Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe amazwi athi “uphiwe umoya,” atholakala kweyoku-1 Korinte 14:37 (NW), asho ukuthi umuntu uye wathola umoya ongcwele ngomqondo wokuba ngogcotshiwe, noma ingabe asho ukuthi unesipho esimangalisayo somoya?

Kuyi-New World Translation of the Holy Scriptures, lelivesi lifundeka kanje: “Uma umuntu ecabanga ukuthi ungumprofethi noma uphiwe umoya, makaqaphele lezizinto enginilobela zona, ngoba zingumyalo weNkosi.”—1 Korinte 14:37.

Umfundi angase athathe lamazwi athi “uphiwe umoya” njengabhekisela eqinisweni lokuthi amaKristu ekhulu lokuqala azalwa ngomoya futhi aba ngamadodana kaNkulunkulu angokomoya. Noma lamazwi angase aqondwe ngokuthi asebenza kumuntu oye wathola isipho esikhethekile somoya ongcwele. Incazelo eshiwo kamuva cishe yiyona enembile, njengoba umongo wendaba ubonisa.

Umphostoli uPawulu lapha wasebenzisa igama lesiGreki elithi pneu·ma·ti·kosʹ, ngokuyinhloko elisho ukuthi “okuphathelene nomoya, okungokomoya.” Izibonelo zalo zisetshenzisiwe kulezincazelo “umzimba ongokomoya,” “isibusiso esingokomoya,” “ukuqonda okungokomoya,” ‘nendlu engokomoya.’—1 Korinte 15:44; Efesu 1:3; Kolose 1:9; 1 Petru 2:5, NW.

Kulezozimo, iBhayibheli liphawula inhloko (umzimba, isibusiso, ukuqonda, indlu) echazwa elithi “ongokomoya.” Kodwa kwezinye izimo, umqondo nokuhunyushwa okufanelekile kwelithi “ongokomoya” kumelwe kunqunywe umongo wendaba. Ngokwesibonelo, eyoku-1 Korinte 2:14, 15 iqhathanisa isimo sengqondo somuntu ongokwenyama nese-ho pneu·ma·ti·kosʹ, ngokunengqondo elisho “umuntu ongokomoya.”

Izahluko 12 kuya ku-14 zeyokuqala kweyabaseKorinte zigxile eziphweni ezimangalisayo zomoya ongcwele. Lezi uNkulunkulu wazinikeza amanye amaKristu okuqala ukuze abonakalise ukuthi wayengasasebenzisi u-Israyeli ongokwemvelo kodwa manje wayesebusisa amaKristu ‘angu-Israyeli kaNkulunkulu.’ (Galathiya 6:16) Mayelana nalezipho, uPawulu wabhala: “Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowoMoya.” (1 Korinte 12:4) Ukuhlakanipha, ulwazi, nokholo olukhethekile kwakuphakathi kwezipho zomoya njengoba kwakunjalo ngokuprofetha, ukukhuluma ngezilimi, nokuhunyushwa kwezilimi.—1 Korinte 12:8-11.

AmaKristu aseKorinte uPawulu ayewabhalela ayegcotshwe ngomoya ongcwele kaNkulunkulu. UPawulu wathi: “Kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.” (1 Korinte 6:11; 12:13) Yebo, wonke athola “isibonakaliso salokhu okwakuza, okungukuthi, umoya.” (2 Korinte 5:5, NW) Nokho, akuwona wonke ayethole isipho esikhethekile ngomoya ongcwele. Futhi kubonakala ukuthi amaningi ayehlatshwa umxhwele ukukhuluma ngezilimi, enikeza lesipho ukubaluleka okungafanele. UPawulu wabhala ukuze alungise ukucabanga kwawo futhi waphawula ukuthi izilimi zazingezuzuzisa abantu abaningi njengesipho sokuprofetha. Ekuphetheni kwesahluko 12, uPawulu waluleka abaseKorinte: “Zondelelani iziphiwo ezinkulu.”—1 Korinte 12:28-31.

Khona-ke, ekuqaleni kwesahluko 14, wanxusa: “Jongani uthando, futhi [qhubekani nifuna ngentshiseko] [ta pneu·ma·ti·kaʹ], ikakhulu ukuba niprofethe.” Afuneni? LawomaKristu kwakungadingekile ukuba afune ukugcotshwa ngomoya, ngoba kakade ayesegcotshiwe. Ngokunengqondo uPawulu wayesho “izipho” zomoya, lezo, ekugcineni kwesahluko 12, awakhuthaza ukuba azifune. Yingakho, i-New World Translation of the Holy Scriptures ihumusha eyoku-1 Korinte 14:1 ngalendlela: “Qhubekani nifuna ngentshiseko izipho ezingokomoya.” Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zihumusha elithi ta pneu·ma·ti·kaʹ ngokuthi “izipho ezingokomoya” noma “izipho zoMoya.”

Sinalowomqondo, siyaphawula ukuthi ngasekupheleni kwesahluko 14, uPawulu uhlanganisa ukuprofetha ne-pneu·ma·ti·kosʹ. Njengasevesini lokuqala, umongo usikisela ukuthi uPawulu wayesho ukuphiwa umoya. I-New Testament in Modern Speech, ka-R. F. Weymouth, ihumusha ngalendlela: “Uma umuntu ethi ungumprofethi ngokwakhe noma ungumuntu onezipho ezingokomoya, makaqaphele njengomyalo weNkosi lokhu engikulobayo manje.”

Yebo, wonke amaKristu, kungakhathaliseki ukuthi ayenesipho sokuprofetha noma yisiphi esinye isipho somoya, kwakudingeka ukuba amukele futhi alalele leseluleko uPawulu asibhala ngokuphathelene nendlela izinto okwakufanele zenzeke ngayo ebandleni.