Inkinga Yokufunda Ukulinda
Inkinga Yokufunda Ukulinda
UKUFUNDA ukulindela izinto esizifunayo cishe kungesinye sezifundo ezinzima kakhulu okulindeleke ukuba thina bantu sizamukele. Abantwana abancane abakwazi ukubekezela ngokwemvelo. Noma yini abayibonayo, bayayifuna, futhi bayifuna manje! Kodwa njengoba ungase wazi kokuhlangenwe nakho, kuyiqiniso elingenakuphikwa ukuthi akukhona konke okufunwa ngenkani okutholakalayo. Ngisho nasendabeni yezifiso ezifanelekile, kumelwe sifunde ukulindela isikhathi esifanelekile sokuzanelisa. Abaningi bayasifunda lesifundo; abanye abasifundi.
Abantu abafuna ukuzuza ukwamukelwa kwaphezulu banezizathu ezikhethekile zokufunda ukulinda. UJeremiya, inceku kaJehova yangaphambi kobuKristu, wakugcizelela lokhu: “Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthula ukusindisa kukaJehova.” Kamuva, umfundi ongumKristu uJakobe wathi: “Ngakho bekezelani, bazalwane, ize ifike iNkosi.”—IsiLilo 3:26; Jakobe 5:7.
UJehova unohlelo lwakhe siqu lwezikhathi lokuphelelisa izinjongo zaphezulu. Uma singenakukwazi ukulinda kuze kube isikhathi sakhe esifanele ukuba enze izinto ezithile, siyoba abanganelisekile, okuyoqeda injabulo. Ngaphandle kwenjabulo inceku kaNkulunkulu iyoba buthakathaka ngokomoya, njengoba uNehemiya atshela abantu bezwe lakubo: “Injabulo eNKOSINI ingamandla akho.”—Nehemiya 8:10, The New English Bible.
Ukuhlakanipha Kokufunda Ukulinda
Kuyisifiso esingokwemvelo ngabantu abangashadile ukuba bafune ukushada noma ngemibhangqwana engenabantwana ukuba ifune ukuba nabantwana. Ngaphezu kwalokho, akukho okungalungile ngokugxilisa ukunakekela kwethu ekwaneliseni izidingo noma izifiso ezifanelekile zezinto ezibonakalayo. Nokho, ngenxa yokukholelwa ukuthi izinsuku zalesimiso sezinto zibaliwe nokuthi esimisweni esisha esizayo uNkulunkulu ‘uyovula isandla sakhe, asuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo,’ amaKristu amaningi aye anquma ukulindela ukugcwaliswa kwezinye zalezifiso ngesikhathi esifaneleka kakhudlwana.—IHubo 145:16.
Nokho, abantu abangenalo lelithemba lobuKristu elinesisekelo esiqinile, ngeke basibone isizathu sokuhlehlisa izinto. Bentula ukholo kuJehova, okuvela kuye “izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo,” bangabaza ukuhlakanipha kokuhlehlisela izinto esikhathini esizayo abangabaza nokuthi siyoke sifike. Baphila ngalesiqubulo: “Masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.”—Jakobe 1:17; 1 Korinte 15:32; Isaya 22:13.
Emazweni athuthukile ibhizinisi lokukhangisa likusebenzisa ngokunenzuzo ukuthambekela okusobala kokuzijabulisa okusheshayo. Abantu bakhuthazwa ukuba bazitike. Ezohwebo zisenza sikholelwe ukuthi izinto zesimanje nokunethezeka
ukuphela kwezinto ezidingekayo. Ingabe sikhona isizathu sokungabi nakho konke lokhu, kuyabuzwa, ikakhulukazi lapho amakhadi okuthenga ngesikweleti, izimiso zokukhokha kancane kancane, nezimiso zokuthi “thenga manje—ukhokhe kamuva” zenza kube nokwenzeka ukuba nakho konke futhi manje? Ngaphandle kwalokho, ‘uFanelwe okungcono kakhulu; zizwele! Khumbula, ungase ukujabulele manje noma ungakujabuleli nhlobo!’ Zisho kanjalo-ke iziqubulo ezithandwayo.Okwamanje, amashumi ezigidi zabantu emazweni asathuthuka aphila ngokwalokho anakho okwanele—noma ngisho nangaphansi. Ingabe kukhona noma yini engagcizelela ngokucace kakhudlwana ukungapheleli nokungabi nabulungisa kwezimiso zezombangazwe zabantu nezomnotho?
