INkosi Ingcolisa Indlu Engcwele KaJehova
INkosi Ingcolisa Indlu Engcwele KaJehova
“Abantu abamazi uNkulunkulu wabo bayakuba-namandla.”—DANIYELI 11:32.
1, 2. Iyiphi impi ephawulekayo eye yaphawula umlando wesintu iminyaka engaphezu kwengu-2 000?
AMAKHOSI amabili abangisanayo asempini yongaphansi nongaphezulu yokulwela ubukhulu. Eyokuqala izuza amandla, bese kuba enye, futhi lempi iqhubeka iminyaka engaphezu kwezinkulungwane ezimbili. Osukwini lwethu lempi iye yathinta abantu abaningi emhlabeni futhi iye yavivinya ubuqotho babantu bakaNkulunkulu. Iphela ngesenzakalo esizumayo kuyo yomibili lemibuso. Lomlando ovusa amadlingozi wembulwa kusengaphambili kumprofethi wasendulo uDaniyeli.—Daniyeli, izahluko 10 kuya ku-12.
2 Lesiprofetho siphathelene nobutha obungapheli phakathi kwenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu futhi sakhulunyelwa ngokuningiliziwe encwadini ethi “Intando Yakho Mayenziwe eMhlabeni.” * Kuleyoncwadi kwaboniswa ukuthi ekuqaleni inkosi yasenyakatho kwakuyiSiriya, elalingasenyakatho ne-Israel. Kamuva, lendima yathathwa iRoma. Okokuqala nje, inkosi yaseningizimu kwakuyiGibithe.
Impi Esikhathini Sokuphela
3. Ngokwengelosi, sasiyoqondwa nini isiprofetho esiphathelene nenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu, futhi kanjani?
3 Ingelosi eyayembula lezizinto kuDaniyeli yathi: “Kepha wena-Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube-sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube-kuningi.” (Daniyeli 12:4) Yebo, lesiprofetho siphathelene nesikhathi sokuphela—inkathi eyaqala ngo-1914. Phakathi nalesosikhathi esiphawuliwe, abaningi ‘babeyokwehla benyuka’ emiBhalweni Engcwele, futhi ngosizo lomoya ongcwele, ulwazi lweqiniso, kuhlanganise nokuqonda isiprofetho seBhayibheli, kwakuyoba inala. (IzAga 4:18) Njengoba singena ngokujulile kulesosikhathi, imininingwane eminingi ngokwengeziwe yeziprofetho zikaDaniyeli iye yacaciswa. Khona-ke, kufanele sisiqonde kanjani isiprofetho senkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu ngo-1993, iminyaka engu-35 manje ngemva kokukhishwa kwencwadi ethi “Intando Yakho Mayenziwe eMhlabeni”?
4, 5. (a) Unyaka ka-1914 ukhonjwe kuphi esiprofethweni sikaDaniyeli esiphathelene nenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu? (b) Ngokwengelosi, yini eyayizokwenzeka ngo-1914?
4 Ukuqala kwesikhathi sokuphela ngo-1914 kwaphawulwa impi yezwe yokuqala nezinye izinhlupheko zezwe uJesu azibikezela. (Mathewu 24:3, 7, 8) Ingabe singawukhomba lowonyaka esiprofethweni sikaDaniyeli? Yebo. Ukuqala kwesikhathi sokuphela ‘kuyisikhathi esinqunyiweyo’ okubhekiselwa kuso kuDaniyeli 11:29. (Bheka ethi “Intando Yakho Mayenziwe eMhlabeni,” amakhasi 266-67.) Kwakuyisikhathi uJehova ayesinqumile kakade osukwini lukaDaniyeli, njengoba safika ekupheleni kweminyaka engu-2 520 eyaboniswa ezenzakalweni eziphawulekayo ezingokwesiprofetho zikaDaniyeli isahluko 4.
Luka 21:24, NW) Yiziphi izenzakalo ezingokombangazwe ezaziyophawula ukuphela kwazo? Ingelosi yakwembula lokhu kuDaniyeli. Lengelosi yathi: “Ngesikhathi [esimisiwe, NW] iyakubuya [inkosi yasenyakatho], iye eningizimu; kepha akuyikuba-sekugcineni njengasekuqaleni.”—Daniyeli 11:29.
