Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izinsuku ZikaDaniyeli Ezingokwesiprofetho Nokholo Lwethu

Izinsuku ZikaDaniyeli Ezingokwesiprofetho Nokholo Lwethu

Izinsuku ZikaDaniyeli Ezingokwesiprofetho Nokholo Lwethu

“[Uyajabula, NW] olindayo afinyelele ezinsukwini eziyinkulungwane namakhulu amathathu namashumi amathathu nanhlanu.”—DANIYELI 12:12.

1. Kungani abaningi behluleka ukuthola injabulo yangempela, futhi injabulo yeqiniso ihlanganiswa nani?

WONKE umuntu uyakufuna ukujabula. Nokho, namuhla bambalwa kakhulu abajabulayo. Kungani? Ngokwengxenye kungoba abaningi bafuna injabulo ezindaweni ezingafanele. Bafuna injabulo ezintweni ezinjengemfundo, ingcebo, umsebenzi wokuziphilisa, noma ukuphishekela ukubusa. Nokho, lapho eqalisa iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni, uJesu wahlanganisa injabulo nokuqaphela komuntu isidingo sakhe esingokomoya, isihe, inhliziyo ehlanzekileyo, nezinye izimfanelo ezifanayo. (Mathewu 5:3-10) Uhlobo lwenjabulo uJesu akhuluma ngayo lungokoqobo futhi luhlala njalo.

2. Ngokwesiprofetho, yini eyayiyoholela enjabulweni esikhathini sokuphela, futhi imiphi imibuzo ephakamayo ngokuphathelene nalokhu?

2 Ngensali egcotshiwe esikhathini sokuphela, injabulo ihlanganiswa nokuthile okwengeziwe. Encwadini kaDaniyeli, siyafunda: “Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube-sesikhathini sokugcina. [Uyajabula, NW] olindayo afinyelele ezinsukwini eziyinkulungwane namakhulu amathathu namashumi amathathu nanhlanu.” (Daniyeli 12:9, 12) Zazihlanganisa yiphi inkathi lezizinsuku ezingu-1 335? Kungani labo ababephila kuzo babejabula? Ingabe lokhu kuhlangene nokholo lwethu namuhla? Siyasizwa ukuba siphendule lemibuzo uma sibheka emuva esikhathini lapho uDaniyeli ebhala lamazwi, ngokushesha ngemva kokukhululwa kuka-Israyeli ekuthunjweni eBabiloni nasonyakeni wesithathu kaKoresi inkosi yasePheresiya.—Daniyeli 10:1.

Ukubuyiselwa Kuletha Injabulo

3. Yisiphi isenzo esenziwa iNkosi uKoresi esaletha injabulo enkulu kumaJuda athembekile ngo-537 B.C.E., kodwa yiliphi ilungelo uKoresi angazange alinike amaJuda?

3 KumaJuda, ukukhululwa eBabiloni kwakuyisikhathi senjabulo yangempela. Ngemva kokuba amaJuda ekhuthazelele cishe iminyaka engu-70 yokudingiswa, uKoresi Omkhulu wawacela ukuba abuyele eJerusalema ukuze akhe ithempeli likaJehova kabusha. (Ezra 1:1, 2) Lawo asabela ahamba enamathemba amakhulu, afika ezweni lakubo ngo-537 B.C.E. Nokho, uKoresi akazange awacele ukuba abuyisele umbuso ngaphansi kozalo lweNkosi uDavide.

4, 5. (a) Bagumbuqelwa nini ubukhosi bukaDavide? Kungani? (b) Yisiphi isiqinisekiso uJehova asinikeza sokuthi ubukhosi bukaDavide babuyobuyiselwa?

4 Lokho kwakuphawuleka. Emakhulwini amahlanu eminyaka ngaphambili, uJehova wayethembise uDavide: “Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube-phakade.” (2 Samuweli 7:16) Ngokudabukisayo, abaningi bozalo lwasebukhosini lukaDavide bazibonakalisa beyizihlubuki, futhi icala legazi lalesisizwe laba likhulu kangangokuthi ngo-607 B.C.E., uJehova wavumela ukuba ubukhosi bukaDavide bugumbuqelwe. Ngaphandle kwenkathi emfushane libuswa abalandeli bakaMaccabaeus, iJerusalema lalibuswa ezinye izizwe kusukela ngalesosikhathi kwaze kwaba sekubhujisweni kwalo kwesibili ngo-70 C.E. Ngakho, ngo-537 B.C.E., kwakuqhubeka “izikhathi [ezimisiwe, NW] zabezizwe,” lapho kungekho ndodana kaDavide eyayingabusa njengenkosi.—Luka 21:24.

