Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isimiso Noma Ukuthandwa Ngabantu—Yikuphi Okukuqondisayo?

Isimiso Noma Ukuthandwa Ngabantu—Yikuphi Okukuqondisayo?

Isimiso Noma Ukuthandwa Ngabantu—Yikuphi Okukuqondisayo?

UNORIHITO owayefunda ibanga lesithupha, wayeba nengxenye kwezemidlalo. Ngokungazelele, wabhekana nesinqumo. Bonke abafundi kwadingeka bahlanganyele emkhosini wokushisekela izwe. Ingabe kwakufanele ahlanganyele nayefunda nabo kulokho okubonakala kuyisimiso sasikhathi sonke?

UNorihito wayefunde eBhayibhelini ukuthi akulungile ukuhlanganyela kunoma isiphi isenzo sokukhulekela unkulunkulu othile ngaphandle kukaJehova. (Eksodusi 20:4, 5; Mathewu 4:10) Futhi wayazi ukuthi amaKristu kufanele ahlale engathathi-hlangothi kuzo zonke izindaba zezwe zezombangazwe. (Daniyeli 3:1-30; Johane 17:16) Ngakho ngisho nakuba ayefunda nabo bamnxusa ukuba ahlanganyele, walondoloza ukuma kwakhe ngesibindi kodwa ngenhlonipho. Wawuyokwenzenjani ukuba wawusesimweni esifanayo?

Isifiso Sokwamukeleka

ImiBhalo ibonisa ukuthi abantu badalwa uNkulunkulu ukuba babe abangane, bazwane, futhi bajabulele ukwenza izinto ndawonye. Kungokwemvelo ukuba umuntu afune ukuba nontanga yakhe, ukuba amukeleke. Imizwa enjalo yenza ukuphila kujabulise ngokwengeziwe futhi inengxenye ekuletheni ukuthula nobunye ekusebenzelaneni kwethu nabanye.—Genesise 2:18; IHubo 133:1; 1 Petru 3:8.

Isifiso esazalwa naso sokwamukeleka sibonakala ekugcizelelweni kakhulu kokuvumelana neningi okubonakala kwezinye izizwe ngisho nanamuhla. Ngokwesibonelo, abantwana abangamaJapane baqeqeshwa kusukela ebuntwaneni ukuba baqaphele futhi benze ngokuvumelana nezinqumo zeningi. Isiko labo libafundisa ukuthi omunye wemisebenzi yawo emikhulu kunayo yonke uwukuvumelana nomphakathi. “Abantu baseJapane cishe basebenza ngamaqembu kakhulu ukwedlula abantu baseNtshonalanga,” kusho u-Edwin Reischauer, owayeyinxusa le-U.S. eJapane nengqapheli ekhaliphile yemikhuba yamaJapane. Wanezela: “Lapho abantu baseNtshonalanga bengase okungenani bakubonakalise obala ukuzimela nokwehluka kwabo kwabanye abantu, amaJapane amaningi ayokwaneliswa kakhulu ukwenza ngokuvumelana nezimiso zeqembu lawo endabeni yokugqoka, ukuziphatha, indlela yokuphila, ngisho nendlela yokucabanga.” Nokho, isifiso sokuzivumelanisa asikho kubantu baseJapane kuphela. Sisembulungeni yonke.

Ukucindezela Kokuzivumelanisa

Ngisho nakuba kufiseleka ukuba umuntu enze konke okusemandleni akhe ukuba azwane nabanye, kunengozi yokuzivumelanisa ngokuphumputheka nalokho okuthandwayo. Ngani? Ngenxa yokuthi okuthandwa isixuku ngokuvamile kuphambene nalokho okwamukelekayo kuNkulunkulu. IBhayibheli liyasitshela: “Izwe lonke limi ebubini.” (1 Johane 5:19) USathane ngobuqili usebenzisa zonke izindlela angazisebenzisa—ukuthanda izinto ezibonakalayo, ukuziphatha okonakele, ubandlululo lobuhlanga, ukungabekezelelani kwezinkolo, ubuzwe, njalonjalo—ukuze athonye uquqaba lwabantu futhi aludedisele kude noNkulunkulu. Ukuzivumelanisa nemikhuba enjalo, empeleni, kungenza umuntu amelane noJehova uNkulunkulu nezinjongo zakhe. Yingakho amaKristu elulekwa: “Ningalingisi lelizwe‚ kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu‚ ukuze nibe-nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu‚ okuhle‚ nokuthandekayo‚ nokupheleleyo.”—Roma 12:2.