5 Leyominyaka engu-2 520, kusukela ekubhujisweni kweJerusalema ngo-607 B.C.E. ebusheni bukaDaniyeli kuze kube ngu-1914 C.E., yayibizwa ngokuthi “izikhathi ezimisiwe zabezizwe.” (INkosi Iyahlulwa Empini
6. Ubani owayeyinkosi yasenyakatho, futhi ubani owayeyinkosi yaseningizimu ngo-1914?
6 Ngo-1914 indima yenkosi yasenyakatho yayithathwe iJalimane, elaliholwa uKaiser Wilhelm. (elithi “Kaiser,” lithathelwe esiqwini sesiRoma esithi “Caesar.”) Ukugqashuka kwezimpi eYurophu kwakungokunye ochungechungeni lokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwenkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu. Indima yalena yakamuva, inkosi yaseningizimu, manje yase ifezwa iBrithani, eyalinqoba ngokushesha iGibithe, umbuso wenkosi yokuqala yaseningizimu. Njengoba impi yayiqhubeka, iBrithani yajoyinwa yizwe elaliyikoloni layo, i-United States of America. Inkosi yaseningizimu yaba uMbuso Wezwe wamaNgisi namaMelika, umbuso onamandla ukuyedlula yonke emlandweni.
7, 8. (a) Kungayiphi indlela izinto ‘zazingasenjengakuqala’ empini yezwe yokuqala? (b) Waba yini umphumela wempi yezwe yokuqala, kodwa ngokwesiprofetho, yasabela kanjani inkosi yasenyakatho?
7 Ezimpini zangesikhathi esidlule phakathi kwalamakhosi womabili, uMbuso WamaRoma, njengenkosi yasenyakatho, wawulokhu unqoba njalo. Kulesikhathi, ‘izinto zazingasenjengakuqala.’ Kungani? Ngoba inkosi yasenyakatho yahlulwa empini. Esinye isizathu sasiwukuthi “imikhumbi yaseKitimi” yamelana nenkosi yasenyakatho. (Daniyeli 11:30) Yayiyini lemikhumbi? Ngesikhathi sikaDaniyeli, iKitimi kwakuyiCyprus, futhi ekuqaleni kwempi yezwe yokuqala, iBrithani yaba yingxenye yeCyprus. Ngaphezu kwalokho, ngokwe-Zondervan Pictorial Encyclopedia of the Bible, igama elithi Kitimi “lisetshenziswe kabanzi ukuze lihlanganise iNtshonalanga yonkana, kodwa ikakhulukazi iNtshonalanga ehamba ngemikhumbi.” I-New International Version ihumusha inkulumo ethi “imikhumbi yaseKitimi” ngokuthi “imikhumbi yasogwini lolwandle lwamazwe asentshonalanga.” Empini yezwe yokuqala, imikhumbi yaseKitimi yabonakala iyimikhumbi yaseBrithani, eyayingasogwini olusentshonalanga yeYurophu. Kamuva Isimiso Semikhumbi Yezempi saseBrithani saqiniswa imikhumbi eyayivela ezwekazini elisentshonalanga yeNyakatho Melika.
8 Kulokhu kuhlaselwa, inkosi yasenyakatho ‘yadangala’ futhi yavuma ukuthi inqotshiwe ngo-1918. Kodwa yayinganqotshiwe ngokuphelele. “Ibuye ithukuthelele isivumelwano esingcwele, [iphumelele, NW]; iyakubuya, inake abasishiyile isivumelwano esingcwele.” (Daniyeli 11:30, qhathanisa ne-NW) Yaprofetha kanjalo ingelosi, futhi kwaba njalo.
