Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukushumayela Ezweni Elihlukahlukene

Ukushumayela Ezweni Elihlukahlukene

Ukushumayela Ezweni Elihlukahlukene

AMA-KANGAROO, ama-koala, ama-wombat, nama-platypus, i-Ayers Rock neGreat Barrier Reef—lawa amagama afika engqondweni lapho abantu becabanga nge-Australia. Nakuba kungase kumangalise, abantu abaningi base-Australia cishe abakaze bayivakashele i-Ayers Rock noma iGreat Barrier Reef noma babone i-koala, i-wombat, noma i-platypus kungaphandle kwepaki lezilwane. Isizathu siwukuthi amaphesenti angu-85 abantu bakulelizwe abayizigidi ezingu-17,3 bahlala emadolobheni, emadolobheni amakhulu ayisihlanu agudla ugu.

Lapho ushiya umngcele wogu ulibangisa enkabeni yezwe emakhilomitheni angu-200 noma ngaphezulu, ufika lapho kuqala khona indawo ezimele yodwa yasemaphandleni edumile yalelizwekazi. Isimo sezwe siyashintsha ekubeni amahlathi emvula namapulazi avundile sibe yindawo eshisayo, eyomile, nevulekile lapho kuhluma khona kuphela izihlahlana nezidindi zotshani. Nokho, kuyaphileka kulendawo yasemaphandleni. Amapulazi amakhulu ezimvu nezinkomo, ahlanganisa amakhilomitha-skwele angamakhulu amaningi. Uma uqhubekela ngaphakathi nenkaba yezwe kunezingwadule ezishisa zikhiph’ umkhovu etsheni, lapho abantu befa khona ngezinye izikhathi uma zingathathwa izinyathelo zokuqapha ezifanele.

Izindaba Ezinhle Ziyachuma

Kusesimweni esinjalo-ke lapho izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zishunyayelwa khona kulelizwe lase-Australia. Unyaka ngamunye izinkulungwane ziyasabela esithembisweni sikaJehova sezwe elisha elinokulunga. Ngonyaka wenkonzo odlule, inani labamemezeli boMbuso lafinyelela inani eliphakeme labangu-57 000, elicishe liphinde kabili inani leminyaka eyishumi edlule. Nakuba abamemezeli abaningi njengengxenye enkulu yomphakathi wakuleyondawo begcwele emadolobheni angasogwini, izindaba ezinhle nazo ziyachuma enkabeni yalelizwekazi.

Ukuze sithole amazwibela okuthi kunjani ukushumayela kulelizwe elikhulu elihlukahlukene, ake sihambe nombonisi wesigodi oyedwa kwabahlanu nomkakhe njengoba behambela amabandla athile ezindaweni ezingazodwa ezisemaphandleni. Uhambo lwabo luhlanganisa izwe eliseNtshonalanga Australia, ingxenye yezwe laseQueensland, kanye neSifundazwe saseNyakatho, indawo engaphezu kwamakhilomitha-skwele ayizigidi ezingu-4,7. Lokho kucishe kulingane neYurophu, ngaphandle kwezwe elaliyiSoviet Union.

Uhambo lwethu luqala ePerth, inhlokodolobha yaseNtshonalanga Australia. Kulelidolobha eliyisimanje elinabantu abayizigidi ezingu-1,2, sekunamabandla oFakazi BakaJehova angu-49. Ngaphandle kwamabandla akhuluma isiNgisi, kukhona akhuluma isiGreki, isiNtaliyane, isiPutukezi, neSipanishi, kanye namaqembu amancanyana ezinye izilimi. Kukhona nebandla elakhiwe abazalwane nodade boMdabu kuphela, abagxilisa imizamo yabo yokushumayela kulabantu bendabuko bakulelizwekazi. Iningi lalabantu abathobekile manje liyasabela esigijimini soMbuso. Kodwa zinjani izimo ezindaweni ezikude namadolobha amakhulu?

Uma sisuka ePerth sibhekisa amabombo enyakatho, kwelasePort Hedland, okungamakhilomitha angu-1 800, lapho umhlangano wesifunda uzoqhutshelwa khona. Iningi labakhona kwabangu-289 liye lahamba amakhilomitha aphakathi kwangu-200 nangu-700 ukuze libe khona lapha. Livela ezindaweni ezingazodwa lapho ibandla eliseduze kakhulu liqhele ngamakhilomitha angu-250 emigwaqweni yobhuqu embozwe amatshe acijile ngokuvamile aqhumisa amathayi ezimoto. Muva nje amabandla amathathu kulendawo aye akha amaHholo oMbuso, esebenzisa indlela yokwakha esheshayo.