Njengoba ephila kulesimiso sezinto, amaKristu ahlala engaphansi kokucindezela kokuba azivumelanise nalokho okuthandwayo. Intsha ngokukhethekile iyizisulu kulokhu. Isifiso sokubukeka nokwenza njengalabo efunda nabo sinamandla kakhulu. Kudingeka ibe nesibindi sangempela ukuze ichazele ontanga yabo ukuthi kungani ingahlanganyeli emisebenzini ethile. Nokho, ukwehluleka ukuzikhulumela kungasho inhlekelele engokomoya kuyo.—IzAga 24:1, 19, 20.

Abantu abadala nabo babhekana nokucindezela okunjalo endaweni abasebenza kuyo. Kungase kulindeleke ukuba bahlanganyele emisebenzini ethile yobungane ngemva komsebenzi noma ngamaholide athile. Ukwenqaba ukwenza kanjalo kungase kubenze babonakale bengonkom’ idla yodwa noma bengenakho ukubambisana, kudale isimo esinzima endaweni yomsebenzi. Abanye bangase bazizwe bephoqelekile ukuba basebenze amahora amaningi esikhathi esengeziwe ngenxa nje yokuthi abanye benza kanjalo futhi nabo kulindeleke ukuba benze kanjalo. Ukuyekethisa ezindabeni ezinjalo kungaba okulimazayo kubo ngokomoya futhi kubavimbele ekubeni bafeze ezinye izibopho zabo.—1 Korinte 15:33; 1 Thimothewu 6:6-8.

Ukucindezela kokuba uzivumelanise kukhona ngisho nangaphandle kwesikole noma indawo yomsebenzi. Omunye umama ongumKristu walandisa ukuthi kwesinye isenzakalo wagodlela ingane yakhe isijeziso, nakuba yayisidinga kakhulu, ngenxa nje yokuthi wayenomuzwa wokuthi abanye omama bamakhaya ababekhona babengeke bavume.—IzAga 29:15, 17.

Isixuku Singaba Nephutha

IBhayibheli lisinikeza izeluleko eziningi ezingagwegwesi uma kuziwa ekulandeleni isixuku. Ngokwesibonelo, isizwe sakwa-Israyeli satshelwa: “Awuyikulandela [isixuku, NW] ukuyokwenza okubi, ungafakazi ecaleni ngokulandela [isixuku, NW], uphendukezele isahlulelo.” (Eksodusi 23:2; qhathanisa namaRoma 6:16.) Lesiseluleko asizange silandelwe ngaso sonke isikhathi. Ngesinye isikhathi, ngokushesha ngemva kokuphuma eGibithe, lapho uMose engekho, abantu abathile bathonya u-Aroni nabantu ukuba benze ithole legolide futhi balikhulekele ‘emkhosini kaJehova.’ Abantu badla baphuza futhi bazijabulisa ngengoma nangomdanso kuyilapho benikela umhlatshelo etholeni legolide. Ngenxa yalesisenzo sokungazithibi, sokukhonza izithombe, ababehola phambili abacishe babe ngu-3 000 babulawa. Kodwa abanye abaningi nabo bashaywa uJehova ngenxa yokulandela kwabo isixuku ngokungacabangi.—Eksodusi 32:1-35.

Esinye isibonelo sokulandela isixuku ezinjongweni ezimbi senzeka ekhulwini lokuqala ngokuphathelene nokufa kukaJesu Kristu. Lishoshozelwa abaholi benkolo abanomona, iningi labantu lahlanganyela ekugqugquzeleni ukuba uJesu abulawe. (Marku 15:11) Lapho uPetru eveza isono sabo esingathi sína ngePentekoste elalandela ukuvuka nokwenyuka kukaJesu, abaningi “bahlabeka enhliziyweni” futhi bakubona ababekwenzile ngenxa yokulandela isixuku.—IzEnzo 2:36, 37.

Izimiso ZeBhayibheli Zingcono

Njengoba lezenzakalo zibonisa ngokucacile, ukulandela ngokuphumputheka lokho okuthandwayo kungaholela emiphumeleni engathi sína. Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukulandela iBhayibheli nokuvumela izimiso zalo zibe isiqondiso ekuphileni kwethu! “Njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu,” kusho uJehova. (Isaya 55:9) Ezindabeni zokuziphatha nobuhlobo babantu—ngempela, kuzo zonke izinqumo zokuphila—kuye kwaboniswa ngokuphindaphindiwe ukuthi ukulandela izindlela zikaJehova kungcono kakhulu kunokulandela lokho okuthandwayo. Kuyisihluthulelo sendlela yokuphila ejabulisa kakhulu nenempilo kakhulu.

