Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yiba Nombono Ofanele Ngesihe SikaNkulunkulu

Yiba Nombono Ofanele Ngesihe SikaNkulunkulu

Yiba Nombono Ofanele Ngesihe SikaNkulunkulu

LODOKOTELA wayenomusa futhi ekhathalela kakhulu. Ngokombono wakhe ongcono kakhulu, isiguli sakhe sasikudinga ngempela ukuhlinzwa ukuze kusindiswe ukuphila kwaso. Lapho singabaza futhi siphakamisa indaba yokumpontshelwa igazi, udokotela wamangala. Lapho sichaza ukuthi ngenxa yezizathu ezingokwenkolo asinakukuvuma ukuhlinzwa okuhilela ukumpontshelwa igazi, udokotela washaqeka kakhulu. Wazama ukucabangisisa indlela angasisiza ngayo. Ekugcineni, wacabanga ukuthi uyitholile. Wathi: “Uyazi, uma ungakwamukeli ukumpontshelwa igazi, uzokufa. Awukufuni lokho, akunjalo?”

“Yebo angikufuni,” kusho isiguli sakhe.

“Kodwa, kubonakala sengathi uma ukwamukela, uyongqubuzana nezinkolelo zakho ezingokwenkolo, nazo ezibalulekile kuwe. Nokho, nakhu ukusikisela kwami. Kungani ungakwamukeli ukumpontshelwa igazi futhi ngaleyondlela usindise ukuphila kwakho. Bese-ke uvuma kuNkulunkulu ukuthi wonile, futhi uphenduke. Ngaleyondlela, uyobuyiselwa nasenkolweni yakho.”

Lodokotela onezinhloso ezinhle wayecabanga ukuthi uthole ikhambi elihle kakhulu. Wayeqaphela ukuthi isiguli sakhe sikholelwa kuNkulunkulu onesihe. Ngokuqinisekile, lesi kwakuyisenzakalo esifanele sokusebenzisa isihe sikaNkulunkulu ngokunenzuzo! Kodwa ingabe ukusikisela kwakhe kwakunengqondo ngendlela okwakuzwakala ngayo?

Ingabe Sike Sicabange Ngalendlela?

Ngezinye izikhathi singase sizithole sicabanga ngendlela lodokotela acabanga ngayo. Mhlawumbe sethuswa ukugqashuka okungalindelekile kwempikiswano esikoleni noma emsebenzini. Noma singase sizithole sisesimweni esibangela amahloni lapho sicindezeleke khona ukuba senze okuthile okulahlwa unembeza wethu. Njengoba besingalindele, singase sithambekele ekukhetheni inkambo elula kunazo zonke futhi senze lokho esaziyo ukuthi akulungile, sithambekele ekuceleni intethelelo kamuva.

Noma abantu bangase balingwe ukuthambekela kwabo siqu okungalungile. Ngokwesibonelo, insizwa ingase izithole isesimweni lapho ilingeka khona ngokunamandla ukuba iziphathe kabi. Kunokuba ilwisane nalesifiso esingalungile, ingase iziyekelele, ithambekele ekulungiseni izindaba noNkulunkulu kamuva. Abanye baze ngisho benza isono esingathi sína nakuba bazi ukuthi ngokunokwenzeka bayosuswa ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu. Ngokusobala baye bacabanga, ‘ngizothi ukulinda isikhashana. Ngemva kwalokho, ngiyophenduka bese ngibuyiselwa ekuhlanganyeleni.’

Zonke lezizimo zinezinto ezimbili ezifanayo. Okokuqala, abantu bayayekelela esikhundleni sokulwela ukwenza okulungile. Okwesibili, banomuzwa wokuthi ngemva kokwenza okungalungile, uNkulunkulu uyobathethelela ngokuzenzekelayo uma nje becela.

Uyini Umbono Ofanele?

Ingabe lokhu kubonisa ukwazisa okufanele ngesihe sikaNkulunkulu? Nokho, ake ucabange kafushane ngalesosihe. UJesu wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Umphostoli uJohane wachaza indlela lesosihe esisebenza ngayo lapho ethi: “Nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo.” (1 Johane 2:1) Ngakho, uma ngenxa yokungapheleli siwela esonweni, singeza kuNkulunkulu ngomthandazo futhi sicele intethelelo ngesisekelo somhlatshelo kaJesu.

