Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isihluthulelo Sokuphila Komkhaya Okuphumelelayo

Isihluthulelo Sokuphila Komkhaya Okuphumelelayo

Isihluthulelo Sokuphila Komkhaya Okuphumelelayo

“SINESIMISO somkhaya esiwohlokayo,” kwaphawula ilungu lesigungu sikahulumeni wase-U.S. ngonyaka odlule. Ngempela, izinga lokuwohloka komkhaya liyashaqisa. Umagazini i-Fortune wabika: “Izinguquko ezinkulu ngokufanayo zokwaziswa kwezomnotho noma ezezimboni phakathi nenkathi efanayo zaziyosimangaza kakhulu.”

Ngisho nemikhaya ezama ukulandela izimiso zeBhayibheli ngokuvamile ithinteka ngokwesabekayo. Eminyakeni embalwa edlule, ubaba wezingane eziyisithupha ezingakevi eminyakeni eyishumi nambili watshelwa umKristu akanye naye owayenezisusa ezinhle: “Ungalindela ukuba abane babantwana bakho bashiye iqiniso.” Nokho, lobaba akazange akukholelwe ukuthi lokhu kwakumelwe ukuba kwenzeke ngisho nakoyedwa wabantwana bakhe. Wachaza ukuthi kungani.

Wathi: “Abantwana bethu ababona abethu ngempela. Mina nomkami siye sabaphathiswa uJehova uNkulunkulu, ‘bayifa,’ noma isipho, esivela kuye. Futhi wathi uma sibaqeqesha ngendlela efanele, ‘abayikusuka kuyo.’ Ngakho siye sazama ngaso sonke isikhathi ukubanakekela njengokungathi bangabakaJehova.”—IHubo 127:3; IzAga 22:6.

Lobaba lapha waveza isihluthulelo sokuphila komkhaya okuphumelelayo—abazali kufanele banakekele abantwana babo njengokungathi banakekela impahla kaNkulunkulu. Nakuba lokhu kungasho ukuthi abantwana bayolalela isiqondiso sakho ngaso sonke isikhathi, unomthwalo wemfanelo wokunakekela abantwana uNkulunkulu akunike bona.

Umthwalo Wemfanelo Ongathi Sína

Lokhu kunakekela ukunikeza ngenhlonipho nokukhathalela okujulile, hhayi ngokunganaki noma ngokungakhathaleli. Ukusebenzela kanzima uqaphela ukuthi uyophendula kuNkulunkulu ngefa lakhe, noma isipho, akunike sona. Akukho sidingo sokuhlola izindlela ezihlukahlukene zokukhulisa abantwana. Abazali badinga iziyalezo zikaNkulunkulu kuphela njengoba zinikezwe eZwini lakhe, iBhayibheli, futhi kufanele bazilandele ngokunakekela.

Lona umyalo ovela kuJehova uNkulunkulu: “Ubafundise impela [amazwi ami] abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka. Uyakuwabopha abe-luphawu esandleni sakho, abe-yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho. Wowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho.” IBhayibheli liyanxusa futhi: “Nani-boyise, . . . nibondle [abantwana benu] ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.”—Duteronomi 6:7-9; Efesu 6:4.

Ngakho ukunakekela abantwana kudinga ukunaka kwansuku zonke; yebo, kusho ukubanikeza ngokungenabugovu isikhathi sakho futhi ikakhulukazi uthando nokukhathalela kwakho okujulile. Abazali abanikeza abantwana babo lezidingo eziyisisekelo benza lokho uNkulunkulu athi kuyadingeka ukuze bajabulele ukuphila komkhaya okuphumelelayo.

Ingabe ucabanga ukuthi lokhu kubizela kakhulu? Ngezenzo zabo, abazali abaningi babonisa ukuthi banalowomuzwa. Nokho, lezipho ezivela kuNkulunkulu—abantwana bakho—ngempela zifanelwe ukunaka okukhetheke ngokwengeziwe.

Indlela Yokubanakekela

Ngokuhlakanipha cabangela isibonelo salabo abaye bajabulela impumelelo ekukhuliseni abantwana. Omunye umagazini, endabeni yawo esekelwe esihlokweni sesembozo esithi “Imikhaya Emangalisayo,” waphawula izinto ezine ezibalulekile ekukhuliseni izingane ngokuphumelelayo: “[1] Ingxoxo yangesikhathi sokudla eshukumisa ingqondo, [2] ukufunda izincwadi ezinhle, [3] ukushukunyiswa ngabantu abacabangayo abanengqondo ehluzekile nabafanele ukulingiswa, [4] ukwazi ukuthi kunenqubo yomkhaya okumelwe ilondolozwe.”—U.S.News & World Report, December 12, 1988.

