Inhlonipho Ngobungcwele Bokuphila
Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Inhlonipho Ngobungcwele Bokuphila
IBHAYIBHELI libonisa ukuthi igazi liyigugu emehlweni kaNkulunkulu nokuthi uyakulahla ukusetshenziswa kabi kwalo. (Levitikusi 17:14; IzEnzo 15:19, 20, 28, 29) Ngenxa yaleziziqondiso zeBhayibheli, oFakazi BakaJehova abakwamukeli ukumpontshelwa igazi.
Ukuze isize odokotela nezisebenzi zasezibhedlela ziqonde ukuma okungokwenkolo koFakazi BakaJehova kulendaba nokuba ziqaphele ukuthi oFakazi bayokwamukela ukwelashwa okuhlukile, i-Watch Tower Society ihlele amaKomiti Okubonisana Nezibhedlela [Hospital Liaison Committees (HLC)] emazweni ahlukahlukene. Amalungu alamakomiti ahambela izibhedlela ukuze akhulume nezisebenzi zezokwelapha. Muva nje, emadolobheni angu-12 ePoland, kuye kwaba nemihlangano engaphezu kuka-200, ehilela odokotela bezokwelapha abangaphezu kuka-500, ngokuyinhloko abangabaphathi bemithola-mpilo noma amagumbi eziguli asezibhedlela. Lokhu okulandelayo kwenzeka phakathi nokunye ukuhambela okunjalo:
“Umhlangano owawuseMthola-mpilo Wokuhlinza Inhliziyo eZabrze waba yimpumelelo enkulu. Kusukela ngo-1986 iqembu lezokwelapha kulomthola-mpilo belihlinza abafowethu ngaphandle kwegazi. Kuze kube manje, sekuye kwenziwa ukuhlinza okunjalo okungu-40. Lomthola-mpilo ukulungele ukwamukela iziguli ezivela kulo lonke elasePoland nasemazweni angaphandle. Ngemva kwengxoxo yemizuzu engu-50, isekela lomphathi wegumbi leziguli lethula amalungu e-HLC eqenjini leziguli futhi lathi: ‘Lababantu bangoFakazi BakaJehova. Babambisana nomthola-mpilo wethu, futhi bayasisiza. Usizo lwabo aluzuzisi abakholwa nabo nje kuphela kodwa nazo zonke ezinye iziguli. Ngosizo loFakazi BakaJehova, siye sakukholelwa ukuthi ukuhlinzwa okukhulu kwenhliziyo kungenziwa ngaphandle kwegazi.
“‘Ngokwesibonelo, sihlinze lowesifazane [ekhomba esinye seziguli zakhe] ngaphandle kwegazi, futhi ngoMsombuluko uzoya ekhaya. Ngithanda ukuphawula ukuthi igazi silisebenzisa izikhathi ezimbalwa kakhulu uma kuqhathaniswa nangaphambili ngenxa yokuthi liyingozi. Lihlobene ne-HIV, isifo sokusha kwesibindi, nokwephuza ukululama.
“‘NgingumKatolika, kodwa ngaso sonke isikhathi ekhaya lethu besiyamukela imibono yabanye. Ngolunye usuku ngangihamba nabantwana bami ngaseNkundleni Yezemidlalo yaseSlaski. Ngaphambili, lenkundla yezemidlalo yayinganakwa, kodwa saqaphela ukuthi manje yase ishintshile kungasabonakali ukuthi kwakuyiyona. Ngabuza esinye sezisebenzi ukuthi lolushintsho lwenzeke kanjani. Sathi cishe abaphathi base bephelelwe yithemba lokuyilungisa lenkundla, kodwa yaqashiselwa oFakazi BakaJehova, futhi bayivuselela.
“‘Ngakho laba ngabantu sonke esingafunda okuningi kubo. Ngicabanga ukuthi kuleligumbi leziguli kufanele siyamukele imibono yabanye.’ Khona-ke, ekhomba uFakazi okwakumelwe ahlinzwe ezinsukwini ezimbalwa, wathi: ‘Lowesifazane ungomunye woFakazi BakaJehova, futhi uzohlinzwa ngaphandle kwegazi.’”
Nakuba oFakazi BakaJehova bengazami ukuphoqelela izinkolelo zabo kwabanye, bona ngokwabo balandela isibonelo sabaphostoli futhi ‘balalela uNkulunkulu kunabantu.’ (IzEnzo 5:29) Lokhu kuhlanganisa ukuba nenhlonipho ngegazi. Bayakwazisa uma abanye behlonipha imibono yabo engokwenkolo kulendaba.