Ngokwesibonelo, cabangela okuhlangenwe nakho kukaKazuya. Nakuba ayetadishe iBhayibheli isikhathi esithile, waqhubeka elandela inkambo ethandwayo—elwela ukuceba nokuphumelela. Imizamo yakhe yokuthokozisa abamphethe nokucatshangelwa kahle ngasebenza nabo ngokuvamile kwakuphumela ekubeni ayozitika ngotshwala kuze kube sentathakusa. Waba ngofuna izinto ngenkani, ongabekezeli, nosheshe acasuke. Indlela yakhe yokuphila eyeqisayo ngokushesha yaholela ekubeni afe uhlangothi, okwamshiya egogekile ngokwengxenye. Njengoba ayelele elulama embhedeni wasesibhedlela, waba nesikhathi sokucabanga ngalokho ayekufunde eBhayibhelini nendlela ayephila ngayo ukuphila kwakhe. Wanquma ukuthi kwase kuyisikhathi sokuba aqale ukusebenzisa ayekufundile. Washiya isikhundla sakhe sokuba umphathi futhi washintsha abangane bakhe. Futhi wenza imizamo eqotho yokwembatha ubuntu bobuKristu nokulungisa umbono wakhe wezinto ezibonakalayo. Ngenxa yalokho, izindinganiso zakhe zashintsha, futhi impilo yakhe yathuthuka. Ekugcineni, wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi wabhapathizwa.

Ukuze umuntu aphumelele ekulandeleni inkambo engathandwa, kumelwe azazi izimiso ezihilelekile futhi aqiniseke ngokugcwele ukuthi zilungile. Lokho uMasaru abhekana nakho kubonisa ukuthi lokhu kuyiqiniso. Lapho esebangeni lesithupha, esikoleni semfundo ephansi, watuswa afunda nabo ekilasini ukuba abe phakathi kwalabo okwakuzokhethwa kubo umongameli womkhandlu wabafundi. Enamahloni ukhumbula ukuthi ngenxa yokungaziqondi ngokugcwele izimiso zeBhayibheli ezihilelekile, wayengakwazi ukuchazela ayefunda nabo ekilasini ukuthi kungani ayengenakungenela isikhundla sezombangazwe. Ukwesaba kwakhe abantu kwamvimbela ukuba akudalule ukuthi wayengumKristu. Wamane nje wagoba ikhanda lakhe futhi waphindaphinda ekhala, “Anginakukwenza.”

Lokhu okuhlangenwe nakho okubuhlungu kwambangela ukuba ahlole ukuthi kungani umKristu engahileleki emisebenzini yezombangazwe. (Qhathanisa noJohane 6:15.) Kamuva, lapho esesekhondari, kwaphakama isimo esifanayo. Nokho, kulokhu, wayekulungele ukuchaza ngokuqiniseka ukuma kwakhe kuthisha. Uthisha wayamukela incazelo yakhe, njengoba kwenza abaningana balabo ayefunda nabo ekilasini ababembuze ngezinkolelo zakhe ezisekelwe eBhayibhelini.

Lapho Bonke Beyokwenza Okulungile

Ezweni elisha elizayo elingaphansi kokubusa kukaKristu, into ethandwayo eyokwenziwa kuyoba into elungile. Kuze kube yilesosikhathi, kuyofanele sixwaye isifiso sokuzivumelanisa nokuthandwayo. Singathola isikhuthazo eselulekweni sikaPawulu: “Lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo‚ masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi‚ sigijime ngokubekezela kulokhukuncintisana esikumiselweyo.”—Heberu 12:1.

Lapho ubhekana nezimpikiswano nezinselele, yini oyoyenza? Ingabe uyokwehlulwa ukwesaba abantu futhi uzivumele ukuba wenze lokho okuthandwayo? Noma ingabe uyophendukela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, futhi ulandele izimiso zalo? Ukulandela inkambo ephawulwe kamuva ngeke kukuzuzise manje nje kuphela kodwa futhi kuyokunikeza ithemba lokuba phakathi kwalabo “abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela.”—Heberu 6:12.