Ngokuphathelene “nengxoxo yangesikhathi sokudla,” khumbula ukuthi uNkulunkulu uyala abazali ukuba bafundise abantwana babo lapho behlezi endlini. Ingabe umkhaya wakho uhlala ndawonye njalo etafuleni ngezikhathi zokudla, ngaleyondlela unikeze amathuba ansuku zonke okwakha ubungane nawengxoxo eshukumisayo? Izikhathi ezinjalo zibalulekile futhi abantwana bayazikhumbula, zibanikeza umuzwa wokuqiniseka nokulondeka. Ingane eneminyaka eyisithupha yathi yayizithanda izikhathi zokudla “ngoba akudingeki ukuba ukhathazeke ngabanye,” njengoba bonke basuke bekhona.

Kuthiwani ngezinga lengxoxo yenu yangezikhathi zokudla? Ingabe njalo igxila kokuqukethwe “izincwadi ezinhle,” kuhlanganise iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo ezikhuluma ngenkonzo yethu kuNkulunkulu noma izindaba ezihlobene nendalo kaNkulunkulu? Ngaphandle kwengxoxo yangesikhathi sokudla yaloluhlobo, ngesimiso sesifundo sasikhathi sonke, abazali badinga ukuhlakulela kubantwana babo uthando ngoJehova nemithetho yakhe yokulunga.

“Ukudla ndawonye njalo kwakungeyona inkinga,” kuchaza ubaba wezingane eziyisithupha okukhulunywe ngaye ngaphambili. “Lokhu kwakuzenzekela, futhi kuye kwasihlanganisa ndawonye. Kodwa ukuba nesimiso sesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke kwakunzima.” Ngenxa yokukhathala kakhulu ngemva kosuku lokusebenza kanzima, ngezinye izikhathi wayezumeka phakathi nesifundo. Nokho, akazange ayeke ukuqhuba isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke nabantwana bakhe, futhi njalo wayekhuluma nabo ngokomuntu siqu futhi ebalalela isikhathi eside.

Ngaphandle kokuhola engxoxweni enengqondo yangesikhathi sokudla nokulungiselela ukufundwa kwezincwadi ezinhle, ingabe uyaqikelela ukuthi abantwana bakho “bashukunyiselwa ukucabanga ngabantu abanengqondo ehluzekile futhi abafanelwe ukulingiswa”? Iqiniso liwukuthi, ukuhlelela ukuba abantwana bakho bahlangane njalo nalabo abalingisa umuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila, uJesu Kristu, kubalulekile uma beyoba abantu abadala abaphumelelayo.

Ekugcineni, kuthiwani “ngokwazi ukuthi kunenqubo yomkhaya okumelwe ilondolozwe”? Kudingeka ukuba abantwana bakho baqonde ukuthi kunezindinganiso zomkhaya okulindeleke ukuba bazilondoloze—ukuthi ukuziphatha okuthile, inkulumo, ukugqoka, imikhuba, njalonjalo, akwamukeleki futhi konakalisa inqubo yomkhaya. Kumelwe baqaphele ukuthi ukonakalisa inqubo yomkhaya kuyindaba engathi sína—ukuthi uyophatheka kabi kakhulu, njengoba kwaba njalo ngenzalamizi yasendulo uJakobe, okwathi ngokuziphatha okuhlazisayo kwabafana bakhe kwamenza ‘wanukela kabi abantu bezwe.’—Genesise 34:30.

Ubaba wabantwana abayisithupha owayebheka abantwana bakhe njengempahla kaNkulunkulu wagcizelela ikakhulukazi “inqubo yomkhaya.” Wayebonisana njalo nabantwana bakhe ngendlela indinganiso yomkhaya yokugqoka, ukuzilungisa, nokwehluka ezindleleni zezwe eyayivumelana ngayo nomoya nesiqondiso soMdali, uJehova uNkulunkulu. Ngenxa yesikhathi esiningi kakhulu, uthando, nokukhathalela okujulile abakunikezwa—beqeqeshwa ngendlela okufanele bahambe ngayo—bonke labantwana abayisithupha baye basabela ‘ngokungasuki endleleni yabo.’—IzAga 22:6.

Emhlabeni wonke, kunezinkulungwane zemikhaya enjalo eqinile. Yeka udumo eziyilo kuMdali wazo, futhi yeka ukuthi ziwumvuzo kanjani kubazali abangenabugovu, abanothando! Njengoba iminyaka iqhubeka, abazali abanjalo baziswa ngokwengeziwe abantwana abaye bazuza emizamweni yabo. Siza ucabangele ngokulandelayo indaba yomunye wesifazane owakhuliswa abazali abesaba uNkulunkulu, futhi uphawule izifundo ezibalulekile ezingafundwa kuyo.