Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izwe Elingenawo Amasela

Izwe Elingenawo Amasela

Izwe Elingenawo Amasela

KWENZEKA ngokushesha okumangalisayo. Indoda egqoke kahle yabeka ivolovolo ekhanda lika-Antônio * phambi komuzi wakhe eSão Paulo, eBrazil, yafuna ngenkani izihluthulelo nezincwadi eziqinisekisa ukuba ngumnini wemoto, futhi ngokushesha yashaya yachitha.

ERio de Janeiro, amadoda amane ahlome aphelela avimbezela indoda okuthiwa uPaulo phambi kwendodakazi yayo eneminyaka eyishumi ubudala. Khona-ke, ngemva kokuya emzini wayo, labaphangi bangena futhi beba konke ababekufuna, bagcwalisa izimoto ezimbili zikaPaulo. Besongela umkaPaulo ngokufa, bamthumba kanye nesisebenzi babayisa esitolo sikaPaulo esisendaweni yamabhizinisi esithengisa izinto zokuhloba eziyigugu, abathatha kuso zonke izinto eziyigugu. Nokho, ngokungalindelekile lamasela kamuva ashaya ucingo, esho ukuthi ayezishiyephi izimoto.

Yeka indlela okudumaza ngayo ukuphangwa imali nempahla esetshenzelwe kanzima! Nakuba u-Antônio noPaulo bengazange bakwenze, abanye bazithathela ngokwabo izinyathelo ngaphandle kokusebenzisa izindlela ezingokomthetho. Bangase babulale noma bakhubaze isela, noma bangase balahlekelwe ukuphila kwabo siqu. Ngokwesibonelo, lapho osemusha ehlwitha iwashi lakhe, owesifazane othukuthele waseBrazil wakhipha ivolovolo esikhwameni sakhe futhi wadubula lelisela, walibulala. Waba yini umphumela? I-Estado de S. Paulo iyabika: “Abantu ababona lesisenzakalo basidumisa kakhulu isimo sengqondo salowesifazane ongaziwa, futhi akekho owayefuna ukusiza amaphoyisa ukuba amthole.” Nakuba efisela izwe elingenawo amasela, amaKristu awaziphindiseleli njengoba kwenza lowesifazane. Njengoba impindiselo ingekaNkulunkulu, amaKristu alalela amazwi akuzAga 24:19, 20 athi: “Ungazikhathazi ngabenza okubi, ungabi-namhawu ngamashinga. Ngokuba omubi akayikuba-namvuzo.”

Kodwa uma uhlaselwa, yini ongayenza? Isenzakalo saseRio de Janeiro sibonisa indlela ukuzotha okubaluleke ngayo. UmKristu, uHeloísa, wayehamba ngebhasi eyoqhuba isifundo seBhayibheli. Amadoda amabili aqala ukuphanga abagibeli. Lapho efika esitobhini okwakumelwe ehle kuso, uHeloísa wawatshela ukuthi wayengomunye woFakazi BakaJehova nokuthi wayeyoqhuba isifundo seBhayibheli. Waveza iBhayibheli lakhe nensiza-kufundisa. Ngaphandle kokumphanga, lamasela amvumela ukuba ehle. Nokho, omunye umgibeli akazange avunyelwe ukuba ahambe. Kamuva umshayeli wathi wayengakaze akubone okufana nalokhu.

URegina ngokufanayo wazotha lapho amadoda amabili ayehlomile emphoqa ukuba angene emotweni yakhe. Ewabonisa ikhophi yakhe siqu kamagazini i-Phaphama!, uRegina wanikeza ubufakazi. Njengoba labaphangi babethukile, wabacela ukuba bavule i-glove compartment ayefake kuyo amaswidi ambalwa. Kodwa bebona amakhasethi ama-Kingdom Melodies, baqala ukulalela lowomculo. Njengoba isimo sase sinobungane ngokwengeziwe, labaphangi banquma ukushiya uRegina emgwaqweni omkhulu engalimele, bemqinisekisa ukuthi wayezothola umuntu onomusa owayezomsiza. Ngemva kokuhamba imizuzu eyishumi, wathola indlu, kodwa umninikhaya akazange ayikholelwe indaba yakhe, ethi: “Akubonakali ukuthi uke wahlaselwa; awuve uzothile.”

