanjani indlela uNkulunkulu asazi ngayo ngokugcwele isimo sethu? (b) Yini lokhu okusenza siqiniseke ngayo?

9 UJehova akabheki thina noma isimo sethu ngombono olinganiselwe nje. Usazi ngokuphelele, nhlangothi zonke. Esebenzisa umuzi ozungeziwe njengesibonelo, uDavide wabhala: “Ungizungezile ngasemuva nangaphambili.” Endabeni kaDavide, uNkulunkulu wayengesona isitha esimzungezile; kunalokho, wayengumnakekeli oqaphile. “Wabeka isandla sakho phezu kwami,” kunezela uDavide, kanjalo ebonisa ukulawula nokuvikela kukaNkulunkulu okuboniswa ngenxa yenzuzo ehlala njalo yalabo abamthandayo. “Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho,” kuvuma uDavide. (IHubo 139:5, 6) Ukwazi kukaNkulunkulu izinceku zakhe kuphelele kangangokuba asinakukuqonda ngokugcwele. Kodwa esikwaziyo kwanele ukusiqinisekisa ukuthi uJehova uyasiqonda ngempela nokuthi usizo alunikezayo luyokuba olungcono kakhulu.—Isaya 48:17, 18.

Kungakhathaliseki Ukuthi Sikuphi, UNkulunkulu Angasisiza

10. Yiliphi iqiniso elikhuthazayo elivezwa incazelo ecacile yeHubo 139:7-12?

10 Ebheka ukukhathalela kukaJehova kothando ngenye indlela, umhubi uyaqhubeka: “Ngiyakuyaphi, ngisuke emoyeni wakho, na? Ngiyakubalekelaphi, ngimuke ebusweni bakho, na?” Wayengenaso isifiso sokubalekela uJehova; kunalokho, wayazi ukuthi kungakhathaliseki ukuthi wayengaba kuphi, uJehova wayeyokwazi, futhi ngomoya ongcwele, wayengamsiza. Waqhubeka: “Uma ngikhuphukela ezulwini, wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena. Uma ngithabatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe. Uma bengithi: Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube-ngubusuku kimi, ubumnyama bebungayikuba-mnyama kuwe, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya.” (IHubo 139:7-12) Akukho lapho singaya khona, akukho simo esingabhekana naso, esiyokwenza ukuba uJehova angasiboni noma esiyokwenza ukuba umoya wakhe ungafinyeleli kithi ukuze usisize.

11, 12. (a) Ngisho nakuba uJona alahlekelwa umbono walokhu okwesikhashana, ikhono likaJehova lokubona nokusiza laboniswa kanjani endabeni kaJona? (b) Okuhlangenwe nakho kukaJona kufanele kusizuzise kanjani?

11 Ngesinye isikhathi umprofethi uJona wakukhohlwa lokho. UJehova wayemnike isabelo sokushumayela kubantu baseNineve. Ngenxa yesizathu esithile waba nomuzwa wokuthi wayengenakusisingatha lesosabelo. Mhlawumbe ngenxa yedumela lonya labantu base-Asiriya, umbono wokukhonza eNineve wamesabisa uJona. Ngakho wazama ukuzifihla. Ogwini lwaseJopha, wathola indawo yokugibela emkhunjini owawuya eTharishishi (ngokuvamile ehlanganiswa neSpain, emakhilomitheni angaphezu kuka-3 500 entshonalanga yeNineve). Nokho, uJehova wambona engena emkhunjini futhi eyolala ngaphakathi ebuthunjini bawo. UNkulunkulu wayazi futhi ukuthi uJona ukuphi lapho kamuva elahlelwa ngaphandle komkhumbi, futhi uJehova wamuzwa uJona lapho ethembisa esesiswini senhlanzi enkulu ukuthi wayeyozifeza izifungo zakhe. Esekhishelwe ngaphandle ezweni elomile, uJona waphinde wanikezwa ithuba lokufeza isabelo sakhe.—Jona 1:3, 17; 2:1–3:4.

12 Yeka ukuthi kwakuyoba okungcono kanjani ngoJona ukuba wayethembele emoyeni kaJehova ukuba umsize afeze isabelo sakhe kwasekuqaleni! Nokho, kamuva uJona ngokuthobeka waloba okuhlangenwe nakho kwakhe, futhi kusukela ngalesosikhathi lokho kulandisa kuye kwasiza abaningi ukuba babonise ukuthembela kuJehova okwabonakala kunzima kakhulu ngoJona ukukuzuza.—Roma 15:4.