5 Nokho, uJehova akazange asikhohlwe isithembiso sakhe kuDavide. Ngochungechunge lwemibono namaphupho, wembula ngomprofethi wakhe uDaniyeli imininingwane yezenzakalo zezwe zangesikhathi esizayo ezaziyohlanganisa amakhulu eminyaka kusukela esikhathini sokubuswa kwezwe iBabiloni kuya esikhathini lapho inkosi esohlwini lukaDavide yayiyophinde ibuse khona embusweni wabantu bakaJehova. Leziziprofetho, ezilotshwe kuDaniyeli izahluko 2, 7, 8, no-10-12, zaqinisekisa amaJuda athembekile ukuthi, ekugcineni, isihlalo sobukhosi sikaDavide ‘sasiyomiswa kuze kube-phakade.’ Ngokuqinisekile, iqiniso elinjalo elembuliwe lawalethela injabulo lawomaJuda abuyela ezweni lakubo ngo-537 B.C.E.!

6. Sazi kanjani ukuthi ezinye zeziprofetho zikaDaniyeli zaziyogcwaliseka esikhathini sethu?

6 Abahlaziyi abaningi beBhayibheli bathi iziprofetho zikaDaniyeli cishe zagcwaliseka zonke ngaphambi kokuzalwa kukaJesu Kristu. Kodwa ngokusobala lokhu akunjalo. KuDaniyeli 12:4, ingelosi itshela uDaniyeli: “Gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube-sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube-kuningi.” Uma incwadi kaDaniyeli yayizokwembulwa—kwembulwe incazelo yayo ngokuphelele—esikhathini sokuphela, ngokuqinisekile okungenani ezinye zeziprofetho zayo kumelwe zisebenze kuleyonkathi.—Bheka uDaniyeli 2:28; 8:17; 10:14.

7. (a) Zaphela nini izikhathi ezimisiwe zabezizwe, futhi imuphi umbuzo ophuthumayo okwakufanele uphendulwe ngalesosikhathi? (b) Obani ababengeyona ‘inceku ethembekileyo neqondayo’?

7 Izikhathi ezimisiwe zabezizwe zaphela ngo-1914, futhi kwaqala isikhathi sokuphela kwalelizwe. UMbuso kaDavide wabuyiselwa, hhayi eJerusalema lasemhlabeni, kodwa ngokungabonakali ‘emafwini ezulu.’ (Daniyeli 7:13, 14) Ngalesosikhathi, ngenxa yokuthi “ukhula” lobuKristu mbumbulu lwaluchuma, isimo sobuKristu beqiniso sasingacacile—okungenani emehlweni abantu. Nokho, kwakufanele kuphendulwe umbuzo obalulekile: “Ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo?” (Mathewu 13:24-30; 24:45) Obani ababeyomelela uMbuso kaDavide obuyiselwe emhlabeni? Kwakungebona abafowabo bakaDaniyeli abangokwenyama, amaJuda. Babenqatshiwe ngoba bantula ukholo futhi bakhubeka ngoMesiya. (Roma 9:31-33) Inceku ethembekileyo ayizange nakancane itholakale phakathi kwezinhlangano zeLobukholwa! Imisebenzi yazo emibi yabonisa ukuthi uJesu wayengazazi. (Mathewu 7:21-23) Khona-ke yayingubani?

8. Obani abaye bazibonakalisa ‘beyinceku ethembekileyo neqondayo’ phakathi nesikhathi sokuphela? Sazi kanjani?

8 Ngokungangabazeki, yayiyiqembu elincane labafowabo bakaJesu abagcotshiwe labo ngo-1914 ababaziwa ngokuthi abaFundi BeBhayibheli kodwa kusukela ngo-1931 abaye baziwa ngokuthi oFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10) Yibona kuphela abaye bamemezela uMbuso obuyiselwe ohlwini lukaDavide. (Mathewu 24:14) Yibona kuphela abaye bahluka ngokuphelele ezweni futhi baphakamisa igama likaJehova. (Johane 17:6, 14) Futhi iziprofetho zeBhayibheli eziphathelene nabantu bakaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina ziye zagcwaliseka kubo kuphela. Phakathi kwaleziziprofetho kunochungechunge lwezinkathi ezingokwesiprofetho oluhlelwe kuDaniyeli isahluko 12 oluhlanganisa izinsuku ezingu-1 335 ezaziyoletha injabulo.