Ukuhlakanipha kokufunda ukulinda kubonakala ngokuthi izigidi zabantu ezingazimisele ukulinda—noma okungenani ezingasiboni isizathu sokwenza kanjalo—ziye zangena shí esikweletini sokufuna ukwanelisa izifiso ngokushesha. Izimo ezingalindelekile, njengokugula noma ukungasebenzi, zingasho inhlekelele. Iphephandaba laseJalimane i-Frankfurter Allgemeine Zeitung lachaza isizathu esenza ukuba abantu okubikwa ukuthi bayisigidi eJalimane bangabi namakhaya: “Ngokuvamile, ukungabi namakhaya kwandulelwa ukungasebenzi noma izikweleti ezinkulu.”
Njengoba bengakwazi ukukhokha izikweleti zabo, abantu abaningi abanjalo babhekana nokulahlekelwa okukhulu kwakho kokubili ikhaya nempahla. Ngokuvamile, ukucindezela okwandayo kulethela umkhaya ukucindezeleka. Imishado entengantengayo iqala ukuwohloka. Izinkathi zokucindezeleka nezinye izinkinga zempilo ziba yinsakavukela. KumaKristu, ingokomoya lingalimala, kamuva okungaholela emcabangweni ongalungile nasekuziphatheni okungafanele. Abantu abaqala ngokufuna ngobuwula yonke into cishe bagcina bengasenalutho.
Kwabaningi, Inselele Entsha
UJesu wakwenza kwacaca ukuthi kufanele siqaphele funa ‘iminako yalesisikhathi, nokukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto kungene kuliminyanise izwi.’ (Marku 4:19) Kufanele sikhumbule ukuthi akukho simiso sezombangazwe esiye sazisusa ngokuphumelelayo izinkathazo, kuhlanganise nezomnotho, lezo uJesu akhuluma ngazo.
UbuKhomanisi amazwe aseMpumalanga Yurophu manje asebulahlile buye bazama ukulinganisa izinto ngomnotho olawulwa uHulumeni. Ngokuphambene nesimiso sokuhweba ngokukhululekile, isimiso sangaphambili sanikeza abantu kulawomazwe isilinganiso esithile sokulondeka kwezomnotho lokho ngokuvamile isimiso sokuzisebenzela esihlulekayo ukukunikeza. Nakuba kunjalo, izinkathazo uJesu akhuluma ngazo ziye zaba khona zisesimweni sokuntuleka kwezinto zokwanelisa izidingo zabantu nokuncishiswa kwenkululeko yomuntu siqu.
Okwamanje, amaningi alawomazwe angenisa isimiso sezomnotho nokuhwebelana, ngaleyondlela elethela izakhamuzi zawo inselele entsha. Umbiko wamuva nje uthi: “Ukuntula ikhono kuhlobene nesifiso sokufinyelela ngokushesha izinga lamazwe asempumalanga lokusebenzisa izinto.” Ukuze lifinyelele lokhu “inani elikhulayo labantu e-Länder entsha empumalanga Jalimane lingena shí ezikweletini elingasoze laphuma kuzo.” Lombiko uyanezela: “Ngemva kokuba isasasa lokuqala ngenkululeko entsha yezomnotho seliphelile, manje ukwesaba nokuphelelwa ithemba kuyanda.” Lesimiso sobukhomanisi sishintshelwe esimisweni sokuzisebenzela, kodwa izinkathazo zisekhona.
Inkululeko eyengeziwe yezombangazwe nezomnotho ivule amathuba amasha okuthuthukiswa kwezomnotho. Nokho, abantu abaningi bangalingelwa ukuba bacabange ngokungathi sína ngomqondo wokuqalisa amabhizinisi abo siqu noma wokuthuthela kwelinye izwe elinamathuba angcono emisebenzi.