Nokho, ingabe lokhu kusho ukuthi akunandaba ukuthi siyona noma cha, uma nje sicela intethelelo kamuva? Lutho neze. Khumbula amazwi okuqala aleyongcaphuno: “Nginilobela lokhu ukuba ningoni.” Amazwi kaJohane aqhubekayo kulelovesi abonisa ilungiselelo likaJehova lothando lokusingatha ukungapheleli kwethu. Nakuba kunjalo, kumelwe sizame ngamandla ngangokunokwenzeka ukugwema ukona. Ngaphandle kwalokho sibonisa ukungaluhloniphi ngokudabukisayo uthando lukaNkulunkulu, njengalabo uJuda abhekisela kubo ababesebenzisa umusa ongafanelwe kaNkulunkulu njengezaba zokuziphatha okuxekethile.—Juda 4.

Ukubheka isihe sikaNkulunkulu njengohlobo oluthile lwenetha lesivikelo eliyohlala lisibamba singashayeki phansi kungakhathaliseki ukuthi senzani, kululaza isihe sikaNkulunkulu futhi kwenza kubonakale sengathi isono asisibi neze kangako. Lokhu akulona neze iqiniso. Umphostoli uPawulu watshela uThithu: “Umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesisikhathi samanje.”—Thithu 2:11, 12.

UPawulu wabonisa ukwazisa kwakhe ngesihe sikaNkulunkulu ngendlela alwisana ngayo nokungapheleli kwakhe siqu. Wathi: “Ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.” (1 Korinte 9:27) UPawulu akazange nje amane akuthathe kalula ukuthi kwakumelwe one ngaso sonke isikhathi. Ingabe thina kufanele sikuthathe kalula?

Umbono KaJesu

Ngesinye isikhathi, uJesu wabonisa indlela ayewubheka ngayo umqondo wokuyekethisa kokulungile nokuthatha inkambo elula ukuze umuntu agweme ukuhlupheka. Lapho eqala ukutshela abafundi bakhe ngokufa kwakhe okuwumhlatshelo okwakuza, uPetru wazama ukumkhuza, ethi: “Musa, Nkosi, lokho akusoze kwenziwa kuwe.” UJesu wasabela kanjani? “Buyela emva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”—Mathewu 16:22, 23.

Ukusola kukaJesu uPetru ngokunamandla kwabonisa ngokusobala ukuthi uJesu wayekwenqaba ukuthatha inkambo elula eyayihilela ukuphambana nentando kaNkulunkulu. Ukulandisa kubonisa ukuthi walandela ngokungantengantengi indlela elungile, ehlukunyezwa uSathane ngokuqhubekayo. Ekugcineni wahlekwa usulu, washaywa kabuhlungu, futhi wafa kalusizi. Nakuba kunjalo, akazange ayekethise, futhi ngenxa yalokhu wakwazi ukunikela ngokuphila kwakhe kwaba isihlengo ngenxa yethu. Ngokuqinisekile akazange akhuthazelele konke lokhu ukuze ‘sizizwele’ lapho kuphakama izinkinga noma izilingo!

Ngokuqondene noJesu kuthiwa: “Uthandile ukulunga, wazonda ububi.” (Heberu 1:9) Ukuthatha inkambo elula yokubaleka ngokuvamile kuhilela ububi. Ngakho, uma sikuzonda ngempela lokhu—njengoba uJesu enza—siyokwenqaba ngaso sonke isikhathi ukuyekethisa. Encwadini yezAga, uJehova uthi: “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.” (IzAga 27:11) Ukulunga kukaJesu okulinganiselayo kodwa okungayekethisi kwaletha intokozo enkulu enhliziyweni kaJehova. Singanikeza uJehova injabulo efanayo uma silandela inkambo kaJesu yobuqotho.—1 Petru 2:23.

Ukuqeqeshwa Ukukhuthazela

Umphostoli uPetru wabhala: “Enithokoza ngakho, nokuba manje ngesikhashana, uma kudingeka, nidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo, ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube-ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu.” (1 Petru 1:6, 7) Ngenxa yokuthi asiphelele futhi siphila phakathi kwezwe likaSathane, siyobhekana njalo novivinyo nezilingo. Njengoba uPetru ebonisa, lokhu kungafeza injongo enhle. Kuvivinya ukholo lwethu, kubonise ukuthi lubuthakathaka noma luqinile.