Izinsuku Ezingu-1 260

9, 10. Yiziphi izenzakalo ezaphawula ‘isikhathi nezikhathi nengxenye yesikhathi’ zikaDaniyeli 7:25, futhi kukumiphi eminye imibhalo okuphawulwe kuyo isikhathi esifanayo?

9 KuDaniyeli 12:7, sifunda ngenkathi yokuqala engokwesiprofetho: “Kuyakuba-ngokwesikhathi, nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezozinto ziyakuqedwa.” * Lenkathi efanayo iphawulwe kusAmbulo 11:3-6, esithi ofakazi bakaNkulunkulu babeyoshumayela begqoke indwangu yamasaka iminyaka emithathu nengxenye bese bebulawa. KuDaniyeli isahluko 7:25, siyafunda futhi: “[Yona] iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke, ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube-yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.”

10 Kulesiprofetho sakamuva, “yona” ingumbuso wezwe wesihlanu uma sibala kusukela kowaseBabiloni. ‘Iwuphondo, oluncane,’ iNdodana yomuntu eyamukela “ukubusa, nobukhosi, nombuso,” ngesikhathi sokubusa kwalo. (Daniyeli 7:8, 14) Phakathi nempi yezwe yokuqala loluphondo olungokomfanekiso, ekuqaleni okwakungumbuso waseBrithani, lwakhula lwaba umbuso wezwe ombaxa-mbili wamaNgisi namaMelika, manje olawulwa i-United States. Lombuso wawuyohlupha abangcwele futhi uzame ukuguqula izikhathi nomthetho izikhathi noma iminyaka emithathu nengxenye. Ekugcineni, abangcwele babeyonikelwa esandleni sawo.—Bheka nesAmbulo 13:5, 7.

11, 12. Yiziphi izenzakalo ezaholela ekuqaleni kwezinsuku ezingokwesiprofetho ezingu-1 260?

11 Zagcwaliseka kanjani zonke leziziprofetho ezifanayo? Eminyakeni eminingi ngaphambi kweMpi Yezwe I, abafowabo bakaJesu abagcotshiwe baxwayisa obala ngokuthi ngo-1914 kwakuyofika ukuphela kwezikhathi ezimisiwe zabezizwe. Lapho kugqashuka impi, kwakusobala ukuthi lesixwayiso sasingazange sishaywe mkhuba. USathane wasebenzisa “isilo” sakhe, inhlangano yezwe yezombangazwe ngalesosikhathi eyayilawulwa uMbuso waseBrithani, emzamweni ‘wokuguqula izikhathi nomthetho,’ ukuze ahlehlise isikhathi uMbuso kaNkulunkulu owawuyobusa ngaso. (IsAmbulo 13:1, 2) Wehluleka. UMbuso kaNkulunkulu wamiswa ezulwini, endaweni ekude kakhulu lapho umuntu engenakufinyelela khona.—IsAmbulo 12:1-3.

12 KubaFundi BeBhayibheli, lempi yayisho isikhathi sokuvivinywa. Kusukela ngo-January 1914 babebonisa i-Photo-Drama of Creation, intshumayelo yeBhayibheli eyayidonsela ukunakekela eziprofethweni zikaDaniyeli. Ngehlobo langalowonyaka eNyakatho neNkabazwe, kwagqashuka impi. Ngo-October, izikhathi ezimisiwe zaphela. Ekupheleni kwalowonyaka, insali egcotshiwe yayilindele ukushushiswa, njengoba kubonakala eqinisweni lokuthi itekisi lonyaka elalikhethelwe u-1915 laliwumbuzo kaJesu kubafundi bakhe owawuthi, “Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?” osekelwe kuMathewu 20:22.

13. AbaFundi BeBhayibheli bashumayela kanjani begqoke indwangu yamasaka phakathi nezinsuku ezingu-1 260, futhi kwenzekani ekupheleni kwaleyonkathi?