INkosi Iyaphumelela
9. Yini eyaholela ekuphakameni kuka-Adolf Hitler, futhi ‘waphumelela’ kanjani?
9 Ngemva kwempi, ngo-1918, imiBuso Esizanayo enqobayo yamisa ngempoqo isivumelwano sokuthula esihambisana nesijeziso eJalimane, ngokusobala esasiklanyelwe ukugcina abantu baseJalimane bebulawa indlala esikhathini esizayo esingenamkhawulo. Ngenxa yalokho, ngemva kokuntengantenga osizini olukhulu iminyaka ethile, iJalimane lase likulungele ukuphakama kuka-Adolf Hitler. Wafinyelela amandla aphakeme ngo-1933 futhi ngokushesha waqalisa ukuhlasela okunonya ngokumelene ‘nesivumelwano esingcwele,’ esasimelelwa abafowabo bakaJesu Kristu abagcotshiwe. Kulokhu, waphumelela ngokumelene nalamaKristu athembekile, eshushisa abaningi bawo ngonya.
10. Efuna ukusekelwa, uHitler wazihlanganisa nobani, futhi kwaba namiphi imiphumela?
10 UHitler waba nempumelelo engokomnotho neyokubuswa kwezwe, ephumelela nakulowomkhakha. Eminyakeni embalwa, wenza
iJalimane laba umbuso owawuqapheleka, kulomzamo esizwa yilabo “abasishiyile isivumelwano esingcwele.” Babengobani laba? Ngokobufakazi obutholakalayo, abaholi beLobukholwa, ababezisholo ukuthi banobuhlobo besivumelwano noNkulunkulu kodwa okwase kukudala bayeka ukuba ngabafundi bakaJesu Kristu. UHitler wafuna ngokuphumelelayo ukusekela kwalabo “abasishiyile isivumelwano.” Upapa eRome wenza isivumelwano naye, futhi iSonto lamaRoma Katolika, kanye namasonto obuProtestani eJalimane, amsekela uHitler kukho konke ukubusa kwakhe ngobudlova kweminyaka engu-12.11. Inkosi yasenyakatho ‘yayingcolisa kanjani indlu engcwele’ futhi ‘yasusa iminikelo eshiswa imihla yonke’?
11 UHitler wayephumelela kangangokuba waze waya empini, njengoba ingelosi yabikezela ngokunembile. “Izimpi ziyakuvela nayo, zingcolise indlu engcwele, inqaba, zisuse umnikelo oshiswa imihla yonke.” (Daniyeli 11:31a) Kwa-Israyeli wasendulo, indlu engcwele yayiyingxenye yethempeli eJerusalema. Nokho, lapho amaJuda enqaba uJesu, uJehova wawenqaba kanye nethempeli lawo. (Mathewu 23:37–24:2) Kusukela ekhulwini lokuqala leminyaka, eqinisweni ithempeli likaJehova beliyithempeli elingokomoya, ingcwelengcwele yalo isemazulwini negceke lalo elingokomoya lisemhlabeni lapho abafowabo abagcotshiwe bakaJesu, umPristi Omkhulu, bekhonza khona. Kusukela ngawo-1930, isixuku esikhulu siye sabambisana nensali egcotshiwe ekukhulekeleni; ngakho, kuthiwa sikhonza ‘ethempelini likaNkulunkulu.’ (IsAmbulo 7:9, 15; 11:1, 2; Heberu 9:11, 12, 24) Igceke lasemhlabeni lethempeli langcoliswa ukushushiswa okunonya kwensali egcotshiwe nabangane bayo emazweni lapho inkosi yasenyakatho yayibusa khona. Lokhu kushushiswa kwakunzima kakhulu kangangokuba lomnikelo oshiswa imihla yonke—umhlatshelo wasobala wokudumisa igama likaJehova—wasuswa. (Heberu 13:15) Nakuba kunjalo, umlando ubonisa ukuthi naphezu kokuhlupheka okwesabekayo, amaKristu agcotshiwe athembekile, kanye “nezinye izimvu,” aqhubeka nokushumayela ngomshoshaphansi.—Johane 10:16.
“Isinengiso”
12, 13. Sasiyini “isinengiso,” futhi—njengoba inceku ethembekileyo neqondayo yakubona kusengaphambili—saphinde samiswa nini futhi kanjani?