13. (a) Isiphi isabelo u-Eliya asifeza ngokwethembeka ngaphambi kokuba abalekele iNdlovukazi u-Izebeli? (b) UJehova wamsiza kanjani u-Eliya ngisho nakuba ayefuna ukubalekela ngaphandle kwemingcele yakwa-Israyeli?

13 Okuhlangenwe nakho kuka-Eliya kwakuhlukile. Wayedlulisele ngokwethembeka isahlulelo sikaJehova sokuthi u-Israyeli wayeyobhekana nesomiso njengesijeziso sezono zakhe. (1 AmaKhosi 16:30-33; 17:1) Wakumelela ngesibindi ukukhulekela kweqiniso enseleleni eyayiphakathi kukaJehova noBali eNtabeni iKarmeli. Futhi waqikelela ukuthi abaprofethi bakaBali abangu-450 bayabhujiswa ngasemfudlaneni iKishoni. Kodwa lapho iNdlovukazi u-Izebeli ngentukuthelo igomela ngokubulala u-Eliya, uEliya wabaleka kulelozwe. (1 AmaKhosi 18:18-40; 19:1-4) Ingabe uJehova wayelapho ukuze amsize ngalesosikhathi esinzima? Ngempela, kunjalo. Ukube u-Eliya wayekhwele intaba ende, njengokungathi iphakamele ezulwini; ukube wayezifihle emhumeni ngaphakathi ekujuleni komhlaba, njengokungathi wayeseSheol; ukube wayebalekele esiqhingini esikude kakhulu ngejubane elifana nelokukhanya kokusa okugcwala emhlabeni—isandla sikaJehova sasiyokuba lapho ukuze simqinise futhi simhole. (Qhathanisa neyabaseRoma 8:38, 39.) Futhi uJehova akazange aqinise u-Eliya ngokudla kohambo lwakhe nje kuphela kodwa futhi nangokubonakaliswa okumangalisayo kwamandla aKhe ayisiphekupheku. Ngakho eqinisiwe, u-Eliya waqalisa isabelo sakhe esilandelayo esingokwesiprofetho.—1 AmaKhosi 19:5-18.

14. (a) Kungani kungaba okungalungile ukuphetha ngokuthi uNkulunkulu ukuyo yonke indawo ngokoqobo? (b) Kungaphansi kwaziphi izimo uJehova ngothando eye wasekela izinceku zakhe ezikhathini zanamuhla? (c) Kungayiphi indlela ukuthi ngisho noma besiseSheol uNkulunkulu ubeyoba lapho?

14 Amazwi angokwesiprofetho eHubo 139:7-12 awabonisi ukuthi uNkulunkulu ukuyo yonke indawo, ukuthi ukhona ngokoqobo kuzo zonke izindawo ngazo zonke izikhathi. Ngokusobala imiBhalo ibonisa okuhlukile. (Duteronomi 26:15; Heberu 9:24) Nokho, akukho ngaphezu kwamandla akhe ukufinyelela izinceku zakhe. Lokhu kuyiqiniso ngalabo izabelo zabo ezingokwasezulwini eziye zabayisa ezindaweni ezikude. Kwakuyiqiniso ngoFakazi abathembekile emakamu okuhlushwa amaNazi phakathi neMpi Yezwe II, futhi kwakuyiqiniso ngezithunywa zevangeli ezazivalelwe ngazodwa eChina ngasekupheleni kwawo-1950 nasekuqaleni kwawo-1960. Kwakuyiqiniso ngabafowethu nodadewethu abathandekayo ezweni elithile eliseNkabeni ye-Afrika okwakufanele babaleke ngokuphindaphindiwe emizini ngisho nasezweni lakubo. Uma kudingekile, uJehova angafinyelela phakathi kanye eSheol, ithuna elivamile, futhi abuyise abathembekile ngovuko.—Jobe 14:13-15; Luka 20:37, 38.

Lowo Osiqondayo Ngempela

15. (a) UJehova waqala ngasiphi isikhathi ukubona ukwakheka kwethu? (b) Ukubhekisela komhubi ezinsweni kulibonisa kanjani izinga lokusazi kukaNkulunkulu?