13 Ngakho, kusukela ngo-December 1914, lelibutho elincane lofakazi ‘lashumayela ligqoke indwangu yamasaka,’ likhuthazela ngokuzithoba njengoba lalimemezela izahlulelo zikaJehova. Okwashaqisa abaningi ukufa kukamongameli wokuqala we-Watch Tower Bible and Tract Society, uC. T. Russell, ngo-1916. Njengoba ukushuba kwempi kwakusakazeka yonke indawo, oFakazi babhekana nokuphikiswa okwandayo. Abanye baboshwa. Abantu abanjengoFrank Platt eNgilandi noRobert Clegg eCanada, bahlukunyezwa yizikhulu ezinonya. Ekugcineni, ngo-June 21, 1918, uJ. F. Rutherford, umongameli omusha, kanye nabaqondisi be-Watch Tower Bible and Tract Society, bagwetshwa isikhathi eside ejele ngokumangalelwa okungamanga. Ngakho, ekupheleni kwenkathi engokwesiprofetho, “uphondo, oluncane” lwawuqeda umsebenzi wokushumayela obala ohleliwe.—Daniyeli 7:8.

14. Izinto zashintsha kanjani ngensali egcotshiwe ngo-1919 nangemva kwalokho?

14 Incwadi yesAmbulo iprofetha ngalokho okwenzekayo ngokulandelayo. Ngemva kwenkathi emfushane yokungasebenzi—eyabikezelwa njengezinsuku ezintathu nengxenye zokudindiliza ifile esitaladini—insali egcotshiwe yavuka futhi yaphinde yasebenza. (IsAmbulo 11:11-13) Ngo-March 26, 1919, umongameli nabaqondisi be-Watch Tower Bible and Tract Society bakhululwa, futhi kamuva ukumangalelwa okungamanga ababemangalelwe ngakho kwasulwa ngokuphelele. Ngokushesha ngemva kokukhululwa kwayo, insali egcotshiwe yaqala ukuhlelela kabusha umsebenzi owengeziwe. Ngakho, ekugcwalisekeni kukamaye wokuqala wesAmbulo, yaphuma kwalasha wokungasebenzi njengesikhonyane esingokomoya esihambisana nomusi oyizikhatha, owawubikezela ikusasa elifiphele ngenkolo yamanga. (IsAmbulo 9:1-11) Phakathi neminyaka embalwa eyalandela, yase yondlekile ngokomoya futhi ikulungele okwakuyilindele ngaphambili. Ngo-1921 yakhipha incwadi entsha ethi, The Harp of God, eyayiklanyelwe ukusiza abasanda kuhlanganyela nezingane ukuba bafunde amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo. (IsAmbulo 12:6, 14) Zonke lezizinto zenzeka phakathi nenye inkathi ephawulekayo.

Izinsuku Ezingu-1 290

15. Singakubala ngayiphi indlela ukuqala kwezinsuku ezingu-1 290? Yaphela nini lenkathi?

15 Ingelosi yathi kuDaniyeli: “Kusukela esikhathini sokususwa komnikelo oshiswa imihla yonke nokumiswa kwesinengiso esichithayo kuyakuba-yizinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisishiyagalolunye.” (Daniyeli 12:11) Ngaphansi koMthetho kaMose, ‘umnikelo oshiswa imihla yonke’ wawushiselwa phezu kwe-altare ethempelini eJerusalema. AmaKristu awayinikeli imihlatshelo eshiswayo, kodwa ayawunikela umhlatshelo ongokomoya onikelwa imihla yonke. UPawulu wabhekisela kulokhu lapho ethi: “Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.” (Heberu 13:15; qhathanisa noHoseya 14:2.) Lomhlatshelo onikelwa imihla yonke wathathwa ngo-June 1918. Khona-ke, sasiyini ‘isinengiso esichithayo’—isici sesibili okwakumelwe sibhekwe? KwakuyiNhlangano Yezizwe, eyayisekelwa imibuso eyanqoba ekupheleni kweMpi Yezwe I. * Yayinengeka ngoba abaholi beLobukholwa bayibeka endaweni yoMbuso kaNkulunkulu, beveza leNhlangano njengewukuphela kwethemba lomuntu lokuthula. LeNhlangano yasungulwa ngo-January 1919. Uma sibala izinsuku ezingu-1 290 (iminyaka emithathu, nezinyanga eziyisikhombisa) kusukela ngalesosikhathi, sifinyelela ku-September 1922.