AmaHholo Akhiwe Ngokushesha Ezindaweni Ezingazodwa

Yeka ukuthi kunomehluko ongakanani phakathi kokwakha iHholo LoMbuso kulezindawo nokulakha emadolobheni amakhulu namancane! Izinto zokwakha eziningi kumelwe zilandwe ngeloli ePerth, okungamakhilomitha angu-1 600 ukuya eningizimu. Amakhulu abazalwane nodade ahamba lelibanga nangaphezulu ngezimpelasonto ezithile bezokwakha iHholo LoMbuso lapho izinga lokushisa lingama-degree Celsius angu-40 kuya kwangu-45. Ukuthutheleka okunjalo emiphakathini emincane engayodwa nakho kuwubufakazi obuvelele ngokwakho. Lapho kwakhiwa iHholo LoMbuso eTom Price, idolobha elincane elinemayini yensimbi, ikhasi lokuqala lephephandaba lendawo lathi: “Zimukelwa ngemfudumalo izisebenzi zokuzithandela nabazosiza ‘ekwakhiweni ngokushesha’ kweHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova okuzothatha izinsuku ezintathu eTom Price.”

Kwabonakala sengathi cishe wonke umuntu wayezimisele ukusiza. Esikhundleni sezindleko ezivamile ezingu-R24 000 zokuletha amathani angu-50 ezinto zokwakha, umnikazi weloli onomusa wacela abazalwane ukuba bakhokhele uphethiloli kuphela. Izinkontileka zendawo ezipendayo zanikela ngamalitha ayikhulu kapende. Izinkontileka ezimbayo zabolekisa ngemishini, futhi inkampani yasezimayini yabolekisa ngogandaganda ophakamisa izinto ezisindayo mahhala. Ukutholela izivakashi ezingu-300 indawo yokulala kwaba yinkinga, kodwa ukubambisana kwabantu bakulelidolobha kwakumangalisa. Abanye bashaya izingcingo banikela ngemibhede. Enye indoda yashaya ucingo yathi yayingezukuba khona ngempelasonto kodwa yayizoshiya umnyango wangemuva ungahluthulelwe. Yathi: “Ningayisebenzisa lendlu kuze kuphele umsebenzi.”

Isenzakalo esihlekisayo senzeka lapho abazalwane abathile benikezwe ikheli lalapho babezolanda khona inqola yalesosifunda. Badideka lapho bebona esangweni uphawu oluthi, “Abafuneki Abantu Benkolo.” Kodwa inqola yayilapho. Ngakho bazisa unkosikazi womuzi ukuthi bayayithatha inqola, eyayigcwele udoti. Ngesikhathi beyigeza, ngokushesha babona ukuthi kwakungeyona inqola yesifunda! Lapho umnikazi wenqola efika ekhaya, umkakhe wamtshela ukuthi oFakazi BakaJehova babeyithathile inqola yakhe. Abazalwane baphindela ngokushesha nenqola eyayingasenalutho, bachaza iphutha labo. Kwalandela ingxoxo enhle, futhi labantu ababephikisa baba nemibuzo eminingi ababeyibuza ngathi nangomsebenzi wethu. Manje base bemagange ukuza bazobona iHholo LoMbuso elisha.

Ukushumayela izindaba ezinhle kulendawo kudinga ukukhuthazela. Okokuqala, kuhileleke amabanga amade. Omunye udade oyiphayona nomyeni wakhe bahlala behamba ngemoto uhambo olungamakhilomitha angu-350 emigwaqweni yobhuqu, besuka ePort Hedland beya eMarble Bar, ukuze benze izimpindelo futhi baqhube izifundo zeBhayibheli. IMarble Bar iphakathi kwezindawo ezishisa kunazo zonke e-Australia, ngokuvamile amazinga okushisa afinyelela ngaphezu kwama-degree Celsius angu-50 kusukela ngo-October kuze kube u-March.