12 Lapho kwakusondela ukuphela kwempi yezwe yesibili, kwaba nesinye isenzakalo. “Zimise isinengiso esichithayo.” (Daniyeli 11:31b) ‘Lesinengiso,’ uJesu akhuluma ngaso futhi, kakade sase siqashelwa njengeNhlangano Yezizwe, isilo esibomvu leso ngokwesAmbulo esangena kwalasha. (Mathewu 24:15; IsAmbulo 17:8; bheka ethi Light, Incwadi Yesibili, ikhasi 94.) Sakwenza lokhu lapho kugqashuka Impi Yezwe II. Nokho, eMhlanganweni OngokwaseZulwini Wezwe Elisha WoFakazi BakaJehova ngo-1942, uNathan H. Knorr, umongameli wesithathu we-Watch Tower Bible and Tract Society, wakhuluma ngesiprofetho sesAmbulo 17 futhi waxwayisa ngokuthi lesilo sasiyophuma futhi kwalasha.
13 Umlando wafakazela iqiniso lamazwi akhe. Phakathi kuka-August no-October 1944, eDumbarton Oaks e-United States, kwaqaliswa umsebenzi wokusungulwa komthetho-sisekelo walokho okwakuzobizwa ngokuthi IZizwe Ezihlangene. Lomthetho-sisekelo wemukelwa amazwe angu-51, kuhlanganise nezwe elaliyiSoviet Union, futhi lapho uqala ukusebenza ngo-October 24, 1945, INhlangano Yezizwe efile eqinisweni yaphuma kwalasha.
14. Ukubonakala kwenkosi yasenyakatho kwashintsha nini futhi kanjani?
14 IJalimane laliyisitha esiyinhloko senkosi yaseningizimu phakathi nazo zombili izimpi zezwe. Ngemva kweMpi Yezwe II, ingxenye yeJalimane yazihlela kabusha ukuze izihlanganise nenkosi yaseningizimu. Kodwa enye ingxenye yeJalimane manje yazihlanganisa nomunye umbuso onamandla. Amazwe obuKhomanisi, manje ayesehlanganisa nengxenye yeJalimane, amelana ngokuqinile nemibuso esizanayo yamaNgisi namaMelika, futhi umbango phakathi kwalamakhosi womabili waba Impi Yomshoshaphansi.—Bheka ethi “Intando Yakho Mayenziwe eMhlabeni,” amakhasi 261-281.
INkosi Nesivumelwano
15. Bangobani labo ‘abaphatha kabi isivumelwano,’ futhi ibuphi ubuhlobo abaye baba nabo nenkosi yasenyakatho?
15 Ingelosi manje ithi: “Iyakonakalisa ngokuthopha abaphatha kabi isivumelwano.” (Daniyeli 11:32a) Obani laba abaphatha kabi isivumelwano? Futhi, kungaba abaholi beLobukholwa kuphela, abazisholo ukuthi bangamaKristu kodwa ngezenzo zabo abangcolisa lona kanye igama lobuKristu. Phakathi nempi yezwe yesibili, “uHulumeni waseSoviet wenza umzamo wokuthola usizo lwezinto ezibonakalayo nolungokomzwelo lwamaSonto ukuze kuvikelwe izwe lenkaba yabo.” (Religion in the Soviet Union, kaWalter Kolarz) Ngemva kwempi, abaholi bamasonto bazama ukulondoloza lobobuhlobo naphezu kwenkambiso yokuphika ubukhona bukaNkulunkulu yalowombuso manje owase uyinkosi yasenyakatho. * Ngakho, eLobukholwa laba ingxenye yalelizwe ukwedlula noma yinini ngaphambili—ukuhlubuka okunengekayo emehlweni kaJehova.—Johane 17:14; Jakobe 4:4.
16, 17. Bangobani labo “abahlakaniphileyo,” futhi baye baphila kanjani ngaphansi kwenkosi yasenyakatho?