16. Ekupheleni kwezinsuku ezingu-1 290, kwabonakala kanjani ukuthi insali egcotshiwe yayisilungele umsebenzi?

16 Kwase kwenzekani? Phela, abaFundi BeBhayibheli manje base bevuselelwe, bekhululekile eBabiloni Elikhulu, futhi bekulungele ukuthatha isinyathelo. (IsAmbulo 18:4) Emhlanganweni wesigodi owawubanjelwe eCedar Point, Ohio, e-U.S.A., ngo-September 1922, baqala ukumemezela izahlulelo zikaNkulunkulu kweLobukholwa ngokungesabi. (IsAmbulo 8:7-12) Ukuntinyela kwesikhonyane kwaqala ukulimaza ngempela! Ngaphezu kwalokho, umaye wesibili wesAmbulo waqala. Uquqaba lwabagibeli bamahhashi abangamaKristu—ekuqaleni olwalwakhiwe insali egcotshiwe futhi kamuva lwandiswa isixuku esikhulu—lwagcwala emhlabeni wonke. (IsAmbulo 7:9; 9:13-19) Yebo, ukuphela kwezinsuku ezingu-1 290 kwaletha injabulo kubantu bakaNkulunkulu. * Kodwa kwakusenokwengeziwe.

Izinsuku Ezingu-1 335

17. Zaqala futhi zaphela nini izinsuku ezingu-1 335?

17 UDaniyeli 12:12 uthi: “[Uyajabula, NW] olindayo afinyelele ezinsukwini eziyinkulungwane namakhulu amathathu namashumi amathathu nanhlanu.” Ngokobufakazi obutholakalayo, lezizinsuku ezingu-1 335, noma iminyaka emithathu, nezinyanga eziyisishiyagalombili nengxenye, zaqala ekupheleni kwenkathi okusanda kukhulunywa ngayo. Uma sibala kusukela ngo-September 1922, lokhu kusiletha ngasekupheleni kwentwasahlobo (eNyakatho neNkabazwe) ka-1926. Yini eyenzeka phakathi nalezozinsuku ezingu-1 335?

18. Yimaphi amaqiniso abonisa ukuthi emuva ngo-1922 kwakunentuthuko okwakusamelwe ukuba yenziwe?

18 Naphezu kwesimo esiphawulekayo sezenzakalo ngo-1922, ngokobufakazi obutholakalayo abanye babesabheke ngokulangazela esikhathini esidlule. I-Studies in the Scriptures, eyalotshwa ngu-C. T. Russell, yayiseyincwadi eyinhloko eyayifundwa. Ngaphezu kwalokho, incwajana eyayisakazwa kabanzi ethi Millions Now Living Will Never Die yanikeza umbono wokuthi ngo-1925, izinjongo zikaNkulunkulu ngokuphathelene nokubuyiselwa komhlaba ube yiPharadesi nokuvuswa kwabathembekileyo bakudala zazizoqala ukugcwaliseka. Ukukhuthazela kwabagcotshiwe kwabonakala kucishe kupheleliswa. Nokho, abanye ababehlanganyela nabaFundi BeBhayibheli abazange bazizwe beshukunyiselwa ukuba bahlanganyele izindaba ezinhle nabanye.

19, 20. (a) Zashintsha kanjani izinto eziningi ngabantu bakaNkulunkulu phakathi nezinsuku ezingu-1 335? (b) Yiziphi izenzakalo ezaphawula ukuphela kwenkathi yezinsuku ezingu-1 335, futhi zabonisani ngokuphathelene nabantu bakaNkulunkulu?

19 Njengoba izinsuku ezingu-1 335 zaziqhubeka, konke lokhu kwashintsha. Ukuze kuqiniswe abazalwane, kwahlelwa izifundo zamaqembu ezazizoqhutshwa njalo ze-Nqabayokulinda. Kwagcizelelwa inkonzo yasensimini. Kusukela ngo-May 1923, wonke umuntu wamenywa ukuba ahlanganyele enkonzweni yasensimini ngoLwesibili lokuqala lwazo zonke izinyanga, futhi kwabekelwa isikhathi eceleni phakathi nemihlangano yebandla yaphakathi nesonto ukuze bakhuthazwe kulomsebenzi. Ngo-August 1923, emhlanganweni owawuseLos Angeles, eCalifornia, e-U.S.A., kwaboniswa ukuthi umfanekiso kaJesu wezimvu nezimbuzi wawuyogcwaliseka ngaphambi kokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane. (Mathewu 25:31-40) Ngonyaka ka-1924 kwavulwa isiteshi somsakazo i-WBBR, esasisetshenziselwa ukusakaza izindaba ezinhle ngamaza omoya. Isihloko esithi “Birth of the Nation” (Ukuzalwa Kwesizwe) kumagazini INqabayokulinda [yesiNgisi] ka-March 1, 1925, sanikeza ukuqonda okulungisiwe kwesAmbulo isahluko 12. Ekugcineni amaKristu athembekile ayengaziqonda kahle izenzakalo ezinesiyaluyalu zika-1914-19.