Nakuba isisulu singase singalinyazwa ngokomzimba, ukucindezeleka okunjalo kwemizwa kungabangela imiphumela yakamuva engathi sína. ‘Isisulu singase sizizwe singalondekile, sizonde amalungu omkhaya noma labo abazama ukusisiza, singakwazi ukuthemba abanye, sizigcine simatasa ngokuhlela imininingwane ethile, sinomuzwa wokuthi izwe alinabo ubulungisa,’ kubika i-Estado de S. Paulo. Ngokuphambene, isisulu esithembela kuJehova uNkulunkulu cishe singasinda kulokhu okuhlangenwe nakho singalimalanga ngokomzimba nangokomzwelo. Nokho, awuvumi yini ukuthi bekuyoba isibusiso uma ubugebengu bungasekho nanoma yini enye ebangela ukwesaba?

“Owebayo Angabe Eseba”

Nakuba abaningi bekhetha indlela yabo yokuphila yobugovu, iZwi likaNkulunkulu liye lasiza amasela ukuba ashintshe izifiso zawo nobuntu bawo. (Efesu 4:23) Enenjongo engokoqobo ekuphileni, esekelwe eBhayibhelini, alalela lamazwi: “Okuncane kanye nokulunga kungcono kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.” (IzAga 16:8) UCláudio uyalandisa: “Cishe bonke emkhayeni wakithi babengoFakazi, kodwa angikaze ngikulalele ababekusho ngoJehova nezinjongo zakhe. Lapho ngibuya ohambweni [olungamakhilomitha acishe abe ngu-2 000] ngeloli lokuthwala izimpahla elebiwe, kwakumelwe ngidlule ezindaweni eziningi zamaphoyisa akanisele ukuhlola. Phakathi nalenqubo ngaqaphela ukuthi kwakumelwe ngishintshe ukuphila kwami. Ngangizamile ukwenza lokho ngaphambili kodwa ngahluleka. Ngalesisikhathi ngaqala ukucabanga ngezihlobo zami ezingoFakazi BakaJehova nendlela ezihluke ngayo, zinenjabulo, ukwenama, nokuthula.” Ngenxa yalokho, uCláudio waqala ukutadisha iZwi likaNkulunkulu, wayeka izidakamizwa nabangane bakhe bangaphambili, futhi waba yisikhonzi esingumKristu.

Nabanye manje balalela lamazwi: “Maningakwethembi ukuqhwaga, ningazigabisi ngokuphangiweyo.” (IHubo 62:10) Ngemva kwesigwebo sasejele ngenxa yokuzama ukubulala phakathi nokuphanga, uJosé, umlutha nomshushumbisi wezidakamizwa, wazuza ekutadisheni iBhayibheli nomlamu wakhe. Wayeka izidakamizwa futhi manje unguFakazi oshisekayo.

Nokho, ubuntu obusha abuzi ngokushesha noma ngokuzenzekelayo. U-Oscar, owayehileleke kakhulu ekusebenziseni izidakamizwa nokweba, uyalandisa: “Ngathandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni ngikhala ezimathonsi.” Yebo, ngaphandle kokutadisha iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo, kudingeka umthandazo ophikelelayo, osuka enhliziyweni. Phawula ukuhlakanipha kulombono womthandazo: “Unganginiki ubumpofu nengcebo, kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo, funa ngisuthe, ngikuphike ngithi: UJehova ungubani na? funa ngibe-mpofu, ngebe, ngilone igama likaNkulunkulu wami.”—IzAga 30:8, 9.

Izithakazelo zomuntu siqu kumelwe zithathelwe indawo uthando oluqinile: “Owebayo angabe eseba, kepha kunalokho akhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe-nokokwabela osweleyo.” (Efesu 4:28) Njengasendabeni yamaKristu ekhulu lokuqala ngaphambili ‘ayengamasela noma abantu abahahayo,’ uJehova, ngesihlengo sikaJesu Kristu, ubathethelela ngomusa labo abaphendukayo. (1 Korinte 6:9-11) Yeka indlela okududuza ngayo ukuthi kungakhathaliseki isimo sethu sangaphambili, singayishintsha indlela yethu yokuphila futhi sizuze umusa kaNkulunkulu!—Johane 3:16.