Ukubhekisa Amabombo “EsiQongweni”

IDarwin, engamakhilomitha angu-2 500 enyakatho eqhelile, iyidolobha elilandelayo elizoba nomhlangano wesifunda. Umbonisi wesigodi nomkakhe babesebenzisela lamahora amade okushayela ekwenzeni isifundo somuntu siqu. Okokuqala bafunda futhi bacabangele itekisi losuku. Bese belalela ukufundwa kweBhayibheli kuyi-tape. Njengoba beshintshana ngokushayela, bayashintshana nangokufunda izihloko eziku-Nqabayokulinda ne-Phaphama!

Uphawu lomgwaqo lubaxwayisa ngokuthi abaqaphele “izitimela ezihamba emgwaqweni.” Lezitimela zingamaloli anamandla adonsa izinqola ezintathu noma ezine futhi sezizonke zingamamitha angu-55. Ngakho kudingeka isikhala esikhulu lapho uzidlula emgwaqweni. Zisetshenziselwa ukuthutha izinkomo nezinye izimpahla zikuyise emadolobheni angawodwa.

Isimo sezulu sihlala sishisa futhi izindawo zasemaphandleni zihlala zomile. Lendawo eyomile ingase mhlawumbe ididaniswe nodedangendlale wendawo yamangcwaba ngenxa yokuthi yembozwe iziduli ezibekeke ngokuhleleka. Leziziduli ziyehluka ngombala, kuxhomeke enhlabathini izintuthwane eziyisebenzisile, futhi zingaphakama ngemitha elilodwa kuya kwamabili nengxenye. Khona-ke, lapho izihambeli zethu ziwela uMfula iVictoria, zibona izimpawu zokuzenzela eziningi. Olunye luthi, “Ingozi: Akuvunyelwe Ukubhukuda. Kunezingwenya Ezidla Abantu Kulemifula!” Ngokuhlakanipha, zinquma ukuthola ezinye izindlela zokugeza nokuzipholisa!

Ekugcineni, zifinyelela echosheni elisenyakatho ye-Australia, elaziwa ngokuthi “isiQongo.” EDarwin, inhlokodolobha yeSifundazwe saseNyakatho, kunamabandla oFakazi BakaJehova amabili amakhulu. Ukuba khona kwamasiko amaningi eDarwin kungabonakala kalula lapho uya emhlanganweni wesifunda. Manginazise uCharles oneminyaka engu-30 ubudala, owadabuka eMpumalanga Timor ekhungethwe yimpi e-Indonesia. Abazali bakhe abangamaShayina bamfundisa ukukhulekela amadlozi. Wayehileleke kakhulu nasezifundweni zobuciko bokulwa. Kwakungelula ukuyeka ngenxa yokuhileleka kakhulu ekusebenziseni imimoya. Nokho, lapho ekhumbula isithembiso sikaJesu sokuthi ‘iqiniso liyakunikhulula,’ wagqashula kulendlela yokuphila. (Johane 8:32) Uthi, “Namuhla nginonembeza ohlanzekile phambi kukaJehova, futhi okwamanje ngikhonza njengenceku ekhonzayo. Umgomo wami uwukuya eSikoleni Sokuqeqeshelwa INkonzo.”

Ngokulandelayo, nangu noBeverly wasePapua New Guinea. “Ekuqaleni ngangingenaso isibindi sokushumayela kubantu abamhlophe,” kuvuma uBeverly, “ngenxa yokuthi isiNgisi kwakungelona ulimi lwami futhi amanye amagama, kanye nendlela yokukhuluma yase-Australia, yayenza kube nzima ngami ukuqonda. Kodwa lapho ngikhumbula ukuthi iBhayibheli lisitshela ukuba sithembele kuJehova nokuthi sizwe futhi sibone ukuthi muhle, ngaqalisa enkonzweni yamaphayona yesikhathi esigcwele ngo-January 1991. Umfundi weBhayibheli engaqala ukufunda naye manje useyiphayona. Amadodakazi akhe amabili nawo aselamukele iqiniso, futhi eyodwa yawo iyaphayona, kanye nomyeni wayo.”

Ngaphambi kokuba sishiye iDarwin, ake sithi shelele ngamakhilomitha angu-250 silibangise empumalanga yeKakadu National Park, eyaziwa ngobhuzane lwezinhlobonhlobo zezinyoni ezitholakala khona. Lapha sithola uDebbie, owukuphela komshumayeli wezindaba ezinhle kuyo yonke lendawo. Sambuza ukuthi ukwenza kanjani ukuhlala eqinile ngokomoya njengoba ekude kangaka nabazalwane. Uyaphendula: “Okokuqala, ngikwenza ngomthandazo. . . . Futhi ngithola induduzo emibhalweni enjengo-Isaya 41:10, othi: ‘Ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.’”