Kuyasiqeqesha futhi. UJesu “wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho.” (Heberu 5:8) Nathi singafunda ukulalela, kanye nokuncika kuJehova, uma sikhuthazela ngaphansi kovivinyo. Futhi lenqubo yokufunda iyoqhubeka ize ipheleliswe, njengoba uPetru asho: “UNkulunkulu . . . uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla.”—1 Petru 5:10.

Nokho, uma siyekethisa ngaphansi kovivinyo, sizibonakalisa singamagwala noma sibuthakathaka, sintula uthando oluqinile ngoJehova nangokulunga noma sintula ukuzithiba. Noma yibuphi ubuthakathaka obunjalo bufaka ubuhlobo bethu noNkulunkulu engozini enkulu. Ngempela, isixwayiso sikaPawulu singaba iqiniso endabeni yethu: “Uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono.” (Heberu 10:26) Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukungoni kwasekuqaleni kunokuzivumela unqotshwe ubuthakathaka futhi ube sengozini yokulahlekelwa yilo lonke ithemba lokuphila!

Ubuqotho Obungenamibandela

Ezinsukwini zomprofethi uDaniyeli, amaHeberu amathathu asongelwa ngokufa emlilweni uma engakhulekeli isithombe. Aphendula kanjani? “Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi. Kepha noma kungenjalo, makwazeke kuwe-nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, singakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.”—Daniyeli 3:17, 18.

Athatha lokho kuma ngoba ayefuna ukwenza okulungile. Uma kwakuholela ekufeni kwawo, zazingalima ziy’ etsheni. Ithemba lawo lalisovukweni. Nokho, uma uNkulunkulu ewakhulula, lokho kwakuyoba ngcono nangokwengeziwe. Kodwa ukuma kwawo okuqinile kwakungenamibandela. Kufanele kube njalo ngaso sonke isikhathi ngezinceku zikaNkulunkulu.

Osukwini lwethu abanye abaye benqaba ukuyekethisa baye bavalelwa emajele, bahlukunyezwa, futhi babulawa ngisho nokubulawa. Abanye baye badela ngisho izinto ezibonakalayo, bekhetha ukuhlala bempofu esikhundleni sokuceba ngokudela izimiso ezilungile. Kwenzekani ngowesifazane ongumKristu okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalesihloko? Wasazisa isisusa somusa nokho esidukile sikadokotela, kodwa akazange ayekethise okholweni lwakhe. Kunalokho, inhlonipho yakhe ngomthetho kaJehova yamholela ekwenqabeni lokho kuhlinzwa. Ngokujabulisayo, walulama futhi waqhubeka ngenkuthalo ekhonza uJehova. Nokho, lapho ethatha ukuma kwakhe, wayengazi ukuthi wawuyoba yini umphumela, kodwa wayekulungele ukushiya yonke lendaba ezandleni zikaJehova.

Yini eyamsiza ukuba ahlale eqine kangaka ngaphansi kokucindezela? Akazamanga ukuncika emandleni akhe siqu, futhi noma iyiphi inceku kaNkulunkulu akufanele yenze kanjalo. Khumbula, “uNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.” (IHubo 46:1) Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuphendukela kuNkulunkulu ukuze uthole usizo lapho ungaphansi kovivinyo kunokona bese uphendukela kuye ukuze uthole isihe!

Yebo, masingalokothi sisithathe kalula isihe esikhulu sikaNkulunkulu. Kunalokho, masihlakulele isifiso esiqotho sokwenza okulungile, ngisho nalapho sibhekene nobunzima. Lokhu kuyojulisa ubuhlobo bethu noJehova, kusinikeze ukuqeqeshwa esikudingayo ukuze sithole ukuphila okuphakade, futhi sibonise inhlonipho efanele ngesihe sikaNkulunkulu. Inkambo enjalo yokuhlakanipha iyoletha injabulo enhliziyweni kaBaba wethu osezulwini.

[Isithombe ekhasini 24]

Ithemba eliphelele ovukweni lasiza amaHeberu amathathu ukuba agcine ubuqotho