Ukulondeka Ezweni Elisha LikaNkulunkulu

Cabanga ngomhlaba ongenawo amasela. Ngeke udinge isimiso esibizayo sabahluleli, abameli, amaphoyisa, nesamajele sokuqinisekisa ukuthi imithetho igcinwa ngokufanelekile! Kuyoba yizwe elichumayo lapho wonke umuntu eyohlonipha abanye nempahla yabo! Ingabe lokho kubonakala kungakholeki? Ingabe uNkulunkulu uyongenela ngempela ezindabeni zesintu futhi aqede ukungabi-namthetho? Sikumema ukuba uhlole ubufakazi bokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu nokuthi iziprofetho zalo zinokwethenjelwa. Uyothola isisekelo esiqinile ethembeni lokuthi ushintsho luseduze. Akekho ongavimbela uNkulunkulu ekuletheni ukukhululeka okuthenjiswe bonke abathanda ukulunga: “Ungazikhathazi ngababi, ungabi-namhawu ngabenza okungalungile. Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani, babune njengemithana eluhlaza.” (IHubo 37:1, 2) Lawomazwi abhalwa kudala ngokushesha azogcwaliseka ngokuphelele.

UMbuso kaNkulunkulu uyoqeda usizi nokungalungi, okubangela ukungabi nathemba ngokungaqiniseki okukhulu. Akekho oyoswela, ezizwa ephoqelekile ukuba ebe. Lesiprofetho siyaqinisekiswa: “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni [yasendulo]; abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.” (IHubo 72:16) Ngempela, ePharadesi elibuyiselwe, akukho okuyophazamisa ukuthula kwabantu abazi nabakhulekela uNkulunkulu weqiniso.—Isaya 32:18.

Yeka umvuzo lokho okuyoba yiwo uma senqabe izindlela zalelizwe elinobugovu! IzAga 11:19 zithi: “Oqinile ekulungeni uyakuphila, kepha olandela okubi, kuyakuba-ngukufa kwakhe.” Yebo, ngemva kokuba ababi bechithiwe, akekho oyoba nesizathu sokwesaba ukubulawa noma ukwebelwa impahla yakhe. IHubo 37:11 lisinikeza lesithembiso: “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Amanye amagama ashintshiwe.

[Ibhokisi ekhasini 5]

Ukubhekana Neqiniso Lokweba

EKHAYA—Njengoba amasela engahlasela umuzi wakho kungakhathaliseki ukuthi ukhona noma awukho, gcina iminyango ivaliwe futhi ihluthulelwe. Izazi zitusa ukuba kube nama-alarm noma inja yokuqapha. Yazisa umakhelwane onokwethenjelwa uma uzobe ungekho useholidini. Zotha—abaphangi basabela ngokushesha, ngokungalindelekile, futhi bangashintsha amasu ngokushesha uma benovalo. Uma ungomunye woFakazi BakaJehova, zazise futhi uzame ukunikeza ubufakazi. Ungakwazi ukuthola ubungane noma uzwela. Ungadlubulundeli ngaphandle kwalapho uhlaselwa ngokomzimba.

EMPHAKATHINI—Shesha uqaphele lapho kunomuntu okulandelayo. Hamba maphakathi nendlela yabahamba ngezinyawo. Gwema imigwaqo emnyama nengahanjwa muntu. Gcina isikhwama sakho semali noma amagugu elondekile. Hamba ngokushesha ungadonsi izinyawo. Gwema ukwembatha izingubo ezibizayo noma izinto zokuhloba ezikhazimulayo. Lapho uthenga yiba nomngane uma izimo zibizela lokho. Phatha imali oyidingayo kuphela, uyifake ezikhwameni noma ezindaweni ezihlukahlukene.

EMOTWENI—Uma “ukwephucwa imoto” kuye kwaba okuvamile endaweni ohlala kuyo, ungahlali emotweni yakho epakiwe. Shintsha izindlela ohamba ngazo lapho uya noma ubuya emsebenzini. Thatha indlela elondeke ngokwengeziwe, ngisho nakuba iyinde ngandlela-thile. Ngaphambi kokuba upake, qalaza ndawo zonke ukuze ubone ukuthi akukho yini okubonakala kusoleka. Gwema ukuvula ibhuthi endaweni engahanjwa muntu. Ungashiyi izinto eziyigugu zibonakala emotweni. Iketanga elibonakalayo elihluthulelwe noma enye indlela yokuvimbela ukweba ingawathena amandla amasela eba ngezikhathi ezithile.

[Ibhokisi ekhasini 6]

“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe.”—Mathewu 6:19, 20