Izinqumo ezifana nalezi ziyindaba yomuntu siqu. Akukhona okungalungile ngomKristu ukufuna ukuthuthukisa izimo zakhe zezomnotho. Angase ashukunyiswe isifiso sokufuna ukunakekela umkhaya wakhe, eqaphela ukuthi “uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu 1 Thimothewu 5:8.
abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.”—Ngakho-ke, akufanelekile ukugxeka isinqumo abanye abasenzayo. Ngesikhathi esifanayo, amaKristu kufanele akhumbule ukuthi akuhlakaniphile ukufuna ukukhululeka ezinkingeni zezomnotho ngokuzidalela isikweleti eseqile esingawafaka ogibeni. Kungaba okungafanele ngokufanayo ukufuna ukukhululeka ezinkingeni zezomnotho ngendlela ehilela ukudebesela imithwalo yemfanelo nezithakazelo ezingokomoya.
Ukufunda Kwabanye
Eminyakeni eyalandela iMpi Yezwe II, izinkulungwane zamaJalimane zafuduka zisuka eYurophu ekhungethwe yimpi ziya kwamanye amazwe, ikakhulukazi e-Australia naseCanada. Abaningi bakwazi ukuthuthukisa isimo sabo sezomnotho, kodwa akekho noyedwa kubo owakwazi ukuzibalekela ngokuphelele izinkathazo zezomnotho uJesu akhuluma ngazo. Ukuxazulula izinkinga zezomnotho ngezinye izikhathi kwakudala izinkinga ezintsha—ukukhumbula ekhaya, ulimi olungaziwa, ukujwayela ukudla okusha, imikhuba ehlukile, ukuzivumelanisa nabangane abasha, noma ukubhekana nezimo zengqondo ezihlukile.
Abanye balabafuduki babengoFakazi BakaJehova. Ngokutusekayo, abaningi babo bakwenqaba ukuvumela izinkinga ezihambisana nokufuduka ziminyanise ingokomoya labo. Kodwa zazikhona izimo ezihlukile. Abanye baba yizisulu zamandla engcebo akhohlisayo. Intuthuko yabo engokwasezulwini yehluleka ukuhambisana nenhlalakahle yabo yezomnotho.
Ngokuqinisekile lokhu kubonisa ukuhlakanipha kokuhlaziya ngokunakekela isimo sethu ngaphambi kokwenza izinqumo okungenzeka azihlakaniphile. Ukuthambekela ngasezintweni ezibonakalayo kuyosenza ukuba sifeze okuncane kakhulu kulomsebenzi wokwenza abafundi ongenakuphinde wenziwe lowo amaKristu abelwe ukuba awenze. Lokhu kuyiqiniso kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi, njengoba kungekho-zwe elizakhamuzi zalo zikhululekile ezinkathazweni zezomnotho.
Ukulwa Ukulwa Okuhle
UPawulu waluleka uThimothewu: “Jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene. Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho.” KumaKristu aseKorinte wathi: “Yibani-ngabagxilile, 1 Thimothewu 6:11, 12; 1 Korinte 15:58.
abangaxegiyo, abavamé njalo emsebenzini weNkosi.”—Ukulalela lesiseluleko esihle kuyindlela engcono kakhulu yokulwisana ngokuphumelelayo nokuthanda izinto ezibonakalayo, futhi ngokuqinisekile kunokuningi umKristu angakwenza! Kwamanye amazwe lapho inani labashumayela ngoMbuso lilincane khona, kuye kwaba nzima kakhulu ukufinyelela abantu abaningi ngeqiniso. UJesu wabikezela ngokunembile: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana.”—Mathewu 9:37.
