Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Ukweba Kwanda?

Kungani Ukweba Kwanda?

Kungani Ukweba Kwanda?

KUSERIO DE JANEIRO—ngeSonto, ngo-October 18, 1992. Izingu zobhukuda ezidumile zaseCopacabana nase-Ipanema zigcwele izixuku. Ngokushesha, amaviyo entsha ahlasela kulezingu, elwa wodwa futhi eba noma yini eyigugu kulabantu abasogwini. Amaphoyisa ambalwa ami eduze—ayabukela engenakusiza. Ezakhamuzini nezihambi ezibuka izwe, yisenzakalo esihlasimulisayo ilanga libalele.

Ngempela, ubugebengu obuhilela impahla buye baba insakavukela. Emadolobheni amakhulu, amasela aye aphanga intsha—ngezinye izikhathi aze ngisho ayibulale—ukuze athole amateki ayo. Amasela agqekeza emakhaya abantu kungakhathaliseki ukuthi bakhona noma cha. Ngemva kokuba sezilifunde kahle ikhaya, izisebenzi zasemakhaya ezingathembekile zeba izinto zokuhloba nemali, bese ziyanyamalala. Izixuku ziphanga izitolo. Amaqembu ahleliwe eba ngisho nabantu, njengoba kuboniswa inani elikhulayo lokuthumba eBrazil. Futhi cishe unganikeza nezinye izibonelo zokuhlangenwe nakho kwakho siqu noma zalokho okuye kwenzeka emphakathini wangakini. Kodwa kungani kunokweba okungaka?

Kungani Abantu Beba?

Nakuba ukwanda kobumpofu nokusetshenziswa kwezidakamizwa kuyizizathu eziyinhloko, impendulo ayikabi sobala ngempela. I-New Encyclopædia Britannica iyaphawula: “Ukufunwa kwembangela eyodwa yobugebengu kuye kwayekwa ikakhulu ngoba kwakungaphumeleli.” Nokho, yona lencwadi isikisela ukuthi izinkinga ezinjalo ezinjengokweba “zibangelwa ngokuqondile imizwa yentsha yokungabi nalusizo nokuthukuthelela ukukhishwa inyumbazane empumelelweni yezinto ezibonakalayo nemivuzo yokuphila okuvamile.” Yebo, ngenxa yokucindezela okukhulu kakhulu kokuthenga, abaningi abayiboni indlela yokuthola izinto abazifisayo ngaphandle kokweba.

Nokho, ngokuthakazelisayo i-World Book Encyclopedia ithi: “Izinga lobugebengu lihlala lingaguquki uma kuqhathaniswa emiphakathini esadla ngoludala lapho abantu bakhona bekholelwa ukuthi indlela yabo yokuphila iyoqhubeka ingaphazanyisiwe. Amazinga obugebengu abonakala enyuka emiphakathini lapho kwenzeka khona izinguquko ezisheshayo ezindaweni abantu abahlala kuzo nasemikhakheni yokuziphilisa—nasemathembeni abanawo enhlalakahle yabo yesikhathi esizayo.” Le-encyclopedia iyanezela: “Abantu abasha banamathuba amancane kakhulu emisebenzi. Imisebenzi etholakalayo engafundelwe ibonakala icasula lapho iqhathaniswa nezinzuzo ezisheshayo nezijabulisayo ezitholakala ngokweba. Futhi intsha izimisele ngokwengeziwe ukuzifaka engozini yokuboshwa ngoba ukuphila kwayo akuyibeki engozini yokulahlekelwa izinto eziningi.”

Nokho, abaningi abangasebenzi noma abenza imisebenzi eholela kancane abebi, kuyilapho amanani amakhulu ezisebenzi zasehhovisi, nezisebenzi ezivamile eba ngokuphindaphindiwe izinto ezincane emsebenzini njengokungathi ziyingxenye yomholo wazo. Eqinisweni, ukuze umuntu enze imikhuba ethile yomgunyathi, kudingeka ukuba abe nesikhundla esithile kwezenhlalo. Awukaze yini uzwe ngamahlazo ahilela amanani amakhulu ezimali lapho labo abahilelekile kuyizazi zezombangazwe, izisebenzi zikahulumeni, nosomabhizinisi? Akungabazeki ukuthi akubona abampofu nje kuphela abebayo.

Futhi khumbula ukuthi ngokuvamile amabhayisikobho nezinhlelo ze-TV kwenza ihlaya ngokweba (ngisho neqhawe lingaba yisela), okwenza ukweba kwamukeleke ngokwengeziwe. Kuyavunywa, ukubuka izinto ezinjalo kungase kubizwe ngokuthi ukuzilibazisa, kodwa ngesikhathi esifanayo, izibukeli ziboniswa indlela yokweba. Ingabe akudluliselwa ngobuqili umqondo wokuthi kungenzeka ubugebengu buyazuzisa? Ngokungangabazeki, ubugovu, ubuvila, nomqondo wokuthi wonke umuntu uyakwenza ngaphandle kokujeziswa, konke kunengxenye ekwandeni kokweba. Ngokungenakuphikwa, siphila ‘ezikhathini ezinzima’ ezabikezelwa lapho ukuzikhathalela kobugovu nothando lwemali kuvame khona.—2 Thimothewu 3:1-5.

Ungebi

Naphezu kwezindinganiso zezwe ezisontekile, kubalulekile ukulalela lomyalo: “Owebayo angabe eseba.” (Efesu 4:28) Umuntu oyazisa ngokweqile ingcebo noma injabulo angase azikhohlise akholelwe ukuthi ukweba kukufanele ukuzifaka engozini. Kodwa ukweba kungokungathi sína emehlweni kaNkulunkulu futhi kubonisa ukuntula komuntu uthando ngomakhelwane wakhe. Ngaphandle kwalokho, ngisho nokweba okuncane kungaholela ekuthuntubezeni inhliziyo yomuntu. Futhi kuthiwani ngokubhekwa njengongathembekile? Ubani ongathemba isela? Ngokuhlakanipha, iZwi likaNkulunkulu lithi: “Makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenzokubi.”—1 Petru 4:15.

Ngokuqinisekile uyakulahla ukwanda kokweba, kodwa abantu abahlala ezindaweni ezikhungethwe ubugebengu babhekana kanjani nakho? Abanye ababengamasela esikhathini esidlule baye bayishintsha kanjani indlela yabo yokuphila? Ingabe ukweba kuyoke kuphele emhlabeni wonke? Siyakumema ukuba ufunde isihloko esilandelayo esithi, “Izwe Elingenawo Amasela.”