15 Ngaphansi kokuphefumlelwa, umhubi uletha ukunakekela eqinisweni lokuthi ukusazi kukaNkulunkulu kwandulela ngisho nesikhathi sokuzalwa kwethu, ethi: “Ngokuba wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame. Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.” (IHubo 139:13, 14) Ukuhlangana kwezici zofuzo ezivela kubaba nomama bethu ngesikhathi sokukhulelwa kuveza izici eziwathonya kakhulu amandla ethu angokomzimba nangokwengqondo. UNkulunkulu uyawaqonda lawomandla. Kulelihubo kukhulunywa ngokukhethekile ngezinso, ngokuvamile emiBhalweni ezisetshenziselwa ukumelela izici zangaphakathi zobuntu. * (IHubo 7:9; Jeremiya 17:10) Kusukela singakazalwa uJehova wayeyazi lemininingwane ngathi. Ngokukhathalela kothando nguye futhi owaklama umzimba womuntu ukuze ingqamuzana elihlangane nembewu kababa ngaphakathi kwesizalo sikamama liveze isivikelo ‘sokukhoselisa’ nokuvikela umbungu njengoba ukhula.

16. (a) Kungayiphi indlela iHubo 139:15, 16 eliqokomisa ngayo amandla kaNkulunkulu okubona ekusithekeni? (b) Kungani lokhu kufanele kusikhuthaze?

16 Khona-ke, egcizelela amandla kaNkulunkulu abona ekusithekeni, umhubi uyenezela: “Amathambo ami ayengafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba [ngokusobala ukubhekisela okusankondlo esizalweni sikanina kodwa okugudlisela ekudalweni kuka-Adamu othulini]. Amehlo akho angibona ngiseyihlule; futhi encwadini yakho zonke izingxenye zalo zalotshwa, ngokuphathelene nezinsuku akhiwa [amalunga omzimba] ngazo futhi kwakungakabikho nelilodwa [ilunga lomzimba elithile] phakathi kwawo.” (IHubo 139:15, 16, NW) Akungabazeki—kungakhathaliseki ukuthi abantu esiphila nabo bayasiqonda noma cha, uJehova uyasiqonda. Kufanele kusithinte kanjani lokho?

17. Lapho sibheka imisebenzi kaNkulunkulu njengemangalisayo, lokhu kusishukumisela ukuba senzeni?

17 Umlobi weHubo 139 waqaphela ukuthi imisebenzi kaNkulunkulu ayebhala ngayo yayimangalisa. Ingabe nawe uzizwa ngaleyondlela? Okuthile okumangalisayo kwenza umuntu acabange ngokujulile noma abonise ukusabela okusheshayo. Cishe usabela ngaleyondlela emisebenzini kaJehova yendalo ebonakalayo. (Qhathanisa neHubo 8:3, 4, 9.) Ingabe futhi ucabanga ngendlela efanayo ngalokho akwenzile ekumiseni uMbuso wobuMesiya, ngalokho akwenzayo ukuze izindaba ezinhle zishunyayelwe emhlabeni wonke, nendlela iZwi lakhe eliguqula ngayo ubuntu babantu?—Qhathanisa neyoku-1 Petru 1:10-12.

18. Uma sithola ukuthi imisebenzi kaNkulunkulu iyesabeka, iyosithinta kanjani?

18 Ingabe nawe ngokufanayo unomuzwa wokuthi ukucabanga ngemisebenzi kaNkulunkulu kuyesabeka, ukuthi kuveza kuwe ukwesaba okunempilo, okushukumisa ngokunamandla, okunethonya elinamandla ebuntwini bakho nasendleleni osebenzisa ngayo ukuphila kwakho? (Qhathanisa neHubo 66:5.) Uma kunjalo, inhliziyo yakho iyokushukumisela ukuba udumise uJehova, umbonge, ukuba wenze amathuba okutshela abanye ngenjongo yakhe nezinto ezimangalisayo azigcinele abamthandayo.—IHubo 145:1-3.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 15 Bheka i-Insight on the Scriptures, ekhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., Umqulu 2, ikhasi 150.

Uthini?

□ Ukwazi kwethu ukuthi “uJehova unguNkulunkulu” kusisiza kanjani ukuba simkhonze ngenjabulo?

□ Ukwazi kukaNkulunkulu konke esikwenzayo kufanele kukuthonye kanjani ukuphila kwethu?

□ Kungani iqiniso lokuthi uNkulunkulu uyasibona ngaso sonke isikhathi likhuthaza?

□ Kungani uNkulunkulu ekwazi ukusiqonda ngezindlela abantu abangenakusiqonda ngazo?

□ Kungani isifundo esinjengalesi sisenza ukuba sifune ukudumisa uJehova?

[Imibuzo Yesifundo]