Kunokuba bavumele izinkathazo zezomnotho kulamazwe ukuba zibaphambukise emsebenzini ongokomoya abawenzayo, oFakazi BakaJehova babamba wonke amathuba abawatholayo ngokusisebenzisa ngokunenzuzo isimo ababhekana naso manje. Lapho bengasebenzi okwesikhashana, abaningi babo bandisa umsebenzi wabo wokushumayela. Ngaphandle kokuletha udumo kuJehova, inkonzo yabo ibanikeza injabulo edingekayo ukuze babhekane nezinkinga zabo siqu zezomnotho.
LaboFakazi banikeza umsebenzi wokushumayela indawo yokuqala futhi benze ukucindezela kwezomnotho kuze kamuva, okuyisibonakaliso sobuzalwane bomhlaba wonke sokuthi bathembela ngokuphelele kuJehova ukuba abanakekele. Isithembiso sakhe yilesi: “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.”—Mathewu 6:33.
Kusukela ekubuyiselweni kokukhulekela kweqiniso ngo-1919, uJehova akazange abavumele abantu bakhe ukuba baphele amandla. Uye wabavikela phakathi noshushiso olunzima futhi ezindaweni ezithile phakathi namashumi amaningi eminyaka yokusebenza ngomshoshaphansi. OFakazi BakaJehova bayaqiniseka ngokuthi lokho uDeveli aye wehluleka ukukufeza ngoshushiso, ngeke akufeze ngogibe olunobuqili ngokwengeziwe lokuthanda izinto ezibonakalayo!
Ukufunda Ukulinda Kuzo Zonke Izici
AmaHholo OMbuso amakhulu, imishini ebizayo yokukhulisa izwi, amaHholo EMihlangano, namakhaya aseBethel akhangayo kuletha udumo kuNkulunkulu futhi kunikeza ubufakazi buthule bokuthi ubusisa abantu bakhe. OFakazi BakaJehova emazweni lapho umsebenzi wawuvinjelwe khona isikhathi eside bangase babe nomuzwa wokuthi kumelwe benze okwengeziwe kulokhu ukuze bafinyelele izinga elifanayo nelakwamanye amazwe. Kodwa okubaluleke kakhulu kuwukuba baqhubeke bethuthuka ngokomoya. Ukubonakaliswa okusobala kwesibusiso sikaNkulunkulu ngezinto ezibonakalayo kuyolandela ngesikhathi esifanele.
Izinceku zikaJehova ezizinikezele zidinga ukuqapha ekuphishekeleni kwazo izithakazelo zomuntu siqu, funa zibe nomuzwa wokuthi seziphile isikhathi eside ngokwanele zingenazo izinto ezibonakalayo. Ukufisela inkululeko ekucindezelekeni okungokomnotho nokungokwenhlalo kuyaqondakala, kodwa abantu bakaJehova abakushayi indiva ukuthi zonke izinceku zikaNkulunkulu zifisela inkululeko. Izimpumputhe zifisela ukuphinde zibone, abaphethwe ukugula okungamahlalakhona bafisela impilo ebuyiselwe, abacindezelekile bafisela ikusasa elikhazimulayo, futhi abafelwe bafisela ukuphinde babone abathandekayo babo abafile.
Ngenxa yezimo, umKristu ngamunye uphoqelekile ngandlela-thile ukuba alindele izwe elisha likaJehova ukuba lixazulule izinkinga zakhe. Lokhu kufanele kusenze sizibuze, ‘Uma nginokudla nezambatho, ingabe akufanele nganeliswe yilezizinto futhi ngizimisele ukulindela ukukhululeka ezinkingeni zezomnotho?’—1 Thimothewu 6:8.
AmaKristu athembela kuJehova ngokugcwele angaqiniseka ukuthi uma nje ezimisele ukulinda, zonke izifiso nezidingo zawo ezifanelekile ziyokwaneliswa ngokushesha. Akekho oyobe elindele ize. Siyawaphinda amazwi kaPawulu: “Yibani-ngabagxilile, abangaxegiyo, abavamé njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.”—1 Korinte 15:58.
Ngakho ingabe ukufunda ukulinda kufanele ngempela kube inkinga enkulu kangako?
[Isithombe ekhasini 10]
Ukufunda ukulinda kungasindisa ukuphila kwakho