16 Nokho, kuthiwani ngamaKristu angempela? “Kepha abantu abamazi uNkulunkulu wabo bayakuba-namandla, baphikelele. Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi; kepha bayakuwa ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.” (Daniyeli 11:32b, 33) Nakuba amaKristu aphila ngaphansi kwenkosi yasenyakatho ‘ezithoba phansi kwamandla ombuso’ ngokufanele, abengeyona ingxenye yalelizwe. (Roma 13:1; Johane 18:36) Eqaphela ukunika uKesari okukaKesari, anika “noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” (Mathewu 22:21) Ngenxa yalokhu, ubuqotho bawo bavivinywa.—2 Thimothewu 3:12.
17 Waba yini umphumela? ‘Baba namandla’ futhi ‘bawa.’ Bawa ngomqondo wokuthi bashushiswa futhi bahlupheka kakhulu, abanye baze ngisho babulawa. Kodwa baba namandla ngomqondo wokuthi, ngokwengxenye enkulu, bahlala bethembekile. Yebo, balinqoba izwe, njengoba nje noJesu alinqoba. (Johane 16:33) Ngaphezu kwalokho, abazange bayeke ukushumayela, ngisho nakuba babezithola besetilongweni noma ekamu lokuhlushwa. Ngokwenza kanjalo, ‘baqondisa abaningi.’ Naphezu kokushushiswa, emazweni amaningi abuswa inkosi yasenyakatho, amanani oFakazi BakaJehova anda. Ngenxa yokwethembeka kwalabo “abahlakaniphileyo,” kuye kwavela ingxenye eyanda ngokuqhubekayo ‘yesixuku esikhulu’ kulawomazwe.—IsAmbulo 7:9-14.
18. Yikuphi ‘ukusizwa okuncane’ okuye kwatholwa yinsali egcotshiwe ephila ngaphansi kwenkosi yasenyakatho?
18 Ikhuluma ngokushushiswa kwabantu bakaNkulunkulu, lengelosi yabikezela: “Ekuweni kwabo bayakusizwa ngokusizwa okuncane.” (Daniyeli 11:34a) Kwenzeka kanjani lokhu? Phakathi kokunye, ukunqoba kwenkosi yaseningizimu empini yezwe yesibili kwalethela amaKristu ayephila ngaphansi kokubuswa inkosi yasenyakatho inkululeko enkulu. (Qhathanisa nesAmbulo 12:15, 16.) Khona-ke, labo ababeshushiswa inkosi eyalandela babethola ukukhululeka ngezikhathi ezithile, futhi njengoba Impi Yomshoshaphansi yayiphela kancane kancane, abaholi abaningi baqala ukuqaphela ukuthi amaKristu athembekile awalona usongo futhi ngaleyondlela bawanikeza ukuqashelwa okungokomthetho. * Kuye kwatholakala futhi usizo olukhulu emananini andayo esixuku esikhulu, esiye sasabela ekushumayeleni ngokwethembeka kwabagcotshiwe futhi sabasiza, njengoba kuchazwe kuMathewu 25:34-40.
Ukuhlanzwa Kwabantu BakaNkulunkulu
19. (a) Kukanjani abanye beye “babambelela kubo abaningi ngokuthopha”? (b) Kushiwoni ngenkulumo ethi “kuze-kube sesikhathini sokuphela”? (Bheka umbhalo waphansi.)
19 Akubona bonke ababonisa isithakazelo ekukhonzeni uNkulunkulu phakathi nalesisikhathi ababenezisusa ezinhle. Lengelosi yaxwayisa: “Bese bebambelela kubo abaningi ngokuthopha. Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukuba bacwengisiswe, bahlanzwe, benziwe-mhlophe kuze kube-sesikhathini sokuphela, ngokuba kusezakuba-sesikhathini esimisiweyo.” * (Daniyeli 11:34b, 35) Abanye babonisa isithakazelo eqinisweni kodwa babengazimisele ukuzinikezela ngobuqotho ukuze bakhonze uNkulunkulu. Abanye ababebonakala bezamukela izindaba ezinhle eqinisweni babeyizinhloli zeziphathimandla. Omunye umbiko ovela kwelinye izwe ufundeka kanje: “Abanye balabantu abangenazimiso babengamaKhomanisi aziwayo ayengene ngesinyelela enhlanganweni yeNkosi, azibonakalisa enentshiseko enkulu, futhi amiswa ngisho nasezikhundleni eziphakeme zenkonzo.”
