“[Uyajabula] Umuntu Othola Ukuhlakanipha”
Abamemezeli BoMbuso Bayabika
“[Uyajabula] Umuntu Othola Ukuhlakanipha”
LESISAGA siye sabonakala siyiqiniso eKorea, lapho manje kunoFakazi BakaJehova abajabulayo abangaphezu kuka-71 000. (IzAga 3:13) Cabanga nje, amaphesenti angu-42 alezikhonzi asenkonzweni yesikhathi esigcwele! Okuhlangenwe nakho okulandelayo kuzobonisa ukuthi injabulo iyachichima kulabo abafuna ukuhlakanipha kweqiniso.
Owesifazane othile ePusan wayesesonte iminyaka engu-16 kwelinye lamasonto eLobukholwa. Wayebone imikhuba eminingi kakhulu eshayisana nemibhalo kangangokuba waqala ukucabanga ukuthi kungenzeka ukuthi uNkulunkulu akekho. Ngakolunye uhlangothi, wayengenakukuphika ukuba khona kukaNkulunkulu, ngakho wathandaza ngobuqotho kuNkulunkulu ukuba athole inkolo yeqiniso uma yayikhona into enjalo. Ngalowomzuzu wacabanga ngokushesha ngoFakazi BakaJehova, futhi wakhumbula ukuthi isonto lakhe lalibazonda futhi lixwayise abasontayo ngabo ngoba oFakazi abakholelwa kuZiqu-zintathu, isihogo somlilo, nezinye izimfundiso zeLobukholwa. Babengelona nje mhlawumbe isonto leqiniso? Ngosizo lukamakhelwane, wathola lapho iHholo LoMbuso likhona. Ngosuku olulandelayo, waba khona emhlanganweni.
Wamangazwa ukuhleleka komhlangano. Kwakungekho ukumemeza ngentshiseko eyeqile noma ukuhlabelela okuvusa umzwelo njengoba kwakunjalo esontweni lakhe. Wethulwa kuFakazi owayezimisele ukutadisha naye iBhayibheli, futhi isifundo sokuqala sathatha amahora amaningana ngenxa yemibuzo yakhe eminingi. Lapho sebefunda okwesibili, waveza ukuthi wayezoyeka esontweni lakhe futhi abe nguFakazi. Watshela udade ukuthi kwakungeke kusadingeka ukuba afunde naye, njengoba nje ayezomane abe khona emihlanganweni. Nokho, waboniswa ukubaluleka kokuba nesifundo seBhayibheli somuntu siqu ngaphandle kokuba khona emihlanganweni. Wakwamukela lokusikisela, wazikhandla ezifundweni zakhe, futhi ngokuhamba kwesikhathi wabhapathizwa.
Manje ujabula kakhulu ngokuthi uye wathola ukuhlakanipha kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova, futhi unethemba lokuphila phakade ezweni elisha likaNkulunkulu.
Ujenene Osathatha Umhlala-phansi Ufunda Iqiniso
Inkosikazi kajenene othile wezempi yabhapathizwa ngo-1962. ekuqaleni umyeni wayo wayeyiphikisa, kodwa kamuva wayeka ukuyiphikisa, futhi eminyakeni engu-28 eyalandela abazalwane abahlukahlukene bafunda naye izikhawu, bezama ukumenza abe nesithakazelo eqinisweni. Wayeba khona kweminye imihlangano nemihlangano yesigodi, kodwa wayengomunye walabo ababezindela ekuthatheni iqiniso ngokungathi sína. Ngo-1990 yena nomkakhe baya eJapane, baba khona emhlanganweni wesigodi lapho. Ngalesikhathi wazilalelisisa izinkulumo—into ayengakaze ayenze ngaphambili. Zamhlaba umxhwele izinkulumo ezanikezwa ngesibindi zidalula inkolo yamanga, kodwa ngokuqinisekile zamenza wabubona ubuzenzisi beLobukholwa. Kwamhlaba umxhwele ukuhleleka nenjabulo yabantu bakaNkulunkulu eJapane, okwakufana nsé nalokho ayekuboné eKorea. Lapho ephindela eKorea, waqalisa isifundo seBhayibheli ngokuzimisela futhi ekugcineni wabhapathizwa.
Ngakho yini ayezoyenza ngemva kokubhapathizwa kwakhe? Wayeka isikhundla sakhe njengomphathi wehhotela lezivakashi elidumile futhi wahlanganyela nomkakhe enkonzweni yamaphayona yesikhathi esigcwele. Unomuzwa wokuthi ukuba yiphayona elivamile kuyindlela engcono kakhulu yokukhokha iminyaka engu-28 eyamlahlekela lapho esazindela.
Manje uyaqaphela ukuthi isaga esithi “[uyajabula] umuntu othola ukuhlakanipha” siyasebenza nakuye!