20 Unyaka ka-1925 waphela, kodwa ukuphela kwakungakafiki! Kusukela ngawo-1870, abaFundi BeBhayibheli babekhonza benalolusuku engqondweni—okokuqala u-1914, kwase kuba u-1925. Manje, baqaphela ukuthi kumelwe bakhonze uma nje uJehova esafisa ukuba benze kanjalo. INqabayokulinda [yesiNgisi] kaJanuary 1, 1926, yayinesihloko esiphawulekayo esithi “Who Will Honor Jehovah?” (Ubani Oyodumisa UJehova?) esasiqokomisa ukubaluleka kwegama likaNkulunkulu kunanini ngaphambili. Futhi ekugcineni, emhlanganweni wesigodi owawuseLondon, eNgilandi ngo-May 1926, kwamukelwa isinqumo esasinesihloko esithi “A Testimony to the Rulers of the World” (Ubufakazi Kubabusi Bomhlaba). Lesi samemezela iqiniso ngokungagwegwesi ngoMbuso kaNkulunkulu nangokubhujiswa okuzayo kwezwe likaSathane. Emhlanganweni ofanayo, kwakhululwa incwadi eyayinegalelo elinamandla ethi Deliverance, eyaba ngeyokuqala ochungechungeni olwaluzongena esikhundleni sethi Studies in the Scriptures. Manje abantu bakaNkulunkulu base bebheke phambili, hhayi emuva. Izinsuku ezingu-1 335 zaphela.

21. Kwakusho ukuthini ukukhuthazelela yonke inkathi yezinsuku ezingu-1 335 kubantu bakaNkulunkulu emuva ngalesosikhathi, futhi ukugcwaliseka kwesiprofetho ngalenkathi kusho ukuthini kithi?

21 Abanye babengazimisele ukuzivumelanisa nalentuthuko, kodwa labo abakhuthazela babejabula ngempela. Ngaphezu kwalokho, njengoba sibheka emuva ekugcwalisekeni kwalezinkathi ezingokwesiprofetho, nathi siyajabula ngoba ithemba lethu lokuthi indikimba encane yamaKristu agcotshiwe eyaphila phakathi nalezozikhathi ngempela iyinceku ethembekileyo neqondayo liyaqiniswa. Eminyakeni eminingi kusukela ngalesosikhathi, inhlangano kaJehova iye yanda kakhulu, kodwa inceku ethembekileyo neqondayo iseyisisekelo sayo, iyayiqondisa. Khona-ke, yeka indlela okuvusa amadlingozi ngayo ukwazi ukuthi kwabagcotshiwe nezinye izimvu, kusenenjabulo eyengeziwe ebalindele! Lokhu kuzobonakala njengoba sicabangela esinye seziprofetho zikaDaniyeli.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 9 Ukuze uthole ingxoxo ephathelene nendlela yokubala lezinkathi ezingokwesiprofetho, bheka ethi Our Incoming World Government—God’s Kingdom, isahluko 8, eyakhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

^ par. 15 Bheka umagazini INqabayokulinda ka-October 1, 1985, amakhasi 8-18.

^ par. 16 Bheka umagazini INqabayokulinda ka-January 1, 1991, ikhasi 12, ne-Yearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1975, ikhasi 132.

Ungachaza?

□ Sazi kanjani ukuthi ezinye iziprofetho kuDaniyeli zaziyogcwaliseka esikhathini sethu?

□ Kungani singaqiniseka ukuthi insali egcotshiwe ‘iyinceku ethembekileyo neqondayo’?

□ Zaqala futhi zaphela nini izinsuku ezingu-1 260?

□ Izinsuku ezingu-1 290 zalethela insali egcotshiwe kuphi ukuvuselelwa nokubuyiselwa?

□ Kungani labo abakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni kwezinsuku ezingu-1 335 babejabula?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 11]

IZINKATHI ZIKADANIYELI EZINGOKWESIPROFETHO

Izinsuku ezingu-1 260:

December 1914 kuya ku-June 1918

Izinsuku ezingu-1 290:

January 1919 kuya ku-September 1922

Izinsuku ezingu-1 335:

September 1922 kuya ku-May 1926

[Isithombe ekhasini 8]

Kusukela ngo-1919 kuye kwaba sobala ukuthi ‘inceku ethembekileyo neqondayo’ iyinsali egcotshiwe

[Isithombe ekhasini 10]

Indlunkulu yeNhlangano Yezizwe eGeneva, eSwitzerland

[Umthombo]

UN photo