20. Kungani uJehova avumela ukuba amanye amaKristu athembekile ‘awe’ ngenxa yezinhloli ezangena isinyelela ezinobuzenzisi?
20 Lezizinhloli ezangena isinyelela zabangela ukuba abanye abathembekile bawele ezandleni zeziphathimandla. Kungani uJehova avumela izinto ezinjalo ukuba zenzeke? Ukuze bacwengisiswe, bahlanzwe. Njengoba nje uJesu ‘afunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho,’ ngakho lemiphefumulo ethembekile yafunda ukukhuthazela ekuvivinyweni kokholo lwayo. (Heberu 5:8; Jakobe 1:2, 3; qhathanisa noMalaki 3:3.) Ngaleyondlela ‘bayacwengisiswa, bahlanzwe, futhi benziwe-mhlophe.’ Abathembekileyo abanjalo balindelwe injabulo enkulu lapho isikhathi esimisiwe sokuvuzwa kokukhuthazela kwabo sifika. Lokhu kuyobonakala lapho sikhulumela isiprofetho sikaDaniyeli ngokwengeziwe.
[Imibhalo yaphansi]
^ par. 2 Yakhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., futhi yakhululwa ngesiNgisi ngo-1958 eMhlanganweni Wezizwe Zonke WoFakazi BakaJehova “Wentando Yaphezulu.”
^ par. 15 I-World Press Review ka-November 1992 yaqokomisa isihloko esivela kuyi-Toronto Star esasithi: “Eminyakeni eminingana edlule, abantu baseRussia bayibona ishabalala imibono eminingi edukile ephathelene nomlando wezwe labo eyayingenakuphikiswa ngaphambili. Kodwa ukudalulwa kokubambisana kwesonto nombuso wobukhomanisi kumelela igalelo elinamandla ukuwedlula wonke.”
^ par. 18 Bheka INqabayokulinda ka-July 15, 1991, amakhasi 8-11.
^ par. 19 Amazwi athi “kuze kube-sesikhathini sokuphela” angasho ukuthi “phakathi nesikhathi sokuphela.” Igama elihunyushwe lapha ngokuthi “kuze kube” livela embhalweni wesi-Aramu kaDaniyeli 7:25 futhi lapho lisho ukuthi “phakathi.” Leligama linencazelo efanayo embhalweni wesiHeberu weyesi-2 AmaKhosi 9:22, Jobe 20:5, nabAhluleli 3:26. Nokho, ezinguqulweni eziningi kuDaniyeli 11:35 lihunyushwe ngokuthi “kuze kube,” futhi uma lokhu kuwukuqonda okunembile, khona-ke ‘isikhathi sokuphela’ lapha kumelwe kube isikhathi sokuphela kokukhuthazela kwabantu bakaNkulunkulu.—Qhathanisa nethi “Intando Yakho Mayenziwe eMhlabeni,” ikhasi 283.
Uyakhumbula?
□ Kungani thina namuhla kufanele silindele ukusiqonda ngokucace kakhudlwana isiprofetho sikaDaniyeli?
□ Inkosi yasenyakatho ‘yathukuthela futhi yaphumelela’ kanjani?
□ Isigaba senceku sakubona kanjani kusengaphambili ukuvela kabusha ‘kwesinengiso’?
□ Insali egcotshiwe ‘yawa, yanqoba, futhi yamukela usizo oluncane’ kanjani?
[Imibuzo Yesifundo]
[Isithombe ekhasini 15]
Ngaphansi kukaHitler, inkosi yasenyakatho yalulama ngokuphelele ekunqotshweni kwayo kwango-1918 ezandleni zenkosi yaseningizimu
[Isithombe ekhasini 16]
Abaholi beLobukholwa bazama ukuhlakulela ubuhlobo nenkosi yasenyakatho
[Umthombo]
Zoran/Sipa Press