EJilkmingan, engamakhilomitha angu-450 ukuya eningizimu yeDarwin, sithola iqembu elincane laboMdabu. Iminyaka eminingi lomphakathi waboMdabu ububhekwa njengomphakathi woFakazi BakaJehova ngenxa yokuthi abaningi babeba khona emihlanganweni yesigodi neyesifunda, ngisho nakuba kungekho noyedwa kubo owayebhapathiziwe. Lomphakathi wawuphawuleka ngokuhlanzeka kwawo. Ngokujabulisayo, abanye manje sebeye balimelela ngokuqinile iqiniso futhi babhapathizwa. Baphakathi kwaboMdabu bokuqala abangahlali emadolobheni ukuba benze njalo. Kudinga isibindi sangempela nokuthembela emoyeni ongcwele kaJehova ngalabantu abathobekile ukuba bagqashule emasikweni nasekusebenziseni imimoya kwabantu besizwe sakubo osekunamakhulu eminyaka kukhona.

Ukuya E-Alice Springs Nokushiya Indawo Yasemaphandleni

Manje sekuyisikhathi sokushiya “isiQongo” futhi sihambe amakhilomitha angu-1 600 sibhekise amabombo eningizimu e-Alice Springs, enkabeni yalelizwekazi ebizwa ngokuthi “iRed Center,” eduze ne-Ayers Rock yodumo. Lapha eHholo LoMbuso elinomshini ophephetha umoya, kulungiselelwe izindawo zokuhlala ezintofontofo okuzohlalwa kuzo emhlanganweni wesifunda, kunabantu abangu-130 noma ngaphezulu abavela emabandleni amabili akulendawo. Futhi kuyajabulisa ukubona abantu basePolynesia, baseYurophu, naboMdabu behlangana ndawonye embuthanweni wobuKristu.

Ekugcineni sesiyayishiya i-Alice Springs bese siqalisa ingxenye yokugcina yohambo nombonisi wethu wesigodi ojikelezayo nomkakhe. Loluhambo lusithatha amakhilomitha angu-2 000 sinqamula lelizwekazi, siphikelele enyakatho nasempumalanga. Njengoba sihamba, siyavalelisa ezindaweni zasemaphandleni, ngoba ekugcineni sifika ehlathini lemvula elivundile laseQueensland. Lapha, ogwini lwenyakatho Queensland—lapho kukhona khona iGreat Barrier Reef—kunamabandla amaningi anesilinganiso esiphakeme soFakazi kunezakhamuzi.

Nokho, asikaqedi ukuhamba, singakayi komunye umhlangano wesifunda. Lapho sigibela indiza eCairns—idolobha laseQueensland elishisayo leBarrier Reef yodumo—siyalishiya izwe eliyinhloko lase-Australia ukuze sithi ukundiza kancane phezu kwechopho elisenyakatho yeNhlonhlo iCape York, siwele iTorres Strait, siye esiQhingini iThursday. Kunebandla elincane elinabamemezeli abangu-23 nje kuphela lapha. Yeka injabulo okuba yiyo ukubona abangu-63 bekhona emhlanganweni wethu wokugcina waloluhambo!

Sithemba ukuthi uwajabulele lamazwibela omsebenzi wokushumayela ngoMbuso owenziwa kulelizwe elihlukahlukene. Mhlawumbe ngelinye ilanga ungase ukwazi ukusivakashela kulelizwe elihlaba umxhwele lase-Australia futhi uzibonele ngawakho abazalwane nodade abenza inkonzo yabo ngokwethembeka esabelweni sabo esiyingqayizivele.

[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 23]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Port Hedland

Canberra

Tom Price

Marble Bar

Newman

Darwin

Katherine

Alice Springs

Ayers Rock

Thursday Island

Cairns

Adelaide

Melbourne

Hobart

Sydney

Brisbane

Perth

[Isithombe ekhasini 24]

IPerth, inhlokodolobha yeNtshonalanga Australia

[Isithombe ekhasini 25]

Ukufakaza emgwaqweni kuveza imiphumela emihle